Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 USIZO LOMKHAYA | INTSHA

Indlela Yokumelana Nokucindezela Kontanga

Indlela Yokumelana Nokucindezela Kontanga

INSELELE

“Lapho ngisesesikoleni samabanga aphakathi ngangingathandwa muntu, futhi lokho kwakungiphatha kabi. Ngakho lapho ngifika esikoleni samabanga aphakeme, ngashintsha indlela engangibukeka ngayo nesimo sami sengqondo—futhi ushintsho engalwenza alubanga luhle. Ngangikulangazelela kakhulu ukuba nabangane kangangokuba ngavuma ukucindezelwa ontanga, ukuze engangifunda nabo bangithande.”—UJennifer oneminyaka engu-16. *

Ingabe uyabhekana nokucindezela kontanga? Uma kunjalo, lesi sihloko sizokusiza umelane nakho.

Uma unqotshwa ukucindezela kontanga, usuke uvumela abanye ukuba bakudonse ngekhala. Kungani ubanikeza lelo gunya?—Roma 6:16.

OKUFANELE UKWAZI

Ukucindezela kontanga kungenza abantu abalungile benze izinto ezimbi.

“Ukuzihlanganisa nababi konakalisa imikhuba emihle.”—1 Korinte 15:33.

“Kufana nokwazi ukuthi into ethile ayilungile, bese kuthi lapho sesibhekene nesimo esicindezelayo, sivumele imizwelo isilawule bese sikhetha ukujabulisa abantu!”—UDana.

Ukucindezela kontanga akusho nje ukucindezelwa ontanga kuphela.

“Lapho ngifisa ukwenza okuhle, kukhona okubi kimi.”—Roma 7:21.

“Ingcindezi engiyizwayo ngokuvamile ivela ngaphakathi kimi, empeleni yimi engifisa izinto ontanga yami abakhuluma ngazo nabazenza zibonakale zijabulisa.”—UDiana.

Ukumelana nokucindezela kontanga kuyisenzo okufanele uziqhenye ngaso.

“Yibani nonembeza omuhle.”—1 Petru 3:16.

“Kunesikhathi lapho kwakunzima kakhulu kimi ukumelana nokucindezela kontanga, kodwa manje angisakwesabi ukwehluka kubo futhi ngibambelela ngokuqinile ezinqumweni zami. Ayikho into emnandi njengokulala unonembeza ohlanzekile.”—UCarla.

 ONGAKWENZA

Lapho ontanga bekucindezela ukuba wenze okungalungile, zama lokhu okulandelayo:

Cabanga ngemiphumela. Zibuze, ‘Kuzokwenzakalani uma ngivuma ukwenza okufunwa ontanga bese ngibanjwa? Yini abazali bami abayoyicabanga ngami? Mina ngiyozizwa kanjani?’—Isimiso seBhayibheli: Galathiya 6:7.

“Abazali bami bangibuza imibuzo enjengokuthi, ‘Uma ungavumela ithonya lontanga, yini engenzeka kuwe?’ Bangisiza ukuba ngibone ukuthi ukucindezela kontanga kungangifaka kanjani enkingeni.”—U-Olivia.

Qinisa ukuzimisela kwakho. Zibuze, ‘Kungani ngikholelwa ukuthi le nkambo iyingozi kimina noma kwabanye?’—Isimiso seBhayibheli: Hebheru 5:14.

“Lapho ngisemncane, ngangivele ngithi nje angifuni noma nginikeze impendulo emfushane, kodwa manje sengiyakwazi ukuchaza kahle ukuthi kungani ngizoyenza into ethile noma kungani ngingeke ngiyenze. Angizingabazi nakancane izinkolelo zami mayelana nokulungile nokungalungile. Impendulo isisuka kimi—hhayi komunye umuntu.”—U-Anita.

Cabanga ngohlobo lomuntu oyilo. Zibuze, ‘Hlobo luni lomuntu engifuna ukuba yilo?’ Ngemva kwalokho, cabanga ngengcindezi obhekene nayo bese uzibuza, ‘Umuntu wohlobo engifuna ukuba yilo ubengenzenjani kulesi simo?’—Isimiso seBhayibheli: 2 Korinte 13:5.

“Nganelisekile ngohlobo lomuntu engiyilo, ngakho anginandaba kangako nokuthi abanye bacabangani ngami. Ngaphandle kwalokho, abantu abaningi bangithanda nginjengoba nginje.”—U-Alicia.

Cabanga ngekusasa. Uma usesesikoleni, eminyakeni embalwa ezayo, mhlawumbe ngisho nasezinyangeni ezimbalwa, bona kanye laba bantu ozama ukubajabulisa cishe bayobe sebekukhohliwe nokukukhohlwa.

“Lapho ngibuka isithombe sami ngisesesikoleni, ngehluleka ngisho ukukhumbula amanye amagama abantu engangifunda nabo. Kodwa lapho ngisenabo esikoleni, imibono yabo kimi yayibaluleke ngaphezu kokunamathela ezinkolelweni zami. Yeka ubuwula!”—UDawn, manje oneminyaka engu-22.

Zilungiselele. IBhayibheli lithi: “Nazi ukuthi kufanele nimphendule kanjani umuntu ngamunye.”—Kolose 4:6.

“Abazali bethu babesisiza sinodadewethu omncane ukuba sicabange ngezimo esingabhekana nazo, bese sizilingisa ukuze kuthi uma sesibhekana nazo ngokoqobo, sazi ukuthi yini okumelwe siyenze.”—UChristine.

^ isig. 4 Amanye amagama kulesi sihloko ashintshiwe.