Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI

Zivikele Ebugebengwini!

Zivikele Ebugebengwini!

“Abangane bami babevame ukungiphelezela lapho ngiya ekhaya sekuhlwile. Kodwa ngobunye ubusuku ngangikhathele kakhulu kangangokuba nganquma ukuqasha itekisi.

“Umshayeli akangiyisanga ekhaya. Kunalokho, waya nami esigangeni lapho azama khona ukungidlwengula. Ngamemeza ngalo lonke izwi wabe esengiyeka. Lapho ephinda ethi uyasondela, ngamemeza futhi ngabaleka.

“Ngaphambi kwalokho ngangiyaye ngithi, ‘Ukumemeza kungasiza ngani?’ Kodwa ngithole ukuthi kuyasiza!”—UKARIN. *

EMAZWENI amaningi, ubugebengu buyinsakavukela. Ngokwesibonelo, kwelinye izwe umahluleli wathi: “Okudabukisayo, akukona ukuthi kuyokwenzeka yini kodwa ukuthi kuyokwenzeka nini.” Kwezinye izindawo, ubugebengu bungase bungavami. Noma kunjalo, akukona ukuhlakanipha ukuzithela ngabandayo, ngoba lokho kungakwenza ube isisulu kalula.

Kungakhathaliseki ukuthi uhlala endaweni enezinga eliphakeme lobugebengu noma cha, ungaziphephisa kanjani wena nabathandekayo bakho? Okunye ongakwenza ukulalela lesi simiso esitholakala eBhayibhelini: “Ohlakaniphile uyibona iseza ingozi abese eyigwema, kodwa iziwula ziqhubeka zihamba bese zingena enkingeni.” (IzAga 22:3, New Century Version) Impela, izikhulu zamaphoyisa zikhuthaza abantu ukuba bathathe izinyathelo zokuzivikela—bagweme ukuba izisulu zobugebengu.

Imiphumela yobugebengu ayikona ukulimala nokulahlekelwa impahla kuphela. Izisulu eziningi zihlushwa nawukuphazamiseka okungapheli kwengqondo nokungokomzwelo. Khona-ke, yeka ukuthi kubaluleke kanjani ukwenza konke esingakwenza ukuze siphephe kakhudlwana! Unalokho engqondweni, cabangela indlela ongathatha ngayo izinyathelo zokuzivikela ezinhlotsheni ezine zobugebengu—ukubanjwa inkunzi, ukuhlukunyezwa ngokobulili, ubugebengu obenziwa nge-Internet nokwebiwa kwemininingwane yakho.

 UKUBANJWA INKUNZI

Kuyini? Kuwukuthathelwa into ngenkani noma ngokwesatshiswa.

Kubathinta kanjani abantu? Ngemva kochungechunge lwezigameko zokubanjwa kwenkunzi kuhlonyiwe eBrithani, umshushisi waphawula ukuthi nakuba izisulu zingalimalanga emzimbeni, zonke zahlukumezeka engqondweni. Wathi, “Eziningi kuzo zibika ukuthi zihlale zinexhala futhi ziyaqwasha kanti cishe zonke zithi ukuphila kwazo kwansuku zonke kuye kwaphazamiseka kakhulu ngenxa yalokho okwazehlela.”

Yini ongayenza?

