Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 33

Labo “Abakulalelayo” Bayosindiswa

Labo “Abakulalelayo” Bayosindiswa

“Ziqaphele njalo wena nokufundisa kwakho. Hlala kulezi zinto, ngoba ngokwenza lokhu uyozisindisa wena nabakulalelayo.”—1 THIM. 4:16.

INGOMA 67 “Shumayela Izwi”

AMAZWIBELA *

1. Yini sonke esiyifisela izihlobo zethu?

UPAULINE uthi, “Kusukela ngesikhathi ngifunda iqiniso, bengilokhu ngifuna ukuba wonke umuntu emndenini wami angene ePharadesi. * Bengifuna ikakhulukazi ukuba umyeni wami, uWayne, nendodana yethu esencane bakhonze nami uJehova.” Unazo yini izihlobo ezingakamazi uJehova nezingakamkhonzi? Cishe nawe uzizwa ngendlela efana naleyo uPauline ayezizwa ngayo ngomndeni wakhe.

2. Yimiphi imibuzo esizoxoxa ngayo kulesi sihloko?

2 Ngeke siziphoqe izihlobo zethu ukuba zizamukele izindaba ezinhle, kodwa singazikhuthaza ukuba ziwulalele umyalezo weBhayibheli. (2 Thim. 3:14, 15) Kungani kufanele sizishumayeze izihlobo zethu? Kungani kudingeka siqonde indlela ezizizwa ngayo? Yini esingayenza ukuze sizisize zithande uJehova ngendlela esimthanda ngayo? Abanye ebandleni bangasiza kanjani?

KUNGANI KUFANELE SISHUMAYEZE IZIHLOBO ZETHU?

3. Ngokweyesi-2 Petru 3:9, kungani kufanele sishumayeze izihlobo zethu?

3 Maduze, uJehova uzolibhubhisa leli zwe likaSathane. Kuyosinda kuphela labo ‘abathambekele ngokufanele ekuphileni okuphakade.’ (IzE. 13:48) Sichitha isikhathi esiningi namandla sishumayeza abantu esingabazi emphakathini, ngakho kungokwemvelo ukufuna ukuba nezihlobo zethu zikhonze uJehova nathi. UBaba wethu onothando, uJehova, “akafisi ukuba kubhubhe namunye kodwa ufisa ukuba bonke baphenduke.”—Funda eyesi-2 Petru 3:9.

4. Yiliphi iphutha esingase silenze lapho sishumayeza izihlobo zethu?

4 Kumelwe sikhumbule ukuthi kukhona indlela efanele nengafanele yokutshela abanye umyalezo wensindiso. Nakuba singase sikhulume kahle lapho sishumayeza abantu esingabazi, singase singabi namusa lapho sikhuluma nezihlobo zethu.

5. Yini okufanele siyikhumbule ngaphambi kokuba sizame ukukhuluma nezihlobo zethu ngeqiniso?

5 Abaningi kithi kungenzeka bafisa ngabe benza ngendlela ehlukile ngesikhathi beshumayeza izihlobo zabo okokuqala. Umphostoli uPawulu weluleka amaKristu: “Amazwi enu ngaso sonke isikhathi mawabe nomusa, ayoliswe ngosawoti, ukuze nazi ukuthi kufanele nimphendule kanjani umuntu ngamunye.” (Kol. 4:5, 6) Kuhle ukusikhumbula lesi seluleko lapho sikhuluma nezihlobo zethu. Kungenjalo, singazenza ziqhele kithi kunokuba zisilalele.

YINI ESINGAYENZA UKUZE SISIZE IZIHLOBO ZETHU?

Ukubonisa ukuqonda nokuziphatha okuhle kuyonikeza ubufakazi obuhle (Bheka izigaba 6-8) *

6-7. Nikeza isibonelo esibonisa isidingo sokuba siyiqonde indlela azizwa ngayo umuntu esishade naye ongamkhonzi uJehova?

6 Yiqonde indlela ezizizwa ngayo. UPauline, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, uthi: “Ekuqaleni, ngangifuna ukukhuluma nomyeni wami ngoNkulunkulu nangeBhayibheli kuphela. Sasingaxoxi ngezinto ezivamile.” Umyeni kaPauline, uWayne, wayengalazi kahle iBhayibheli okwakubangela ukuba angaqondi ukuthi uPauline ukhuluma ngani. Kuye, kwakubonakala sengathi ukuphela kwento uPauline ayecabanga ngayo yinkolo yakhe. Wayekhathazeke ngokuthi umkakhe uba yingxenye yenkolo eyingozi nokuthi wayekhohliswa.

