Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 31

Uzimisele Yini Ukulinda UJehova?

Uzimisele Yini Ukulinda UJehova?

Ngizomlinda ngesineke.MIKA 7:7.

INGOMA 128 Ukukhuthazela Kuze Kube Sekupheleni

AMAZWIBELA *

1-2. Sizoxoxa ngani kulesi sihloko?

UZIZWA kanjani lapho iphasela olidinga ngempela lingafiki ngesikhathi obulilindele ngaso? Uphatheka kabi? IzAga 13:12 ziyavuma ukuthi “ukuhlehliswa kwento elindelwe kuyayigulisa inhliziyo.” Kodwa kuthiwani uma uzwa ukuthi kunezizathu ezizwakalayo ezenze iphasela lakho langafika ngesikhathi obulilindele ngaso? Uma kunjalo, cishe ubungaba nesineke futhi uzimisele ukulinda.

2 Kulesi sihloko, sizobheka izimiso zeBhayibheli eziningana ezingasisiza sifunde ‘ukulinda ngesineke.’ (Mika 7:7) Sizobe sesihlola nezimo ezimbili okumelwe silinde uJehova kuzo ngesineke ukuba athathe isinyathelo. Ekugcineni, sizoxoxa ngezibusiso ezizotholwa yilabo abazimisele ukumlinda ngesineke uJehova.

IZIMISO ZEBHAYIBHELI EZISIFUNDISA ISINEKE

3. Sifundani esimisweni esitholakala encwadini yezAga 13:11?

3 IzAga 13:11 zisifundisa ngesidingo sokuba nesineke. Zithi: “Umcebo otholakale kalula uyoncipha, kodwa umcebo womuntu awuqongelela kancane kancane uyokwanda.” Sifundani kulesi simiso? Kuwukuhlakanipha ukuba nesineke lapho senza izinto, sizenze kancane kancane.

4. Sifundani esimisweni esitholakala encwadini yezAga 4:18?

4 IzAga 4:18 zithi “indlela yabalungile injengokukhanya okukhulu kwasekuseni okuya kukhanya nakakhulu kuze kube semini.” La mazwi asebenza kahle endleleni uJehova ayembula ngayo injongo yakhe kubantu bakhe—kancane kancane. Nokho, leli vesi lingaphinde lisebenze nasendleleni umKristu enza ngayo ushintsho ekuphileni kwakhe ukuze asondele kuJehova. Ukukhula okungokomoya kwenzeka kancane kancane. Kudinga isikhathi. Uma sitadisha ngokuzikhandla futhi sisebenzisa iseluleko esisithola eZwini likaNkulunkulu nasenhlanganweni yakhe, kancane kancane sizoba nobuntu obufana nobukaKristu. Sizomazi kangcono noNkulunkulu. Cabanga ngendlela uJesu akufanekisa ngayo lokho.

Njengoba nje isitshalo sikhula kancane kancane, kanjalo nomuntu olalela isigijimi soMbuso ukhula kancane kancane ngokomoya (Bheka isigaba 5)

5. UJesu wayifanisa nani intuthuko eyenzeka kancane kancane?

5 UJesu wasebenzisa umfanekiso ukuze achaze ukuthi umyalezo woMbuso esiwushumayelayo ufana nembewu encane ekhula kancane kancane ezinhliziyweni zabaqotho. Wathi: “Imbewu iyahluma ikhule ibe yinde—ukuthi kanjani [umhlwanyeli] akazi. Umhlabathi uzithelela ngokwawo isithelo kancane kancane, kuqala isiqu, bese kuba isihloko, ekugcineni kube izinhlamvu ezigcwele esihlokweni.” (Marku 4:27, 28) Wayeveza liphi iphuzu uJesu? Wayechaza ukuthi njengoba nje isitshalo sikhula kancane kancane, kanjalo nomuntu olalela isigijimi soMbuso ukhula kancane kancane ngokomoya. Ngokwesibonelo, njengoba abantu abaqotho esibafundela iBhayibheli besondela kuJehova, siqala ukubona ushintsho oluhle abalwenzayo ukuphileni. (Efe. 4:22-24) Kodwa kumelwe sikhumbule ukuthi nguJehova okhulisa leyo mbewu encane.—1 Kor. 3:7.

6-7. Sifundani endleleni uJehova adala ngayo umhlaba?

6 Kukho konke akwenzayo, ngesineke uJehova uzinika isikhathi esidingekayo ukuze enze umsebenzi wakhe awuqede. Wenza kanjalo ukuze akhazimulise igama lakhe, azuzise nabanye. Ngokwesibonelo, cabanga ngendlela uJehova awulungisa ngayo kancane kancane umhlaba ewulungisela abantu.