  • Amasela asebenzisa noma yiliphi ithuba elivelayo; qapha indawo okuyo

    Qapha. Amasela asebenzisa noma iliphi ithuba elivelayo. Athanda ukwebela abantu abanganakile. Ngakho qaphela abantu abakubukayo, indawo okuyo futhi ungayithuntubezi ingqondo yakho noma ikhono lakho lokwahlulela ngokuphuza ngokweqile noma ngezidakamizwa. I-encyclopedia yezempilo ithi: “Lapho umuntu ephuze utshwala noma edle izidakamizwa,” kunzima ngaye “ukuba acabange ngokucacile noma abone isimo esingaba yingozi.”
  • Vikela impahla yakho. Gcina imoto yakho, iminyango namafasitela omuzi wakho kuvikelekile. Ungalokothi ungenise umuntu ongamazi. Gcina izinto ezingamagugu zifihlekile; ungabukisi ngazo. IzAga 11:2 zithi, “Ukuhlakanipha kukwabanesizotha.” Amasela—kuhlanganise nezingane eziyimidlwembe—ngokuvamile antshontshela abantu ababukisa ngobucwebe babo obubizayo nangezinto zobuchwepheshe.
  • Cela amacebiso. “Indlela yoyisiwula ilungile emehlweni akhe, kodwa olalela iseluleko uhlakaniphile.” (IzAga 12:15) Uma usohambweni, lalela iseluleko sabantu bakuleyo ndawo, kuhlanganise neseziphathimandla. Bangakutshela ngezindawo okufanele uzigweme futhi bakucebise nangokuthi ungazivikela kanjani wena nempahla yakho.

UKUHLUKUNYEZWA NGOKOBULILI

Kuyini? Ukuhlukunyezwa ngokobulili akukhona ukudlwengulwa kuphela kodwa kuhlanganisa nezinye izinhlobo zezenzo ezihilela ukuphoqwa noma ukwesatshiswa.

Kubathinta kanjani abantu? Esinye isisulu sokudlwengulwa siyachaza, “Okudabukisa kakhulu ukuthi akugcini ngokukuzwisa ubuhlungu ngesikhathi usahlukunyezwa. Uhlal’ ukhathazekile isikhathi eside kanti kushintsha nombono wakho ngokuphila. Kushintsha nokuphila kwabathandekayo bakho.” Yiqiniso, isisulu asinakusolwa ngenxa yokuhlukunyezwa ngokobulili. Umhlukumezi okumelwe asolwe.

Yini ongayenza?

  • Ungayizibi imizwa yakho. Umnyango wamaphoyisa eNyakatho Carolina, e-U.S.A. uyeluleka, “Uma indawo noma umuntu othile ekwenza uzizwe ungakhululekile—hamba. Ungavumeli muntu akucindezele ukuba uhlale uma unomuzwa owehlukile.”
  • Bonisa ukuzethemba; uqaphe. Abantu abahlukumeza abanye ngokobulili bafuna izisulu ezinganakile futhi ezingabambeka kalula. Ngakho hamba ngokuzethemba futhi uhlale uphapheme.
  • Thatha isinyathelo ngokushesha. Memeza. (Duteronomi 22:25-27) Vele wenze into engalindelekile, njengokubaleka noma ukulwa.  Kanti uma kungenzeka, balekela endaweni ephephile futhi ubize amaphoyisa. *

UBUGEBENGU OBENZIWA NGE-INTERNET

Buyini? Lokhu kubhekisela ebugebengwini obenziwa kuyi-Internet. Buhlanganisa ukukhwatshaniswa kwentela nemali kahulumeni eyisibonelelo, amakhadi okuthenga ngesikweletu nokuthengiselwa komuntu izimpahla kodwa agcine engazitholanga. Kuphinde kuhlanganise nokuqola, njengokutshala izimali komgunyathi noma indali ekuyi-Internet.

Bubathinta kanjani abantu? Ubugebengu obenziwa nge-Internet bulahlekisela izisulu nomphakathi wonkana—izigidigidi zamaRandi. Cabanga ngalesi sibonelo. USandra wathola umyalezo nge-e-mail ayecabanga ukuthi uvela ebhange umcela ukuba afake imininingwane yakhe yamuva yokusebenzisa ibhange kuyi-Internet. Emizuzwini embalwa ethumele leyo mininingwane, washaqeka ukuthola ukuthi imali engu-R32 000 yayikhishiwe kuyi-akhawunti yakhe yathunyelwa ebhange lakwelinye izwe. Ngokushesha wathola ukuthi wayeqoliwe.

