Inhlanzi Okuthiwa I-Parrot—Ingabe Umshini Owenza Isihlabathi?
SIVELAPHI isihlabathi? Miningi imithombo esivela kuyo. Kodwa lona okuzoxoxwa ngawo kulesi sihloko kungenzeka ukumangaze. Inhlanzi egaya amakhorali abe isihlabathi esicolisekile—ebizwa ngokuthi i-parrot!
Le nhlanzi ihlala emanzini asezindaweni ezifudumele ezihlukahlukene emhlabeni. Ngemva kokugwinya amakhorali agayekile, umzimba uthatha ukudla okuncane okukuwo bese ukhipha izinsalela seziyisihlabathi. Ukuze yenze lo msebenzi, isebenzisa imihlathi yayo enamandla emise okoqhwaku namazinyo aqinile angemuva. Ezinye izinhlobo zayo zingahlala iminyaka engaba ngu-20 zisenamazinyo aphelele.
Kwezinye izindawo, ngokuhlafuna kwayo amakhorali afile, le nhlanzi ikhiqiza isihlabathi esiningi kunezinye izinqubo ezingokwemvelo. Abanye abacwaningi balinganisela ukuthi le nhlanzi ikhiqiza amakhulu amakhilogremu esihlabathi ngonyaka.
Le nhlanzi yenza nomunye umsebenzi obalulekile. Njengoba idla amakhorali afile anolwelwesi oluluhlaza nezitshalo, igcina amakhorali ehlanzekile. Ngokudla kwale nhlanzi lezi zinto, igcina izixhobo zamakhorali zisesimweni esihle. Lapho lezi zinhlanzi nezinye izilwane ezidla uhlaza zingekho, kusheshe kugcwale ulwelwesi oluluhlaza nokhula lwasolwandle. Incwadi ethi Reef Life ithi, “Abanye bathi izixhobo zamakhorali bezingeke zibe yilokhu eziyikho manje ngaphandle kwezilwane ezidla uhlaza.”
Wonke lo msebenzi eziwenza phakathi nosuku, udinga ukulala ngokwanele, nakulokhu lezi zinhlanzi zihlukile. Izixhobo ziyindawo engaphephile ebusuku ngenxa yokuthi abazingeli basuke behambahamba. Lezi zinhlanzi zivame ukucasha ngaphansi kwamadwala, kodwa le ndawo ayiphephile ngokwanele ukuba izivikele koshaka abalambile.
Ukuze zizivikele ngokwengeziwe, ezinye zalezi zinhlanzi ziyazisonga uma sezilala. Zikhiqiza uketshezi olushubile olumboza umzimba wonke olubukeka njengengubo yokulala ekhanya ngale. Ososayensi bezasolwandle bakholelwa ukuthi le ngubo enuka kabi ivikela lezi zinhlanzi ezilwaneni ezizizingelayo.
Inhlanzi i-parrot ingenye yezinhlazi ezibonakala kalula futhi ezithandekayo ezihlala ezixhotsheni zamakhorali. Imibala yayo egqamile iyashintshashintsha njengoba ikhula kungakhathaliseki ukuthi eyeduna noma eyensikazi. Kodwa okuhle nakakhulu ukuthi ezindaweni lapho zingadotshwa khona kakhulu, azibesabi abantu. Ngakho ziphakathi kwezinhlanzi okulula ukuzibona.
Bambalwa abantu abayoke bakhohlwe umuzwa ababa nawo lapho besondela kule nhlanzi, beyibuka futhi beyizwa ihlafuna amakhorali. Njengoba lezi zinhlanzi zibukisa ngemibalabala yazo emihle, zigcina imvelo ihlanzekile ukuze ezinye izilwane ezihlala ngaphansi kwamanzi nabantu bayijabulele.