Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UMBONO WEBHAYIBHELI

Inhlanzeko

Inhlanzeko

Ingabe inhlanzeko engokomzimba ibalulekile kuNkulunkulu?

“Masizihlanze kukho konke ukungcola kwenyama nokomoya.”—2 Korinte 7:1.

OKUSHIWO YIBHAYIBHELI

UMdali wethu uyasithanda futhi ufuna sibe nempilo enhle, ende nenomvuzo. UNkulunkulu uthi, ‘imiyalo yami kwangathi inhliziyo yakho ingayigcina, ngoba uyokwenezelelwa ubude bezinsuku neminyaka yokuphila nokuthula.’ (IzAga 3:1, 2) Uthando lukaNkulunkulu ngesintu lwabonakala emiyalweni ayeyinike ama-Israyeli, eyayihlanganisa iziqondiso ezingagwegwesi ngokuhlanzeka komzimba nokukhucululwa kwendle. (Duteronomi 23:12-14) Lapho ama-Israyeli ezilalela lezo ziqondiso ezinengqondo, ayeba nempilo engcono futhi evikeleka ezifweni ezazikhathaza ezinye izizwe, njengabaseGibhithe, ababengenayo imithetho yezinga eliphakeme kanjalo.—Duteronomi 7:12, 15.

Ngokufanayo namuhla, abantu ‘abazihlanza kukho konke ukungcola kwenyama,’ okuhlanganisa imikhuba engcolisayo enjengokubhema, ukusebenzisa kabi utshwala nezidakamizwa, banciphisa amathuba okuba nezifo zomzimba nezengqondo, kuhlanganise nokufa besebancane. Kanti ngenxa yokuthi siphila nabanye abantu, ukulalela imiyalo kaNkulunkulu yenhlanzeko kubonisa nokucabangela abanye.—Marku 12:30, 31.

Ingabe uNkulunkulu unendaba ngokuhlanzeka kokuziphatha nokungokomoya?

“Bulalani amalungu emizimba yenu . . . ngokuqondene nobufebe, ukungcola, isifiso sobulili, isifiso esilimazayo, nokuhaha, okuwukukhonza izithombe. Ulaka lukaNkulunkulu luyeza ngenxa yalezo zinto.”Kolose 3:5, 6.

OKUSHIWO YIBHAYIBHELI

Njengoba kuphawuliwe ekuqaleni, iBhayibheli lisiyala ukuba “sizihlanze kukho konke ukungcola kwenyama nokomoya.” Ngosuku lukaJesu Kristu, abantu abaningi, kuhlanganise nabaholi benkolo bamaJuda, babezikhandla kakhulu ukuze bahlanzeke emzimbeni kodwa bengayinaki imithetho yokuhlanzeka kokuziphatha nokungokomoya. (Marku 7:1-5) Enikeza umbono ofanele ngezinto, uJesu wathi: ‘Akukho lutho oluvela ngaphandle oludlulela ngaphakathi kumuntu olungamngcolisa, njengoba lungena esiswini, futhi ludlulele ngaphandle endaweni yokuchitha indle.’ Wabe esenezela: ‘Lokho okuphuma kumuntu yikho okumngcolisayo. Ngoba ngaphakathi, enhliziyweni yabantu, kuphuma imicabango emibi: ubufebe, ukweba, ukubulala, ukuphinga, ukukhanuka, izenzo zobubi, inkohliso, ukuziphatha okubi, iso elinomona, ukungabi nangqondo. Zonke lezi zinto ezimbi ziyamngcolisa umuntu.’—Marku 7:18-23.

Ngokusho kukaJesu, abantu abakhathalela ngokweqile ukuhlanzeka komzimba, bebe beyishaya indiva imiyalo kaNkulunkulu yokuziphatha nengokomoya bafana nendebe ehlanzeke ngaphandle kodwa ibe ingcolile ngaphakathi.—Mathewu 23:25, 26.

Ingabe imiyalo yeBhayibheli iyacabangela?

“Yilokhu okushiwo uthando ngoNkulunkulu, ukuba sigcine imiyalo yakhe; futhi imiyalo yakhe ayiwona umthwalo.”1 Johane 5:3.

OKUSHIWO YIBHAYIBHELI

KuMika 6:8, siyafunda: “Yini uJehova ayicela kuwe ngaphandle kokuba ubonise ubulungisa, uthande umusa futhi ube nesizotha ekuhambeni noNkulunkulu wakho?” Akusona yini leso isicelo sokucabangela ngempela? Ngaphezu kwalokho, uMdali wethu ufuna ukuba simlalele ngoba simthanda. Lapho senze njalo, siba nenjabulo enkulu. (IHubo 40:8) Kanti lapho sona, singathola induduzo ngokwazi ukuthi uNkulunkulu unomusa. “Njengoba ubaba ebonisa umusa emadodaneni akhe, kanjalo uJehova ubonisé umusa kulabo abamesabayo. Ngoba yena uyakwazi ukwakheka kwethu, ekhumbula ukuthi siluthuli,” noma sibuthakathaka futhi asiphelele.—IHubo 103:13, 14.

Ngamafuphi singathi, imiyalo kaNkulunkulu yokuhlanzeka ngokomzimba, ngokokuziphatha nangokomoya ibonisa ubuhle bakhe nothando lwakhe ngathi. Ukuyilalela ngokuzithandela leyo miyalo kubonisa ukuthi sihlakaniphile futhi siyamthanda.