Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 35

Hlonipha Indawo Yabanye Ebandleni LikaJehova

Hlonipha Indawo Yabanye Ebandleni LikaJehova

“Iso alinakusho esandleni ukuthi: ‘Angikudingi’; noma, futhi, ikhanda alinakusho ezinyaweni ukuthi: ‘Anginidingi.’”​—1 KOR. 12:21.

INGOMA 124 Yiba Qotho Njalo

AMAZWIBELA *

1. Yini uJehova ayinike inceku yakhe ngayinye ethembekile?

NGOTHANDO uJehova unikeze zonke izinceku zakhe ezithembekile indawo yazo ebandleni. Nakuba izindima zethu zingafani, sonke siyigugu futhi sonke siyadingana. Umphostoli uPawulu uyasisiza siqonde lesi sifundo esibalulekile. Kanjani?

2. Ngokwencwadi yabase-Efesu 4:16, kungani kudingeka sazisane futhi sisebenze ndawonye?

2 Njengoba kuveziwe emBhalweni okusekelwe kuwo lesi sihloko, uPawulu wagcizelela ukuthi akekho kithi ongabuka enye inceku kaJehova bese ethi kuyo “Angikudingi.” (1 Kor. 12:21) Ukuze kube nokuthula ebandleni, kumelwe sazisane futhi sisebenze ndawonye. (Funda eyabase-Efesu 4:16.) Lapho sisebenza ndawonye ngobunye, wonke umuntu uzozizwa ethandwa ebandleni futhi ibandla lizoqina.

3. Yini esizoxoxa ngayo kulesi sihloko?

3 Singabonisa ngaziphi izindlela ukuthi siyawahlonipha amanye amaKristu ebandleni? Kulesi sihloko, sizoxoxa ngendlela abadala abangabonisa ngayo inhlonipho kwabanye abadala. Ngemva kwalokho, sizoxoxa ngendlela sonke esingabonisa ngayo ukuthi siyabazisa abafowethu nodadewethu abangashadile. Okokugcina, sizofunda ngendlela esingayibonisa ngayo inhlonipho kubantu abangalukhulumi kahle ulimi lwethu.

HLONIPHA ABANYE ABADALA

4. Yisiphi iseluleko sikaPawulu esibhalwe kumaRoma 12:10 abadala okufanele basilandele?

4 Bonke abadala ebandleni bamiswe ngomoya ongcwele kaJehova. Noma kunjalo, ngamunye unezipho namakhono angafani nawabanye. (1 Kor. 12:17, 18) Abanye kungenzeka basanda kumiswa futhi abanalo ulwazi olutheni njengabanye abadala. Abanye kungenzeka kunezinto abangakwazi ukuzenza ngenxa yeminyaka nempilo. Noma kunjalo, endleleni abadala ababhekana ngayo, akekho umdala okufanele kube sengathi uthi komunye, “Angikudingi.” Kunalokho, umdala ngamunye kufanele alandele iseluleko sikaPawulu esibhalwe kumaRoma 12:10.​—Funda.

Abadala babonisa ukuthi bayabahlonipha abanye abadala ngokubalalelisisa lapho bekhuluma (Bheka izigaba 5-6)

5. Abadala babonisa kanjani ukuthi bayabahlonipha abanye abadala, futhi kungani kubalulekile ukwenza kanjalo?

5 Abadala babonisa ukuthi bayabahlonipha abanye abadala ngokubalalelisisa lapho bekhuluma. Lokho kubaluleke kakhulu lapho abadala behlangana ukuze baxoxe ngezindaba ezisindayo zebandla. Kungani? Phawula lokho okwashiwo INqabayokulinda ka-Okthoba 1, 1988, yathi: “Abadala bayoqaphela ukuthi, ngomoya ongcwele, uKristu angaqondisa umqondo wanoma yimuphi umdala osendikimbeni yabadala ukuba anikeze isimiso seBhayibheli esidingekile ukuze kubhekwane nanoma yisiphi isimo noma ukuze kwenziwe noma yisiphi isinqumo esibalulekile. (IzE. 15:6-15) Akekho noyedwa umdala endikimbeni onikezwe lo moya ngokukhethekile.”

6. Abadala bangasebenza kanjani ndawonye ngobunye, futhi ibandla lizuza kanjani uma benza kanjalo?

6 Umdala obahloniphayo abanye abadala uyakugwema ukuhlale ephawula kuqala emihlanganweni yabadala. Akakhulumi kakhulu emihlanganweni yabadala, futhi akacabangi ukuthi owakhe umbono uhlale ungcono kuneyabanye. Esikhundleni salokho, umbono wakhe uwuveza ngokuthobeka nangesizotha. Uyabalalelisisa abanye. Okubaluleke kakhulu, ukulungele ukuxoxa ngezimiso ezingokomBhalo nokulalela isiqondiso esivela ‘encekwini ethembekile neqondayo.’ (Math. 24:45-47) Lapho abadala bedingida udaba ngomoya wothando nenhlonipho, umoya ongcwele kaNkulunkulu uyoba nabo, futhi uyobaqondisa benze izinqumo ezizoqinisa ibandla.​—Jak. 3:17, 18.

