Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 32

Basha​—Qhubekani Nithuthuka Ngemva Kokubhapathizwa

Basha​—Qhubekani Nithuthuka Ngemva Kokubhapathizwa

“Masikhule ngothando kuzo zonke izinto.”​—EFE. 4:15.

INGOMA 56 Yenza Iqiniso Libe Ngelakho

AMAZWIBELA *

1. Yiziphi izinto ezinhle abasha asebezifezile?

 MINYAKA yonke, izinkulungwane zabasha abangamaKristu ziyabhapathizwa. Ingabe wena usubhapathiziwe? Uma kunjalo, abafowenu nodadewenu abangokomoya bajabula kanye nawe noJehova uyajabula! (IzAga 27:11) Ake ucabange ngokuthi kungakanani osukufezile. Uye walitadisha ngenkuthalo iBhayibheli, mhlawumbe iminyaka embalwa. Ukutadisha kwakho kukwenze waqiniseka ukuthi iBhayibheli liyiZwi likaNkulunkulu. Ngaphezu kwalokho, uye wamazi futhi wamthanda uMlobi waleyo ncwadi engcwele. Uthando lwakho ngoJehova luye lwakhula kangangokuba manje ungomunye wezinceku zakhe ezizinikezele zabhapathizwa. Kuncomeka ngempela lokho!

2. Sizoxoxa ngani kulesi sihloko?

 2 Akungabazeki ukuthi ukholo lwakho lwavivinywa kaningi njengoba wawuthuthukela ekubhapathizweni. Kodwa njengoba ukhula, uzobhekana nolunye uvivinyo. USathane uzozama ukunciphisa uthando onalo ngoJehova, akwenze uyeke ukumkhonza. (Efe. 4:14) Ungakuvumeli lokho kwenzeke. Yini engakusiza uhlale uqotho kuJehova futhi ugcwalise isifungo sakho sokuzinikezela? Kumelwe uqhubeke uthuthuka—‘uzabalazele’ ukuba umKristu ovuthiwe. (Heb. 6:1) Kodwa ungakwenza kanjani lokho?

NJENGOMKRISTU, UNGAQHUBEKA KANJANI UTHUTHUKA?

3. Iyiphi intuthuko wonke amaKristu okudingeka ayenze ngemva kokubhapathizwa?

3 Ngemva kokubhapathizwa, sonke kudingeka sisebenzise iseluleko umphostoli uPawulu asinika amaKristu ayekanye nawo e-Efesu. Wawakhuthaza ukuba abe amaKristu “akhule ngokugcwele.” (Efe. 4:13) Leyo enye indlela yokuthi, ‘Qhubekani nithuthuka.’ Siyaqonda ukuthi uPawulu wayesho ukuthini lapho eqhathanisa ukukhula ngokomoya nokukhula kwengane. Usana luyintandokazi kubazali balo futhi bayaziqhenya ngalo. Kodwa ngeke luhlale luwusana unomphela. Ngokuhamba kwesikhathi, kuyodingeka lulahle “izici zobungane.” (1 Kor. 13:11) Kunjalo nangamaKristu. Ngemva kokubhapathizwa, kumelwe siqhubeke sithuthuka. Ake sixoxe ngamacebiso azosisiza senze kanjalo.

4. Iyiphi imfanelo engakusiza uthuthuke ngokomoya? Chaza. (Filipi 1:9)

4 Khulisa uthando onalo ngoJehova. Kakade uyamthanda kakhulu uJehova. Kodwa uthando onalo ngaye lungajula nakakhulu. Kanjani? Umphostoli uPawulu uveza enye indlela kweyabaseFilipi 1:9. (Yifunde.) UPawulu wathandazela ukuba uthando lwabaseFilipi ‘lugcwale nakakhulu.’ Ngakho, uthando lwethu ngoJehova lungakhula. Singalukhulisa ngokuthola “ulwazi olunembile nokuqonda okuphelele.” Njengoba siqhubeka simazi ngokwengeziwe uJehova, simthanda nakakhulu futhi siyabazisa ubuntu bakhe nendlela yakhe yokwenza izinto. Siyakhula isifiso sethu sokumjabulisa futhi asifuni ukwenza noma yini ezomdumaza. Siyazikhandla ukuze siqonde ukuthi iyini intando yakhe nokuthi singayenza kanjani.

