Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 34

“Nambithani” Ubuhle BukaJehova​—⁠Kanjani?

“Nambithani” Ubuhle BukaJehova​—⁠Kanjani?

Nambithani nibone ukuthi uJehova muhle; uyajabula umuntu ophephela kuye.”​IHU. 34:8.

INGOMA 117 Imfanelo Yobuhle

AMAZWIBELA *

1-2. NgokweHubo 34:8, singabubona kanjani ubuhle bukaJehova?

AKE ucabange unikwa ukudla ongakaze ukudle ekuphileni kwakho. Kukhona ongase ukwazi ngakho lapho ukubuka, ukuhogela, uthola indlela okwenziwa ngayo noma ngokubuza abanye ukuthi bayakuthanda yini lokho kudla. Kodwa ukuze ubone ukuthi ukuthanda ngempela yini lokho kudla, kumelwe uzwe ukuthi kunambitheka kanjani.

2 Singafunda okuthile ngobuhle bukaJehova ngokufunda iBhayibheli nezincwadi zethu, nangokuzwa abanye bekhuluma ngezibusiso abazithole kuJehova. Kodwa ukuze sibuqonde ngempela ubuhle bukaJehova, kufanele ‘sizinambithele’ thina ukuthi muhle kangakanani. (Funda iHubo 34:8.) Nasi isibonelo sendlela esingakwenza ngayo lokho. Ake sithi sifuna ukungenela inkonzo yesikhathi esigcwele, ukuze siwufinyelele lowo mgomo kumelwe senze ukuphila kwethu kube lula. Mhlawumbe sivame ukufunda ngesithembiso sikaJesu esithi uma sibeka kuqala izinto eziphathelene noMbuso, uJehova uzosinika zonke izinto esizidinga ngempela, kodwa asikaze sisibone sigcwaliseka kithi leso sithembiso. (Math. 6:33) Noma kunjalo, ngenxa yokholo esithembisweni sikaJesu, sinciphisa izindleko nesikhathi esisichitha emsebenzini wokuziphilisa bese sigxila enkonzweni yethu. Njengoba senza kanjalo, sizibonela ngokwethu ukuthi uJehova uzinakekela ngempela izidingo zethu. ‘Sizinambithela’ mathupha ubuhle bukaJehova.

3. Ngokuvumelana neHubo 16:1, 2, obani abathola izinto ezinhle ezivela kuJehova?

3 UJehova “muhle kubo bonke,” ngisho nakulabo abangamazi. (IHu. 145:9; Math. 5:45) Kodwa labo abamthandayo nabamkhonza ngomphefumulo wonke yibona abathola izibusiso eziningi ezivela kuye. (Funda iHubo 16:1, 2.) Phawula ezinye izindlela esingazuza ngazo ebuhleni bukaJehova.

4. UJehova ububonisa kanjani ubuhle bakhe kulabo abaqala ukusondela kuye?

4 Isikhathi ngasinye lapho sisebenzisa izinto esizifunde kuJehova, sibona imiphumela emihle ekuphileni kwethu. Ngesikhathi sifunda ngaye, samthanda futhi wasisiza sanqoba ukucabanga nemikhuba eyayisihlukanise naye. (Kol. 1:21) Lapho sizinikezela kuJehova futhi sibhapathizwa, sabubona nakakhulu ubuhle bakhe lapho esinika unembeza ohlanzekile futhi esidonsela kuye ukuze sibe nobungane obuseduze naye.—1 Pet. 3:21.

5. Sibubona kanjani ubuhle bukaJehova lapho sisenkonzweni?

5 Njengoba sihlanganyela enkonzweni yasensimini siyaqhubeka sibona ubuhle bukaJehova. Ingabe unamahloni? Abantu bakaJehova abaningi banawo. Mhlawumbe ngaphambi kokuba yinceku kaJehova, wawungakaze uzibone ungqongqoza emzini womuntu ongamazi uzomtshela umyalezo abaningi abangathandi ukuwuzwa. Kodwa namuhla ukwenza njalo lokho. Okukhulu nakakhulu ukuthi, ngosizo lukaJehova, usuyawujabulela umsebenzi wokushumayela! Umbonile uJehova ekusekela ngezindlela eziningi. Uye wakusiza wahlala uzolile lapho othile ekuphikisa. Uye wakusiza wakhumbula umBhalo okwakudingeka uwusebenzise lapho uxoxa nomuntu olalelayo. Ukunike namandla okuqhubeka ushumayela ngisho nalapho abantu bengafuni ukulalela.—Jer. 20:7-9.

