Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukubuka Okwezwe

Ukubuka Okwezwe

Amazwe Omhlaba

“Unyaka ngamunye kufa izinsana ezicishe zibe yizigidi ezintathu ngenyanga yokuqala zizelwe, eziningi zibulawa yizinto ebezingavinjelwa. Ezingaphezu kwengxenye eyodwa kwezintathu zalezi zinsana zifa ngosuku ezizalwe ngalo.”—Inhlangano i-Save the Children International.

EBrithani

I-Public Health England ibika ukuthi ngo-2011, ezindaweni ezingaphansi komasipala baseLondon abangu-15, landa inani labantu ababulawa ukungcola komoya. Okuxakayo ukuthi u-diesel bekulokhu kuthiwa uhlanzekile ngenxa yokuthi uyonga futhi awukhiphi isikhutha esiningi. Kodwa, ukungcola komoya okungamaphesenti angu-91 kuleyo ndawo kubangelwa yizimoto ezihamba ngo-diesel.

ERussia

Ngokwenhlolo-vo eyenziwa yi-Public Opinion Foundation yaseRussia, abantu baseRussia abangamaphesenti angaba ngu-52 abazibiza ngamalungu eSonto lobu-Orthodox bathi abakaze bafunde ngisho nengxenyana yeBhayibheli, kanti abangamaphesenti angu-28 bathi kuyathukela bethandazile.

E-Afrika

Umbiko we-World Bank uthi, ukudideka ngokuthi obani abanikazi bamapulazi kuphazamisa umsebenzi wokulima futhi kubangele ubumpofu. Ingxenye yendawo engasetshenziselwa ezolimo emhlabeni jikelele kodwa engalinyiwe—okungukuthi amahektare ayizigidi ezingu-202—ise-Afrika, lapho kuthiwa imikhiqizo yezolimo iyingxenye eyodwa kwezine uma iqhathaniswa nalokho okufanele ngabe iyikho.

E-United States

Izikole eziningi namanyuvesi sekusebenzisa ama-tablet anezinto zokufunda ezidingekayo, izinhlelo ze-computer nezinye izinto esikhundleni sezincwadi. Nokho, abanye bayazibuza ukuthi lokhu kuyayonga ngempela yini imali.