Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 33

Uvuko Lwembula Uthando, Ukuhlakanipha Nesineke SikaNkulunkulu

Uvuko Lwembula Uthando, Ukuhlakanipha Nesineke SikaNkulunkulu

“Kuyoba khona uvuko.”​—IZE. 24:15.

INGOMA 151 Uyobiza

AMAZWIBELA *

1. Kungani uJehova adala ukuphila?

KWAKE kwaba nesikhathi lapho kwakunguJehova kuphela ophilayo. Kodwa wayengenawo umzwangedwa. Wayengashodi ngalutho. Noma kunjalo, uNkulunkulu wayefuna nabanye bajabulele ukuphila. Ngenxa yothando, uJehova waqala umsebenzi wokudala.​—IHu. 36:9; 1 Joh. 4:19.

2. UJesu nezingelosi bazizwa kanjani ngemisebenzi kaJehova yokudala?

2 Okokuqala, uJehova wadala uJesu owayezoba yisisebenzi esikanye naye. Ngemva kwalokho, esebenzisa iNdodana yakhe eyizibulo, ‘wadala zonke ezinye izinto,’ ezihlanganisa izigidi zezingelosi. (Kol. 1:16) UJesu kwamjabulisa kakhulu ukusebenza noYise. (IzAga 8:30) Nezingelosi nazo zajabula kakhulu. Zazibuka ngesikhathi uJehova edala amazulu nomhlaba, enesisebenzi sakhe esiyingcweti, uJesu. Yini ezayenza? ‘Zaqala ukumemeza zihalalisa’ lapho kudalwa umhlaba, futhi akungatshazwa ukuthi aziyekanga ukuhalalisa kuyo yonke imisebenzi kaJehova yokudala, kuhlanganise nomsebenzi wakhe wobuciko wokudala abantu. (Jobe 38:7; IzAga 8:31) Indalo ngayinye yembula uthando nokuhlakanipha kukaNkulunkulu.​—IHu. 104:24; Roma 1:20.

3. Njengoba kubonisiwe kweyoku-1 Korinte 15:21, 22, umhlatshelo kaJesu wesihlengo usivumela ukuba senzeni?

3 UJehova wayefuna abantu baphile kuze kube phakade emhlabeni omuhle awudala. Kodwa ngesikhathi u-Adamu no-Eva behlubuka kuBaba wabo onothando, isono nokufa kwasakazeka kuwo wonke umhlaba. (Roma 5:12) Yini eyenziwa uJehova? Ngokushesha, waveza ukuthi uzosikhulula kanjani isintu. (Gen. 3:15) UJehova walungiselela isihlengo esasizokwazi ukukhulula izingane zika-Adamu no-Eva esonweni nasekufeni. Ngokwenza kanjalo, umuntu okhetha ukumkhonza wayezokwazi ukuthola ukuphila okuphakade.​—Joh. 3:16; Roma 6:23; funda eyoku-1 Korinte 15:21, 22.

4. Yimiphi imibuzo esizoxoxa ngayo kulesi sihloko?

4 Isithembiso sikaNkulunkulu sokuvusa abafile senza kube nemibuzo eminingi. Nansi eminye yayo: Luyokwenzeka kanjani uvuko? Siyokwazi yini ukubona abantu esibathandayo lapho bevuswa? Uvuko luyosilethela injabulo ngaziphi izindlela? Ukuzindla ngovuko kungasenza kanjani sazise uthando, ukuhlakanipha kanye nesineke sikaJehova? Ake sixoxe ngaleyo mibuzo.

LUYOKWENZEKA KANJANI UVUKO?

