Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 36

Abantu BakaJehova Bayakuthanda Ukulunga

Abantu BakaJehova Bayakuthanda Ukulunga

“Bayajabula abalambele futhi bomele ukulunga.”​—MATH. 5:6.

INGOMA 9 UJehova UyiNkosi Yethu!

AMAZWIBELA *

1. Yiluphi uvivinyo uJosefa abhekana nalo, futhi yini ayenza?

 UJOSEFA, indodana kaJakobe, wabhekana novivinyo olunzima. Owesifazane wathi kuye, “Lala nami.” WayengumkaPotifari, inkosi yakhe. UJosefa wenqaba. Othile namuhla angase azibuze, ‘Kungani uJosefa amelana nalesi silingo?’ UPotifari wayengekho. Ngaphezu kwalokho, uJosefa wayeyisigqila; ngokuqinisekile lo wesifazane wayengenza ukuphila kwakhe kube nzima ngoba wenqaba ukulala naye. Kodwa uJosefa wayelokhu enqaba naphezu kokuphikelela kwalo wesifazane. Kungani? Wathi: “Ngingabenza kanjani lobu bubi obukhulu kangaka ngone kuNkulunkulu?”​—Gen. 39:7-12.

2. UJosefa wayazi kanjani ukuthi ukuphinga kuyisono kuNkulunkulu?

2 UJosefa wayazi kanjani ukuthi uNkulunkulu wakhe wayeyobheka ukuphinga ‘njengobubi obukhulu’? Kwakusasele iminyaka engu-200 ngaphambi kokuba kubhalwe uMthetho KaMose, owawunomyalo ocacile othi “Ungaphingi.” (Eks. 20:14) Noma kunjalo, indlela uJosefa ayemazi kahle ngayo uJehova wayeqonda ukuthi uzozizwa kanjani ngokuziphatha okubi. Ngokwesibonelo, akungabazeki ukuthi uJosefa wayazi ukuthi uJehova wayehlele ukuba umshado ube phakathi kowesilisa oyedwa nowesifazane oyedwa. Kumelwe nokuba wayezwile ngendlela uJehova angenela ngayo kabili ukuze avikele ukhokho wakhe uSara lapho esengozini yokuthathwa enye indoda. Ngendlela efanayo, uNkulunkulu wangenela ukuze avikele uRebheka, umka-Isaka. (Gen. 2:24; 12:14-20; 20:2-7; 26:6-11) Njengoba uJosefa ayecabanga ngalezi zindaba, waqonda ukuthi yini eyayilungile neyayingalungile emehlweni kaNkulunkulu. Ngenxa yokuthi uJosefa wayemthanda uNkulunkulu wakhe, wayeyithanda nemithetho kaJehova yokulunga futhi wayezimisele ukuphila ngayo.

3. Sizoxoxa ngani kulesi sihloko?

3 Ingabe uyakuthanda ukulunga? Akungabazeki ukuthi uyakuthanda. Kodwa sonke sinesono futhi uma singaqaphile ingasithonya kalula indlela izwe elibheka ngayo ukulunga. (Isaya 5:20; Roma 12:2) Ngakho, sizoxoxa ngokuthi kuyini ukulunga nokuthi sizuza kanjani lapho sikuthanda. Sizobe sesixoxa ngezinyathelo ezintathu esingazithatha ezizosisiza siyithande nakakhulu imithetho kaJehova.

KUYINI UKULUNGA?

4. Yimuphi umbono onganembile abaningi abanawo ngokulunga?

4 Lapho abantu becabanga ngomuntu olungile, abaningi bangase bacabange ngomuntu ogxeka abanye nozibona elungile kunabo. Kodwa uNkulunkulu akazithandi nhlobo lezo zimfanelo. Ngesikhathi uJesu esemhlabeni, wabagxeka kakhulu abaholi benkolo bangosuku lwakhe ngokuzibekela eyabo imithetho yokulungile. (UmSh. 7:16; Luka 16:15) Ukulunga kwangempela akufani nhlobo nokuzibona ulungile kunabanye.