7 Lapho lichaza indlela uJehova adala ngayo umhlaba, iBhayibheli lithi wakala “izilinganiso zawo,” wambela “izisekelo zawo,” futhi wabeka “itshe lawo legumbi.” (Jobe 38:5, 6) Waze wazipha ngisho nesikhathi sokuhlola umsebenzi wakhe. (Gen. 1:10, 12) Ucabanga ukuthi izingelosi zazizwa kanjani lapho zibona umsebenzi kaJehova uhlangana kancane kancane? Kumelwe ukuba zajabula kakhulu! Ngenxa yalokho, zaqala ‘ukumemeza zihalalisa.’ (Jobe 38:7) Sifundani? Kwamthatha izinkulungwane zeminyaka uJehova ukuba aqede umsebenzi wakhe, kodwa lapho ehlola ngokucophelela konke ayekwenzile, wathi “kwakukuhle kakhulu.”—Gen. 1:31.

8. Yini esizoxoxa ngayo manje?

8 Njengoba sibonile ezibonelweni ezingenhla, singathola izimiso eziningi eZwini likaNkulunkulu ezisifundisa ngesidingo sokuba nesineke. Manje sizoxoxa ngezimo ezimbili okumelwe sizimisele ukulinda uJehova kuzo.

KUNINI LAPHO KUFANELE SIMLINDE KHONA UJEHOVA?

9. Kunini lapho kumelwe silinde khona uJehova?

9 Kungase kudingeke silinde ukuba imithandazo yethu iphendulwe. Lapho sithandazela amandla okubhekana nenkinga noma usizo lokunqoba ubuthakathaka, singase sibone sengathi impumuzo esiyidingayo ithatha isikhathi eside kunaleso esisilindele. Kungani uJehova engayiphenduli ngaso leso sikhathi yonke imithandazo?

10. Kungani kudingeka sibe nesineke endabeni yomthandazo?

10 UJehova uyayilalelisisa imithandazo yethu. (IHu. 65:2) Imithandazo yethu eqotho uyibheka njengobufakazi bokuthi sinokholo kuye. (Heb. 11:6) UJehova ufuna nokubona ukuthi sizimisele kangakanani ukuphila ngokuvumelana nemithandazo yethu, nokwenza intando yakhe. (1 Joh. 3:22) Ngakho kungase kudingeke sibe nesineke, senze ngokuvumelana nemithandazo yethu lapho sizama ukulwa nomkhuba othile noma ubuthakathaka. UJesu wasisiza saqonda ukuthi ngeke iphendulwe ngokushesha eminye imithandazo yethu. Wathi: “Qhubekani nicela, niyophiwa; qhubekani nifuna, niyothola; qhubekani ningqongqoza, niyovulelwa; ngoba wonke umuntu ocelayo uyamukela, wonke umuntu ofunayo uyathola, wonke umuntu ongqongqozayo uyovulelwa.” (Math. 7:7, 8) Uma silalela lesi seluleko, ‘siphikelela emthandazweni,’ singaqiniseka ngokuthi uBaba wethu osezulwini uyasizwa futhi uzoyiphendula imithandazo yethu.—Kol. 4:2.

Lapho sisalinde uJehova, siyaqhubeka sithandaza kuye ngokholo (Bheka isigaba 11) *

11. EyamaHebheru 4:16 isisiza kanjani lapho umthandazo wethu ungaphendulwa ngokushesha?

11 Nakuba kungaba sengathi awuphendulwa ngokushesha umthandazo wethu, uJehova uthembisa ukusiphendula “ngesikhathi esifanele.” (Funda eyamaHebheru 4:16.) Yingakho kungafanele sisole uJehova uma izinto zingasheshi ukwenzeka ngendlela ebesifisa ngayo. Ngokwesibonelo, sekuphele iminyaka abaningi bethandazela ukuba uMbuso kaNkulunkulu uqede leli zwe. NoJesu wathi kumelwe sikuthandazele lokho. (Math. 6:10) Kodwa kungaba ubuwula uma othile evumela ukholo lwakhe kuNkulunkulu lube buthaka ngenxa yokuthi ukuphela akufikanga ngesikhathi abantu abakulindele ngaso! (Hab. 2:3; Math. 24:44) Kuwukuhlakanipha ukuqhubeka silinde uJehova, ngokholo sithandaze kuye. Ukuphela kuzofika ngesikhathi esifanele, ngoba uJehova uselukhethile ‘usuku nehora’ okuzofika ngalo. Lolo suku luyofika ngesikhathi esifanele kubo bonke abantu.—Math. 24:36; 2 Pet. 3:15.

