Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukubukeza Komkhaya

Ukubukeza Komkhaya

Bonisa Ukuthi Isithombe Ngasinye Sihambisana Namuphi UmBhalo

Funda uGenesise 1:1-31. Dweba umugqa ohlanganisa isithombe nevesi leBhayibheli elihambisana naso. (Izithombe azilandelani ngendlela efanele.)

ENINGAXOXA NGAKHO:

 

Sazi kanjani ukuthi izinsuku zokudala zazingezona izinsuku zamahora angu-24?

UMKHONDO: Funda uGenesise 2:4; iHubo 90:4.

Ufundani ngoJehova emisebenzini yakhe yokudala?

UMKHONDO: Funda iHubo 115:16; amaRoma 1:20; 1 Johane 4:8; isAmbulo 4:11.

OKUNGENZIWA UMKHAYA:

 

Hlelani ukuvakashela endaweni ethile ngenjongo yokuyofunda njengomkhaya. Vakashelani e-zoo, epaki noma esikhungweni sokuhlola izinkanyezi ukuze nifunde ngezilwane enizithandayo, izitshalo namaplanethi. Ngemva kwalokho, xoxani njengomkhaya ngalokho enikufundile ngoJehova ngokubuka indalo yakhe.

 Wagcine Bese Uwafunda Kamuva

IKHADI LEBHAYIBHELI 23 UJONATHANI

IMIBUZO

  1. A. UJonathani wayeyindodana endala ye ․․․․․.
  2. B. Amanga noma Iqiniso? Uyise kaJonathani wajikijela indodana yakhe ngomkhonto.
  3. C. Ubani uJonathani ayemthanda ngokukhethekile futhi ngani?

UMLANDO

Nakuba ayeyindlalifa yesihlalo sobukhosi futhi emdala kunoDavide cishe ngeminyaka engu-30, uJonathani wamsekela uDavide njengenkosi ekhethwe uNkulunkulu. (1 Samuweli 23:15-18) Waze wabeka ngisho nokuphila kwakhe engozini ukuze avikele uDavide kuSawulu, uyise kaJonathani owayenomona. (1 Samuweli 20:1-42) Isibonelo sikaJonathani sokuthobeka sisifundisa ukuba sijabule kanye nalabo uNkulunkulu abenzele izinto ezinhle.

IZIMPENDULO

  1. A. INkosi uSawulu.—1 Samuweli 14:47, 49.
  2. B. Iqiniso.—1 Samuweli 20:33.
  3. C. UDavide. Wabona isibindi sikaDavide nothando lwakhe ngoJehova lapho elwa noGoliyathi.—1 Samuweli 17:1–18:4.

Abantu Namazwe

 Igama lami nginguPyae Sone Aung, ngineminyaka engu-11, nginoHsu Myat Yadanar Lwin, oneminyaka engu-7. Sihlala eMyanmar. Ucabanga ukuthi bangaki oFakazi BakaJehova abahlala eMyanmar? Ingabe bangu-3 600, 6 300, noma 10 000?

 Iliphi ichashazi elibonisa lapho sihlala khona? Likokelezele bese ubeka ichashazi lapho wena uhlala khona bese ubona ukuthi uqhelelene kangakanani neMyanmar.

Izingane Zifuna Izithombe

Ungakwazi yini ukuthola lezi zithombe kulo magazini? Ngamazwi akho, chaza ukuthi kwenzekani esithombeni ngasinye.

 IZIMPENDULO ZEMIBUZO

  1.   1 uhambisana no-F.
  2.   2 uhambisana no-B.
  3.   3 uhambisana no-A.
  4.   4 uhambisana no-E.
  5.   5 uhambisana no-C.
  6.   6 uhambisana no-D.
  7.   3 600.
  8.   D.