5. EBhayibhelini, kuyini ukulunga? Nikeza izibonelo.

5 Ukulunga kuyimfanelo enhle kakhulu. Kalula nje, kusho ukwenza okulungile emehlweni kaJehova uNkulunkulu. EBhayibhelini, amagama achaza “ukulunga” adlulisela umqondo wokuphila ngemithetho ephakeme kunayo yonke​—imithetho kaJehova. Ngokwesibonelo, uJehova wabeka umthetho othi abathengisi kufanele basebenzise ‘isisindo esingashintshashintshi.’ (Dut. 25:15) Igama lesiHebheru elihunyushwe ngokuthi ‘esingashintshashintshi’ lingahunyushwa nangokuthi ‘esilungile.’ Ngakho, umKristu ofuna ukwenza okulungile emehlweni kaNkulunkulu uyokwethembeka ngokuphelele endleleni aqhuba ngayo ibhizinisi. Umuntu olungile uyabuthanda nobulungisa​—uyakuzonda ukubona othile ephathwa ngendlela engenabulungisa. ‘Ukuze ajabulise [uJehova] ngokugcwele,’ umuntu olunge ngempela uyacabanga ngokuthi uJehova uzibheka kanjani izinqumo azenzayo.​—Kol. 1:10.

6. Kungani singayethemba imithetho kaJehova yokulungile nokungalungile? (Isaya 55:8, 9)

6 IBhayibheli lichaza uJehova njengoMthombo wokulunga. Ngenxa yalokho, ubizwa ngokuthi “indawo yokuhlala yokulunga.” (Jer. 50:7) Njengoba enguMdali, nguJehova kuphela okwazi kahle ukubeka imithetho yokulungile nokungalungile. Ngenxa yokuthi uJehova akanasono, indlela abheka ngayo okulungile nokungalungile iphakeme kakhulu kunendlela thina esikubheka ngayo, ngoba indlela thina esibheka ngayo izinto ivame ukuthonywa amaphutha nesono. (IzAga 14:12; funda u-Isaya 55:8, 9.) Kodwa ngenxa yokuthi senziwe ngomfanekiso kaNkulunkulu, siyakwazi ukuphila ngemithetho yakhe yokulunga. (Gen. 1:27) Siyakuthanda ukuphila ngayo. Uthando esinalo ngoBaba wethu lusenza sifune ukwenza okusemandleni ethu ukuze simlingise.​—Efe. 5:1.

7. Kungani siyidinga imithetho enokwethenjelwa? Fanekisa.

7 Kuyasizuzisa ukuphila ngemithetho kaJehova yokulungile nokungalungile. Uyabona yini ukuthi kungani? Cabanga ngokuthi kungenzekani uma ibhange ngalinye lingazibekela eyalo imithetho yokunquma ukuthi imali inamandla angakanani noma uma inkampani ngayinye yezokwakha ilandela eyayo imithetho yokukala. Izinto bezingeke zihambe kahle. Kanti uma abezokwelapha bengayilandeli imithetho ebekiwe yokunakekela iziguli, zingase zife ezinye. Ngokuqinisekile, imithetho enokwethenjelwa iyisivikelo. Ngendlela efanayo, imithetho kaNkulunkulu yokulungile nokungalungile iyasivikela.

8. Yiziphi izibusiso eziyotholwa yilabo abathanda ukwenza okulungile?

8 UJehova uyababusisa labo abazamayo ukuphila ngemithetho yakhe. Uyathembisa: “Abalungile bayodla ifa lomhlaba, bahlale kuwo kuze kube phakade.” (IHu. 37:29) Ungacabanga nje ukuthi abantu bayoba nobunye, ukuthula nenjabulo engakanani lapho wonke umuntu eselandela imithetho kaJehova? UJehova ufuna ube nokuphila okunjalo. Impela, ngamunye wethu unezizathu ezinhle zokuthanda ukulunga! Yini esingayenza ukuze siyithande nakakhulu le mfanelo? Ake sixoxe ngezinyathelo ezintathu esingazithatha.

YITHANDE NAKAKHULU IMITHETHO KAJEHOVA

9. Yini ezosisiza sithande ukulunga?

9 Isinyathelo sokuqala: Mthande Lowo obeka imithetho. Ukuze sithande ukulunga kudingeka simthande nakakhulu Lowo obeka imithetho yokulungile nokungalungile. Njengoba siya simthanda nakakhulu uJehova, sizofuna ngisho nakakhulu ukuphila ngemithetho yakhe elungile. Cabanga ngalokhu: Ukube u-Adamu no-Eva babemthanda uJehova, babengeke bawephule umthetho wakhe onobulungisa.​—Gen. 3:1-6, 16-19.

