Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Qhutshwani ‘Yisipho SikaNkulunkulu Sesihle Esingachazeki’

Qhutshwani ‘Yisipho SikaNkulunkulu Sesihle Esingachazeki’

“Makabongwe uNkulunkulu ngesipho sakhe sesihle esingachazeki.” ​—2 KORINTE 9:15.

IZINGOMA: 121, 63

1, 2. (a) Sihlanganisani ‘isipho sikaNkulunkulu sesihle esingachazeki?’ (b) Yimiphi imibuzo esizoxoxa ngayo kulesi sihloko?

UJEHOVA wasipha isipho sothando esikhulu kunazo zonke lapho ethumela emhlabeni iNdodana yakhe eyigugu, uJesu! (Johane 3:16; 1 Johane 4:​9, 10) Umphostoli uPawulu wabiza lesi sipho ngokuthi ‘isipho sesihle esingachazeki.’ (2 Korinte 9:15) Kungani uPawulu asebenzisa lawo mazwi?

2 UPawulu wayazi ukuthi umhlatshelo kaJesu uyisiqinisekiso sokuthi zonke izithembiso zikaNkulunkulu ezimangalisayo ziyogcwaliseka. (Funda eyesi-2 Korinte 1:20.) Lokhu kusho ukuthi ‘isipho sikaNkulunkulu sesihle esingachazeki’ sihlanganisa umhlatshelo kaJesu kanye nabo bonke ubuhle nothando oluqotho uJehova asibonisa lona. Akunakwenzeka ukusichaza ngendlela esingayiqonda ngokuphelele lesi sipho esiyigugu kangaka. Kufanele sisenze sizizwe kanjani lesi sipho esikhethekile? Futhi lesi sipho kufanele sisishukumisele ukuba senzeni njengoba silungiselela iSikhumbuzo sokufa kukaKristu ngoLwesithathu, ngo-March 23, 2016?

ISIPHO SIKANKULUNKULU ESIKHETHEKILE

3, 4. (a) Uzizwa kanjani lapho othile ekupha isipho? (b) Isipho esikhethekile singakushintsha kanjani ukuphila kwakho?

3 Siyajabula lapho othile esipha isipho. Kodwa ezinye izipho zinenjongo noma zikhetheke kangangokuba zingashintsha ukuphila kwethu. Ngokwesibonelo, ake sithi uye wahileleka esenzweni sobugebengu. Leso senzo sinesijeziso sokufa. Kodwa kungazelelwe, othile ongamazi uyazinikela ukuba kujeziswe yena esikhundleni sakho. Uzimisele ukukufela! Singakwenza uzizwe kanjani isipho ezikhetheke kanjalo?

4 Isipho sothando nesikhetheke kangako singakwenza wenze izinguquko ekuphileni kwakho. Cishe, uyozizwa ushukumiseleka nokuba uphane futhi ubathande ngokwengeziwe abanye futhi uthethelele noma ubani okuphathe kabi. Ukuphila kwakho konke, uyofuna ukubonisa ukuthi uyakwazisa ukuzidela okwenziwa yilowo muntu.

5. Kungayiphi indlela isipho sikaNkulunkulu sesihlengo sisikhulu kunanoma isiphi esinye isipho?

5 Isipho sikaNkulunkulu sesihlengo sikhulu kakhulu kunesipho esisemfanekisweni okukhulunywe ngawo. (1 Petru 3:18) Cabanga ngalokhu: Sonke sazuza isono njengefa ku-Adamu, futhi isijeziso sesono ukufa. (Roma 5:12) Uthando lwashukumisa uJehova ukuba athumele uJesu emhlabeni ukuze afele bonke abantu, “anambithe ukufa ngenxa yawo wonke umuntu.” (Hebheru 2:9) Kodwa umhlatshelo kaJesu uzokwenza ngisho nokwengeziwe! Uyoqeda ukufa phakade. (Isaya 25:​7, 8; 1 Korinte 15:​22, 26) Bonke ababonisa ukholo kuJesu bayophila ngokuthula futhi bajabule phakade, kungaba njengamakhosi kanye noKristu ezulwini noma njengezikhonzi zoMbuso kaNkulunkulu emhlabeni. (Roma 6:23; IsAmbulo 5:​9, 10) Yiziphi ezinye izibusiso eziyingxenye yesipho sikaJehova?

6. (a) Yiziphi izibusiso zesipho sikaJehova ozilangazelelayo? (b) Bala izinto ezintathu isipho sikaNkulunkulu esizosishukumisela ukuba sizenze.