7 UPauline uyavuma ukuthi okwesikhathi esithile, wayechitha isikhathi esiningi kakhulu kusihlwa nangezimpelasonto ekanye nabafowabo nodadewabo abangokomoya—emihlanganweni yebandla, enkonzweni yasensimini nasemibuthanweni. Uthi: “Ngezinye izikhathi uWayne wayebuya endlini athole kungenamuntu futhi abe nesizungu.” Ngenxa yalokho, uWayne wayemkhumbula umkakhe nendodana yabo. Wayengabazi abantu ababekhonza nabo futhi kwakubonakala sengathi abangane bomkakhe base bebaluleke kakhulu kunaye. Lokho kwabangela ukuba uWayne athi ufuna ukudivosa. Zikhona yini izindlela uPauline ayengabonisa ngazo ukuthi uyayiqonda indlela umyeni wakhe ayezizwa ngayo?

8. Ngokweyoku-1 Petru 3:1, 2, yini eyozithinta kakhulu izihlobo zethu?

8 Yiba yisibonelo esihle. Ngokuvamile esikwenzayo kuzithinta kakhulu izihlobo zethu kunalokho esikushoyo. (Funda eyoku-1 Petru 3:1, 2.) Ekugcineni uPauline kwamkhanyela lokho. Uthi: “Ngangazi ukuthi uWayne uyasithanda nokuthi wayengafuni ngempela ukudivosa. Kodwa ukufuna kwakhe ukudivosa kwangenza ngabona ukuthi kudingeka ngiqale ukwenza izinto ngendlela kaJehova. Kunokuba ngikhulume kakhulu, kwakudingeka ngibeke isibonelo esihle.” UPauline wayeka ukuphoqa uWayne ukuba baxoxe ngeBhayibheli, waqala ukuxoxa naye ngezinto ezivamile. UWayne waphawula ukuthi uPauline uba nokuthula futhi indodana yabo yayisihlonipha futhi ilalela. (IzAga 31:18, 27, 28) Lapho uWayne ebona imiphumela emihle yokutadisha iBhayibheli emndenini wakhe, wawulalela umyalezo weZwi likaNkulunkulu.—1 Kor. 7:12-14, 16.

9. Kungani kumelwe siqhubeke sizama ukusiza izihlobo zethu?

9 Qhubeka uzama ukuzisiza izihlobo zakho. UJehova usibekela isibonelo kulokhu. “Usuku nosuku” unikeza abantu ithuba lokwamukela izindaba ezinhle nokuthola ukuphila. (Jer. 7:25) Umphostoli uPawulu watshela uThimothewu ukuba aqhubeke esiza abanye. Kungani? Ngoba ngokwenza lokho, wayeyozisindisa yena nalabo abamlalelayo. (1 Thim. 4:16) Siyazithanda izihlobo zethu, sifuna zazi amaqiniso atholakala eZwini likaNkulunkulu. Amazwi nezenzo zikaPauline ekugcineni kwaba nemiphumela emihle emndenini wakhe. Manje ujabulela ukukhonza uJehova nomyeni wakhe. Bobabili bangamaphayona futhi uWayne ukhonza njengomdala.

10. Kungani kudingeka sibe nesineke?

10 Yiba nesineke. Lapho siqala ukuphila ngokuvumelana nemithetho kaNkulunkulu, izihlobo zethu zingase zikuthole kunzima ukwamukela izinkolelo zethu ezintsha nendlela esiphila ngayo. Ngokuvamile, into yokuqala eziyiqaphelayo ukuthi asisayigubhi imikhosi yenkolo futhi asisahileleki kwezombusazwe. Ezinye izihlobo zingase ziqale ukusithukuthelela. (Math. 10:35, 36) Kodwa akufanele siphele amandla. Uma siyeka ukuzama ukuzisiza ziqonde izinkolelo zethu, sisuke sizahlulela sithi azikufanelekeli ukuthola ukuphila okuphakade. UJehova akasinikanga umsebenzi wokwahlulela abantu—lowo msebenzi uwunike uJesu. (Joh. 5:22) Uma sinesineke, izihlobo zethu zingagcine seziwulalela umyalezo wethu.—Bheka ibhokisi elithi “ Sebenzisa Iwebusayithi Yethu Ukuze Ufundise.”

