Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 30

Yazise Indawo Yakho Emndenini KaJehova

Yazise Indawo Yakho Emndenini KaJehova

Wamenza waba ngaphansana kwezingelosi, wamthwesa umqhele wenkazimulo nobukhazikhazi.”IHU. 8:5.

INGOMA 123 Ukuzithoba Ngobuqotho

AMAZWIBELA *

1. Yimiphi imibuzo esingase sibe nayo lapho sicabanga ngakho konke uJehova akudalile?

LAPHO sicabanga ngazo zonke izinto uJehova azidalile, singase sizizwe njengomhubi uDavide owathandaza wabuza uJehova: “Lapho ngibona amazulu akho, imisebenzi yezandla zakho, inyanga nezinkanyezi okudalile, uyini umuntu ofayo ukuba umkhumbule, nendodana yomuntu ukuba uyinakekele?” (IHu. 8:3, 4) NjengoDavide, kungenzeka ukuthi lapho sicabanga ngokuthi sibancane kangakanani uma siqhathaniswa nendalo kaJehova, kuvele kusimangaze ukuthi usinakile. Nokho njengoba sizobona, uJehova akagcinanga nje ngokubanaka abantu bokuqala, u-Adamu no-Eva, kodwa wabenza ingxenye yomndeni wakhe.

2. Yayiyini injongo kaJehova ngezingane zakhe zokuqala zasemhlabeni?

2 U-Adamu no-Eva babeyizingane zikaJehova zokuqala zasemhlabeni, futhi uJehova wayenguBaba wabo osezulwini onothando. Wayelindele ukuba babe amalungu omndeni akhiqizayo. UNkulunkulu wathi kubo: “Zalani nande, nigcwalise umhlaba niwunqobe.” (Gen. 1:28) Kwakumelwe babe nabantwana, balinakekele kahle ikhaya labo eliwumhlaba. Ukube balalela, benza ngokuvumelana nenjongo kaJehova, u-Adamu no-Eva nezingane zabo babeyohlala bengamalungu omndeni kaNkulunkulu kuze kube phakade.

3. Yini engasenza siphethe ngokuthi u-Adamu no-Eva babenendawo ehloniphekile emndenini kaJehova?

3 U-Adamu no-Eva babenendawo ehloniphekile emndenini kaJehova. Njengoba kubonisiwe encwadini yeHubo 8:5, uDavide washo lokhu ngendlela uJehova adala ngayo umuntu: “Wamenza waba ngaphansana kwezingelosi, wamthwesa umqhele wenkazimulo nobukhazikhazi.” Kuyiqiniso ukuthi abantu abanikwanga amandla, ukuhlakanipha, namakhono afana nawezingelosi. (IHu. 103:20) Nokho, abantu ‘bangaphansana’ nje kwalezo zingelosi ezinamandla. Kumangalisa ngempela lokho! UJehova wanika abazali bethu bokuqala isiqalo esihle kakhulu.

4. Kwenzekani ngendawo ka-Adamu no-Eva emndenini kaJehova, futhi sizoxoxa ngani kulesi sihloko?

 4 Ngokudabukisayo, u-Adamu no-Eva ababange besaba nayo indawo emndenini kaJehova. Lokho kwaba nemiphumela emibi kakhulu ezinganeni zabo, njengoba sizobona kulesi sihloko. Kodwa injongo kaJehova ayikashintshi. Ufuna abantu abalalelayo babe izingane zakhe kuze kube phakade. Ake siqale sixoxe ngendlela uJehova asibonise ngayo ukuthi uyasazisa. Sizobe sesixoxa ngalokho esingakwenza manje ukuze sibonise ukuthi siyafuna ukuba amalungu omndeni kaNkulunkulu. Ekugcineni, sizobe sesixoxa ngezibusiso izingane zikaJehova zasemhlabeni ezizozijabulela kuze kube phakade.