Yini ongayenza?

  • Qapha! Ungakhohliswa izingosi ezibonakala zithembekile, futhi hlale ukhumbula ukuthi amabhange asemthethweni ngeke akucele ukuba uthumele imininingwane eyimfihlo nge-e-mail. Ngaphambi kokuthenga noma ukutshala izimali nge-Internet, qiniseka ngedumela laleyo nkampani. IzAga 14:15 zithi, “Noma ubani ongenalwazi uba nokholo kuwo wonke amazwi, kodwa okhaliphile uyazicabangela izinyathelo zakhe.” Qapha nalapho usebenzelana nezinkampani ezikwamanye amazwe. Uma kuba nezinkinga, kungaba nzima ukuzixazulula.
  • Hlolisisa inkampani nenqubo yayo yokusebenza. Zibuze: ‘Ikuyiphi indawo le nkampani? Ingabe inombolo yayo yocingo inembile? Ingabe izinto engizozithenga zizoba nezindleko ezifihlekile? Kuyothunyelwa nini lokho engikuthengayo? Ingabe kungabuyiselwa emuva noma ngibuyiselwe imali yami?’
  • Xwaya uma okuthenjiswayo kukuhle ngendlela engakholeki. Abantu abahahayo nabafuna izinto zamahhala bayizisulu eziyinhloko zamasela akuyi-Internet. Isicupho sala masela singahlanganisa isithembiso sokuthola isizumbulu semali ngokwenza umsebenzi ongatheni, ukubolekwa imali noma ukuthola ikhadi lokuthenga ngesikweletu nakuba unedumela elibi ekukhokheni izikweletu noma ukuthola inzalo enkulu ngokutshala izimali “okungenangozi kangako.” I-U.S. Federal Trade Commission (FTC) ithi, “Zinike isikhathi sokuhlola ukuthi ukutshalwa kwezimali okuthenjiswayo kuqiniseke kangakanani. Lapho kuthenjiswa inzuzo enkulu, nengozi isuke inkulu. Ungavumi ukuba umkhangisi webhizinisi elithile akucindezele ukuba uzibophezele ekutshaleni imali ube ungakaqiniseki ngokuthi kusemthethweni yini.”

UKWEBIWA KWEMINININGWANE YAKHO

Kuyini? Kuhlanganisa ukuthola imininingwane yothile ngokungemthetho bese uyisebenzisa ekukhwabaniseni noma ekwenzeni obunye ubugebengu.

Kubathinta kanjani abantu? Amasela angase asebenzise imininingwane yakho ukuze athole amakhadi okuthenga ngesikweletu noma aboleke imali noma avule ama-akhawunti amasha. Ngemva kwalokho adala ezinkulu izikweletu ngegama lakho! Ngisho noma ungagcina ukwazile ukwesula lezo zikweletu, kungase kuphele iminyaka unedumela elibi kwezezimali. “Ukuba nedumela elibi endabeni yezikweletu kuthinta yonke into—kubi kakhulu kunokuqolwa imali,” kusho esinye isisulu.

Yini ongayenza?

