Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukusebenza NoNkulunkulu​—Isizathu Sokujabula

Ukusebenza NoNkulunkulu​—Isizathu Sokujabula

“Njengoba sisebenza kanye naye, siyanincenga futhi ukuba ningawamukeli umusa ongafanelwe kaNkulunkulu bese nilahlekelwa injongo yawo.” ​—2 KORINTE 6:1.

IZINGOMA: 75, 74

1. Nakuba uJehova engoPhezukonke, yini ameme abanye ukuba bayenze?

UJEHOVA ungoPhezukonke. Wadala zonke izinto futhi unokuhlakanipha namandla angenamkhawulo. Ngemva kokusiza uJobe ukuba akuqonde lokhu, uJobe wathi: “Sengiyazi ukuthi uyakwazi ukwenza zonke izinto, futhi akukho mqondo ongenakuwufinyelela.” (Jobe 42:2) UJehova anganquma ukwenza noma yini ngaphandle kokusizwa omunye umuntu. Kodwa ubonisa uthando ngokumema abanye ukuba basebenze naye ekufezeni injongo yakhe.

2. Yimuphi umsebenzi obalulekile uJehova amema uJesu ukuba awenze?

2 UNkulunkulu wadala iNdodana yakhe, uJesu, ngaphambi kokudala noma ubani nanoma yini enye. UJehova wabe esevumela iNdodana yakhe ukuba imsize ekudaleni zonke ezinye izinto. (Johane 1:​1-3, 18) Umphostoli uPawulu wathi ngoJesu: “Kwadalwa ngayo zonke ezinye izinto emazulwini nasemhlabeni, izinto ezibonakalayo nezinto ezingabonakali, kungakhathaliseki ukuthi ziyizihlalo zobukhosi noma ubukhosi noma ohulumeni noma amagunya. Zonke ezinye izinto zidalwe ngayo futhi zadalelwa yona.” (Kolose 1:​15-17) Ngakho uJehova akanikanga iNdodana yakhe umsebenzi obalulekile nje kuphela kodwa watshela nabanye ngakho. Yeka ilungelo!

3. UJehova wamcela ukuba enzeni u-Adamu, futhi ngani?

3 UJehova wamema nabantu ukuba basebenze naye. Ngokwesibonelo, wavumela u-Adamu ukuba aqambe izilwane. (Genesise 2:​19, 20) Cabanga nje ngenjabulo u-Adamu aba nayo lapho enza lo msebenzi! Wabheka ngokucophelela indlela izilwane ezazibukeka ngayo nezaziziphatha ngayo, wabe esekhetha igama lesilwane ngasinye. UJehova wayedale zonke izilwane, ngakho wayengaziqamba yena mathupha. Nokho, wabonisa u-Adamu indlela ayemthanda ngayo ngokumvumela aqambe izilwane. UNkulunkulu waphinde wanika u-Adamu isabelo sokwenza wonke umhlaba ube yipharadesi. (Genesise 1:​27, 28) Kodwa ngokuhamba kwesikhathi u-Adamu wanquma ukuyeka ukusebenza noNkulunkulu, futhi lokho kwenza yena nenzalo yakhe bahlupheka kakhulu.​—Genesise 3:​17-19, 23.

4. Abanye basebenza kanjani noNkulunkulu ukuze bafeze intando yakhe?

4 Kamuva, uNkulunkulu wamema abanye abantu ukuba basebenze naye. UNowa wakha umkhumbi owasindisa ukuphila kwakhe nokomndeni wakhe phakathi noZamcolo. UMose wakhulula isizwe sakwa-Israyeli eGibhithe. UJoshuwa wahola ama-Israyeli wawangenisa eZweni Lesithembiso. USolomoni wakha ithempeli eJerusalema. UMariya waba unina kaJesu. Bonke laba abathembekile nabanye abaningi basebenza noJehova ekufezeni intando yakhe.

5. Yimuphi umsebenzi esingahlanganyela kuwo, futhi ingabe kwakudingeka yini ukuba uJehova asihilele kulo msebenzi? (Bheka isithombe esisekuqaleni.)

5 Namuhla uJehova usimema ukuba senze konke esingakwenza ekusekeleni uMbuso wakhe. Kunezindlela eziningi esingamkhonza ngazo uNkulunkulu. Nakuba singenakukwazi ukumkhonza ngendlela efanayo sonke, sonke singakwazi ukushumayela izindaba ezinhle zoMbuso. UJehova wayengazenzela lo msebenzi. Wayengakhuluma ngokuqondile nabantu abasemhlabeni ebe esezulwini. UJesu wathi uJehova wayengenza ngisho namatshe atshele abanye ngeNkosi yoMbuso waKhe. (Luka 19:​37-40) Kodwa uJehova uyasivumela ukuba sibe ‘yizisebenzi ezikanye’ naye. (1 Korinte 3:9) Umphostoli uPawulu wabhala: “Njengoba sisebenza kanye naye, siyanincenga futhi ukuba ningawamukeli umusa ongafanelwe kaNkulunkulu bese nilahlekelwa injongo yawo.” (2 Korinte 6:1) Kuyilungelo elikhulu ukumenywa ukuba sisebenze noNkulunkulu. Ake sibone ezinye zezizathu ezenza lokhu kusilethele injabulo enkulu.