INDLELA UJEHOVA ABONISE NGAYO UKUTHI UYABAZISA ABANTU

Yiziphi izindlela uJehova abonise ngazo ukuthi uyasazisa? (Bheka izigaba 5-11) *

5. Singambonga kanjani uNkulunkulu ngokusenza ngomfanekiso wakhe?

5 UJehova ubonise ukuthi uyasazisa ngokusenza ngomfanekiso wakhe. (Gen. 1:26, 27) Ngenxa yokuthi senziwe ngomfanekiso kaNkulunkulu, singakwazi ukuba nezimfanelo zakhe ezinhle ezinjengothando, uzwela, ubuqotho nokulunga futhi sizibonise. (IHu. 86:15; 145:17) Lapho siba nalezo zimfanelo, sidumisa uJehova, sibonisa nokuthi siyambonga. (1 Pet. 1:14-16) Uma siziphatha ngendlela ejabulisa uBaba wethu osezulwini, nathi siyajabula. Ngokusidala ngomfanekiso wakhe, uJehova wasenza sakwazi ukuba uhlobo lwabantu alufunayo emndenini wakhe.

6. UJehova wabonisa kanjani ukuthi uyabazisa abantu lapho edala umhlaba?

6 UJehova wasenzela ikhaya elihle. Kusasele isikhathi eside ngaphambi kokuba adale umuntu wokuqala, uJehova wenza umhlaba ukuze kuhlale abantu. (Jobe 38:4-6; Jer. 10:12) Ngenxa yokuthi uyasicabangela futhi uyaphana, uJehova usenzele izinto eziningi ezingasijabulisa. (IHu. 104:14, 15, 24) Wayezinika isikhathi sokubuka akudalile futhi “wabona ukuthi kuhle.” (Gen. 1:10, 12, 31) Wabonisa ukuthi uyabazisa abantu ngokubenza ‘babuse’ yonke indalo yakhe enhle esemhlabeni. (IHu. 8:6) UNkulunkulu ufuna abantu abangenasono banakekele indalo yakhe enhle phakade. Umbonga njalo yini uJehova ngalesi sithembiso esimangalisayo?

7. UJoshuwa 24:15 ubonisa kanjani ukuthi umuntu unenkululeko yokuzikhethela?

7 UJehova usinike isipho esiyinkululeko yokuzikhethela. Singazikhethela ukuthi yini esizoyenza ekuphileni. (Funda uJoshuwa 24:15.) Ilungelo lokukhetha libizwa ngokuthi inkululeko yokuzikhethela. UNkulunkulu wethu onothando uyajabula lapho sikhetha ukumkhonza. (IHu. 84:11; IzAga 27:11) Inkululeko yethu yokuzikhethela singayisebenzisa ezintweni eziningi. Cabanga ngesibonelo esabekwa uJesu.

8. UJesu wayisebenzisa kanjani inkululeko yakhe yokuzikhethela?

8 Silingisa isibonelo sikaJesu lapho sikhetha ukunaka izidingo zabanye kuqala kunezethu. Ngolunye usuku uJesu nabaphostoli bakhe babekhathele kakhulu, bahamba bayofuna indawo ethule ababefisa ukuphumula kuyo. Kodwa, abazange baphumule. Babonwa isixuku esasifuna uJesu asifundise. UJesu akazange acasuke. Kunalokho, waba nesihawu ngaleso sixuku. Wabe esenzani uJesu? “Wasifundisa izinto eziningi.” (Marku 6:30-34) Lapho silingisa uJesu ngokusebenzisa isikhathi namandla ethu ukuze sisize abanye, siletha udumo kuBaba wethu osezulwini. (Math. 5:14-16) Sibonisa noJehova ukuthi siyafuna ukuba ingxenye yomndeni wakhe.