HLONIPHA AMAKRISTU ANGASHADILE

7. UJesu wayekubheka kanjani ukungashadi?

7 Ebandleni kunabantu abashadile nemindeni. Kodwa kuphinde kube nabazalwane nodade abangashadile. Kufanele sibabheke kanjani abantu abangashadile? Cabanga ngendlela uJesu ayekubheka ngayo ukungashadi. Phakathi nenkonzo yakhe yasemhlabeni, uJesu akashadanga. Wagxila esabelweni sakhe engenankosikazi. UJesu akakaze afundise ukuthi amaKristu kumelwe ashade noma angashadi. Yize kunjalo, wakuveza ukuthi amanye amaKristu angase akhethe ukungashadi. (Math. 19:11, 12) UJesu wayebahlonipha abantu abangashadile. Akazange ababukele phansi noma abone sengathi kukhona abashoda ngakho.

8. Ngokwencwadi yoku-1 Korinte 7:7-9, yini uPawulu akhuthaza amaKristu ukuba ayicabange?

8 NjengoJesu, umphostoli uPawulu wayengashadile phakathi nenkonzo yakhe. UPawulu akakaze afundise ukuthi kuyiphutha ukuthi umKristu ashade. Wayazi ukuthi isinqumo somuntu leso. Noma kunjalo, uPawulu wawakhuthaza amaKristu ukuba acabange ngokuthi angakwazi yini ukukhonza uJehova engashadile. (Funda eyoku-1 Korinte 7:7-9.) Ngokusobala uPawulu wayengawabukeli phansi amaKristu angashadile. Waze wakhetha uThimothewu owayesemncane, umzalwane ongashadile, ukuba enze izabelo ezinkulu. * (Fil. 2:19-22) Ngakho, kungaba yiphutha ukucabanga ukuthi umzalwane ufaneleka kangcono noma akafaneleki kahle ngenxa nje yokuthi ushadile noma akashadile.​—1 Kor. 7:32-35, 38.

9. Yini okufanele siyazi ngokushada nokungashadi?

9 Bobabili uJesu noPawulu abazange bafundise ukuthi amaKristu kumelwe ashade noma ukuthi ahlale engashadile. Yini-ke okufanele siyazi ngokushada nokungashadi? INqabayokulinda ka-Okthoba 1, 2012, iphendula ngokucacile, yathi: “Kokubili ukushada nokungashadi kungachazwa njengokuyisipho esivela kuNkulunkulu. . . . UJehova akabheki ukungashadi njengokuyihlazo noma njengokubangela usizi.” Ngenxa yalokho, kudingeka siyihloniphe indawo yabafowethu nodadewethu abangashadile ebandleni.

Uma siyihlonipha imizwa yabantu abangashadile, yini okufanele siyigweme? (Bheka isigaba 10)

10. Singabonisa kanjani ukuthi siyabahlonipha abafowethu nodadewethu abangashadile?

10 Singabonisa kanjani ukuthi siyayihlonipha imizwa nezimo zabafowethu nodadewethu abangashadile? Kungaba kuhle sikhumbule ukuthi amanye amaKristu angashadile akwenze kwaba umgomo wawo ukuthi ahlale engashadile. Amanye angathanda ukushada, kodwa awakamtholi umuntu ofanele. Abanye kungenzeka bashonelwa umuntu ababeshade naye. Kungaba yinto efanele yini ukuthi amalungu ebandla abuze amaKristu angashadile ukuthi awashadi ngani noma acele ukuwasiza athole umuntu? Kuyavunywa ukuthi amanye amaKristu angashadile angase alucele lolo sizo. Kodwa uma lungacelwanga usizo, uzozizwa kanjani umfowethu noma udadewethu ongashadile uma othile ecela ukumtholela umaqondana? (1 Thes. 4:11; 1 Thim. 5:13) Ake sizwe ukuthi bathini abafowethu nodadewethu abangashadile.

11-12. Singabaqeda kanjani amandla abantu abangashadile?

11 Omunye umbonisi wesigodi ongashadile ofeza okuningi okuhle esabelweni sakhe, ubona ziziningi izinzuzo zokungashadi. Kodwa wathi ubuye adikibale lapho abazalwane nodade abangaqonde bubi, bembuza ukuthi: “Kungani ungashadile?” Umzalwane ongashadile okhonza ehhovisi legatsha wathi: “Ngezinye izikhathi abafowethu nodadewethu bangenza ngicabange ukuthi abantu abangashadile kufanele badatshukelwe. Lokhu kwenza ukungashadi kubonakale kuyinkinga esikhundleni sokuthi kubhekwe njengesipho.”