11-13. Yini oyifunda endleleni u-Alice aphatha ngayo abazali bakhe?

11 Qina kodwa ube nomusa. (IzAga 15:2) Cabanga ngesibonelo sika-Alice. Wafunda ngoJehova ngesikhathi ehlala kude nabazali bakhe ababehileleke kwezombusazwe futhi bengakholelwa kuNkulunkulu. Waqaphela ukuthi kudingeka abatshele ngokushesha izindaba ezinhle ayezifunda. Uthi: “Uma ulinda isikhathi eside ngaphambi kokuba utshele umndeni wakho ngezinkolelo zakho nendlela ophila ngayo, umndeni wakho ungase ushaqeke lapho usuwutshela.” Wabhalela abazali bakhe incwadi, ebabuza ukuthi bacabangani ngezimfundiso zeBhayibheli ezihlokweni abazithandayo, njengothando. (1 Kor. 13:1-13) Wabonga abazali bakhe ngokumkhulisa nangokumnakekela futhi wabathumelela izipho. Lapho ebavakashela, wayenza konke angakwenza ukuze asize unina ngemisebenzi yasendlini. Ekuqaleni abazali bakhe abazange bajabule lapho u-Alice ebachazela ngezinkolelo zakhe ezintsha.

12 Lapho enabazali bakhe ekhaya, u-Alice wanamathela esimisweni sakhe sokufunda iBhayibheli. Uthi, “Lokho kwasiza umama waqonda indlela iBhayibheli elibaluleke ngayo kimi.” Kusenjalo, ubaba wakhe wanquma ukufunda iBhayibheli ukuze aqonde ukuthi kungani indodakazi yakhe yayisishintshile futhi wayefuna ukuthola amaphutha eBhayibhelini. U-Alice uthi, “Ngamnika iBhayibheli futhi ngabhala kulo amazwi ambalwa.” Waba yini umphumela? Kunokuba athole amaphutha eBhayibhelini, ubaba ka-Alice wathinteka kakhulu lapho efunda iZwi likaNkulunkulu.

13 Kumelwe siqine kodwa sibe nomusa ngisho nalapho kudingeka sibhekane novivinyo. (1 Kor. 4:12b) Ngokwesibonelo, u-Alice kwadingeka abekezelele ukuphikiswa unina. Uthi, “Ngesikhathi ngibhapathizwa, umama wathi ‘ngiyindodakazi embi.’” U-Alice wasabela kanjani? “Kunokuba ngigweme ukukhuluma ngale ndaba, ngenhlonipho ngamchazela ukuthi nginqume ukuba uFakazi KaJehova futhi ngizonamathela kuleso sinqumo. Ngazama ukumqinisekisa ngokuthi ngimthanda kakhulu. Sobabili sakhala, ngase ngimphekela ukudla okumnandi. Kusukela ngaleso sikhathi kuqhubeke, umama waqala ukwamukela ukuthi iBhayibheli lalingenza ngibe umuntu ongcono.”

14. Kungani kungamelwe sivume ukunqotshwa ukucindezelwa?

14 Kungase kuthathe isikhathi ngaphambi kokuba izihlobo zethu ziqonde ukuthi kubaluleke kangakanani kithi ukukhonza uJehova. Ngokwesibonelo, lapho u-Alice enquma ukuphayona kunokuba enze umsebenzi abazali bakhe ababemkhethele wona, umama wakhe waphinde wakhala. Kodwa u-Alice wama waqina. Uthi: “Uma uvuma ukunqotshwa ukucindezelwa umndeni wakini entweni ethile, cishe uyokucindezela nakwezinye izinto. Kodwa uma unomusa kodwa uqinile emndenini wakini, abanye kuwo bangase bakulalele.” Yilokho okwenzeka ku-Alice. Bobabili abazali bakhe bangamaphayona manje futhi ubaba wakhe ungumdala.

ABANYE EBANDLENI BANGASIZA KANJANI?