10. Yini eyenziwa u-Abrahama ukuze amqonde kangcono uJehova?

10 Ngokuqinisekile, asifuni ukuphinda iphutha elenziwa u-Adamu no-Eva. Singakugwema ukwenza kanjalo uma siqhubeka sifunda ngoJehova, sazisa izimfanelo zakhe futhi sizama ukuqonda indlela yakhe yokucabanga. Njengoba senza kanjalo, nakanjani uthando lwethu ngoJehova luyokhula. Cabanga ngo-Abrahama. Wayemthanda ngempela uJehova. Ngisho noma ayekuthola kunzima ukuqonda izinqumo zikaJehova, akazange avukele. Kunalokho, wazama ukumazi kangcono. Ngokwesibonelo, lapho ezwa ngesinqumo sikaJehova sokubhubhisa iSodoma neGomora, u-Abrahama waqale wesaba ukuthi “umaHluleli womhlaba wonke” uzobhubhisa abalungile kanye nababi. Kuye, kwakuyinto engacabangeki ukuthi uJehova angenza kanjalo, ngakho ngokuthobeka wambuza imibuzo eminingi ilandelana. UJehova wamphendula ngesineke. Ekugcineni, u-Abrahama waqaphela ukuthi uJehova uhlola inhliziyo yomuntu ngamunye futhi akalokothi ajezise olungile kanye nongalungile.​—Gen. 18:20-32.

11. U-Abrahama wabonisa kanjani ukuthi uyamthanda uJehova nokuthi uyamethemba?

11 Yamthinta ngokujulile u-Abrahama ingxoxo aba nayo noJehova ngamadolobha aseSodoma naseGomora. Akungabazeki ukuthi wamthanda futhi wamhlonipha ngisho nakakhulu kunangaphambili uYise. Eminyakeni eminingi kamuva, u-Abrahama wabhekana nesimo esakuvivinya kakhulu ukumethemba kwakhe uJehova. UJehova wamcela ukuba anikele ngendodana yakhe ayithandayo, u-Isaka. Kodwa manje u-Abrahama wayesemazi kangcono uNkulunkulu wakhe, ngakho kulokhu akambuzanga lutho. Wenza lokho nje uJehova ayecele ukuba akwenze. Noma kunjalo, cabanga nje ukuthi yayibuhlungu kangakanani inhliziyo yakhe njengoba elungiselela ukwenza lokho ayeyalwe ukuba akwenze! Kumelwe ukuba u-Abrahama wacabanga ngokujulile ngalokho ayekufunde ngoJehova. Wayazi ukuthi uJehova wayengasoze enze into engalungile noma engalubonisi uthando. Ngokwalokho okwashiwo umphostoli uPawulu, u-Abrahama waphetha ngokuthi uJehova wayezokwazi ukuyivusa indodana yakhe ayithandayo, u-Isaka. (Heb. 11:17-19) Phela uJehova wayethembise ukuthi u-Isaka wayezoba uyise wesizwe kodwa ngaleso sikhathi u-Isaka wayengenabantwana. U-Abrahama wayemthanda uJehova, ngakho wayenethemba lokuthi uYise uzokwenza okulungile. Nakuba kwakunzima, wabonisa ukholo walalela.​—Gen. 22:1-12.

12. Singamlingisa kanjani u-Abrahama? (IHubo 73:28)

12 Singamlingisa kanjani u-Abrahama? Njengaye, kudingeka siqhubeke sifunda ngoJehova. Njengoba senza kanjalo, siyosondela nakakhulu kuye futhi simthande nakakhulu. (Funda iHubo 73:28.) Unembeza wethu uyoqeqeshelwa ukuba ukwazi ukucabanga ngendlela uNkulunkulu acabanga ngayo. (Heb. 5:14) Ngenxa yalokho, uma othile ezama ukusilinga ukuba senze into engalungile, siyonqaba. Ngeke sikucabange ngisho nokukucabanga ukwenza into engamzwisa ubuhlungu uBaba wethu noma ilimaze ubuhlobo bethu naye. Kodwa iyiphi enye indlela esingabonisa ngayo ukuthi siyakuthanda ukulunga?

13. Singakushisekela kanjani ukulunga? (IzAga 15:9)

13 Isinyathelo sesibili: Sebenzela ukukhulisa uthando onalo ngokulunga usuku nosuku. Uthando lwethu ngemithetho kaJehova yokulunga singaluthuthukisa ngendlela efanayo nesiqinisa ngayo imisipha​—kancane kancane futhi njalo. Lokhu singakwenza nsuku zonke. UJehova uyacabangela futhi akalindeli ukuba senze okungaphezu kwamandla ethu. (IHu. 103:14) Usiqinisekisa ngokuthi “uyamthanda oshisekela ukulunga.” (Funda izAga 15:9.) Uma siphishekela umgomo othile enkonzweni kaJehova, siyaqhubeka senza umzamo ukuze siwufinyelele. Senza okufanayo nalapho siphishekela ukulunga. Njengoba isikhathi siqhubeka, ngesineke uJehova uyosisiza sikwazi ukuthuthuka kancane kancane.​—IHu 84:5, 7.