UKUSEBENZA NONKULUNKULU KUYAJABULISA

6. INdodana kaNkulunkulu eyizibulo yayichaza kanjani indlela eyayizizwa ngayo ngokusebenza eceleni kukaYise?

6 Ukusebenza noNkulunkulu kuhlale kuzijabulisa izinceku zikaJehova. Ngaphambi ngokuza emhlabeni, iNdodana kaNkulunkulu eyizibulo yathi: “UJehova wangenza ngingukuqala kwendlela yakhe . . . ngangiseceleni kwakhe ngiyisisebenzi esiyingcweti, futhi wayengithanda ngokukhethekile usuku nosuku, ngithokoza phambi kwakhe ngaso sonke isikhathi.” (IzAga 8:​22, 30) Ngesikhathi uJesu esebenza noYise, wayejabule ngoba wafeza izinto eziningi futhi wayazi ukuthi uJehova uyamthanda. Kodwa kuthiwani ngathi?

Yini enganelisa kakhulu ukwedlula ukufundisa othile iqiniso? (Bheka isigaba 7)

7. Kungani umsebenzi wokushumayela usilethela injabulo?

7 UJesu wathi siyajabula lapho sipha nalapho siphiwa. (IzEnzo 20:35) Sajabula lapho sithola iqiniso, kodwa kungani kusijabulisa ukuxoxela abanye ngeqiniso? Kungenxa yokuthi sibabona bejabula ngempela lapho bekuqonda lokho okufundiswa yiBhayibheli futhi beqala ukuba nobuhlobo noNkulunkulu. Siyakujabulela ukubabona beshintsha ukucabanga kwabo nendlela yabo yokuphila. Umsebenzi wokushumayela ungumsebenzi obaluleke kakhulu nowanelisa kakhulu esingawenza. Wenza labo ababa abangane bakaNkulunkulu bakwazi ukuthola ukuphila okuphakade.​—2 Korinte 5:20.

8. Abanye baye bathini ngenjabulo yokusebenza noJehova?

8 Lapho sisiza abanye ukuba bafunde ngoNkulunkulu, siyazi ukuthi sijabulisa uJehova futhi uyayazisa imizamo yethu yokumkhonza. Lokhu kuyasijabulisa nathi. (Funda eyoku-1 Korinte 15:58.) UMarco, ohlala e-Italy uthi: “Nginenjabulo engenakuqhathaniswa yokwazi ukuthi nginika uJehova okungcono kakhulu hhayi omunye umuntu ozokukhohlwa ngokushesha engikwenzile.” Ngokufanayo, uFranco, naye okhonza e-Italy uthi: “NgeZwi lakhe nangamalungiselelo akhe angokomoya, uJehova usikhumbuza nsuku zonke ukuthi uyasithanda nokuthi konke esimenzela kona kubalulekile, nakuba imizamo yethu ingase ibonakale iwubala kithi. Yingakho ukusebenza noNkulunkulu kungijabulisa futhi kwenza ukuphila kwami kube nenjongo.”

UKUSEBENZA NONKULUNKULU KUSISONDEZA KUYE NAKWABANYE

9. Yibuphi ubuhlobo obabukhona phakathi kukaJehova noJesu, futhi ngani?

9 Lapho sisebenza ndawonye nalabo esibathandayo, siyasondelana nabo. Sifunda okwengeziwe ngobuntu babo nangezimfanelo zabo. Sazi ngemigomo yabo nokuthi bazama kanjani ukuyifinyelela. UJesu wasebenza noJehova cishe izigidigidi zeminyaka. Uthando lwabo ngomunye nomunye lwaqina kangangokuthi akukho lutho olungaqeda ubuhlobo babo. UJesu wachaza indlela ababesondelene ngayo lapho ethi: “Mina noBaba simunye.” (Johane 10:30) Babemunye ngempela futhi babebambisana ngokugcwele lapho besebenza ndawonye.

