Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 Umbono WeBhayibheli

Ukubukisa—Ingabe Kuyazuzisa?

Ukubukisa—Ingabe Kuyazuzisa?

“Ukugqoka obhogadi ababizwa ngamagama abaklami abadumile nanoma yini enegama lomklami odumile, kungabangela ukuba umuntu ozinyezayo ayeke ukuzizwa engelutho aqale ukuphupha athi ‘Ngingumuntu obalulekile mina futhi uma ungangikholwa buka nje igama lento engiyigqokile!’”—Kusho isazi sokusebenza kwengqondo uChaytor D. Mason.

UKUZE bahlonishwe, abanye abantu babukisa ngezingubo zabo ezibizwa ngamagama abaklami abadumile noma ezinye izinto zikanokusho abanazo. Ngokwesibonelo, kwelinye izwe lase-Asia, abantu “abasanda kuceba bayazithanda izinto zikanokusho—izikhwama ezenziwa eFrance, izimoto zikanokusho ezenziwa e-Italy—futhi ngaphezu kwalokho, bayathanda ukubukisa [ngengcebo yabo],” kusho isihloko sephephandaba i-Washington Post.

Yiqiniso, akukho lutho olubi ngokuba umuntu ajabulele ukudla izithukuthuku zakhe. IBhayibheli lithi: ‘Wonke umuntu kufanele adle futhi empeleni aphuze abone okuhle ngawo wonke umsebenzi wakhe onzima. Kuyisipho sikaNkulunkulu.’ (UmShumayeli 3:13) Kodwa ingabe kuwukuhlakanipha ukubukisa ngezinto esinazo? Lithini iBhayibheli?

“Umuntu Ocebile Unabangane Abaningi”

Lapho abantu abacebile noma labo abazishaya abantu abacebile bebukisa ngezinto abanazo, hlobo luni lwabangane abangase balukhange? Kulesi saga esihlakaniphile, nakhu iBhayibheli elikushoyo ngokuthambekela kwabantu: “Akekho othanda umuntu ompofu, ngisho nomakhelwane bakhe, kodwa umuntu ocebile unabangane abaningi.”—IzAga 14:20, Good News Translation.

Okushiwo lapha ukuthi: “Abangane abaningi” babantu abacebile, basuke bengebona abangane balabo bantu ngokwabo, kodwa basuke bengabangane bengcebo yabo. Lokho abakubheka njengobungane kusekelwe ezithakazelweni zobugovu, njengoba kubonakala enkulumweni yabo ethophayo. IBhayibheli libiza inkulumo enjalo ngokuthi ‘ukuzishaya esingekhona sifihla ukuhaha.’—1 Thesalonika 2:5.

Ngakho zibuze, ‘Hlobo luni lwabangane engilufunayo? Abangane abangithandela lokho enginakho noma abangane beqiniso abangithandela lokho engiyikho?’ IBhayibheli libonisa ukuthi ukuziphatha kwethu kungaba nomthelela ohlotsheni lwabantu abangafisa ukuba abangane bethu.

“Ukuhlakanipha Kukwabanesizotha”

Enye inkinga ehlobene nokubukisa ngengcebo, iboniswe kahle ekulandiseni kweBhayibheli okuphathelene neNkosi uHezekiya, eyayihlala eJerusalema lasendulo. Ngesinye isikhathi uHezekiya wabonisa izikhulu ezazivela eBhabhiloni “konke okwakutholakala engcebweni yakhe.” Kusobala ukuthi ingcebo yakhe eningi yazihlaba umxhwele izivakashi. Nokho, kungenzeka nokuthi yavusa ukuhaha kuzo. Lapho sezihambile, ngesibindi umprofethi kaNkulunkulu u-Isaya watshela uHezekiya ukuthi ngelinye ilanga yonke ingcebo yakhe ‘yayiyothwalwa iyiswe eBhabhiloni.’ Akukho lutho olwaluyosala. Lawo mazwi aba yiqiniso! Eminyakeni eminingi kamuva, abaseBhabhiloni babuya futhi bathatha yonke ingcebo yomkhaya kaHezekiya.—2 AmaKhosi 20:12-17; 24:12, 13.