5-6. Singalukhulisa kanjani uthando esinalo ngoJehova? Chaza.

5 Uthando lwethu ngoJehova lungakhula ngokwazi kangcono iNdodana yakhe, ebulingisa ngokuphelele ubuntu bukaYise. (Heb. 1:3) Indlela engcono kakhulu yokwazi uJesu ukutadisha amaVangeli amane. Uma ungakawuqali umkhuba omuhle wokutadisha iBhayibheli nsuku zonke, kungani ungawuqali manje? Njengoba ufunda ngoJesu, gxila ngokukhethekile ezimfanelweni zakhe. Wayengeneka; wayegona abantwana ngothando. (Marku 10:13-16) Wayenza abafundi bakhe bakhululeke, bakwazi ukumtshela indlela abazizwa ngayo. (Math. 16:22) Kulokhu, uJesu wayelingisa uYise. UJehova naye uyangeneka. Singathandaza kuye. Lapho sithandaza, singamthululela isifuba sethu. Siyaqiniseka ukuthi ngeke asahlulele. Uyasithanda; uyasikhathalela.​—1 Pet. 5:7.

6 UJesu wayebazwela abantu. Umphostoli uMathewu wabhala: “Lapho ebona izixuku wafikelwa isihawu ngazo, ngoba zazihlukumezekile futhi zihlakazekile njengezimvu ezingenamalusi.” (Math. 9:36) UJehova yena uzizwa kanjani? UJesu wathi: “UBaba osezulwini akafisi ukuba kushabalale ngisho noyedwa walaba abancane.” (Math. 18:14) Kuthinta inhliziyo ngempela lokho! Njengoba siqhubeka simazi kangcono uJesu, uthando lwethu ngoJehova luyakhula.

7. Kungakusiza kanjani ukuchitha isikhathi namaKristu avuthiwe?

7 Ukuchitha isikhathi nabafowenu nodadewenu abavuthiwe ebandleni nakho kungakusiza ubonise uthando ngokwengeziwe futhi uthuthuke. Phawula injabulo abanayo. Abazisoli ngesinqumo abasenza sokukhonza uJehova. Bacele bakuxoxele ababhekane nakho enkonzweni abayenzele uJehova. Lapho kunesinqumo esibalulekile okumelwe usenze, bacele bakuphe amacebiso. Khumbula ukuthi “ngabeluleki abaningi kuba nempumelelo.”​—IzAga 11:14.

Ungazilungiselela kanjani ukubhekana nemfundiso yokuziphendukela kwemvelo esikoleni? (Bheka izigaba 8-9)

8. Yini ongayenza uma kwenzeka ungabaza lokho okushiwo yiBhayibheli?

8 Nqoba ukungabaza. Njengoba kubonisiwe  esigabeni 2, uSathane uzozama ukuvimba intuthuko yakho engokomoya. Enye indlela angase akwenze ngayo lokho ukukwenza ungabaze izimfundiso zeBhayibheli. Ngokwesibonelo, kungekudala uzofunda ngemfundiso yokuziphendukela kwemvelo ehlambalaza uNkulunkulu. Kungenzeka ukuthi ngesikhathi usemncane wawungakangaze ucabange ngaleyo mfundiso kodwa manje njengoba usukhulile, kungenzeka ufundiswa yona esikoleni. Okushiwo othisha bakho ukuze basekele ukuziphendukela kwemvelo kungase kuzwakale kunengqondo futhi kukholisa. Nokho, kungenzeka abakaze bacabangisise ngobufakazi bokuba khona koMdali. Khumbula isimiso esisencwadini yezAga 18:17: “Olwethula kuqala udaba lwakhe ubonakala elungile, kuze kube yilapho kufika lowo ommangalele amphenye ngemibuzo.” Kunokuba uvele wamukele noma yini oyizwe esikoleni, cabangisisa ngamaqiniso atholakala eZwini likaNkulunkulu iBhayibheli. Sebenzisa izincwadi zethu ukuze ucwaninge. Xoxa nabazalwane nodade ababekholelwa ekuziphendukeleni kwemvelo. Babuze ukuthi yini eyabenza baqiniseka ukuthi ukhona uMdali osithandayo. Izingxoxo ezinjalo ezakhayo zingakusiza ugxile eqinisweni eliwukuthi ukhona uMdali.