Ukushumayela kuqinisa ukholo lwethu ngoba kusikhumbuza ngezithembiso zikaNkulunkulu nangezindinganiso zakhe zothando

10. Kungani ukushumayela kusisondeza eduze noNkulunkulu nabanye?

10 UJesu wacela uJehova ukuba avikele abafundi bakhe. Ngani? Wathandaza: “Ukuze babe munye njengoba nje nathi simunye.” (Johane 17:11) Lapho siphila ngezindinganiso zikaNkulunkulu futhi sihlanganyela emsebenzini wokushumayela, siziqonda kangcono izimfanelo zakhe ezinhle. Sifunda ukuthi kungani kuwukuhlakanipha ukuthembela kuye nokulandela isiqondiso sakhe. Futhi lapho sisondela kuNkulunkulu, naye usondela kithi. (Funda uJakobe 4:8.) Siphinde sisondelane nabafowethu nodadewethu ngoba sibhekana nezinkinga ezifanayo, sijabulele nezinto ezifanayo, nangenxa yokuthi sinemigomo efanayo. Sisebenza ndawonye, sijabula ndawonye futhi sikhuthazela ndawonye. U-Octavia, ohlala eBrithani, uthi: “Ukusebenza noJehova kungisondeza kwabanye.” Uthi kungenxa yokuthi ubungane anabo nabanye manje busekelwe “emigomweni nasendleleni yokuphila efanayo.” Ngokuqinisekile, nathi sizizwa ngendlela efanayo. Lapho sibona imizamo abafowethu abayenzayo ukuze bajabulise uJehova, lokho kusisondeza kubo.

11. Kungani siyosondela ngisho nakakhulu kuJehova nakubafowethu ezweni elisha?

11 Uthando lwethu ngoNkulunkulu nangabafowethu luqinile manje, kodwa luyoqina nakakhulu ezweni elisha. Cabanga nje ngawo wonke umsebenzi ojabulisayo esizowenza esikhathini esizayo! Siyokwamukela labo abayovuswa futhi sibafundise ngoJehova. Siyosebenzela nokwenza umhlaba ube yipharadesi. Kuyoba yinjabulo enkulu ukusebenza ndawonye futhi kancane kancane sipheleliswe ngaphansi kokubusa kukaKristu. Bonke abantu bayosondelana nakakhulu futhi basondelane noJehova, nakanjani ‘oyokwanelisa isifiso sayo yonke into ephilayo.’​—IHubo 145:16.

UKUSEBENZA NONKULUNKULU KUYISIVIKELO

12. Umsebenzi wokushumayela uyisivikelo ngayiphi indlela?

12 Kudingeka sibuvikele ubuhlobo bethu noJehova. Siphila ezweni likaSathane futhi asiphelele, ngakho kulula ngathi ukuba siqale ukucabanga nokwenza ngendlela izwe elenza ngayo. Kunjengokungathi sibhukuda emfuleni onomsinga osidonsela lapho esingafuni ukuya khona. Ngakho kumelwe sisebenzise wonke amandla ethu ukuze sibhukude siphambane nomsinga. Ngokufanayo, kudingeka sisebenze kanzima ukuze sigweme ukuthonywa yizwe likaSathane. Khona-ke, kusivikela kanjani ukushumayela? Lapho sikhuluma ngoJehova nangeBhayibheli, sigxila ezintweni ezibalulekile nezinhle, hhayi ezintweni ezizokwenza ukholo lwethu lube buthaka. (Filipi 4:8) Ukushumayela kuqinisa ukholo lwethu ngoba kusikhumbuza ngezithembiso zikaNkulunkulu nangezindinganiso zakhe zothando. Kusisiza nokuba silondoloze izimfanelo esizidingayo ukuze sizivikele kuSathane nasezweni lakhe.​—Funda eyabase-Efesu 6:​14-17.

Lapho sizigcina simatasa emsebenzini kaJehova, asibi naso isikhathi sokukhathazeka ngokweqile ngezinkinga zethu

13. Omunye uFakazi wase-Australia uzizwa kanjani ngokushumayela?

13 Lapho sizigcina simatasa sishumayela, sitadisha futhi senzela abanye izinto ebandleni, siyavikeleka ngoba asibi naso isikhathi sokukhathazeka ngokweqile ngezinkinga zethu. UJoel, ohlala e-Australia, uthi: “Umsebenzi wokushumayela ungenza ngibhekane namaqiniso. Ungikhumbuza ngezinselele abantu ababhekene nazo nangezinzuzo engizitholile ngokusebenzisa izimiso zeBhayibheli ekuphileni kwami. Umsebenzi wokushumayela ungisiza ukuba ngizame ukuhlale ngithobekile; unginika ithuba lokwencika kuJehova nakubafowethu nodadewethu.”