Yini esiyifunda kuJosefa ngokuba nesineke? (Bheka izigaba 12-14)

12. Kunini lapho kungase kube nzima kakhulu ukubonisa isineke?

12 Kungase kudingeke sibe nesineke lapho silinde ukuba izinto zenzeke ngobulungisa. Ngokuvamile abantu baleli zwe ababaphathi kahle abantu bobulili obuhlukile, bolunye uhlanga, isiko noma ubuzwe. Abanye baphathwa kabi ngenxa yokukhubazeka noma ukugula engqondweni. Abantu bakaJehova abaningi baye bakhuthazelela ukuphathwa ngokungenabulungisa ngenxa yezinkolelo zabo ezisekelwe eBhayibhelini. Lapho siphathwa kabi ngaleyo ndlela, kumelwe sikhumbule amazwi kaJesu. Wathi: “Lowo okhuthazele kwaze kwaba sekupheleni uyosindiswa.” (Math. 24:13) Kodwa kuthiwani uma uthola ukuthi othile ebandleni wenze isono esikhulu? Uma abadala sebeyazi leyo ndaba, ingabe uzoyishiyela ezandleni zabo, ulinde ngesineke ukuba bayisingathe ngendlela kaJehova? Yini engase ihileleke?

13. Yini ehilelekile ekusingatheni izindaba ngendlela kaJehova?

13 Lapho abadala bethola ukuthi kunesono esikhulu esenziwe ebandleni, bayathandaza bacele “ukuhlakanipha kwaphezulu” ukuze indaba bayisingathe ngendlela kaJehova. (Jak. 3:17) Umgomo wabo ukusiza isoni sibuye “ekuphambukeni kwaso” uma kungenzeka. (Jak. 5:19, 20) Bafuna nokwenza konke okusemandleni abo ukuze bavikele ibandla futhi baduduze abaphathwe kabi. (2 Kor. 1:3, 4) Lapho besingatha amacala ahilela izono ezinkulu, abadala kumelwe baqale bathole wonke amaqiniso, okungase kuthathe isikhathi. Ngemva kwalokho, ngosizo lomthandazo bakhipha iseluleko esisekelwe emiBhalweni futhi balungise isoni “ngezinga elifanele.” (Jer. 30:11) Nakuba bengahlehlisi izinto, abadala abaxhamazeli lapho benza isinqumo. Lapho izindaba zisingathwa ngendlela efanele, bonke ebandleni bayozuza. Kodwa ngisho noma izinto zisingathwa ngale ndlela, kungenzeka owoniwe aqhubeke ezwa ubuhlungu. Uma nawe uzizwa kanjalo, yini ongayenza ukuze udambise ubuhlungu?

14. Yisiphi isibonelo seBhayibheli esingakusiza uma omunye umKristu ekuphathe kabi kakhulu?

14 Kwake kwenzeka yini othile, noma ngisho okholwa naye, wakuphatha kabi kakhulu? Ungathola izibonelo ezinhle kakhulu eZwini likaNkulunkulu ezisifundisa ukulinda uJehova ukuba alungise izinto. Ngokwesibonelo, nakuba abafowabo bakaJosefa bamphatha kabi, akazange akuvumele lokho kumenze umuntu ohlal’ ethukuthele. Kunalokho, waqhubeka egxile enkonzweni ayenzela uJehova, owamnika umvuzo omkhulu ngenxa yokukhuthazela kwakhe nesineke. (Gen. 39:21) Ngokuhamba kwesikhathi, uJosefa wakwazi ukubudlulisa lobo buhlungu, wabona nendlela uJehova ayembusise ngayo. (Gen. 45:5) NjengoJosefa nathi siyaduduzeka lapho sisondela kuJehova, ubulungisa sibushiyele ezandleni zakhe.—IHu. 7:17; 73:28.

15. Yini eyasiza udade wakwazi ukudlulisa ukuphathwa kabi?

15 Yiqiniso, akukona konke ukuphathwa kabi okungaba kukhulu njengokukaJosefa, kodwa konke kungase kusizwise ubuhlungu. Lapho sinenkinga nothile, kuhlanganise nomuntu ongamkhonzi uJehova, sizozuza lapho sisebenzisa izimiso zeBhayibheli. (Fil. 2:3, 4) Cabanga ngalesi sibonelo. Udade waphatheka kabi kakhulu lapho ezwa ukuthi asebenza naye usho izinto ezimbi nezingelona iqiniso ngaye kwabanye. Kunokuba enze okuthile engacabanganga, udade wazinika isikhathi sokuzindla ngesibonelo sikaJesu. Lapho ethukwa, akaphindiselanga ngokuthuka. (1 Pet. 2:21, 23) Ukukhumbula lokho, kwenza lo dade wakhetha ukukudlulisa okwakwenzekile. Kamuva wathola ukuthi lo asebenza naye wayegula kakhulu futhi ekhathazekile. Udade waphetha ngokuthi kungenzeka wayengaqondile ukusho lezo zinto ngaye. Ngakho udade wajabula ngokuthi wayebe nesineke wakhuthazelela lokho kuphathwa kabi, wakwazi nokuba nokuthula.