  • Vikela imininingwane eyimfihlo. Uma usebenzisa ibhange noma uthenga nge-Internet,  ishintshe njalo i-password yakho, ikakhulu uma uye wasebenzisa i-computer yomphakathi. Kanti njengoba kushiwo ngaphambili, waxwaye kakhulu ama-e-mail acela imininingwane yakho eyimfihlo.Amasela eba imininingwane yabantu awasebenzisi i-computer kuphela. Azama noma yini angayenza ukuze athole amaphepha abalulekile, njengezitatimende zasebhange, izincwadi zamasheke, amakhadi okuthenga ngesikweletu noma izinombolo zikamazisi. Ngakho zigcine endaweni ephephile lezi zinto, futhi udabule wonke amaphepha anemininingwane ebalulekile ngaphambi kokuwalahla. Yiqiniso, uma usola ukuthi amaphepha athile alahlekile noma ebiwe, bika ngokushesha.
  • Hlale wazi ngokwenzekayo kuma-akhawunti akho. “Ukuqapha kuyisivikelo. . . ekwebiweni kwemininingwane yakho,” kusho i-FTC, bese inezela: “Ukusheshe ubone lapho imininingwane yakho ingase yebiwe khona kungenza omkhulu umehluko.” Ngakho wahlole njalo ama-akhawunti, futhi uqaphele noma yini engavamile eyenzeka kuwo. Ngokuvamile amabhange ayabathumelela abantu abanama-akhawunti umbiko ngokwenzeka kuwo. Noma kunjalo, kuyatuseka ukuba lapho nje uzithola, uzihlole ngokucophelela izitatimende zamakhadi okuthenga ngesikweletu namakhadi asegameni lakho.

Yiqiniso, ezweni lanamuhla akukho esingagomela ngako. Ngisho nabantu abaqaphe kakhulu baye baba izisulu zobugebengu. Noma kunjalo, sihlale sizuza ngokwenza ngokuvumelana nokuhlakanipha nokuqonda esikuthola eBhayibhelini. “Ungakushiyi, kuyokugcina. Kuthande, kuyokulonda.” (IzAga 4:6) Okuhle nakakhulu, iBhayibheli lithembisa ukuthi ubugebengu buzophela.

Ubugebengu Buzophela Maduzane

Kungani singaqiniseka ngokuthi uNkulunkulu uzobuqeda ubugebengu? Cabangela lokhu:

  • UNkulunkulu uyafuna ukubuqeda ubugebengu. “Mina Jehova, ngithanda ubulungisa, ngizonda ukuphanga kanye nokungalungi.”—Isaya 61:8.
  • Unawo amandla okuqeda ubugebengu. “Uphakeme ngamandla. Futhi ulungile, unobulungisa futhi muhle.”—Jobe 37:23, New Life Version.
  • Uthembise ukubhubhisa ababi futhi alondoloze abalungile. “Abenzi bokubi bazonqunywa.” “Abalungile bayokudla ifa lomhlaba, futhi bayohlala kuwo kuze kube phakade.”—IHubo 37:9, 29.
  • Uthembise abaqotho bakhe izwe elisha elinokuthula. “Abamnene bayodla ifa lomhlaba, futhi ngempela bayothola injabulo enkulu ngokuchichima kokuthula.”—IHubo 37:11.

Awakujabulisi yini lawo mazwi? Uma kunjalo, sicela uzinike isikhathi sokufunda iBhayibheli ukuze uthole okwengeziwe ngenjongo kaNkulunkulu ngesintu. Ayikho enye incwadi ecebe kangaka ngokuhlakanipha okuwusizo. Kanti ayikho enye incwadi esinikeza ithemba eliqinisekile ngekusasa elingenabo ubugebengu. *

UNkulunkulu uthembisa izwe elisha elinokuthula, eliyobe lingenabo ubugebengu

^ isig. 5 Amagama ashintshiwe.

^ isig. 22 Izisulu eziningi ezihlukunyezwe ngokobulili zisuke zimazi umuntu ozihlukumezile. Ukuze uthole imininingwane eyengeziwe, bheka isihloko esithi “Ngingazivikela Kanjani Kubanukubezi?” ekhasini 228, encwadini ethi Intsha IyabuzaIzimpendulo Ezisebenzayo, uMqulu 1. Le ncwadi iyatholakala engosini ethi www.pr418.com/zu.

^ isig. 44 Imininingwane eyengeziwe ngezimfundiso zeBhayibheli ezibalulekile ingatholakala encwadini ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? Zitholele ikhophi yamahhala koFakazi BakaJehova, noma uyifunde engosini ethi www.pr418.com/zu.