5. Kungani kunengqondo ukukholelwa ukuthi abantu bayovuswa kancane kancane, ngendlela ehlelekile?

5 Lapho uJehova esebenzisa iNdodana yakhe ukuze avuse izigidi zabantu, singakulindela ukuthi angabavusi bonke ngesikhathi esisodwa. Kungani sisho kanjalo? Ngenxa yokuthi ukuvuswa kwabo bonke abantu ngesikhathi esisodwa kungase kubange isiyaluyalu. UJehova ayikho into ayenza ngendlela engahlelekile. Uyazi ukuthi ukuze kube nokuthula, kumelwe kube nokuhleleka. (1 Kor. 14:33) UJehova uNkulunkulu wabonisa ukuhlakanipha nesineke ngesikhathi esebenza noJesu ukuze alungise umhlaba kancane kancane ngaphambi kokudala abantu abazophila kuwo. Phakathi nokuBusa KukaKristu Kweminyaka Eyinkulungwane, uJesu naye uzobonisa ukuhlakanipha nesineke lapho esebenzisana nabasinde kuyi-Armagedoni ukuze balungise umhlaba okuzophila kuwo abavusiwe.

Abantu abasinde kuyi-Armagedoni bayofundisa abavusiwe ngoMbuso kaNkulunkulu nangezinto uJehova azifunayo (Bheka isigaba 6) *

6. NgokwezEnzo 24:15, kubantu abayovuswa uJehova kuyobe kukhona nabantu abanjani?

6 Okubaluleke nakakhulu, abantu abasinde kuyi-Armagedoni kuyodingeka bafundise abavusiwe ngoMbuso KaNkulunkulu nangezinto uJehova azifunayo. Kungani? Kungenxa yokuthi iningi labantu abayovuswa liyobe lingabantu “abangalungile.” (Funda izEnzo 24:15.) Kuyodingeka balungise izinto eziningi ukuze bazuze esihlengweni sikaKristu. Cabanga ngokuthi kuyoba umsebenzi omkhulu kangakanani ukufundisa izigidi zabantu abangazi lutho ngoNkulunkulu iqiniso. Ingabe umuntu ngamunye uyoba nomuntu omfundisayo, njengoba kwenzeka namuhla lapho sifunda nabantu iBhayibheli? Ingabe abavusiwe bayokwabelwa amabandla, baqeqeshwe ukuze bafundise labo abazovuswa ngemva kwabo? Kuzodingeka silinde sibone. Kodwa siyazi ukuthi ngasekupheleni kokuBusa KukaKristu Kweminyaka Eyinkulungwane, “umhlaba ngokuqinisekile uyogcwala ulwazi ngoJehova.” (Isaya 11:9) Siyoba nomsebenzi omningi ojabulisayo phakathi neminyaka eyinkulungwane!

7. Yini eyokwenza abantu bakaNkulunkulu babe nozwela lapho befundisa abavusiwe?

7 Phakathi nokuBusa KukaKristu Kweminyaka Eyinkulungwane, bonke abantu bakaJehova abasemhlabeni kuyodingeka benze ushintsho ukuze bamjabulise. Ngakho bonke bayoba nozwela lapho besiza abavusiwe banqobe imicabango nezifiso ezimbi, futhi baphile ngemithetho kaJehova. (1 Pet. 3:8) Asingabazi ukuthi abavusiwe bayosondelana nabantu bakaJehova abathobekile, nabo abayobe ‘besasebenzela ukusindiswa kwabo.’​—Fil. 2:12.

SIYOKWAZI YINI UKUBONA ABANTU ABAVUSIWE?

8. Kungani singalindela ukuthi siyokwazi ukubona amalungu emindeni yethu nabangane abavusiwe?

8 Ziningana izizathu ezingasenza siphethe ngokuthi abantu bayokwazi ukubona abavusiwe ababathandayo. Ngokwesibonelo, uma sicabanga ngovuko oselwake lwenzeka, kubonakala sengathi lapho uJehova evusa abantu uyophinde abadale babukeke, bakhulume, futhi bacabange ngendlela efana neyangaphambi nje kokuba bafe. Khumbula ukuthi uJesu wafanisa ukufa nokulala, uvuko walufanisa nokuvuka ebuthongweni. (Math. 9:18, 24; Joh. 11:11-13) Abantu abavuka ebuthongweni, babukeka futhi bazwakale ngendlela efanayo neyangaphambi kokuba balale, futhi basuke besazikhumbula izinto. Cabanga ngesibonelo sikaLazaru. Kwase kuphele izinsuku ezine eshonile, nesidumbu sakhe sase siqala ukubola. Noma kunjalo, lapho uJesu emvusa, odadewabo bambona ngaso leso sikhathi, kusobala nokuthi uLazaru naye wayesabakhumbula.​—Joh. 11:38-44; 12:1, 2.