6. Ubuhle bukaJehova sibubona kanjani ekuqeqesheni asinika kona?

6 UJehova uye wasibonisa ubuhle bakhe nangokusiqeqeshela inkonzo. (Joh. 6:45) Emihlanganweni yethu yaphakathi neviki sibona izingxoxo ezimayelana nalokho esingase sixoxe ngakho, bese sikhuthazwa ukuba sikusebenzise enkonzweni. Ekuqaleni singase sibe novalo lokuzama indlela entsha, kodwa lapho siyizama singase sithole ukuthi iyasebenza ensimini yethu. Emihlanganweni yebandla neyesifunda, sikhuthazwa ukuba sisebenzise izindlela zokushumayela esingakaze sizizame ngaphambili. Nalokhu futhi kungasenza sibe novalo, kodwa uma sikuzama uJehova uzosibusisa. Ake sixoxe ngezinye zezibusiso esizitholayo lapho sizama izindlela ezintsha zokwenzela uJehova konke okusemandleni ethu, kungakhathaliseki ukuthi sibhekene naziphi izimo. Sizobe sesihlola izindlela esingayandisa ngazo inkonzo yethu.

UJEHOVA UYABABUSISA LABO ABATHEMBELA KUYE

7. Yiziphi izibusiso esizitholayo lapho senza imizamo yokwandisa inkonzo yethu?

7 Sisondela nakakhulu kuJehova. Cabanga ngesibonelo sikaSamuel * ongumdala, okhonza nomkakhe eColombia. Babekujabulela ukuphayona ebandleni langakubo, kodwa babefuna ukwandisa inkonzo yabo ngokusiza ibandla elinesidingo esikhulu. Ukuze bawufinyelele lowo mgomo kwakumelwe badele izinto ezithile. USamuel uthi: “Sasebenzisa uMathewu 6:33 sayeka ukuthenga izinto esingazidingi. Kodwa ukushiya indawo esasihlala kuyo yikona okwaba nzima kakhulu. Yayakhiwe ngendlela esiyithandayo futhi sasesiqedile ukuyikhokhela.” Esabelweni sabo esisha bathola ukuthi base bekwazi ukuphila ngemali encane kakhulu kunaleyo ababephila ngayo ngaphambili. USamuel uthi: “Siyibonile indlela uJehova asiqondisa ngayo naphendula ngayo imithandazo yethu. Siyabona ukuthi esikwenzayo kuyamjabulisa, futhi uthando lwakhe silubona ngezindlela esingakaze silubone ngazo ngaphambili.” Ungakwazi yini ukwandisa inkonzo yakho? Uma ukwazi ukuyandisa, qiniseka ngokuthi uzosondela nakakhulu kuJehova futhi uzokunakekela.—IHu. 18:25.

8. Ufundani kulokho okushiwo u-Ivan noViktoria?

8 Siyayijabulela inkonzo yethu. Phawula okushiwo u-Ivan nomkakhe uViktoria, abaphayona eKyrgyzstan. Bagcina ukuphila kwabo kulula ukuze bakwazi ukuvolontiya kunoma yisiphi isabelo, kuhlanganise nasemisebenzini yokwakha. U-Ivan uthi: “Sasizikhandla esabelweni ngasinye. Ngisho noma sasikhathele ekupheleni kosuku ngalunye, sasinokuthula nokwaneliseka ngoba sasazi ukuthi sasisebenzise amandla ethu emsebenzini woMbuso. Sajabula kakhulu ngabangane esabathola nangezinto eziningi ezenzeka esiyohlale sizikhumbula.”—Marku 10:29, 30.

9. Yini udade obhekene nezimo ezinzima ayenza ukuze andise inkonzo yakhe, futhi kube namuphi umphumela?

9 Siyajabula enkonzweni kaJehova ngisho nalapho sibhekene nezimo ezinzima. Ngokwesibonelo, uMirreh, umfelokazi osekhulile waseNtshonalanga Afrika, wathatha umhlalaphansi ekubeni udokotela waqala ukuphayona. UMirreh unesifo samathambo esibi kakhulu, esenza asebenze ihora elilodwa kuphela enkonzweni yendlu ngendlu. Kodwa uyakwazi ukusebenza isikhathi esengeziwe enkonzweni yasobala. Unezimpindelo eziningi nezifundo zeBhayibheli, ezinye zazo azithinta ngocingo. Yini eyakhuthaza uMirreh ukuba enzele uJehova okwengeziwe? Uthi: “Inhliziyo yami ichichima uthando ngoJehova noKristu Jesu. Ngithandaza njalo ukuze uJehova angisize ngenze konke engingakwenza enkonzweni yakhe.”—Math. 22:36, 37.