12 Udade ongashadile okhonza eBethel wathi: “Abanye abamemezeli bacabanga ukuthi bonke abantu abangashadile bafuna umaqondana noma babheka wonke amaphathi njengethuba lokuthola umaqondana. Ngelinye ilanga ngaya kwenye indawo ngihanjiswa isabelo sami saseBethel, ibandla lakhona lalizoba nomhlangano kusihlwa. Udade engangihleli kwakhe wangitshela ukuthi kunabazalwane ababili ebandleni abangontanga yami. Wangiqinisekisa ngokuthi akazami ukungitholela umaqondana. Kodwa sathi singangena nje eHholo LoMbuso, wangidonsa wangisa kulaba bazalwane ababili. Akudingeki nokuthi ngize ngisho ukuthi isimo saba muncu kanjani kithi sobathathu.”

13. Yiziphi izibonelo ezakhuthaza omunye udade ongashadile?

13 Omunye udade okhonza eBethel wathi: “Kunamaphayona asekhulile angashadile engiwaziyo, anesisekelo esihle enkonzweni yawo, anemigomo ecacile, ayazidela, anelisekile, futhi abamba iqhaza elikhulu ebandleni. Anombono omuhle ngokungashadi, awaziboni emakhulu kunabanye ngenxa yokuthi akwazile ukuhlala engashadile, futhi awaqhath’ usizi ngenxa yokuthi awashadile nokuthi awanabantwana.” Kumnandi ukuba sebandleni elinamalungu akuhloniphayo nakwazisayo. Uyazi ukuthi abafowenu nodadewenu abakudabukeli, abanamona, abakucwasi futhi abacabangi ukuthi ungcono kunabo. Uyazi ukuthi bayakuthanda.

14. Singabonisa kanjani ukuthi siyabahlonipha abantu abangashadile?

14 Abafowethu nodadewethu abangashadile bazojabula uma sibazisa ngenxa yezimfanelo zabo ezinhle, hhayi ngenxa yokuthi bashadile noma cha. Esikhundleni sokubazwela, kufanele sikwazise ukwethembeka kwabo. Uma senza kanjalo, abafowethu nodadewethu ngeke bacabange ukuthi sithi kubo, “Angikudingi.” (1 Kor. 12:21) Esikhundleni salokho, bazokwazi ukuthi siyabahlonipha futhi siyayazisa indawo yabo ebandleni lobuKristu.

HLONIPHA ABANTU ABANGALUKHULUMI KAHLE ULIMI LWAKHO

15. Yiluphi ushintsho abanye abalwenzile ukuze bandise inkonzo yabo?

15 Eminyakeni yamuva, abamemezeli abaningi bakwenze kwaba umgomo wabo ukufunda olunye ulimi ukuze bandise inkonzo yabo. Ukuze benze kanjalo, kwadingeka benze ushintsho ekuphileni kwabo. Laba bafowethu nodadewethu bashiye ibandla elisebenzisa ulimi abaluncela ebeleni ukuze bakhonze ebandleni elisebenzisa olunye ulimi nelinesidingo sabamemezeli. (IzE. 16:9) Lesi yisinqumo abasenzayo ukuze bathuthukise indlela abamkhonza ngayo uJehova. Nakuba kungase kubathathe iminyaka eminingana ukuthi balukhulume kahle ulimi olusha, kuningi okuhle abakufezayo. Izimfanelo zabo ezinhle nolwazi abanalo kuyabaqinisa abafowethu nodadewethu ebandleni. Siyabazisa laba bafowethu nodadewethu abazidelayo!

16. Abadala bazisekela kuphi izizathu zabo lapho behlola ukuthi umzalwane angaba yini umdala noma inceku ekhonzayo?

16 Indikimba yabadala akufanele inqikaze ukutusa umzalwane ukuthi akhonze njengomdala noma inceku ekhonzayo ngenxa nje yokuthi akakalukhulumi kahle ulimi lwebandla. Abadala bayosekela ingxoxo yokutuswa komzalwane njengomdala noma inceku ekhonzayo ezimfanelweni ezingokomBhalo, hhayi ekutheni ulukhuluma kahle kangakanani ulimi lwebandla.​—1 Thim. 3:1-10, 12, 13; Thithu 1:5-9.