9. Yini abazali okufanele bayikhumbule?

9 UJehova wenze abantu bakwazi ukuba nezingane, wabanika nomsebenzi wokuzifundisa ukumthanda nokumkhonza. Uma ungumzali, uyasazisa yini lesi sipho esiyigugu? Nakuba uJehova enze izingelosi zaba namakhono amaningi amahle, akazange azinike lesi sipho. Ukwazi lokhu, kumelwe kwenze abazali balijabulele ithuba abalitholile lokukhulisa izingane. Abazali banikwe umsebenzi obalulekile wokukhulisa izingane zabo ‘ngokuziqeqesha nangesiyalo sikaJehova.’ (Efe. 6:4; Dut. 6:5-7; IHu. 127:3) Ukuze isize abazali, inhlangano kaNkulunkulu yenze amathuluzi amaningi asekelwe eBhayibhelini, anjengezincwadi, amavidiyo, umculo nokunye okutholakala kuyi-inthanethi. Kuyacaca ukuthi uBaba wethu osezulwini neNdodana yakhe bazithanda kakhulu izingane zethu. (Luka 18:15-17) Lapho abazali bethembela kuJehova futhi benza konke abangakwenza ukuze banakekele izingane zabo eziyigugu, uJehova uyajabula. Banikeza nezingane zabo ithemba lokuba ingxenye yomndeni kaJehova kuze kube phakade!

10-11. UJehova usivulele maphi amathuba ngesihlengo?

10 UJehova wanikela ngeNdodana yakhe eyigugu kakhulu ukuze sikwazi ukuphinde sibe amalungu omndeni waKhe. Njengoba sibonile  esigabeni 4, u-Adamu no-Eva ababange besaba nayo indawo emndenini kaJehova, lokho kwenza nezingane zabo zalahlekelwa indawo emndenini kaJehova. (Roma 5:12) U-Adamu no-Eva abamlalelanga ngamabomu uNkulunkulu, ngakho kwakubafanele ukuphucwa ifa labo. Kodwa kuthiwani ngezingane zabo? Ngothando, uJehova wenza indlela yokuba lezo ezimlalelayo zibe izingane zokutholwa emndenini wakhe. Lokho wakwenza ngomhlatshelo weNdodana yakhe ezelwe yodwa, uJesu Kristu. (Joh. 3:16; Roma 5:19) Ngenxa yomhlatshelo kaJesu kunabantu abaqotho abangu-144 000 uNkulunkulu abamukela njengamadodana akhe okutholwa.—Roma 8:15-17; IsAm. 14:1.

11 Ngaphezu kwalokho, kunezinye izigidi eziningi zabathembekile abenza intando kaNkulunkulu. Banethemba lokuba amalungu omndeni wakhe phakade ngemva kovivinyo lokugcina, ekupheleni kweMinyaka Eyinkulungwane. (IHu. 25:14; Roma 8:20, 21) Ngenxa yalelo themba, kwamanje babiza uJehova, uMdali wabo, ngokuthi “Baba.” (Math. 6:9) Abavusiwe nabo bayonikwa ithuba lokufunda ngalokho uJehova akulindele kubo. Labo abalalela isiqondiso sakhe, ekugcineni nabo bayoba amalungu omndeni wakhe.

12. Sizophendula muphi umbuzo?

12 Njengoba sibonile, uJehova wenze izinto eziningi ukuze abonise ukuthi uyabazisa abantu. Uye wamukela abagcotshiwe baba amadodana akhe okutholwa, wanika nalabo abayingxenye ‘yesixuku esikhulu’ ithemba lokuba izingane zakhe ngokuphelele ezweni elisha. (IsAm. 7:9) Yini esingayenza manje ukuze sibonise uJehova ukuthi siyafuna ukuba ingxenye yomndeni wakhe phakade?

BONISA UJEHOVA UKUTHI UYAFUNA UKUBA INGXENYE YOMNDENI WAKHE

13. Yini esingayenza ukuze sibe ingxenye yomndeni kaNkulunkulu? (Marku 12:30)

13 Bonisa ukuthi uyamthanda uJehova ngokumkhonza ngenhliziyo yakho yonke. (Funda uMarku 12:30.) Kuzo zonke izinto uNkulunkulu asinike zona ngomusa, cishe isipho esikhulu kunazo zonke esokumkhonza. Sibonisa ukuthi siyamthanda uJehova ‘ngokugcina imiyalo yakhe.’ (1 Joh. 5:3) Ekhulumela uBaba wakhe, uJesu wasinika umyalo wokwenza abafundi, sibabhapathize. (Math. 28:19) Waphinde wasiyala ukuba sithandane. (Joh. 13:35) UJehova uzokwenza abalalelayo babe ingxenye yomndeni wakhe womhlaba wonke wabantu abamkhonzayo.—IHu. 15:1, 2.