9. Kungani abavusiwe bengeke bavuke benengqondo nomzimba ophelele?

9 UJehova wathembisa ukuthi ngesikhathi okuyobe kubusa ngaso uKristu, akekho oyothi: “Ngiyagula.” (Isaya 33:24; Roma 6:7) Ngakho, abavuswe ekufeni bayophinde badalwe babe yimiqemane. Kodwa ngeke bavuswe bephelele. Uma bevuswa bephelele, imindeni yabo nabangane babo bangase bangababoni. Kubonakala sengathi bonke abantu bayopheleliswa kancane kancane phakathi nokuBusa KukaKristu Kweminyaka Eyinkulungwane. UJesu uyobuyisela uMbuso kuYise ekupheleni kweminyaka eyinkulungwane. UMbuso uyobe usuwufeze ngokuphelele umsebenzi wawo, ohlanganisa ukwenza abantu baphelele.​—1 Kor. 15:24-28; IsAm. 20:1-3.

UVUKO LUYOSILETHELA INJABULO NGAZIPHI IZINDLELA?

10. Uyozizwa kanjani ngovuko?

10 Cabanga ukuthi kuyoba njani ukuphinde ubone abantu obathandayo. Injabulo oyobe uyizwa iyokwenza uhleke noma iyokukhalisa? Ingabe uyogiya, udumise uJehova umculele? Nakhu esiqiniseka ngakho: uyomthanda ngokujulile uYihlo okukhathalelayo kanye neNdodana yakhe ezidelayo ngenxa yalesi sipho esimangalisayo sovuko.

11. Ngokwamazwi kaJesu akuJohane 5:28, 29, kuyokwenzekani ngabantu abaphila ngemithetho kaNkulunkulu?

11 Cabanga ngenjabulo abavusiwe abayoba nayo lapho behlubula ubuntu obudala bese bephila ngemithetho kaNkulunkulu. Abantu abenza lolu shintsho bayovuselwa ekuphileni. Ngakolunye uhlangothi, abantu abangafuni ukushintsha izindlela zabo uNkulunkulu ngeke avume baphazamise ukuthula ePharadesi.​—Isaya 65:20; funda uJohane 5:28, 29.

12. UJehova uyobabusisa ngayiphi indlela abantu abasemhlabeni?

12 Ngaphansi koMbuso, bonke abantu bakaNkulunkulu bayobona ukuthi kuyiqiniso okushiwo yizAga 10:22: “Isibusiso sikaJehova​—yiso esicebisayo, futhi akenezeli ubuhlungu kanye naso.” Ngosizo lomoya kaJehova, abantu bakaNkulunkulu bayoya ngokuya bafane noKristu, bathuthukele ekuphelelisweni. (Joh. 13:15-17; Efe. 4:23, 24) Usuku nosuku bayoba namandla, babe abantu abangcono. Kuyoba mnandi ukuphila ngaleso sikhathi! (Jobe 33:25) Kodwa, ukuzindla ngovuko kukusiza kanjani manje?

LWAZISE UTHANDO LUKAJEHOVA

13. NgokweHubo 139:1-4, uvuko luyiveza kanjani indlela uJehova asazi ngayo?

13 Njengoba sixoxile ekuqaleni, lapho uJehova evusa abantu, uyobuyisela nezinkumbulo zabo nobuntu ababenabo. Cabanga ngokuthi lokho kusho ukuthini. UJehova ukuthanda kakhulu aze akhumbule konke okucabangayo, indlela ozizwa ngayo, izinto ozikhulumayo nozenzayo. Ngakho ukube ubezovusa wena, ubezoyibuyisela kalula inkumbulo yakho, indlela ocabanga ngayo, nobuntu bakho. INkosi uDavide yayiqonda ukuthi uJehova usazi kahle kangakanani. (Funda iHubo 139:1-4.) Ukuqonda ukuthi uJehova usazi kahle kangakanani, kufanele kusithinte kanjani?