6 Njengengxenye yesipho sikaNkulunkulu, umhlaba uzoba ipharadesi, abagulayo bazokwelashwa nabafileyo bazovuswa. (Isaya 33:24; 35:​5, 6; Johane 5:​28, 29) Siyamthanda uJehova neNdodana yakhe ethandekayo ngokusipha lesi ‘sipho sesihle esingachazeki.’ Lesi sipho sizosishukumisela ukuba senzeni? Sizosishukumisa ukuba (1) silingise uJesu Kristu ngokuseduze, (2) sithande abafowethu, futhi (3) sithethelele abanye ngokusuka enhliziyweni.

“UTHANDO UKRISTU ANALO LUYASIQHUBEZELA”

7, 8. Kufanele sizizwe kanjani ngothando lukaKristu, futhi kufanele lusishukumisele ukuba senzeni?

7 Okokuqala, kufanele sizizwe sishukumiseleka ukuba sisebenzise ukuphila kwethu ukuze sihloniphe uJesu. Umphostoli uPawulu wathi: “Uthando uKristu analo luyasiqhubezela.” (Funda eyesi-2 Korinte 5:​14, 15.) UPawulu wayazi ukuthi uma samukela uthando lukaJesu olukhulu, luyosiqhubezela, noma lusishukumisele ukuba simthande futhi simhloniphe. Yebo, uma sikuqonda ngokugcwele lokho uJehova asenzele kona, uthando lwakhe luyosishukumisela ukuba siphile ngendlela ebonisa ukuthi siyamhlonipha uJesu. Sikwenza kanjani lokho?

8 Uthando ngoJehova luyosishukumisela ukuba silingise isibonelo sikaJesu, silandele izinyathelo zakhe eduze. (1 Petru 2:21; 1 Johane 2:6) Lapho silalela uNkulunkulu noKristu, sibonisa ukuthi siyabathanda. UJesu wathi: “Lowo onemiyalo yami futhi oyigcinayo, lowo nguye ongithandayo. Futhi lowo ongithandayo uyothandwa nguBaba, nami ngiyomthanda futhi ngiyozibonakalisa ngokukhanyayo kuye.”​—Johane 14:21; 1 Johane 5:3.

9. Iziphi izingcindezi esinazo?

9 Phakathi nale nkathi yeSikhumbuzo, kuhle ukuzindla ngendlela esisebenzisa ngayo ukuphila kwethu. Ngakho zibuze: ‘Yikuphi lapho esengimlingisa khona kakade uJesu? Yikuphi lapho engingathuthukisa khona?’ Kubalulekile ukuzibuza le mibuzo ngoba izwe lifuna siphile ngendlela lona eliphila ngayo. (Roma 12:2) Uma singaqaphile, singazizwa sicindezelwa ukuba silingise othisha, osaziwayo nezihlabani zezemidlalo zaleli zwe. (Kolose 2:8; 1 Johane 2:​15-17) Singamelana kanjani naleyo ngcindezi?

10. Yimiphi imibuzo esingazibuza yona phakathi nale nkathi yeSikhumbuzo, futhi izimpendulo zaleyo mibuzo zingase zisishukumisele ukuba senzeni? (Bheka isithombe esisekuqaleni.)

10 Kuhle ukuzipha isikhathi phakathi nenkathi yeSikhumbuzo ukuze sihlole izingubo zethu zokugqoka, ama-movie nomculo wethu, kuhlanganise nalokho okukuma-computer ethu, komakhalekhukhwini noma kuma-tablet. Zibuze: ‘Ukube uJesu ubelapha, abone lokho engikugqokile, ingabe bengiyoba namahloni?’ (Funda eyoku-1 Thimothewu 2:​9, 10.) ‘Ingabe izingubo zami zokugqoka ziyabonisa ukuthi ngingumlandeli kaKristu? UJesu ubengathanda yini ukubukela ama-movie engiwabukelayo? Ingabe ubengathanda ukulalela umculo engiwulalelayo? Ukube uJesu ubeboleke umakhalekhukhwini noma i-tablet yami, ingabe bengiyoba namahloni ngalokho abezobe ekubone kuyo? Kungaba nzima yini ukuchazela uJesu ukuthi kungani ngiyithanda imidlalo ye-computer engiyidlalayo?’ Uthando lwethu ngoJehova kufanele lusishukumisele ukuba silahle noma yini engase ingafaneleki kumKristu, kungakhathaliseki ukuthi ibiza kangakanani. (IzEnzo 19:​19, 20) Lapho sinikezela ukuphila kwethu kuJehova, sathembisa ukuthi sizokusebenzisela ukuletha udumo kuKristu. Ngakho akufanele sigcine lutho olungasenza sikuthole kunzima ukulingisa uJesu.​—Mathewu 5:​29, 30; Filipi 4:8.