Ngokufanayo nanamuhla, abantu ababukisa ngengcebo yabo bangase bazifake engozini yokulahlekelwa yiyo, noma okungenani balahlekelwe ngenye yayo. Umbiko ophathelene nobugebengu nokuphepha eMexico wathi: “Ukuziqhakambisa  ngengcebo edolobheni laseMexico kunjengozibuthe odonsa amasela. Ukugqoka ubucwebe obubizayo, amawashi nokubukisa ngemali eningi onayo kudonsa amehlo abantu ngokungenasidingo.” Yeka ukuthi kungcono kangakanani ukulalela iseluleko seBhayibheli sokuba umuntu ‘angazigabisi’ ngengcebo yakhe. (Jeremiya 9:23) “Ukuhlakanipha kukwabanesizotha,” kusho izAga 11:2.

Bona Izimfanelo Ezinhle Kwabanye

Kunokuba abe nesimo sengqondo sokuzazisa sokuthi ‘ake ungibuke nje,’ umuntu onesizotha futhi othobekile uyajabula ngezimfanelo zabanye ezinhle futhi uyabaqinisa. EyabaseFilipi 2:3 ithi: “Akumelwe kube nokubangisana nokuzazisa komuntu siqu phakathi kwenu, kodwa ngokuthobeka kumelwe nibheke abanye njengabangcono kunani.” (The New English Bible) Nakhu esikufunda kweyabaseGalathiya 5:26: “Masingabi abazazisayo, sibhebhezela ukuncintisana, sifelana umona.”

Ingabe ufuna abangane abakuthandela lokho onakho noma abangane abakuthandela lokho oyikho?

Ngokufanayo, abantu abanokuhlakanipha kokwesaba uNkulunkulu bayazi ukuthi ubungane beqiniso busekelwe ekucabangelaneni nasekuhloniphaneni futhi ubungane obunjalo abupheli lapho ingcebo iphela. Kunalokho, buqina nakakhulu ngokuhamba kwesikhathi. IzAga 17:17 zithi: “Umngane weqiniso ubonisa uthando ngaso sonke isikhathi.” Ngaphezu kwakho konke, umuntu ohlakaniphile ulwela ukujabulisa uNkulunkulu. Uyazi ukuthi uNkulunkulu akahlatshwa umxhwele ukubonakala komuntu kwangaphandle kodwa ubheka “umuntu osithekile wenhliziyo”—lokho esiyikho ngaphakathi. (1 Petru 3:4) Ngakho, uyazikhandla ukuze ahlakulele izimfanelo ezikhangayo eziyilokho iBhayibheli elikubiza ngokuthi “ubuntu obusha.” (Efesu 4:24) Ezinye zalezo zimfanelo kukhulunywa ngazo encwadini kaMika 6:8 ethi: “Yini uJehova ayicela kuwe ngaphandle kokuba ubonise ubulungisa, uthande umusa futhi ube nesizotha ekuhambeni noNkulunkulu wakho?”

Yiqiniso, ezweni lanamuhla ukuba nesizotha akukhuthazwa futhi lokho akubamangazi abafundi beBhayibheli. Kanjani? Lapho likhuluma ‘ngezinsuku zokugcina,’ iBhayibheli labikezela ukuthi abantu, ngokuvamile, babeyoba “abahahayo, abaqhoshayo, . . . abazigabisayo nabagcwele ukuziqhenya.” (2 Thimothewu 3:1-5, GNT) Emphakathini onjalo, abantu ababukisa ngezinto zabo kufanele bazizwe besekhaya ngokuphelele. Nokho, uNkulunkulu usikhuthaza ukuba ‘sibagweme abantu abanjalo,’ funa sifane nabo.