9. Ufundani esibonelweni sikaMelissa?

9 Udade okuthiwa uMelissa wazuza kakhulu ocwaningweni alwenza mayelana nendalo. * Uthi: “Esikoleni, ukuziphendukela kwemvelo kufundiswa ngendlela ezwakala ikholisa ngempela. Ngaqale ngesaba ukulwisana nokungabaza enganginakho. Ngangesaba ukuthi uma ngizihlolisisa izinkolelo zami ngangizothola ukuthi ukuziphendukela kwemvelo kuyiqiniso. Kodwa ngaphetha ngokuthi uJehova ufuna sibe nezizathu ezizwakalayo zokumkhonza. Ngakho, ngalwisana nalokho kungabaza. Ngafunda incwadi ethi Is There a Creator Who Cares About You? nencwajana ethi Ingabe Izinto Eziphilayo Zadalwa? nethi The Origin of Life—Five Questions Worth Asking. Yilokho kanye engangikudinga. Ngifisa sengathi ngasheshe ngakwenza.”

10-11. Yini engakusiza ugcine ukuziphatha kwakho kuhlanzekile? (1 Thesalonika 4:3, 4)

10 Kwenqabe ukuziphatha okubi. Phakathi nokuqhuma kobusha, imizwa yocansi ingaba namandla futhi ungase ucindezelwe ukuba uziphathe kabi ngokocansi. USathane ufuna unqotshwe izifiso zakho. Yini engakusiza uqhubeke uziphatha ngendlela ehlanzekile? (Funda eyoku-1 Thesalonika 4:3, 4.) Emithandazweni yakho tshela uJehova ukuthi uzizwa kanjani ngempela, umcele nokuba akuqinise. (Math. 6:13) Khumbula ukuthi uJehova ufuna ukukusiza, akafuni ukuthola iphutha kuwe. (IHu. 103:13, 14) IZwi likaNkulunkulu nalo lingakusiza. UMelissa, ocashunwe ekuqaleni, wayekuthola kunzima ukulwisana nemicabango engcolile. Uthi: “Ukufunda iBhayibheli nsuku zonke kwangenza ngangaphela amandla. Kwangikhumbuza ukuthi ngingokaJehova futhi ngiyamdinga ekuphileni kwami.”​—IHu. 119:9.

11 Ungazami ukuzixazululela izinkinga zakho. Xoxa nabazali bakho ngalokho obhekene nakho. Kuyavunywa, akulula ukukhuluma ngezinkinga ezinjalo kodwa kubalulekile ukukhuluma ngazo. UMelissa uthi: “Ngathandazela isibindi ngabe sengixoxa nobaba ngenkinga yami. Ngemva kwalokho, ngezwa sengathi ngithulwe umthwalo. Ngangazi ukuthi uJehova uyaziqhenya ngami.”