17. Yimiphi eminye yemibuzo imindeni ezibuza yona lapho ithuthela kwelinye izwe?

17 Eminye imindeni engamaKristu ithuthela kwelinye izwe ngenxa yezimo ezinzima ezweni layo noma ngenxa yomsebenzi. Ezimweni ezinjalo, izingane kungase kudingeke ukuthi esikoleni zifundiswe ngolimi lwakulelo zwe. Abazali nabo kungase kudingeke bafunde ulimi olukhulunywa kulelo zwe ukuze bathole umsebenzi. Kuthiwani uma likhona ibandla noma iqembu elisebenzisa ulimi lwabo? Umndeni kufanele uye kuliphi ibandla? Ingabe kufanele kube ibandla elisebenzisa ulimi lwakulelo zwe noma ibandla elisebenzisa ulimi abaluncela ebeleni?

18. Ngokuvumelana nencwadi yabaseGalathiya 6:5, singabonisa kanjani ukuthi siyasihlonipha isinqumo senhloko yekhaya?

18 Inhloko yekhaya yiyo okumelwe inqume ukuthi umndeni wayo uzoya kuliphi ibandla. Ngenxa yokuthi lesi kufanele kube yisinqumo sabo, inhloko yekhaya kumelwe icabange ngezinto ezizosiza umndeni wayo. (Funda eyabaseGalathiya 6:5.) Kumelwe sisihloniphe isinqumo senhloko yomndeni. Kunoma yini eyinqumayo, masisamukele isinqumo sayo, futhi siwamukele ngenjabulo umndeni wayo njengamalungu esiwazisayo ebandleni.​—Roma 15:7.

19. Yini okufanele izinhloko zemindeni zicabange futhi zithandaze ngayo?

19 Eminye imindeni kungenzeka isebandleni elisebenzisa ulimi olusetshenziswa abazali bayo, kodwa kungenzeka izingane azilukhulumi kahle lolo limi. Uma lelo bandla lisendaweni okukhulunywa kuyo ulimi lwakulelo zwe, kungase kube nzima ngezingane ukuqonda izinto ezishiwo emhlanganweni futhi zingase zingakwazi ukusondelana noJehova. Kungani? Kungenxa yokuthi izingane zingase ziye esikoleni okusetshenziswa kuso ulimi lwakulelo zwe, hhayi ulimi olusetshenziswa abazali bazo. Ezimweni ezinjalo, izinhloko zemindeni kufanele zicabangisise futhi zithandazele usizo lokunquma lokho okudingeka zikwenze ukuze zisize abantwana bazo basondelane noJehova nabantu bakhe. Kungase kudingeke bafundise izingane zabo, zilukhulume kahle ulimi lwabo, noma bona bathuthele ebandleni elisebenzisa ulimi izingane zabo eziluqonda kahle. Kunoma yisiphi isinqumo inhloko yomndeni esithathayo, ibandla ekhetha ukukhonza kulo kufanele liwuhloniphe lowo mndeni futhi liwazise.

Singabonisa kanjani ukuthi siyabazisa abantu abafunda ulimi olusha? (Bheka isigaba 20)

20. Singabonisa kanjani ukuthi siyabahlonipha abafowethu nodadewethu abafunda ulimi olusha?

20 Naphezu kwezinto esesixoxe ngazo, emabandleni amaningi, basazoba khona abafowethu nodadewethu abakuthola kunzima ukufunda ulimi olusha. Kungase kube nzima ukuba basho izinto abazicabangayo. Kodwa uma singagxili kuphela endleleni abakhuluma ngayo, sizobona ukuthi bayamthanda uJehova futhi bafuna ukumkhonza. Uma sibona lezi zimfanelo ezinhle, sizobazisa futhi sibahloniphe ngokujulile laba bafowethu nodadewethu. Ngeke sithi, “Angikudingi” ngenxa nje yokuthi abalukhulumi kahle ulimi lwethu.

SIYIGUGU KUJEHOVA

21-22. Yiliphi ilungelo elimangalisayo esinalo?

21 UJehova usinike ilungelo elimangalisayo lokuba nendawo ebandleni lakhe. Kungakhathaliseki ukuthi singabesilisa noma singabesifazane, sishadile noma asishadile, sibancane noma sibadala, silukhuluma kahle ulimi oluthile noma kunzima ukulukhuluma, sonke siyigugu kuJehova nakomunye nomunye.​—Roma 12:4, 5; Kol. 3:10, 11.

22 Kwangathi singaqhubeka sisebenzisa izifundo eziningi ezinhle esizifunde emfanekisweni kaPawulu womzimba womuntu. Uma senza kanjalo, sizofuna nezinye izindlela esingabonisa ngazo ukuthi siyayazisa indawo yethu nendawo yabanye ebandleni likaJehova.

INGOMA 90 Khuthazanani

^ par. 5 Abantu bakaJehova bavela ezizindeni ezihlukahlukene futhi bafeza izindima ezingafani ebandleni. Lesi sihloko sizosisiza sibone ukuthi kungani kubalulekile ukuba sihloniphe ilungu ngalinye emndenini kaJehova.

^ par. 8 Asinakugomela ngokuthi uThimothewu akazange ashade.