10. Njengoba kuboniswe kweyoku-1 Petru 5:10, yini uJehova ayinikeza labo abazenza batholakale?

10 Sithola ukuqeqeshwa okwengeziwe okuvela kuJehova. Yilokho okwenzeka kuKenny ophayona eMauritius. Lapho efunda iqiniso wayeka eyunivesithi, wabhapathizwa, wangenela inkonzo yesikhathi esigcwele. Uthi, “Ngizama ukuphila ngamazwi omprofethi u-Isaya owathi: ‘Nangu mina! Thuma mina!’” (Isaya 6:8) UKenny uye wasiza emisebenzini eminingana yokwakha, uye wasiza nasekuhumusheni izincwadi ezisekelwe eBhayibhelini ngolimi aluncela. UKenny uthi: “Ngaqeqeshwa ukuze ngifunde amakhono engangiwadinga ezabelweni zami.” Kodwa akagcinanga ngokufunda ukuthi umsebenzi wenziwa kanjani. Uyenezela, “Ngafunda ukuthi yini engingeke ngikwazi ukuyenza nokuthi yiziphi izimfanelo okudingeka ngibe nazo ukuze ngibe yisikhonzi esingcono sikaJehova.” (Funda eyoku-1 Petru 5:10.) Kungani ungahloli izimo zakho ubone ukuthi ungakwazi yini ukuzenza utholakale ukuze uthole ukuqeqeshwa okwengeziwe okuvela kuJehova?

Indoda nomkayo bashumayela endaweni enesidingo sabamemezeli boMbuso abengeziwe; udade osemusha usiza ekwakhiweni kweHholo LoMbuso; indoda nomkayo abakhulile bashumayela ngocingo. Bonke bathola injabulo enkonzweni abayenzayo (Bheka isigaba 11)

11. Yimiphi imizamo odade baseNingizimu Korea abayenza ukuze bahlanganyele enkonzweni, futhi kwaba namuphi umphumela? (Bheka isithombe esisekhasini 1.)

11 Ngisho nalabo asebenesikhathi eside bengamaKristu bayazuza ngokuqeqeshwa abakutholayo lapho bezama indlela entsha yokushumayela. Phakathi nobhubhane lwe-COVID-19 abadala bebandla eliseNingizimu Korea babhala: “Abanye ababecabanga ukuthi ngeke bakwazi ukuya enkonzweni yasensimini ngenxa yempilo, manje sebeyakwazi besebenzisa amavidiyo. Odade abathathu abaneminyaka engaphezu kuka-80 bafunda ukusebenzisa indlela entsha yezobuchwepheshe futhi baqala ukuhlanganyela enkonzweni kaningana ngeviki.” (IHu. 92:14, 15) Ungathanda yini ukwandisa inkonzo yakho futhi unambithe ubuhle bukaJehova ngisho nakakhulu? Cabanga ngezinye izinto ongazenza ezingakusiza ufinyelele lowo mgomo.

INDLELA ONGENZA NGAYO OKWENGEZIWE

12. Yini uJehova ayithembisa labo abathembela kuye?

12 Funda ukuthembela kuJehova. Uthembisa ukusibusisa uma simethemba futhi simenzela konke okusemandleni ethu. (Mal. 3:10) UDadeweth’ uFabiola waseColombia wasibona lesi sithembiso sikaJehova sigcwaliseka kuye. Wayefuna ukuba iphayona elivamile ngemva ngokubhapathizwa. Kodwa, kwakufanele asebenze ukuze anakekele umyeni wakhe nezingane zabo ezintathu. Ngakho lapho esekwazi ukuthatha umhlalaphansi, wathandazela usizo lukaJehova. Uthi: “Ngokuvamile kuthatha isikhathi eside ukuba uthole impesheni, kodwa eyami yavele yaphuma ngemva kwenyanga nje ngifake isicelo sokuyithola. Kwakumangaza ngempela!” Ngemva kwezinyanga ezimbili waqala ukuphayona. Manje uneminyaka engaphezu kuka-70 futhi usephayone iminyaka engaphezu kuka-20. Phakathi naleso sikhathi, usize abantu abangu-8 ukuba babhapathizwe. Uthi: “Nakuba ngezinye izikhathi ngikhathala, nsuku zonke uJehova uyangisiza ngikwazi ukuqhubeka nenkonzo yami.”