16. Yini engakududuza uma ukhuthazelela ukungabi nabulungisa? (1 Petru 3:12)

16 Uma ukhuthazelela ukungabi nabulungisa noma olunye uhlobo lokuhlukumezeka, khumbula ukuthi uJehova useduze nalabo “abaphukile enhliziyweni.” (IHu. 34:18) Uyakuthanda ngenxa yokuba kwakho nesineke nokuthi uphonsa umthwalo wakho kuye. (IHu. 55:22) UnguMahluleli womhlaba wonke. Akukho angakuboni. (Funda eyoku-1 Petru 3:12.) Lapho ubhekene nezinkinga ongeke ukwazi ukuzixazulula, ingabe uzimisele ukulinda uJehova?

IZIBUSISO EZIHLALA NJALO EZIYOTHOLWA YILABO ABALINDA UJEHOVA

17. Njengoba kuboniswe ku-Isaya 30:18, yini uJehova asiqinisekisa ngayo?

17 Maduze, uBaba wethu osezulwini uzosibusisa ngokucebile esebenzisa uMbuso wakhe. U-Isaya 30:18 uthi: “UJehova ulinde ngesineke ukuze anibonise umusa, uyothatha isinyathelo ukuze anibonise isihe. Ngoba uJehova unguNkulunkulu wobulungisa. Bayajabula bonke abahlala bemlindele.” Labo abahlala belindele uJehova bayothola izibusiso eziningi manje nasezweni elisha elizayo.

18. Yiziphi izibusiso esizilindele?

18 Lapho abantu bakaNkulunkulu sebesezweni elisha, ngeke kuphinde kudingeke bakhuthazelele izinkathazo ababhekene nazo manje. Ubuhlungu nokungabi nabulungisa kuyobe kungasekho. (IsAm. 21:4) Ngeke sikhathazeke ngoba kuyoba khona inala yezinto esizidingayo. (IHu. 72:16; Isaya 54:13) Kuyoba mnandi kakhulu!

19. Yini uJehova asilungiselela yona kancane kancane?

19 Okwamanje, njalo lapho sinqoba umkhuba omubi noma siba nemfanelo enhle, uJehova usuke esilungiselela ukuphila lapho sekubusa yena. Ungadikibali, uphonse ithawula. Izinto zisazoba ngcono! Njengoba silindele ikusasa elihle, kwangathi singazimisela ukuqhubeka silinde uJehova ngesineke aze aqede umsebenzi wakhe!

INGOMA 118 “Siphe Ukholo Olwengeziwe”

^ par. 5 Wake wamuzwa yini umuntu osekhonze uJehova isikhathi eside ethi, ‘Ngangingazitsheli ukuthi ngiyoze ngibe ngaka kungakafiki ukuphela kwaleli izwe’? Sonke siyakulangazelela ukubona uJehova eqeda leli zwe, ikakhulukazi kulezi zikhathi ezinzima. Noma kunjalo, kudingeka sifunde ukuba nesineke. Kulesi sihloko, sizobheka izimiso zeBhayibheli ezingasisiza silinde ngesineke. Sizohlola nezimo ezimbili okumelwe silinde uJehova ngesineke kuzo. Ekugcineni, sizoxoxa ngezibusiso ezizotholwa yilabo abazimisele ukulinda.

^ par. 56 INCAZELO YESITHOMBE: Kusukela eseyingane, udade ubethandaza njalo kuJehova. Esemncane, abazali bakhe bamfundisa ukuthandaza. Lapho esemusha waba yiphayona, futhi wayemcela njalo uJehova ukuba abusise inkonzo yakhe. Eminyakeni eminingi kamuva lapho umyeni wakhe egula, lo dade wancenga uJehova ukuba amnike amandla okukhuthazela. Manje usengumfelokazi, uyaphikelela emthandazweni, eqiniseka ngokuthi uYise osezulwini uzoyiphendula imithandazo yakhe—njengoba nje ebelokhu eyiphendula ukuphila kwakhe konke.