14. Siyini “isivikelo sesifuba sokulunga,” futhi kungani sisidinga?

14 Ngothando, uJehova usikhumbuza ukuthi ukwenza okulungile akuwona umthwalo. (1 Joh. 5:3) Kunalokho, kuyisivikelo esisidinga nsuku zonke. Khumbula izembatho zempi ezingokomoya umphostoli uPawulu akhuluma ngazo. (Efe. 6:14-18) Isiphi isembatho esasivikela inhliziyo yesosha? “Isivikelo sesifuba sokulunga,” esimelela imithetho kaJehova yokulunga. Njengoba nje isivikelo sesifuba sivikela inhliziyo engokoqobo, nemithetho kaJehova yokulunga ingayivikela inhliziyo yakho engokomfanekiso, umuntu onguye ngaphakathi. Ngakho-ke, yenza konke okusemandleni ukuze uqiniseke ukuthi isivikelo sesifuba sokulunga sikhona ezembathweni zakho zempi!​—IzAga 4:23.

15. Ungasigqoka kanjani isivikelo sesifuba sokulunga?

15 Ungasigqoka kanjani isivikelo sesifuba sokulunga? Ngokucabanga ngemithetho kaNkulunkulu ezinqumweni ozenza nsuku zonke. Lapho unquma ukuthi yini ozokhuluma ngayo, yimuphi umculo ozowulalela, yikuphi okokuzijabulisa ozokubuka noma yiziphi izincwadi ozozifunda, qale uzibuze: ‘Izinto ezinjani engizobe ngizifaka enhliziyweni yami? Ingabe lezi zinto zizokwamukeleka kuJehova? Noma ingabe zikhuthaza ukuziphatha kabi, ubudlova, ukuhaha, ubugovu​—izinto uJehova azibheka njengezingalungile?’ (Fil. 4:8) Uma izinqumo ozenzayo zivumelana nentando kaJehova, uyobe uvumela imithetho yakhe yokulunga ivikele inhliziyo yakho.

Ukulunga kwakho kungaba “njengamagagasi olwandle” (Bheka izigaba 16-17)

16-17. U-Isaya 48:18 usiqinisekisa kanjani ukuthi singaphila ngemithetho kaJehova kuze kube phakade?

16 Uke ukhathazeke ngokuthi uyokwazi yini ukuqhubeka uphila ngemithetho kaJehova yokulunga usuku nosuku, unyaka nonyaka? Cabanga ngomfanekiso uJehova awusebenzisayo osencwadini ka-Isaya 48:18. (Yifunde.) UJehova uthembisa ukuthi ukulunga kwethu kungaba “njengamagagasi olwandle.” Zicabange umi ogwini lolwandle, ubuka amagagasi elokhu egubha. Njengoba ukuleyo ndawo enokuthula, ungakhathazeka yini ngokuthi lawo magagasi angase ayeke ukugubha? Cha! Uyazi ukuthi amagagasi abelokhu egubha olwandle izinkulungwane zeminyaka futhi nakanjani azoqhubeka egubha.

17 Ukulunga kwakho kungaba njengamagagasi olwandle! Kanjani? Lapho kudingeka wenze isinqumo, qale ucabange ngokuthi yini uJehova abengafuna uyenze, bese uyayenza. Kungakhathaliseki ukuthi sinzima kangakanani isinqumo, uBaba wakho onothando uyohlale ekhona ukuze akusize uqhubeke uphila ngemithetho yakhe elungile usuku nosuku.​—Isaya 40:29-31.