12. Ungazenza kanjani izinqumo ezinhle?

12 Qondiswa izimiso zeBhayibheli. Kancane kancane uzoba nenkululeko eyengeziwe yokuzenzela ezakho izinqumo. Noma kunjalo, kusekuncane okwaziyo ngokuphila. Ungakugwema kanjani ukwenza iphutha elingaphazamisa ubungane bakho noJehova? (IzAga 22:3) Udade okuthiwa uKari uyachaza ukuthi yini eyamsiza wenza izinqumo ezinhle. Waqaphela ukuthi amaKristu avuthiwe awawudingi umthetho ozowaqondisa kuzo zonke izinto. Uthi: “Kwakudingeka ngiqonde izimiso zeBhayibheli kunokuqonda imithetho nje.” Lapho ufunda iBhayibheli, zibuze: ‘Le ndaba ingitshelani ngokucabanga kukaJehova? Inazo yini izimiso engingazisebenzisa ukuze ziqondise ukuziphatha kwami? Uma kunjalo, ngizozuza kanjani lapho ngizisebenzisa?’ (IHu. 19:7; Isaya 48:17, 18) Ngokufunda iBhayibheli nokuzindla ngezimiso zalo, uzokuthola kulula ukwenza izinqumo ezijabulisa uJehova. Njengoba uqhubeka uthuthuka, uzophawula ukuthi awuwudingi umthetho kuzo zonke izimo ngoba uzobe ukuqonda ukucabanga kukaJehova.

Udade osemusha wakhetha abangane abanjani? (Bheka isigaba 13)

13. Abangane abahle bangakusiza kanjani? (IzAga 13:20)

13 Khetha abangane abathanda uJehova. Njengoba kubonisiwe ekuqaleni, abangane obakhethayo bazokusiza kakhulu ukuba ube umKristu othuthukayo. (Funda izAga 13:20.) Udade okuthiwa uSara wayephelelwa injabulo. Kwabe sekwenzeka okuthile okwamsiza washintsha indlela abheka ngayo izinto. Uthi: “Ngathola abangane abahle ngesikhathi esifanele. Isonto ngalinye sasihlangana nodade osemusha ukuze sitadishe INqabayokulinda ndawonye. Omunye umngane wangisiza ngaqala ukuphendula emihlanganweni. Ngenxa yosizo lwabangane bami, ngaqala ukubheka isifundo somuntu siqu nomthandazo njengezinto ezibalulekile. Ubuhlobo bami noJehova baqala ukuqina nakakhulu futhi ngaphinde ngajabula.”

14. UJulien wabathola kanjani abangane abahle?

14 Ungabenza kanjani abangane abazoba usizo kuwe? UJulien, manje osekhonza njengomdala, uthi: “Lapho ngisemusha, ngathola abangane abahle enkonzweni. Babeshiseka futhi bangisiza ngabona ukuthi kujabulisa kangakanani ukuba senkonzweni. Ngaqala ukuzibekela umgomo wenkonzo yesikhathi esigcwele. Ngaqaphela nokuthi ngangiziphuthisela ngamathuba okuba nabangane abahle ngoba nganginabangane abangontanga yami kuphela. Kamuva, ngathola abangane abahle naseBethel. Isibonelo sabo sangisiza ngathuthukisa indlela engangikhetha ngayo ezokuzijabulisa futhi lokho kwangisondeza nakakhulu kuJehova.”

15. Yisiphi isixwayiso esimayelana nobungane uPawulu asinikeza uThimothewu? (2 Thimothewu 2:20-22)

15 Kuthiwani uma uqaphela ukuthi othile ebandleni akayena umngane omuhle? UPawulu wayazi ukuthi abathile ebandleni lobuKristu langekhulu lokuqala babengavuthiwe ngokomoya, ngakho waxwayisa uThimothewu ukuba abagweme. (Funda eyesi-2 Thimothewu 2:20-22.) Ubungane bethu noJehova buyigugu. Akufanele sivumele noma ubani aphazamise ubuhlobo bethu noBaba wethu osezulwini esesibusebenzele kanzima kangaka ukuze sibakhe.​—IHu. 26:4.

UKUZIBEKELA IMIGOMO KUNGAKUSIZA KANJANI UTHUTHUKE NGOKOMOYA?

