Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKUBUKA OKWEZWE

Ukuhlolisisa Ezenkolo

Ukuhlolisisa Ezenkolo

Inkolo kufanele ibe yimbangela yobunye. Kodwa, ngokuvamile iye yaba yimbangela yezimpi nokungethembani.

Amazwe Omhlaba

Abantu abangaphezu kwezingxenye ezintathu kwezine emhlabeni bahlala emazweni lapho inkolo ivinjelwe khona kakhulu, kungaba ngenxa yemithetho ebekwe yiziphathimandla noma ngenxa yokungamukeleki kwayo emphakathini. Eminyakeni emihlanu yamuva, inani lamazwe abe nezigameko zokuhlukunyezwa kwezinkolo ezincane liye lacishe laphindeka kabili.

ONGACABANGA NGAKHO: Yiziphi izizathu ezihlukahlukene ezenza abantu bangayithandi inkolo?—Mathewu 23:27, 28; Johane 15:19.

ENgilandi

UTony Blair, owayenguNdunankulu uyabhala ephephandabeni i-Observer, uthi: “Ukusebenzisa kabi inkolo” kuyisisusa esivamile sezenzo zobuphekula eziqhubekayo muva nje. Uyenezela, “Mancane amathuba okuba izimpi zaleli khulu leminyaka zibangelwe imibono eyeqisayo yezombusazwe—njengalezo zekhulu lama-20—kodwa kalula nje zingase zilwelwe egameni lokwehluka kwezinkolo namasiko.”

ONGACABANGA NGAKHO: Kungani inkolo ivame kangaka ukuba yimbangela yokwehlukana?—Marku 7:6-8.

E-Australia

Umnyango Wokubalwa Kwabantu wase-Australia ubika ukuthi umuntu oyedwa kwabahlanu kulelo zwe uthi akukho nkolo ayilungu layo. Ngisho nalabo “abangamalungu enkolo abahlanganyeli njalo emisebenzini yenkolo,” kusho lo mbiko. Bangamaphesenti angu-15 abesilisa kanti bangamaphesenti angu-22 abesifazane abangamalungu enkolo abathi bona bahlanganyela njalo ezintweni zenkolo nezingokomoya.

ONGACABANGA NGAKHO: Yiziphi izimfanelo ezingezinhle ezisobala ezinkolweni eziningi zanamuhla?—Mathewu 7:15-20.