Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 34

Unendawo Ebalulekile Ebandleni LikaJehova!

Unendawo Ebalulekile Ebandleni LikaJehova!

“Njengoba nje umzimba umunye kodwa unamalungu amaningi, futhi wonke amalungu alowo mzimba engumzimba owodwa, nakuba emaningi, unjalo noKristu.”​—1 KOR. 12:12.

INGOMA 101 Ukusebenza Ndawonye Ngobunye

AMAZWIBELA *

1. Yiliphi ilungelo esinalo?

KUYILUNGELO ngempela ukuba ingxenye yebandla likaJehova! Sinokuthula nenjabulo enkulu njengoba sikhonza uJehova nabafowethu nodadewethu ebandleni. Unayiphi indawo ebalulekile ebandleni?

2. Yimuphi umfanekiso uPawulu awusebenzisa ezincwadini zakhe eziningana zeBhayibheli?

2 Singafunda okuningi ngale ndaba emfanekisweni uPawulu awusebenzisa ezincwadini zakhe eziningana zeBhayibheli. Encwadini ngayinye, uPawulu ufanisa ibandla nomzimba womuntu. Ufanisa umuntu ngamunye ebandleni namalungu omzimba.​—Roma 12:4-8; 1 Kor. 12:12-27; Efe. 4:16.

3. Yiziphi izifundo ezintathu esizoxoxa ngazo kulesi sihloko?

3 Kulesi sihloko, sizoxoxa ngezifundo ezintathu ezibalulekile esingazifunda emfanekisweni kaPawulu. Esokuqala, sizofunda ukuthi ngamunye wethu unendawo * ebandleni likaJehova. Esesibili, sizoxoxa ngokuthi yini esingayenza uma kunzima ukubona indawo yethu ebandleni. Esesithathu, sizobona ukuthi kungani kudingeka sizikhandle ekufezeni indima esinayo ebandleni likaNkulunkulu.

SONKE SINENDIMA YETHU EBANDLENI LIKAJEHOVA

4. Isifundisani eyabaseRoma 12:4, 5?

4 Isifundo sokuqala esisifunda emfanekisweni kaPawulu ukuthi sonke sinendawo ebalulekile emndenini kaJehova. UPawulu uqala umfanekiso wakhe ngokuthi: “Njengoba nje sinamalungu amaningi emzimbeni owodwa, kodwa wonke la malungu engenawo umsebenzi ofanayo, kanjalo nathi, nakuba sibaningi, singumzimba owodwa simunye noKristu, kodwa ngabanye singamalungu elinye nelinye.” (Roma 12:4, 5) Laliyini iphuzu likaPawulu? Ngamunye wethu unendima yakhe ehlukile ebandleni, kodwa sonke sibalulekile.

Sonke sidlala izindima ezingafani ebandleni, kodwa ngamunye wethu ubalulekile (Bheka izigaba 5-12) *

5. Yiziphi ‘izipho’ uJehova azinike ibandla?

5 Uma ucabanga ngabantu abanendawo ebandleni, kungase kufike abaholayo kuqala engqondweni yakho. (1 Thes. 5:12; Heb. 13:17) Kuyiqiniso ukuthi esebenzisa uKristu, uJehova uye wanika ibandla laKhe ‘izipho ezingabantu.’ (Efe. 4:8) Lezi “zipho ezingabantu” zihlanganisa amalungu eNdikimba Ebusayo, abasizi beNdikimba Ebusayo, amalungu eKomiti Yegatsha, ababonisi besigodi, abazalwane abafundisa ezikoleni zenkonzo, abadala bebandla nezinceku ezikhonzayo. Bonke laba bazalwane bamiswe ngomoya ongcwele ukuze banakekele izimvu zikaJehova eziyigugu futhi baqinise ibandla.​—1 Pet. 5:2, 3.