Ibandla lingawasiza kanjani amalungu omndeni wakho angamkhonzi uNkulunkulu? (Bheka izigaba 15-16) *

15. NgokukaMathewu 5:14-16 neyoku-1 Petru 2:12, ‘imisebenzi emihle’ yabanye ebandleni ingazisiza kanjani izihlobo zethu?

15 UJehova udonsela abantu kuye ‘ngemisebenzi emihle’ yebandla lobuKristu. (Funda uMathewu 5:14-16; 1 Petru 2:12.) Uma oshade naye engeyena uFakazi KaJehova, ingabe useke wahlangana namalungu ebandla okulo? UPauline okukhulunywe ngaye ekuqaleni, wamema abazalwane nodade emzini wakhe ukuze umyeni wakhe, uWayne, abazi. UWayne ukhumbula indlela omunye umzalwane amsiza ngayo ukuze aqonde kangcono oFakazi: “Wathatha usuku emsebenzini ukuze abukele nami ezemidlalo. Lokho kwangibonisa ukuthi ungumuntu ovamile.”

16. Kungani kufanele simeme izihlobo zethu ukuba ziye nathi emihlanganweni?

16 Enye yezindlela ezinhle kakhulu zokusiza izihlobo zethu ukuzimema ukuba zihambe nathi emihlanganweni yebandla. (1 Kor. 14:24, 25) Umhlangano wokuqala uWayne aya kuwo kwakuyiSikhumbuzo ngoba wayeseshayisile emsebenzini futhi umhlangano awuthathanga isikhathi eside kakhulu. Uthi: “Angizange ngiqonde ukuthi inkulumo yayimayelana nani, kodwa engikukhumbulayo abantu. Beza kimi bangamukela futhi bangixhawula. Ngabona nje ukuthi bangabantu abathembekile.” Omunye umzalwane nomkakhe babembonisa umusa omkhulu uPauline, bemsiza ngokunakekela indodana yakhe emihlanganweni nasenkonzweni yasensimini. Lapho uWayne ekugcineni enquma ukuthi kudingeka aqonde okwengeziwe ngezinkolelo ezintsha zikaPauline, wacela lo mzalwane ukuba amqhubele isifundo seBhayibheli.

17. Yini okungamelwe sizibeke icala ngayo, kodwa kungani kungamelwe sililahle ithemba?

17 Sinethemba lokuthi zonke izihlobo zethu zizokhonza uJehova nathi. Nokho, naphezu kwemizamo yethu yokusiza izihlobo zethu ukuba zikhonze uNkulunkulu, zingase zingalamukeli iqiniso. Uma kwenzeka lokho, akumelwe sizibeke icala ngesinqumo sabo. Phela, asikwazi ukuphoqa muntu ukuba amukele izinkolelo zethu. Noma kunjalo, ungalithathi kancane ithonya ongaba nalo ezihlotsheni zakho lapho zibona indlela ojabule ngayo njengoba ukhonza uJehova. Zithandazele izihlobo zakho. Khuluma nazo ngokuhlakanipha. Ungayeki ukuzama ukuzisiza! (IzE. 20:20) Qiniseka ngokuthi uJehova uyoyibusisa imizamo yakho. Uma izihlobo zakho zinquma ukukulalela, ziyosindiswa!

INGOMA 57 Ukushumayeza Zonke Izinhlobo Zabantu

^ par. 5 Siyafuna ukuba izihlobo zethu zimazi uJehova, kodwa kumelwe zizinqumele zona ukuthi zizomkhonza yini noma cha. Lesi sihloko sixoxa ngalokho esingakwenza ukuze kube lula ngezihlobo zethu ukusilalela.

^ par. 1 Amanye amagama ashintshiwe. Kulesi sihloko igama elithi “izihlobo” libhekisela emalungwini omndeni angakamkhonzi uJehova.

^ par. 53 INCAZELO YEZITHOMBE: Umzalwane osemusha usiza ubaba wakhe ongamkhonzi uJehova ekulungiseni imoto. Ngesikhathi esifanele, umbonisa ividiyo eku-jw.org®.

^ par. 55 INCAZELO YEZITHOMBE: Udade uyalalelisisa njengoba umyeni wakhe ongamkhonzi uJehova emxoxela ngosuku lwakhe obelumatasa. Kamuva uyazijabulisa nomndeni wakhe.

^ par. 57 INCAZELO YEZITHOMBE: Udade umeme amalungu ebandla emzini wakhe. Amalungu ebandla azama ukwazi umyeni wakhe kangcono. Kamuva umyeni uya eSikhumbuzweni nomkakhe.