11. (a) Uthando lwethu ngoJehova nangoJesu lusishukumisa kanjani ukuba senze umsebenzi wokushumayela? (b) Uthando lwethu lungasishukumisela kanjani ukuba sisize abanye ebandleni?

11 Uthando lwethu ngoJesu lusishukumisela ukuba sishumayele futhi sifundise ngentshiseko. (Mathewu 28:​19, 20; Luka 4:43) Phakathi nenkathi yeSikhumbuzo, ungakwazi yini ukuhlela ukuphila kwakho kwansuku zonke ukuze ukwazi ukuba yiphayona elisizayo futhi uchithe amahora angu-30 noma angu-50 emsebenzini wokushumayela? Omunye umfelwa owayeneminyaka engu-84 wayecabanga ukuthi ngeke akwazi ukuphayona ngenxa yeminyaka yakhe nempilo ebuthakathaka. Kodwa amaphayona asendaweni yakubo ayefuna ukumsiza. Amlungiselela into yokuhamba, akhetha nensimu efanelekayo ayengasebenza kuyo. Ngenxa yalokho, lo mfowethu wakwazi ukufinyelela umgomo wakhe wamahora angu-30. Ungakwazi yini ukusiza othile ebandleni lenu ukuba abe yiphayona elisizayo ngo-March noma ngo-April? Kuyiqiniso ukuthi akuwona wonke umuntu ongakwazi ukuphayona, kodwa singakwazi ukusebenzisa isikhathi namandla ethu ukuze sandise inkonzo yethu kuJehova. NjengoPawulu, uma senza kanjalo siyobonisa ukuthi sishukunyiswa uthando lukaJesu. Yini enye uthando lukaNkulunkulu oluyosishukumisela ukuba siyenze?

SINESIBOPHO SOKUTHANDANA

12. Yini uthando lukaNkulunkulu olusishukumisela ukuba siyenze?

12 Okwesibili, uthando lukaNkulunkulu kufanele lusishukumisele ukuba sithande abafowethu. Umphostoli uJohane wabhala: “Bathandekayo, uma kuyile ndlela uNkulunkulu asithanda ngayo, khona-ke nathi ngokwethu singaphansi kwesibopho sokuthandana.” (1 Johane 4:​7-11) Ngakho uma silwamukela uthando lukaNkulunkulu, kudingeka sithande abafowethu. (1 Johane 3:16) Singabonisa kanjani ukuthi siyabathanda?

13. Yisiphi isibonelo esabekwa uJesu sokuthanda abanye?

13 Isibonelo sikaJesu sisibonisa indlela esingabathanda ngayo abanye. Lapho esemhlabeni, wayebasiza abantu, ikakhulu labo abathobekile. Welapha abagulayo, izinyonga, izimpumputhe, izithulu kanye nezimungulu. (Mathewu 11:​4, 5) Ngokungefani nabaholi benkolo, uJesu wayekuthanda ukufundisa abantu ababefuna ukwazi ngoNkulunkulu. (Johane 7:49) Wayebathanda labo bantu abathobekile futhi wazikhandla ukuze abasize.​—Mathewu 20:28.

Ungakwazi yini ukusiza umfowenu noma udadewenu osekhulile enkonzweni? (Bheka isigaba 14)

14. Yini ongayenza ukuze ubabonise uthando abafowenu?

14 Inkathi yeSikhumbuzo ibuye ibe yisikhathi esikahle sokucabanga ngendlela ongabasiza ngayo abafowethu nodadewethu ebandleni, ikakhulu asebekhulile. Ungakwazi yini ukubavakashela laba bafowethu abathandekayo? Ungabahambisela yini ukudla, ubasize ngemisebenzi yasekhaya, ubayise esifundweni ngemoto, noma ubameme ukuba basebenze nawe enkonzweni? (Funda uLuka 14:​12-14.) Vumela uthando lukaNkulunkulu lukushukumise ukuba ubabonise uthando abafowenu!

BONISA ISIHE KUBAFOWETHU NODADEWETHU

15. Yini okumelwe siyiqaphele?

15 Okwesithathu, uthando lukaJehova lusishukumisela ukuba sithethelele abafowethu nodadewethu. Sonke sazuza isono njengefa ku-Adamu, ngakho akekho ongathi, “Angisidingi isihlengo.” Ngisho nenceku kaNkulunkulu ethembeke kakhulu iyasidinga isipho sesihlengo. Ngamunye wethu uthethelelwe isikweletu esikhulu! Kungani kubalulekile ukukuqaphela lokho? Impendulo siyithola komunye wemifanekiso kaJesu.