6. Ngokweyoku-1 Thesalonika 2:6-8, yini abazalwane abamiswe ngomoya ongcwele okufanele balwele ukuyenza?

6 Abazalwane bamiswe ngomoya ongcwele ukuze banakekele imisebenzi ehlukahlukene. Njengoba nje amalungu ahlukahlukene omzimba, njengezandla nezinyawo, esebenza ukuze kuzuze wonke umzimba, nabazalwane abamiswe ngomoya bayazikhandla ukuze kuzuze lonke ibandla. Abafuni ukuzizuzisa bona. Kunalokho, balwela ukukhuthaza nokuqinisa abafowabo nodadewabo. (Funda eyoku-1 Thesalonika 2:6-8.) Siyambonga uJehova ngalaba bazalwane abamiswe ngomoya, ababeka izidingo zabanye kuqala kunezabo!

7. Yiziphi izibusiso ezijatshulelwa yilabo abasenkonzweni yesikhathi esigcwele?

7 Abanye ebandleni bangase bakhonze njengezithunywa zevangeli, amaphayona akhethekile noma amaphayona avamile. Empeleni, abanye abafowethu nodadewethu emhlabeni wonke baye benza ukushumayela nokwenza abafundi kwaba umsebenzi wabo obalulekile, abawenza isikhathi esigcwele. Ngokwenza kanjalo, basize abaningi ukuba babe abafundi bakaJesu Kristu. Nakuba laba bashumayeli besikhathi esigcwele ngokuvamile bengenazo izinto eziningi zaleli zwe, uJehova ubabusise ngezibusiso eziningi ekuphileni kwabo. (Marku 10:29, 30) Sibathanda kakhulu laba bafowethu nodadewethu, futhi siyajabula ngokuthi bayingxenye yebandla!

8. Kungani ummemezeli ngamunye wezindaba ezinhle eyigugu kuJehova?

8 Ingabe ngabazalwane abamisiwe nalabo abasenkonzweni yesikhathi esigcwele kuphela abanendawo ebandleni? Lutho! Ummemezeli ngamunye wezindaba ezinhle ubalulekile kuNkulunkulu nasebandleni. (Roma 10:15; 1 Kor. 3:6-9) Empeleni, omunye wemigomo ebalulekile yebandla ukwenza abafundi beNkosi yethu, uJesu Kristu. (Math. 28:19, 20; 1 Thim. 2:4) Bonke abashumayelayo ebandleni, abamemezeli ababhapathiziwe nabangabhapathiziwe, bazama ukwenza lo msebenzi kube yiwo obalulekile ekuphileni kwabo.​—Math. 24:14.

9. Kungani sibathanda odadewethu abangamaKristu?

9 UJehova ubanika indawo ehloniphekile odadewethu abangamaKristu ebandleni. Uyabathanda labo dadewethu abangamakhosikazi, abangomama, abangabafelokazi nabangashadile, abamkhonza ngobuqotho. IBhayibheli linezibonelo eziningi ezinhle zabesifazane abajabulisa uNkulunkulu. Bayanconywa ngenxa yokuba izibonelo ezinhle ekuboniseni ukuhlakanipha, ukholo, intshiseko, isibindi, umusa nokwenza imisebenzi emihle. (Luka 8:2, 3; IzE. 16:14, 15; Roma 16:3, 6; Fil. 4:3; Heb. 11:11, 31, 35) Ave simbonga uJehova ngokuba nabesifazane abangamaKristu emabandleni ethu, ababonisa lezo zimfanelo ezinhle!

10. Kungani sibathanda asebekhulile?

10 Sibusiseke nangokuba nabaningi asebekhulile emabandleni. Amanye amabandla anabafowethu nodadewethu asebekhulile abaye bakhonza uJehova ngobuqotho ukuphila kwabo konke. Abanye kungenzeka basanda kungena eqinisweni. Kunoma yikuphi, asebekhulile banezinkinga zempilo ezihlukahlukene ezihambisana nokuguga. Lezo zinkinga zingase zinciphise lokho abangakwenza ebandleni nasemsebenzini wokushumayela. Noma kunjalo, laba asebekhulile benza konke okusemandleni abo enkonzweni futhi bayazikhandla ukuze bakhuthaze futhi baqeqeshe abanye! Nathi siyazuza esibonelweni sabo. Bahle ngempela kuJehova nakithi.​—IzAga 16:31.