14. Kufanele sithinteke kanjani lapho sizindla ngendlela uJehova asazi kahle ngayo?

14 Lapho sizindla ngendlela uJehova asazi kahle ngayo, akufanele sikhathazeke. Kungani? Khumbula ukuthi uJehova usikhathalela kakhulu. Uyazazisa nezinto ezisenza sehluke kwabanye. Uyazazi nezinto ezenzeke ekuphileni kwethu ezinomthelela ebuntwini bethu. Yizindaba ezimnandi lezo! Akufanele nanini sicabange ukuthi sishiywe dengwane. UJehova uhlale eseduze kwethu ngaso sonke isikhathi, efuna ukusisiza.​—2 IziKr. 16:9.

KWAZISE UKUHLAKANIPHA KUKAJEHOVA

15. Uvuko lukufakazela kanjani ukuhlakanipha kukaJehova?

15 Ukwesaba ukufa kuyisikhali esinamandla. Abantu abalawulwa uSathane bayasisebenzisa leso sikhali ukuze baphoqe abantu ukuba benze izinto ezingalungile. Kodwa leso sikhali asisebenzi kithi. Siyazi ukuthi uma izitha zethu zisibulala, uJehova uzosivusela ekuphileni. (IsAm. 2:10) Siyaqiniseka ngokuthi ayikho into eziyenzayo engasihlukanisa noJehova. (Roma 8:35-39) Yeka ukuhlakanipha okumangalisayo uJehova akubonisa ngokusinika ithemba lovuko! Ngalelo themba, uJehova uphuce uSathane isikhali adla ngaso kakhulu, ngesikhathi esifanayo wahlomisa thina ngesibindi esibabazekayo.

Ingabe izinqumo zethu zibonisa ukuthi siyasethemba isithembiso sikaJehova sokunakekela izidingo zethu? (Bheka isigaba 16) *

16. Yimiphi imibuzo okudingeka uzibuze yona, futhi izimpendulo zayo zingakusiza kanjani ubone ukuthi uthembela kangakanani kuJehova?

16 Uma izitha zikaJehova zikusongela ngokufa, ingabe uzokwazi ukwethemba uJehova ngokuphila kwakho? Ikhona indlela ongakwazi ngayo lokho? Enye kungaba ukuzibuza, ‘Ingabe izinqumo ezincane engizenza usuku nosuku zifakazela ukuthi ngiyamethemba uJehova?’ (Luka 16:10) Nawu omunye umbuzo ongazibuza wona: ‘Ingabe indlela engiphila ngayo ifakazela ukuthi ngiyasethemba isithembiso sikaJehova sokunakekela izidingo zami uma ngifuna uMbuso wakhe kuqala?’ (Math. 6:31-33) Uma impendulo yakho kule mibuzo kunguyebo, kusho ukuthi uyamethemba uJehova, futhi uzobe ukulungele ukubhekana nanoma yisiphi isilingo ekuphileni.​—IzAga 3:5, 6.

SAZISE ISINEKE SIKAJEHOVA

17. (a) Uvuko lubonisa kanjani ukuthi uJehova unesineke? (b) Singabonisa kanjani ukuthi siyasazisa isineke sikaJehova?

17 UJehova ubeke usuku nehora ayobhubhisa ngalo leli zwe elikhohlakele. (Math. 24:36) Ngeke aphelelwe yisineke athathe isinyathelo ngaphambi kwaleso sikhathi. Uyakulangazelela ukuvusa abafile, kodwa unesineke. (Jobe 14:14, 15) Uzolinda kuze kufike isikhathi esifanele sokubavusela ekuphileni. (Joh. 5:28) Sinezizathu zokumbonga uJehova ngokuba nesineke. Cabanga ngalokhu: Ngenxa yokuthi uJehova unesineke, abantu abaningi, kuhlanganise nathi, bathole ithuba ‘lokuphenduka.’ (2 Pet. 3:9) UJehova ufuna abantu abaningi balithole ithuba lokuphila phakade. Ngakho masibonise ukuthi siyasazisa isineke sakhe. Kanjani? Ngokubafuna ngobuqotho abantu ‘abathambekele ngokufanele ekuphileni okuphakade,’ sibasize bathande uJehova futhi bamkhonze. (IzE. 13:48) Uma senza kanjalo, bazozuza ekubeni nesineke kukaJehova, njengoba nje nathi sizuza.