16, 17. (a) Yini okufanele siyifunde emfanekisweni kaJesu wenkosi nezinceku? (b) Ngemva ngokuzindla ngomfanekiso kaJesu, yini ozimisele ukuyenza?

16 UJesu wanikeza umfanekiso wenkosi eyathethelela inceku yayo eyayikweleta imali eningi kakhulu engodenariyu abangu-60 000 000. Kodwa kamuva, leyo nceku ayiyithethelelanga inceku ekanye nayo eyayiyikweleta imali encane kakhulu engodenariyu abayikhulu nje kuphela. Isihe senkosi kwakufanele sishukumise inceku yayo ukuba ithethelele uzakwabo. Inkosi yathukuthela yagan’ unwabu lapho izwa ukuthi inceku yayo ayiyithethelelanga inceku eyayiyikweleta imali encane kangako. Yathi: “Nceku embi, ngisesule sonke lesiya sikweletu obunaso, lapho ungincenga. Bekungafanele yini nawe ube nesihe encekwini okanye nayo, njengoba nami ngibe nesihe kuwe?” (Mathewu 18:​23-35) Njengaleyo nkosi, uJehova usesulele isikweletu esikhulu kakhulu. Uthando nesihe sikaJehova kufanele kusishukumisele ukuba senzeni?

17 Njengoba silungiselela iSikhumbuzo, singase sizibuze: ‘Ingabe ukhona umfowethu ongiphathe kabi? Ingabe ngikuthola kunzima ukumthethelela?’ Uma kunjalo, lesi yisikhathi esikahle sokulingisa uJehova, ‘okulungele ukuthethelela.’ (Nehemiya 9:17; IHubo 86:5) Uma sisazisa isihe esikhulu sikaJehova, siyobonisa isihe kwabanye futhi sibathethelele ngokusuka enhliziyweni. Uma singabathandi futhi singabathetheleli abafowethu, asinakulindela ukuba uJehova asithande futhi asithethelele. (Mathewu 6:​14, 15) Lapho sithethelela abanye, akulishintshi iqiniso lokuthi basiphathe kabi, kodwa kuzosisiza sibe nekusasa elijabulisa ngokwengeziwe.

18. Uthando lukaNkulunkulu lwamsiza kanjani omunye udade ukuba akwazi ukubekezelela ukushiyeka komunye udade?

18 Kungaba nzima ukubekezelela ukungapheleli kwabafowethu nodadewethu. (Funda eyabase-Efesu 4:32; Kolose 3:​13, 14.) Omunye udade owakwenza lokhu uLily. [1] (Bheka umbhalo osekugcineni.) Wayesiza umfelokazi okuthiwa uCarol. Ngokwesibonelo, wayethatha uCarol ngemoto amyise nomaphi lapho ayedinga ukuya khona, amthengele akudingayo ezitolo, futhi amenzele nezinye izinto eziningi. Naphezu kwakho konke uLily ayekwenza, uCarol wayehlale egxeka, futhi ngezinye izikhathi kwakungelula ukumsiza. Kodwa uLily wagxila ezimfanelweni ezinhle zikaCarol futhi wamsiza iminyaka ethile kwaze kwaba yilapho uCarol egula kakhulu futhi eshona. Nakuba ukusiza uCarol kwakunzima kuLily, uthi: “Ngilangazelela ukumbona uCarol ovukweni. Ngifuna ukumazi lapho esephelele.” Ngokusobala, uthando lukaNkulunkulu lungasishukumisela ukuba sibekezelele abafowethu nodadewethu futhi silangazelele isikhathi lapho konke ukungapheleli kobuntu kuyobe kungasekho unomphela.

19. ‘Isipho sikaNkulunkulu sesihle esingachazeki’ sizokukhuthaza kanjani?

19 Ngempela, uJehova usiphe ‘isipho sesihle esingachazeki.’ Kwangathi singahlale sisazisa! Inkathi yeSikhumbuzo iyisikhathi esikahle kakhulu sokuzindla ngakho konke uJehova noJesu abasenzele kona. Kwangathi uthando lwabo lungasishukumisela ukuba silingise uJesu ngokuseduze, sibabonise uthando abafowethu futhi sibathethelele ngokusuka enhliziyweni.

^ [1] (isigaba 18) Amanye amagama kulesi sihloko ashintshiwe.