11-12. Abasha baye bakukhuthaza kanjani ebandleni okulo?

11 Cabanga nangabasha abasebandleni. Babhekana nezinkinga eziningi njengoba bekhula kuleli zwe likaSathane uDeveli, elithonywe izimfundiso ezimbi. (1 Joh. 5:19) Nokho, sonke siyakhuthazeka lapho sibona abasebasha bephendula emihlanganweni, beya enkonzweni futhi bevikela ngesibindi izimfundiso abazikholelwayo. Basha, ninendawo ebalulekile ebandleni likaJehova!​—IHu. 8:2.

12 Kunzima ngabanye abafowethu nodadewethu ukukholelwa ukuthi banendima ebalulekile ebandleni. Yini engasisiza sibone ukuthi umuntu ngamunye unendawo ebandleni? Ake sibone.

YAZI UKUTHI UNENDAWO EBANDLENI

13-14. Kungani abanye bengase babe nomuzwa wokuthi ababalulekile ebandleni?

13 Nasi isifundo sesibili esisifunda emfanekisweni kaPawulu. UPawulu usenza sibone inkinga abaningi abanayo namuhla; kunzima ukukholelwa ukuthi babalulekile ebandleni. Wabhala: “Uma unyawo belungathi: ‘Ngenxa yokuthi angisona isandla, angiyona ingxenye yomzimba,’ lokhu akulwenzi lungabi yingxenye yomzimba. Futhi uma indlebe ibingathi: ‘Ngenxa yokuthi angilona iso, angiyona ingxenye yomzimba,’ lesi sizathu asiyenzi ingabi yingxenye yomzimba.” (1 Kor. 12:15, 16) Wayesifundisani uPawulu?

14 Uma uziqhathanisa nabanye ebandleni, ungase ungayiboni indlela obaluleke ngayo. Abanye ebandleni bangase babe abafundisi abanekhono, abanye bahleleke noma babe nekhono lokukhuthaza nokududuza abanye. Mhlawumbe unomuzwa wokuthi ezabo izipho zingcono kunezakho. Lokho kuyobonisa ukuthi uthobekile futhi unesizotha. (Fil. 2:3) Kodwa qaphela. Uma uziqhathanisa njalo nalabo abanamakhono ongenawo, uzodumazeka noma udikibale. Njengoba uPawulu abonisa, ungase ube nomuzwa wokuthi awunayo nhlobo indawo ebandleni. Yini engakusiza unqobe leyo mizwa?

15. Ngokweyoku-1 Korinte 12:4-11, yini okudingeka siyazi ngezipho okungenzeka sinazo?

15 Cabanga ngaleli qiniso: UJehova wanika amanye amaKristu angekhulu lokuqala izipho eziyisimangaliso zomoya ongcwele, kodwa akuwona wonke amaKristu athola izipho ezifanayo. (Funda eyoku-1 Korinte 12:4-11.) UJehova wawanika izipho ezihlukene, kodwa wonke ayebalulekile. Namuhla, asinazo izipho eziyisimangaliso zomoya ongcwele, kodwa uJehova usasebenza ngendlela efanayo. Singase singabi namakhono afanayo, kodwa sonke sibalulekile kuJehova.

16. Yisiphi iseluleko sikamphostoli uPawulu okudingeka sisisebenzise?

16 Kunokuba siziqhathanise namanye amaKristu, kudingeka sisebenzise iseluleko sikamphostoli uPawulu, esithi: “Yilowo nalowo makahlole umsebenzi wakhe siqu, khona-ke uyoba nesizathu sokwethaba ngokuqondene naye yedwa, hhayi ngokuziqhathanisa nomunye umuntu.”​—Gal. 6:4.

