UKUBUKA OKWEZWE
E-United States
Ngokombiko woMnyango Wezokuvikelwa Kwezwe Wase-United States, kunezinto ezingekho emthethweni ezingaba yizigidi ezingu-50 eziye zashaqwa abezokuphepha abasebenza ezikhumulweni zezindiza kule minyaka eyishumi edlule. Ngo-2011 nje kuphela, abezokuphepha banqande ukungena kwezibhamu ezingu-1 200 ezindizeni. Iningi labanikazi bazo lathi lalimane nje selikhohliwe ukuthi liphethe izibhamu.
EBrazil
Iziphathimandla zezemfundo seziqale ukufaka imishini yobuchwepheshe (electronic chips) kumayunifomu esikole ukuze zizame ukuqeda ukulova. Umzali uthola uhlobo oluthile lomyalezo ngomakhalekhukhwini lapho nje lo mshini uzwa ukuthi umntwana usefikile esikoleni, kanti uthola umyalezo ohlukile uma umntwana efika esikoleni sekwephuze ngemizuzu engaphezu kwengu-20.
ENorway
ISonto LaseLuthela aliseyona inkolo yombuso waseNorway. Kuyaqala ngqa, ukuba iPhalamende laseNorway livotele ukubukezwa komthetho-sisekelo nokuthi ubuhlobo phakathi kweSonto noMbuso buxegiswe.
ECzech Republic
Lapho kwenziwa inhlolo-vo, izisebenzi zaseCzech eziyizingxenye ezimbili kwezintathu zathi zizizwa zibophekile ukuphendula izingcingo, ama-email noma imiyalezo kamakhalekhukhwini ephathelene nomsebenzi ngisho noma zingekho emsebenzini. Ezingaphezu kwezingxenye ezintathu zikubheka njengokwedelela ukungaphenduli ngokushesha.
ENdiya
Kusewumzukuzuku kuleli zwe ukondla abantu, yize ukukhiqizwa kokudla kuye kwakhula ngokushesha cishe ngamaphesenti angu-50 eminyakeni engu-20 edlule futhi kunamathani ayizigidi ezingu-71 elayisi nokolweni okugciniwe. Kungamaphesenti angu-40 kuphela ukudla okugciniwe okufinyelela kubantu. Okunye okubangela le nkinga, inkohlakalo nokusaphaza.