PHAPHAMA! Disemba 2012 | Sesashonaphi Isineke?

Lolu chungechunge lungena lujule endabeni yokwanda kokuntuleka kwesineke. Kubangelwa yini futhi kungani kuyingozi?

ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI

Sesashonaphi Isineke?

Abanye ochwepheshe bakholelwa ukuthi abantu baphelelwe isineke ngenxa yezinto zobuchwepheshe. Kungani?

ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI

Ukuntula Isineke Kungaba Ingozi

Ukuntula isineke ngeke kukulahlekisele imali nje kuphela kodwa nokunye. Funda ngezindlela eziyisithupha okungayilimaza ngazo impilo yakho.

ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI

Indlela Yokuba Nesineke Kakhudlwana

Nqoba ukuntula isineke nemiphumela yako emibi ngalezi zinyathelo ezine ezilula.

UMBONO WEBHAYIBHELI

Ingabe UNkulunkulu Usebenzisa Izinhlekelele Zemvelo Ukuze Ajezise Abantu Namuhla?

Abaningi bakholelwa ukuthi uNkulunkulu usebenzisa izinhlekelele zemvelo njengendlela yokujezisa abantu namuhla, kodwa iyiphi inqubo etholakala emiBhalweni?

Inkomo Enoboya Obelekene Obumavukuvuku

Le nkomo engandile yasezintabeni inoboya obubhangqene.

Isichazamazwi Okuthathe Iminyaka Engu-90 Ukusenza

Isichazamazwi sesi-Asiriya esinemiqulu engu-26 simakhasi angaphezu kuka-9 700! Siyisihluthulelo sokuqonda iMesophothamiya yasendulo.

INTSHA IYABUZA

Ibonakala Kanjani Indoda Yangempela?

Kusho ukuthini ukuba “indoda yangempela,” futhi ungaba kanjani yiyo kungakhathaliseki ukuthi ziyini izimo zakho?

ICaucasus—“Intaba Yezilimi”

Izilimi zase-Caucasus zinomlando omude, zibonisa ubuningi bamasiko akhona, kanti zakhiwa amaqembu ezinhlanga ahlukahlukene.

IBhayibheli—Incwadi Yesiprofetho Esinembile—Ingxenye 8

Uyini uMbuso abaningi kangaka abawuthandazelayo futhi ukuza kwawo kuyosho ukuthini ngawe?

“Ungazivumeli Izimbungulu Zikulume!”

Funda ngokuthi ungaziqeda kanjani izimbungulu futhi uzivimbele zingaphinde zibuye.

Ukubuka Okwezwe

Izihloko zihlanganisa: Ihlathi eliluhlaza elinqamula e-Afrika, okwenza sizamule nabasinde esifweni somdlavuza e-U.S.

Uhlu Lwezikhombo ze-Phaphama! Ka-2012

Uhlu lwazo zonke izihloko ezanyatheliswa kuyi-Phaphama! Ka-2012 luhlelwe ngaphansi kwezihloko ezinkulu.

Ukubukeza Komkhaya

Kule nyanga funda ngo-Abrahama nangezinto azenza ukuze enze abanye bazizwe bamukelekile, uSamsoni nangoFakazi BakaJehova baseMexico.