INQABAYOKULINDA​—EFUNDWAYO Agasti 2017

Le Nqabayokulinda inezihloko ezifundwayo zika-Septhemba 25 kuya ku-Okthoba 22, 2017.

Uzimisele Yini Ukubekezela?

Izinceku zikaJehova ezithembekile zasendulo zabuza ukuthi kuyoze kube nini zibekezelela uvivinyo, kodwa uJehova akazange azijezise ngalokho.

‘Ukuthula KukaNkulunkulu Kudlula Konke Ukucabanga’

Ingabe uke wazibuza ukuthi kungani uNkulunkulu eye wavumela ukuba ezinye izinto zenzeke ekuphileni kwakho? Uma kunjalo, yini engakusiza ukwazi ukukhuthazela, uthembele ngokuphelele kuJehova?

INDABA YOKUPHILA

Ukukhuthazelela Uvivinyo Kuletha Izibusiso

Yini eyayibangela ukuba abantu abathuthelwe eSiberia babuze ngezinkomo bebe befuna izimvu? Impendulo ungayithola endabeni yomlando kaPavel noMaria Sivulsky.

Indlela Esibuhlubula Ngayo Ubuntu Obudala Singaphinde Sibugqoke

Kumelwe singagcini nje ngokuhlubula ubuntu obudala kodwa kumelwe silwele ukungaphinde sibugqoke. Singaphumelela kanjani ekukwenzeni kokubili, kungakhathaliseki ukuthi sesenze ububi obukhulu kangakanani?

Indlela Esibugqoka Futhi Sibugcine Ngayo Ubuntu Obusha

UJehova angakusiza ube uhlobo lomuntu afuna ube yilo. Ngokwesibonelo cabanga ngezindlela ezingokoqobo ongabonisa ngazo ukuthi uyabakhathalela abanye, unomusa, uthobekile futhi umnene.

Uthando​​—⁠Imfanelo Eyigugu

ImiBhalo ikwenza kucace ukuthi uthando lubangelwa umoya ongcwele kaJehova. Kanti liyini uthando? Ungalwakha kanjani? Ungalubonisa kanjani nsuku zonke?

EZIVELA EZINQOLOBANENI ZETHU

“Uzoba Khona Nini Omunye Umhlangano?”

Yini eyenza umhlangano omncane edolobheni laseMexico, ngo-1932, wabaluleka kangaka?

Imibuzo Evela Kubafundi

Kungani ukulandisa kukaMathewu nokukaLuka mayelana nokuphila kukaJesu kungafani?