14. Kungani ukuphikelela kwethu ekushumayeleni kubonisa ukuthi umoya kaNkulunkulu unathi?

14 Ukushumayela kusenza siqiniseke ngokwengeziwe nangokuthi umoya kaNkulunkulu unathi. Ngokwesibonelo: Ake sithi umsebenzi wakho ukuhambisela abantu abahlala emphakathini wakini izinkwa. Awukhokhelwa ngokwenza lo msebenzi, futhi kufanele uzikhokhele wena izindleko ohlangabezana nazo. Kanti futhi, abantu abaningi abasifuni lesi sinkwa, kuyilapho abanye baze ngisho bakuzonde ngokubalethela sona. Ubungaqhubeka isikhathi eside kangakanani emsebenzini onjalo? Ngokushesha, ubuyodikibala futhi cishe ubuyoyeka. Noma kunjalo, abaningi bethu bayaqhubeka emsebenzini wokushumayela unyaka nonyaka, ngisho noma udla isikhathi nemali yethu futhi ngisho noma abantu behlekisa ngathi noma basithukuthelele. Lokhu kuwubufakazi bokuthi umoya kaNkulunkulu uyasisiza.

UKUSEBENZA NONKULUNKULU KUBONISA UTHANDO LWETHU NGAYE NANGABANYE

15. Ukushumayela izindaba ezinhle kuhlobana ngayiphi indlela nenjongo kaNkulunkulu ngesintu?

15 Umsebenzi wokushumayela uhlobana ngayiphi indlela nenjongo kaJehova ngesintu? Injongo kaNkulunkulu kwakuwukuba abantu baphile phakade, futhi injongo yakhe ayizange ishintshe lapho u-Adamu ona. (Isaya 55:11) UNkulunkulu wenza ilungiselelo lokuba sikhululwe esonweni nasekufeni. Kanjani? UJesu weza emhlabeni futhi wanikela ngokuphila kwakhe. Kodwa ukuze bazuze emhlatshelweni wakhe, abantu kwakudingeka balalele uNkulunkulu. Ngakho, uJesu wafundisa abantu ukuthi yini uNkulunkulu ayifunayo kubo, futhi wayala nabafundi bakhe ukuba benze okufanayo. Lapho sishumayela futhi sisiza abanye babe abangane bakaNkulunkulu namuhla, sisuke sisebenza noNkulunkulu ngokuqondile elungiselelweni lakhe lothando lokuhlenga isintu esonweni nasekufeni.

16. Ukushumayela kwethu kuhlobene kanjani nemiyalo kaNkulunkulu emikhulu kunayo yonke?

16 Lapho sisiza abanye ukuba bathole indlela eya ekuphileni okuphakade, sibonisa ukuthi siyabathanda nokuthi sithanda uJehova. ‘Intando yakhe iwukuba zonke izinhlobo zabantu zisindiswe futhi zifinyelele olwazini olunembile lweqiniso.’ (1 Thimothewu 2:4) Lapho umFarisi ebuza uJesu ukuthi yimuphi umyalo kaNkulunkulu omkhulu kunayo yonke, uJesu wathi: “‘Kumelwe uthande uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho nangayo yonke ingqondo yakho.’ Lona ngumyalo omkhulu kunayo yonke futhi ungowokuqala. Owesibili, onjengawo, yilo, ‘Kumelwe uthande umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena.’” (Mathewu 22:​37-39) Ngokushumayela izindaba ezinhle, silalela le miyalo.​—Funda izEnzo 10:42.

17. Uzizwa kanjani ngelungelo lokushumayela izindaba ezinhle?

17 Ave sibusisekile! UJehova usinike umsebenzi osilethela injabulo, osisondeza kuye nakubafowethu futhi ovikela ubuhlobo bethu naye. Lo msebenzi usinikeza nethuba lokubonisa uthando esimthanda ngalo uNkulunkulu nabanye. UJehova unezigidi zezinceku emhlabeni jikelele, futhi zonke zinezimo ezihluke kakhulu. Kodwa kungakhathaliseki ukuthi sibancane noma sibadala, sicebile noma simpofu, sinamandla noma sibuthakathaka, senza konke esingakwenza ukuhlanganyela ukholo lwethu nabanye. Sizizwa njengoChantel waseFrance, othi: “UMuntu onamandla kunabo bonke ezulwini nasemhlabeni, uMdali wazo zonke izinto, uNkulunkulu ojabulayo, uthi kimi: ‘Hamba! Khuluma! Ngikhulumele, ukhulume ngokusuka enhliziyweni. Ngikunika amandla, iZwi lami iBhayibheli, ukusekelwa okuvela ezulwini, abangane abasemhlabeni, ukuqeqeshwa okuqhubekayo neziyalezo ezinembile ngesikhathi esifanele.’ Yeka ilungelo elibabazekayo lokwenza lokho uJehova acela ukuba sikwenze nelokusebenza noNkulunkulu wethu!”