17. Sizozuza kanjani uma silalela iseluleko sikaPawulu?

17 Uma silalela iseluleko sikaPawulu futhi sihlole owethu umsebenzi, singase siqale ukubona ukuthi nathi sinamakhono abanye abangenawo. Ngokwesibonelo, umdala angase angabi isikhulumi esihle eplatifomu, kodwa angase aphumelele kakhudlwana emsebenzini wokwenza abafundi. Noma angase angahleleki njengabanye abadala ebandleni, kodwa angase aziwe ngokuba umdala onothando nonomusa futhi abamemezeli bangase bazizwe bekhululekile ukucela iseluleko seBhayibheli kuye. Noma angase abe nedumela elihle lokwamukela abanye ngemfudumalo. (Heb. 13:2, 16) Lapho sizibona ngokucacile izipho namakhono esinawo, siyoba nesizathu sokujabula ngalokho esikwazi ukukwenzela ibandla. Cishe futhi ngeke sibe nomona ngabafowethu abanezipho ezingafani nezethu.

18. Singaba kanjani abafundisi abangcono?

18 Kungakhathaliseki ukuthi sinayiphi indawo ebandleni, sonke kufanele sizimisele ukuthuthuka enkonzweni, sithuthukise namakhono ethu. Ukuze asisize senze kanjalo, uJehova uyasiqeqesha esebenzisa inhlangano yakhe. Ngokwesibonelo, emihlanganweni yethu yaphakathi nesonto sithola iziqondiso zokuthi singaphumelela kanjani kangcono enkonzweni. Uyazama yini ukuwasebenzisa amacebiso owathola kuleyo mihlangano?

19. Ungakwazi kanjani ukufanelekela ukuya eSikoleni Sabashumayeli Bevangeli LoMbuso?

19 Okunye ukuqeqeshwa okumangalisayo sikuthola eSikoleni Sabashumayeli Bevangeli LoMbuso. Abazalwane nodade abasenkonzweni yesikhathi esigcwele futhi abaneminyaka ephakathi kuka-23 no-65 bangaya kulesi sikole. Kungase kubonakale sengathi awusoze wakwazi ukuya kulesi sikole. Kodwa kunokuba nezizathu eziningi zokuthi kungani ungasoze wakwazi ukuya, bhala phansi izizathu ezikwenza ufune ukuya kuso. Yibe sewenza okudingekayo ukuze ukufanelekele ukufaka isicelo. Ngosizo lukaJehova nangokuzikhandla kwakho, ungase ukwazi ukwenza lokho obucabanga ukuthi akusoze kwenzeka.

SEBENZISA IZIPHO ZAKHO UKUZE UKHUTHAZE IBANDLA

20. Yini esingayifunda encwadini yabaseRoma 12:6-8?

20 Isifundo sesithathu esingasifunda emfanekisweni kaPawulu sitholakala kweyabaseRoma 12:6-8. (Yifunde.) Kula mavesi, uPawulu uphinde abonise ukuthi wonke umuntu osebandleni unezipho ezingafani. Kodwa manje ugcizelela ukuthi kufanele sisebenzise noma isiphi isipho esinaso ukuze sikhuthaze futhi siqinise ibandla.

21-22. Yisiphi isifundo esisifunda kuRobert noFelice?

21 Cabanga ngalokho okwenzeka kumzalwane esizombiza ngokuthi uRobert. Ngemva kokuba ekhonze kwelinye izwe, wabelwa ukuba ayokhonza eBethel yasezweni lakubo. Nakuba bamqinisekisa ukuthi ayikho into embi ayeyenzile njengoba eshintshwa isabelo, uthi: “Kwaphela izinyanga eziningi ngingajabule ngenxa yokuthi ngangicabanga ukuthi ngehlulekile ukwenza isabelo sami. Ngezinye izikhathi kwakuthi angivele ngishiye eBethel.” Yini ayenza ukuze aphinde ajabule? Omunye umdala wangikhumbuza ukuthi uJehova uye wasiqeqesha ezabelweni ebesizenza ngaphambili ukuze sibe wusizo esabelweni esisenza manje. URobert waqaphela ukuthi kwakudingeka ayeke ukulokhu ebuyela emuva futhi aqale ukugxila kulokho akwazi ukukwenza manje.