18. Kungani kufanele sibabekezelele abanye?

18 UJehova uzolinda ngesineke kuze kube sekupheleni kweminyaka eyinkulungwane ngaphambi kokuba alindele ukuba siphelele. Kuze kube yileso sikhathi, uJehova uzimisele ukuthethelela izono zethu. Ngakho kufanele nathi silandele isibonelo sakhe, sifune okuhle kwabanye futhi sibabekezelele. Cabanga ngesibonelo somunye udade onomyeni owaqala ukuba nesifo sokukhathazeka ngokweqile, wayeka nokuya emihlanganweni. Uthi, “Ngezwa ubuhlungu obukhulu. Kwama yonke into emndenini wethu.” Noma kunjalo, le nkosikazi enothando yaba nesineke ngomyeni wayo. Yancika kuJehova, yangaliphons’ ithawula. Yalingisa uJehova, yangagxila kuleyo nkinga, yagxila ezintweni ezinhle zomyeni wayo. Ithi, “Umyeni wami unezimfanelo ezinhle, uyazama ukululama, kancane kancane.” Yeka indlela okubaluleke ngayo ukuthi sibabekezelele labo abasemndenini noma ebandleni esikulo, abazama ukunqoba izinselele ezinkulu!

19. Yini okufanele sizimisele ukuyenza?

19 UJesu nezingelosi bajabula kakhulu lapho kudalwa umhlaba. Kodwa cabanga ukuthi bayojabula kangakanani lapho bebona umhlaba ugcwele abantu abangenasono, abathanda uJehova nabamkhonzayo. Cabanga ngenjabulo eyotholwa yilabo abazobusa noKristu ezulwini lapho bebona abantu bezuza emsebenzini wabo. (IsAm. 4:4, 9-11; 5:9, 10) Cabanga ngokuthi kuyoba njani ukuphila lapho izinyembezi ezibangelwa ubuhlungu zithathelwa indawo yizinyembezi zenjabulo, lapho ukugula, usizi, nokufa sekungasekho unomphela. (IsAm. 21:4) Njengoba singakafiki leso sikhathi, zimisele ukulingisa uYihlo onothando, ukuhlakanipha nesineke. Uma wenza kanjalo, ngeke uphelelwe injabulo, kungakhathaliseki ukuthi ubhekana naziphi izilingo. (Jak. 1:2-4) Simbonga kakhulu uJehova ngesithembiso asenzile esithi, “kuyoba khona uvuko”!​—IzE. 24:15.

INGOMA 141 Isimangaliso Sokuphila

^ par. 5 UJehova unguBaba onothando, ohlakaniphile nonesineke. Lezo zimfanelo singazibona endleleni adala ngayo zonke izinto nasesithembisweni sakhe sokuvusa abantu abafile. Lesi sihloko sizoxoxa ngeminye imibuzo esingase sizibuze yona ngovuko, sizogxila nasendleleni esingabonisa ngayo ukuthi siyalwazisa uthando, ukuhlakanipha nesineke sikaJehova.

^ par. 59 INCAZELO YESITHOMBE: Umlisa ongowomdabu waseMelika owashona emakhulwini adlule eminyaka uyavuswa phakathi nokuBusa KukaKristu Kweminyaka Eyinkulungwane. Umzalwane osinde kuyi-Armagedoni uyifundisa ngothando indoda evusiwe ukuthi yini okudingeka iyenze ukuze izuze esihlengweni sikaKristu.

^ par. 61 INCAZELO YESITHOMBE: Umzalwane utshela umqashi wakhe ukuthi kunezinsuku angeke akwazi ukusebenza ngazo isikhathi esengeziwe. Umtshela ukuthi ngalezo zinsuku kusihlwa wenza imisebenzi ehlobene nokukhonza uJehova. Kodwa uma edingeka ngezinye izikhathi, uzimisele ukusebenza isikhathi esengeziwe.