14. Singababonisa kanjani abanye ukuthi siyabathanda? (Mathewu 9:36-38; Roma 12:10)

14 Bonisa abanye uthando. Uthando luyimfanelo kaJehova enkulu kunazo zonke. (1 Joh. 4:8) UJehova wabonisa ukuthi uyasithanda, singakamazi ngisho nokumazi. (1 Joh. 4:9, 10) Sisuke silingisa yena lapho sibonisa abanye uthando. (Efe. 5:1) Enye indlela engcono kakhulu esingabonisa ngayo abantu ukuthi siyabathanda, ukubasiza bafunde ngoJehova isikhathi sisekhona. (Funda uMathewu 9:36-38.) Ngokwenza kanjalo, sibanika ithuba lokuba amalungu omndeni kaNkulunkulu. Lapho umuntu esebhapathiziwe, kumelwe siqhubeke simthanda futhi simhlonipha. (1 Joh. 4:20, 21) Singakwenza kanjani lokho? Enye indlela, ukungazingabazi izisusa zakhe. Lapho singakuqondi akwenzayo, ngeke simbeke icala noma sicabange ukuthi unezisusa ezimbi. Kunalokho, siyombonisa udumo umfowethu, simbheke njengomkhulu kunathi.—Funda eyabaseRoma 12:10; Fil. 2:3.

15. Obani okufanele sibabonise isihe nomusa?

15 Yiba nesihe nomusa kubo bonke abantu. Uma sifuna ukuba phakathi kwabantu abanelungelo eligcwele lokubiza uJehova ngoBaba wabo kuze kube phakade, kumelwe sisebenzise iZwi likaNkulunkulu ekuphileni kwethu. Ngokwesibonelo, uJesu wasifundisa ukuthi kufanele sibonise bonke abantu isihe nomusa, ngisho nezitha zethu. (Luka 6:32-36) Kungase kube nzima ukwenza kanjalo ngezinye izikhathi. Uma kunjalo, kumelwe sifunde ukucabanga nokwenza njengoJesu. Lapho senza konke okusemandleni ukuze silalele uJehova futhi silingise uJesu, sibonisa uBaba wethu osezulwini ukuthi sifuna ukuba yingxenye yomndeni wakhe kuze kube phakade.

16. Singalivikela kanjani idumela lomndeni kaJehova?

16 Vikela idumela lomndeni kaJehova. Emndenini kuyinto evamile ukuba umfana omncane alingise umfowabo omdala. Uma omdala esebenzisa izimiso zeBhayibheli ekuphileni kwakhe, uzoba isibonelo esihle kumfowabo omncane. Uma omdala enza izinto ezimbi, umfowabo omncane angase alandele isibonelo sakhe esibi. Kunjalo nasemndenini kaJehova. Uma umKristu owake wathembeka eqinisweni, kamuva enza izinto ezibonisa ukuhlubuka noma ekhetha ukuziphatha kabi, abanye bangase balingeke, benze izinto ezimbi azenzayo. Abantu abenza kanjalo bayalilimaza idumela lezikhonzi zikaJehova eziwumndeni. (1 Thes. 4:3-8) Kumelwe sigweme ukulandela izibonelo ezimbi futhi singavumeli lutho lusihlukanise noBaba wethu osezulwini onothando.

