AMAZWE NABANTU
Ukuvakashela EMongolia
UGENGHIS KHAN, iqhawe elinesibindi langekhulu le-12, wabeka isisekelo salokho okwakuzoba uMbuso WamaMongol omkhulu. Nakuba isincane kunalokho eyayiyikho ngesikhathi salowo mbuso, namuhla iMongolia iyizwe eliphakathi kweRussia neChina, kanti emhlabeni iphakathi kwamazwe anabantu abambalwa kakhulu.
Indawo yaseMongolia inemifula, imifudlana, izintaba eziphakeme, amagquma anotshani kanye namathafa awudedangendlale. Ngaseningizimu kunoGwadule iGobi oludume ngokuba nobufakazi obugcineke kahle bokuthi kwake kwaba khona ama-dinosaur. Abantu bendawo babiza iMongolia ephakeme ngamamitha angu-1 580 ngaphezu kolwandle, ngokuthi “Yizwe Lesibhakabhaka Esiluhlaza.” Leli yigama elifanelekayo ngoba eMongolia ilanga libalela izinsuku ezingaphezu kuka-250 ngonyaka!
Izwe laseMongolia linesimo sezulu esishisa kakhulu siphinde sibande kakhulu. Ehlobo amazinga okushisa angakhuphuka aze afike ku-40°C kuyilapho ebusika
engehla aze afike ku-40°C ngaphansi kwezinga-qhwa. Cishe abantu abangamaphesenti angaphezu kuka-33 baseMongolia bayimihambima. Abantu bakhona baqala ukusebenza ekuseni ngovivi, abesilisa nabesifazane basenge izimbuzi, izinkomo, amakamela, namahhashi. Ngokuvamile eMongolia kudliwa inyama nezinto ezenziwe ngobisi, inyama yemvu iyona ethandwa kakhulu.AbaseMongolia bathanda ukungenisa izihambi. Izindlu zabo ezisamatende agoqekayo ayisiyingi ezibizwa ngokuthi ama-ger bazishiya zingahluthulelwe ukuze noma imuphi umuntu odlulayo akwazi ukungena aphumule futhi ajabulele ukudla ashiyelwe kona. Izivakashi zivame ukuphakanyelwa ngetiye elifudumele elinobisi elifakwe kancane usawoti.
Iningi labaseMongolia lingamaBuddha. Kukhona abasebenzelana nemimoya, amaSulumane, namaKristu kuyilapho kunabaningi abangazihlanganisi nenkolo. EMongolia, kunoFakazi BakaJehova abangaphezu kuka-350 abafundisa abantu abangaphezu kuka-770 iBhayibheli.