U-Abrahama noSara, uJakobe, nabapristi ababewela uMfula iJordani babonisa kanjani ukuthi bathembele kuJehova? (Bheka isigaba 13)

13-14. Yiziphi izibonelo ezingasisiza sithembele kuJehova futhi senze okwengeziwe?

13 Funda ezibonelweni zalabo abathembela kuJehova. IBhayibheli linezibonelo zabantu abaningi abasebenza kanzima enkonzweni kaJehova. Ezimweni eziningi, lezo zinceku zikaJehova kuye kwadingeka zenze okuthile kuqala ukuze zithole isibusiso sakhe. Ngokwesibonelo, kwadingeka u-Abrahama aqale ashiye umuzi wakhe—“nakuba ayengazi ukuthi uyaphi”—ngaphambi kokuba uJehova ambusise. (Heb. 11:8) UJakobe waze wathola isibusiso ngemva kokubambana nengelosi. (Gen. 32:24-30) Lapho isizwe sakwa-Israyeli sesizongena eZweni Lesithembiso, kwadingeka abapristi baqale bafake izinyawo zabo eMfuleni iJordani ngaphambi kokuba abantu bakwazi ukuwela.—Josh. 3:14-16.

14 Ungazuza nasezibonelweni zoFakazi bosuku lwethu abaye bathembela kuJehova futhi benza okwengeziwe. Ngokwesibonelo, uMfoweth’ uPayton nomkakhe uDiana, babekujabulela ukufunda ngabafowethu nodadewethu abandisa inkonzo yabo kuJehova, njengalabo okukhulunywa ngabo ochungechungeni oluthi “Bazinikela Ngokuzithandela.” * UPayton uthi: “Lapho sifunda ngalokho okwenzeka kubo, kwaba sengathi sibuka umuntu ojabulela ukudla okumnandi. Njengoba sasiqhubeka simbuka, safuna nakakhulu ‘ukunambitha sibone ukuthi uJehova muhle.’” Ngokuhamba kwesikhathi, uPayton noDiana bathuthela endaweni eyayinesidingo esikhulu. Uke walifunda lolu chungechunge? Uke wayibukela ividiyo ethi Ukushumayela Ensimini Esemajukujukwini—E-Australia nethi Ukushumayela Ensimini Esemajukujukwini—E-Ireland atholakala ku-jw.org? La malungiselelo angakusiza uthole izindlela zokwandisa inkonzo yakho.

15. Ukubakhetha kahle abantu esizihlanganisa nabo kungasisiza kanjani?

15 Bakhethe kahle abantu ozihlanganisa nabo. Kulula ukuba sizame olunye uhlobo lokudla uma sihlala nabantu abakuthandayo lokho kudla. Ngendlela efanayo, uma sizihlanganisa nalabo abakubeka kuqala ukukhonza uJehova ekuphileni kwabo, azoba maningi amathuba okuba nathi sifune izindlela zokwandisa inkonzo esiyenzela uNkulunkulu. Yilokho okwenzeka kuKent nomkakhe uVeronica. UKent uthi, “Abangane nomndeni basikhuthaza ukuba sizame ukusebenzisa izindlela ezintsha enkonzweni yethu. Saqaphela ukuthi ngokuzihlanganisa nalabo abafuna uMbuso kuqala, saba nesibindi sokuzama izindlela ezintsha.” Manje uKent noVeronica bangamaphayona akhethekile eSerbia.