22 Umzalwane uFelice Episcopo wabhekana nesimo esifanayo. Yena nomkakhe bathweswa iziqu eGileyadi ngo-1956 futhi benza umsebenzi wokujikeleza eBolivia. Ngo-1964 bathola umntwana. UFelice uthi: “Kwakunzima ukushiya isabelo esasisithanda. Uma ngikhuluma iqiniso, kwaphela unyaka ngidumazekile futhi ngizidabukela. Kodwa ngosizo lukaJehova, ngashintsha indlela engicabanga ngayo futhi ngagxila esabelweni sami esisha sokuba umzali.” Ingabe nawe uzizwa ngendlela uRobert noFelice abazizwa ngayo? Ingabe udikibele ngenxa yokuthi awusenawo amalungelo enkonzo obuwajabulela esikhathini esidlule? Uma kunjalo, uzojabula kakhudlwana uma ugxila kulokho okwazi ukukwenzela uJehova nabafowenu manje kunokugxila entweni esidlulile. Hlale umatasa, usebenzise amakhono nezipho onazo ukuze usize abanye, futhi uyojabula njengoba uqinisa ibandla.

23. Yini okufanele siziphe isikhathi sokuyenza, futhi yini esizoxoxa ngayo esihlokweni esilandelayo?

23 Sonke siyigugu kuJehova. Ufuna sibe amalungu omndeni wakhe. Uma sizipha isikhathi sokuzindla ngalokho esingakwenza ukuze sikhuthaze abafowethu nodadewethu, bese siyazikhandla sikwenze ngokoqobo, ayoba mancane amathuba okuzizwa sengathi asinandawo ebandleni! Kodwa kuthiwani ngendlela esibabheka ngayo abanye ebandleni? Singabonisa kanjani ukuthi siyabathanda futhi siyabahlonipha? Sizoxoxa ngaleyo mibuzo ebalulekile esihlokweni esilandelayo.

INGOMA 24 Wozani Entabeni KaJehova

^ par. 5 Sonke sifuna ukuzizwa sibalulekile kuJehova. Kodwa ngezinye izikhathi, singase sizibuze ukuthi siyadingeka yini. Lesi sihloko sizosisiza sibone ukuthi ngamunye wethu unendawo ebalulekile ebandleni.

^ par. 3 INCAZELO YEGAMA: Indawo yethu ebandleni likaJehova ibhekisela kulokho esikwazi ukukwenza ngabanye ukuze sikhuthaze futhi siqinise ibandla. Ayinqunywa ukuthi singabakuluphi uhlanga, sivela kuliphi izwe, sinemali engakanani, sidume kangakanani noma ukuthi sifunde kangakanani.

^ par. 62 INCAZELO YESITHOMBE: Lezi zithombe ezintathu zibonisa lokho okwenzeka ngaphambi, phakathi, nangemva kwemihlangano yebandla. Esithombeni 1: Umdala ubingelela ngemfudumalo umuntu ovakashile, umzalwane osemusha ulungisa imibhobho, futhi udade uxoxa nomunye udade osekhulile. Esithombeni 2: Asebekhulile nabancane bafuna ukuphendula phakathi neSifundo Se-Nqabayokulinda. Esithombeni 3: Indoda nomkayo bahlanza iHholo LoMbuso. Umama usiza ingane yakhe ifake imali ebhokisini lomnikelo. Umzalwane osemusha usebenza ezincwadini, futhi umzalwane ukhuthaza udade osekhulile.