16. Kufanele uzibekele imigomo enjani?

16 Zibekele imigomo ezokuzuzisa. Khetha imigomo ezoqinisa ukholo lwakho, ikusize ube umKristu ovuthiwe. (Efe. 3:16) Ngokwesibonelo, ungase unqume ukuthuthukisa isimiso sakho sesifundo somuntu siqu nesokufunda iBhayibheli. (IHu. 1:2, 3) Noma ungase ubone isidingo sokuthuthukisa imithandazo yakho—izinga layo nokuthi uyenza kaningi kangakanani. Mhlawumbe udinga ukuzithiba ngokwengeziwe ohlotsheni lokuzijabulisa olukhethayo nasendleleni osebenzisa ngayo isikhathi sakho. (Efe. 5:15, 16) UJehova uyojabula lapho ekubona uzikhandla ukuze uthuthuke.

Yimuphi umgomo lo dade osemusha azibekela wona? (Bheka isigaba 17)

17. Iyiphi injabulo oyitholayo ngokusiza abanye?

17 Uyathuthuka njengomKristu lapho usiza abanye. UJesu wathi: “Kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunasekwamukeleni.” (IzE. 20:35) Uzozuza kakhulu uma usebenzisa isikhathi sakho namandla obusha ukuze usize abanye. Ngokwesibonelo, ungakwenza umgomo ukusiza abakhulile nababuthaka ebandleni okulo. Mhlawumbe ungabayela ezitolo noma ubasize ngezinto zabo zobuchwepheshe. Uma ungumzalwane, zibekele umgomo wokuba inceku ekhonzayo, unombono wokukhonza abafowenu nodadewenu. (Fil. 2:4) Ubonisa uthando nakulabo abangewona amaKristu ngokubaxoxela izindaba ezinhle zoMbuso. (Math. 9:36, 37) Uma kungenzeka, zibekele umgomo wokungenela uhlobo oluthile lwenkonzo yesikhathi esigcwele.

18. Ukungenela inkonzo yesikhathi esigcwele kungakusiza kanjani uthuthuke?

18 Inkonzo yesikhathi esigcwele ingakuvulela amathuba amaningi okuthuthuka ngokomoya. Ukuba iphayona kungakuvulela ithuba lokuya eSikoleni Sabashumayeli Bevangeli LoMbuso. Ungakhonza eBethel noma emsebenzini wokwakha izakhiwo zenhlangano. UKaitlyn, udade osemusha oyiphayona, uthi: “Ukuchitha isikhathi enkonzweni nabafowethu nodadewethu abangomakad’ ebona kwaba usizo olukhulu ekukhuleni kwami ngokomoya ngemva kokubhapathizwa. Isibonelo sabo sangikhuthaza ukuba ngijulise ulwazi lwami ngeBhayibheli futhi ngithuthukise amakhono ami okufundisa.”

19. Yiziphi izibusiso ozozijabulela njengoba uqhubeka uthuthuka ngokomoya?

19 Njengoba uqhubeka uthuthuka ngokomoya, uzojabulela izibusiso eziningi. Ngeke umoshe amandla obusha bakho usukela imigomo engasizi ngalutho. (1 Joh. 2:17) Ngeke ubhekane nobuhlungu obuwumphumela wokwenza izinqumo ezimbi. Kunalokho, uyophumelela ngempela futhi ujabule. (IzAga 16:3) Isibonelo sakho esihle siyokhuthaza okholwa nabo, abasha nabadala. (1 Thim. 4:12) Okubaluleke nakakhulu, uyoba nokuthula nokwaneliseka okuthola ngokujabulisa uJehova nangokuba nobungane obuseduze naye.​—IzAga 23:15, 16.

INGOMA 88 Ngenze Ngazi Izindlela Zakho

^ Lapho abasha bebhapathizwa, zijabula kakhulu zonke izinceku zikaJehova. Yiqiniso, abafundi abasha kumelwe baqhubeke bethuthuka ngokomoya ngemva kokubhapathizwa. Ukuze kuzuze wonke umuntu ebandleni, lesi sihloko sizogxila ezindleleni abasha abangamaKristu abasanda kubhapathizwa abangaqhubeka ngazo bethuthukela ekuvuthweni.

^ Amanye amagama ashintshiwe.