17. Kufanele sigweme yiphi indlela yokucabanga, futhi kungani?

17 Thembela kuJehova, hhayi ezintweni zaleli zwe. UJehova uthembisa ukuthi uzosinika ukudla, okokugqoka nendawo yokuhlala uma sifuna kuqala uMbuso wakhe futhi siphila ngemithetho yakhe elungile. (IHu. 55:22; Math. 6:33) Ukwazi lokho, kwenza sigweme ukucabanga ukuthi izinto zaleli zwe zizosenza sivikeleke futhi sihlale sijabule. Siyazi ukuthi okuwukuphela kwendlela esingathola ngayo ukuthula kwengqondo kwangempela, ukwenza lokho uJehova akufunayo. (Fil. 4:6, 7) Ngisho noma sinayo imali yokuthenga izinto, kumelwe sicabange ukuthi sizoba naso yini ngempela isikhathi namandla okuzisebenzisa nokuzinakekela. Ngeke yini sigcine sesizithanda kakhulu lezo zinto? Kumelwe sikhumbule ukuthi kunomsebenzi uNkulunkulu asinike wona emndenini wakhe. Lokho kusho ukuthi akumelwe sizivumele ukuba siphazamiseke. Asifuni nangengozi ukufana nensizwa eyazilahlekisela ngethuba lokukhonza uJehova nelokuba enye yamadodana akhe okutholwa, ngenxa yokuthi yayithanda kakhulu izinto zaleli zwe ezimbalwa eyayinazo!—Marku 10:17-22.

LOKHO IZINGANE ZIKAJEHOVA EZIZOKUJABULELA KUZE KUBE PHAKADE

18. Yiliphi ilungelo elikhethekile nezibusiso abantu abalalelayo abayozijabulela phakade?

18 Abantu abalalelayo bayojabulela ilungelo elikhetheke kunawo wonke, lokuthanda nokukhonza uJehova phakade! Labo abanethemba lokuphila emhlabeni bazojabulela nokunakekela umhlaba omuhle uJehova awudala ukuze ube ikhaya labo elihle. Maduze umhlaba nakho konke okuphila kuwo kuzokwenziwa kube kusha lapho sekubusa uMbuso kaNkulunkulu. UJesu uzoxazulula zonke izinkinga ezabangelwa isinqumo sika-Adamu no-Eva sokushiya umndeni kaNkulunkulu. UJehova uzovusa izigidi zabantu, abanike ithuba lokuphila phakade sebenempilo ephelele emhlabeni ozobe usuyipharadesi. (Luka 23:42, 43) Lapho izikhonzi zikaJehova zasemhlabeni eziwumndeni sezingenaso isono, ngasinye sizoba ‘nenkazimulo nobukhazikhazi’ uDavide abhala ngakho.—IHu. 8:5.

19. Yini okufanele siyikhumbule?

19 Uma uyingxenye ‘yesixuku esikhulu’ unethemba elimangalisayo. UNkulunkulu uyakuthanda, ufuna ube yilungu lomndeni wakhe. Ngakho yenza konke ongakwenza ukuze umjabulise. Nsuku zonke, izithembiso zikaNkulunkulu mazibe sengqondweni nasenhliziyweni yakho. Lijabulele ilungelo elikhethekile onalo lokukhonza uBaba wethu osezulwini othandekayo, ulazise nethemba lakho lokumdumisa phakade!

INGOMA 107 Isibonelo Saphezulu Sothando

^ par. 5 Ukuze umndeni ujabule, ilungu ngalinye kumelwe lazi ukuthi yini elindeleke kulo futhi lisebenzisane namanye amalungu omndeni. Ubaba uhola ngothando, umkakhe amsekele bese izingane ziyabalalela. Kunjalo nangomndeni kaJehova. UNkulunkulu wethu uhlose okuthile ngathi, uma senza ngokuvumelana naleyo nhloso sizoba ingxenye yomndeni wezikhonzi zikaJehova kuze kube phakade.

^ par. 55 INCAZELO YESITHOMBE: Ngenxa yokuthi benziwe ngomfanekiso kaNkulunkulu, indoda nomkayo bayakwazi ukubonisana uthando nozwela nokwenza okufanayo nasemadodaneni abo. Bayamthanda uJehova. Isipho sokuba nezingane sibanikeza ithuba lokukhulisa amadodana abo, bawafundise ukuthanda nokukhonza uJehova. La bazali basebenzisa ividiyo ukuze bawachazele ukuthi kungani uJehova anikela ngoJesu waba isihlengo. Bawafundisa nokuthi ePharadesi elizayo siyonakekela umhlaba nezilwane kuze kube phakade.