16. Njengoba kuboniswe emfanekisweni kaJesu okuLuka 12:16-21, kungani kufanele sizimisele ukuzidela?

16 Zimisele ukudela izinto ezithile ukuze ukhonze uJehova. Akudingeki sidele konke esikuthandayo ukuze sijabulise uJehova. (UmSh. 5:19, 20) Nokho, uma siba manqikanqika ekwenzeni okwengeziwe enkonzweni kaNkulunkulu ngoba singafuni ukulahlekelwa izinto ezithile, siyobe senza iphutha elifana nalelo elenziwa indoda esemfanekisweni kaJesu eyayingenandaba noNkulunkulu, eyasebenza kanzima ukuze iphile kamnandi. (Funda uLuka 12:16-21.) UMfoweth’ uChristian ohlala eFrance, uthi, “Ingxenye enkulu yesikhathi namandla ami ngangiyisebenzisela ezinye izinto, hhayi ukukhonza uJehova nokunaka umndeni wami.” Yena nomkakhe banquma ukuphayona. Kodwa ukuze bafinyelele lowo mgomo, kwakufanele bayeke imisebenzi yabo. Ukuze bazisekele, bavula ibhizinisi elincane lokuhlanza, bafunda nokwaneliswa okuncane abanakho. Ingabe bayajabula ngokuthi bazidela? UChristian uthi, “Siyijabulela nakakhulu inkonzo manje, kuyasijabulisa nokubona abantu esibafundela iBhayibheli nesiphindela kubo befunda ngoJehova.”

17. Yini engasenza singabaze ukuzama izindlela ezintsha enkonzweni yethu?

17 Zimisele ukuzama izindlela ezintsha enkonzweni. (IzE. 17:16, 17; 20:20, 21) Phakathi nobhubhane lwe-COVID-19, uShirley ophayona e-United States, kwadingeka enze ushintsho enkonzweni yakhe. Ekuqaleni, wangabaza ukuzama ukushumayela ngocingo. Nokho, ngemva kokuba umbonisi wesigodi esebaqeqeshile, uShirley waqala ukushumayela njalo ngocingo. Uthi: “Ekuqaleni kwakwethusa, kodwa manje ngikuthanda kakhulu. Sifinyelela abantu abaningi kakhulu kunalabo esasibathola endlini ngendlu!”

18. Njengoba sizama ukwandisa inkonzo yethu, yini engasisiza sibhekane nezinkinga?

18 Zibekele umgomo, uzame ukuwufinyelela. Uma sibhekana nezinkinga siyathandaza, sicabangisise ngokuthi yini esingayenza ukuze sizixazulule. (IzAga 3:21) USonia oyiphayona elivamile ebandleni lesiRomany eYurophu, uthi: “Ngiyathanda ukuyibhala ephepheni imigomo yami, bese lelo phepha ngilibeka endaweni esobala. Etafuleni lami nginomdwebo wemigwaqo emibili ephambanayo. Lapho kunesinqumo okumelwe ngisenze, ngibuka leyo migwaqo bese ngicabanga ngokuthi isinqumo sami sizongiholelaphi.” USonia uzama ukuhlale enombono omuhle ngezinkinga abhekana nazo. Uthi: “Isimo ngasinye engibhekana naso singaba njengodonga olungivimbayo noma ibhuloho elingisizayo—kuya ngokuthi nginamuphi umbono ngaso.”

19. Yini okufanele sizimisele ukuyenza?

19 UJehova usibusisa ngezindlela eziningi. Singabonisa ukuthi siyambonga ngalezo zibusiso ngokwenza konke okusemandleni ethu ukuze simdumise. (Heb. 13:15) Lokho kungahlanganisa nokuzama izindlela ezintsha zokwandisa inkonzo yethu, okusibeka emathubeni okuthola izibusiso ezengeziwe. Usuku ngalunye, masifune izindlela ‘zokunambitha sibone ukuthi uJehova muhle.’ Uma senza kanjalo sizoba njengoJesu owathi: “Ukudla kwami kuwukuba ngenze intando yalowo ongithumile nokuba ngiqede umsebenzi wakhe.”—Joh. 4:34.

INGOMA 80 “Nambithani Nibone Ukuthi UJehova Muhle”

^ par. 5 UJehova unguMthombo wobuhle. Unika bonke abantu izinto ezinhle—ngisho nabantu ababi. Kodwa ngokukhethekile uthanda ukwenzela izikhonzi zakhe ezithembekile izinto ezinhle. Kulesi sihloko, sizohlola ukuthi uJehova ububonisa kanjani ubuhle bakhe ezincekwini zakhe. Sizohlola nokuthi labo abandisa inkonzo yabo bangase babubone kanjani ubuhle bukaJehova ngendlela ekhethekile.

^ par. 7 Amanye amagama ashintshiwe.

^ par. 14 Lolu chungechunge, lwaluvela kuyi-Nqabayokulinda, kodwa manje seluvela ku-jw.org. Iya kwesithi MAYELANA NATHI > IZINTO ABABHEKANE NAZO > UKUFINYELELA IMIGOMO ENGOKOMOYA.