Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukubuka Okwezwe

Ukubuka Okwezwe

E-Arctic

“Ehlobo, izinga leqhwa seliba yingxenye eyodwa kuphela kwezine uma liqhathaniswa nalokho elaliyikho eminyakeni engu-30 edlule,” kusho uPeter Wadhams, uprofesa wezimo zolwandle eYunivesithi yaseCambridge, eBrithani. Ngo-2012, imikhumbi engaba ngu-50 yasebenzisa umzila osoLwandle oluseNyakatho owavuleka ngenxa yokufudumala kwembulunga yonke.

Amazwe Omhlaba

Kuye kwatholakala ukuthi ubisi lwebele lomama abasanda kubeletha luqukethe izinhlobo ezingaphezu kuka-700 zamabhaktheriya—okuyinani elikhulu kunalelo ebelilindelwe ochwepheshe. Abacwaningi basazama ukuthola ukuthi anayiphi inzuzo esimisweni sosana sokugaya ukudla nesamasosha omzimba.

EBrithani

Ocwaningweni lokushayela olwenziwe ososayensi baseBrithani kusetshenziswa i-computer kutholakale ukuthi abashayeli abasuke benomkhuhlane bayephuza ukuthatha isinyathelo uma beqhathaniswa nalabo abashayela bephuze utshwala.

EDemocratic Republic Of Congo

I-Afrika ibhekene nalokho abanye abakubiza ngokuthi ukubulawa kwamashumi ezinkulungwane zezindlovu “okungakaze kubonwe ngaphambili” unyaka nonyaka ngenxa yezinyo lazo. Kwesinye isigameko, kwadutshulwa izindlovu eziningana okhakhayini, ngokusobala owayezidubula wayesendizeni enophephela emhlane.

E-Australia

IGreat Barrier Reef ilahlekelwe ingxenye yamakhorali ayo aphilayo kule minyaka engu-27 edlule. Ososayensi bathi ngokuyinhloko lo monakalo ubangelwa yiziphepho zasezindaweni ezishisayo, ukugcwala kwama-starfish anameva kanye nokulahlekelwa umbala kwamakhorali okubangelwa amazinga okushisa aphakeme asolwandle.