18. Kungani kumelwe sikugweme ukwahlulela abanye ngemithetho yethu?

18 Isinyathelo sesithathu: Kushiyele kuJehova ukwahlulela. Njengoba sizama kanzima ukuphila ngemithetho kaJehova yokulunga, kumelwe sikugweme ukwahlulela abanye nokuzibona silungile kunabo. Kunokuba sibabukele phansi abanye njengokungathi sinelungelo lokubahlulela ngemithetho yethu, siyakhumbula ukuthi nguJehova “umaHluleli womhlaba wonke.” (Gen. 18:25) UJehova akasinikanga lelo lungelo lokwahlulela. Empeleni, uJesu uyasiyala: “Yekani ukwahlulela ukuze ningahlulelwa.”​—Math. 7:1. *

19. UJosefa wabonisa kanjani ukuthi uyakwethemba ukwahlulela kukaJehova?

19 Ake siphinde sixoxe ngesibonelo sendoda elungile uJosefa. Wayekugwema ukwahlulela abanye, ngisho nalabo ababemphatha kabi. Abafowabo bamhlukumeza, bamthengisela ebugqilini futhi benza ubaba wabo wakholelwa ukuthi ufile. Eminyakeni eminingi kamuva, uJosefa waphinde wahlangana nomndeni wakubo. Manje wayeseyisikhulu sezwe, wayengahlulela abafowabo ngokhahlo, afune nokuziphindiselela. Abafowabo babesaba ukuthi angase enze lokho kanye, ngisho noma babezisola ngempela ngalokho ababekwenzile. Kodwa uJosefa wabaqinisekisa: “Ningesabi. Ingabe ngisesikhundleni sikaNkulunkulu?” (Gen. 37:18-20, 27, 28, 31-35; 50:15-21) Ngokuthobeka uJosefa washiyela ukwahlulela kuJehova.

20-21. Singakugwema kanjani ukuzibona silungile kunabanye?

20 NjengoJosefa, sikushiyela kuJehova ukwahlulela. Ngokwesibonelo, asenzi sengathi siyazi ukuthi yini eyenza abafowethu nodadewethu benze ngendlela abenza ngayo. Asikwazi ukuhlola izinhliziyo; ‘uJehova ohlola izisusa.’ (IzAga 16:2) Uthanda zonke izinhlobo zabantu, abanezizinda namasiko ahlukahlukene. Usikhuthaza ukuba ‘sivule izinhliziyo zethu.’ (2 Kor. 6:13) Sifuna ukubathanda bonke abasemndenini wethu ongokomoya, singabahluleli.

21 Lokhu kusho nokuthi akufanele sibahlulele abantu esingakholwa nabo. (1 Thim. 2:3, 4) Ungasahlulela yini isihlobo esingakholwa, uthi, “Awu lowo akasoze alamukela iqiniso”? Cha, lokho kuyobe kuwukugabadela, ukuzibona ulungile kunabanye. UJehova unika “bonke abantu kuyo yonke indawo” ithuba lokuphenduka. (IzE. 17:30) Hlale ukhumbula ukuthi ukuzibona ulungile kunabanye kuwuhlobo lokungalungi.

22. Kungani uzimisele ukuthanda ukulunga?

22 Kwangathi uthando lwethu ngemithetho kaJehova yokulunga lungakhuthaza abanye lubenze bajabule, lubasize basondele nakakhulu kithi nakuNkulunkulu wethu. Kwangathi singangayeka ‘ukulambela nokomela ukulunga.’ (Math. 5:6) Qiniseka ngokuthi uJehova uyayibona imizamo yakho futhi ihlale imjabulisa intuthuko oyenzayo. Njengoba leli zwe liya licwila nakakhulu ebubini, ungakhathazeki! Hlale ukhumbula ukuthi “uJehova uyabathanda abalungile.”​—IHu. 146:8.

INGOMA 139 Zibone Lapho Konke Sekukusha

^ Kunzima ukuthola abantu abalungile kuleli zwe elibi. Noma kunjalo, izigidi zabantu namuhla zilandela inkambo yokulunga. Akungabazeki ukuthi nawe ungomunye wabo. Uzama ukuphila ngaleyo ndlela ngenxa yokuthi uyamthanda uJehova futhi uJehova uyakuthanda ukulunga. Yini esingayenza ukuze siyithande nakakhulu le mfanelo enhle? Lesi sihloko sizoxoxa ngokuthi kuyini ukulunga nokuthi sizuza kanjani lapho sikuthanda. Sizoxoxa nangokuthi yiziphi izinyathelo esingazithatha ukuze siyithande nakakhulu le mfanelo.

^ Ngezinye izikhathi, abadala bebandla kumelwe bahlulele ezindabeni ezihilela izono ezinkulu nokuphenduka. (1 Kor. 5:11; 6:5; Jak. 5:14, 15) Noma kunjalo, ngokuthobeka bayakhumbula ukuthi abakwazi ukufunda izinhliziyo nokuthi bahlulelela uJehova. (Qhathanisa neyesi-2 IziKronike 19:6.) Bayisebenzisa ngokucophelela imithetho kaNkulunkulu enobulungisa, elinganiselayo nenesihe.