Ukubuka Okwezwe
“Ingxenye yokucwaninga ephathelene “nezithombe zobulili ezingcolile” kuyi-Google iye yakhula ngokuphindwe kathathu kusukela ngo-2004.”—I-ECONOMIST, EBRITHANI.
“Lapho intokazi [yaseRussia] ishada, . . . amathuba okuthi umyeni wayo uzoyishaya, noma okuthi bazoshayana, alinganiselwa emaphesentini angu-60.”—I-MOSKOVSKIYE NOVOSTI, ERUSSIA.
“Usosayensi oyedwa noma udokotela oyedwa kwabangu-7 base-UK uke wabona othile asebenza naye eshintsha imininingwane ethile ngamabomu noma eqamba amanga lapho becwaninga, ngenjongo yokukusakaza emphakathini.”—I-BRITISH MEDICAL JOURNAL, EBRITHANI.
“Inani labantu abasinde esifweni somdlavuza e-U.S. liye laphindeka kane kusukela ngo-1971 lacishe lafinyelela ezigidini ezingu-12 . . . Lokhu kwanda kwabasindayo kucatshangwa ukuthi ngezinga elithile, kubangelwa ukutholakala ngokushesha kwalesi sifo lapho umuntu ehlolwa, ukwelashwa ngendlela ephumelela kakhudlwana futhi aqhubeke enakekelwa kahle.”—I-UC BERKELEY WELLNESS LETTER, E-U.S.A.
Ngaphambi nje kokuba kugujwe uKhisimusi wango-2011, kwagqashuka impi phakathi kwabapristi abangaba yikhulu nezindela zezinkolo ezihlukahlukene esakhiweni okuthiwa i-Church of the Nativity, eBethlehema. “Kwakuyinkinga evamile nje . . . eyenzeka minyaka yonke,” kusho umkhuzi wamaphoyisa. “Akukho muntu owaboshwa ngoba bonke labo ababehilelekile babeyizinceku zikaNkulunkulu.”—I-REUTERS NEWS SERVICE, U.S.A.
Ihlathi Elikhulu Eliluhlaza Elinqamula E-Afrika
Ngo-2007 inhlangano ebizwa nge-African Union, yaqala umsebenzi wokutshala ihlathi (Pan-African project) ukuze kuvinjelwe ukwanda kogwadule. Kusukela eSenegal eNtshonalanga kuya eDjibouti eMpumalanga, amazwe angu-11 atshala izigidi zezithombo ezifanelekayo, ezama ukwenza ihlathi elingamakhilomitha angu-7 600 ubude namakhilomitha angu-15 ububanzi. “Kufanele sitshale uhlobo lwezihlahla olungeke luhehe abagawuli bemithi abafuna izingodo,” kusho u-Aliou Guissé, uprofesa wesayensi yezinto eziphilayo nendawo ezikuyo, eNyuvesi yaseCheikh Anta Diop, eDakar, eSenegal. Kwethenjwa ukuthi lezi zindawo okutshalwe kuzo amahlathi zizophinde zisetshenziswe njengeziqiwu futhi zizuzise nemiphakathi ehlala eduze kwazo.
Kungani Sizamula?
Ososayensi abakwazi ukuchaza ukuthi kungani bonke abantu emhlabeni bezamula—ngokuvamile, okwenzeka izikhathi eziningana ngosuku. Ngisho nezinsana ezisesibelethweni ziyakwenza. Uhlobo lwezilwanyana ezifana nengungumbane ama-hedgehog, izintshe, izinyoka nezinhlanzi nazo ziyazamula. Kunezinkolelo eziningi eziphathelene nokuzamula, ngokuvamile eziphikisanayo, kodwa ayikho kuzo eyanelisa bonke abacwaningi. Ososayensi abaningi baye basikisela ukuthi injongo yalokhu kudonsa umoya, okuthatha imizuzwana eyisithupha ngokwesilinganiso, iwukwenezela umoya-mpilo ebuchosheni. Nokho, “kuze kube manje, abacwaningi abakabutholi ubufakazi obusekela le nkolelo,” kusho i-Science News. Ucwaningo olwenziwe emagundaneni lubonakala lusikisela ukuthi “ukuzamula kungase kube indlela yokupholisa ubuchopho obushisa ngokweqile.” Kodwa akekho owaziyo ngempela.