ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 35
Qhubekani “Nakhana”
“Qhubekani nikhuthazana futhi nakhana.”—1 THES. 5:11.
INGOMA 90 Khuthazanani
AMAZWIBELA *
1. Ngokweyoku-1 Thesalonika 5:11, yimuphi umsebenzi esiwenzayo sonke?
INGABE ibandla lenu lake lalakha noma lalilungisa iHholo LoMbuso? Uma kunjalo, akungabazeki ukuthi uyawukhumbula umhlangano wokuqala kuleso sakhiwo esisha. Wawumbonga kakhulu uJehova. Empeleni, kungenzeka wawujabule kakhulu kangangokuba kwakunzima ngisho nokucula ingoma yokuvula. AmaHholo ethu OMbuso akhiwe kahle adumisa uJehova. Kodwa simdumisa nakakhulu lapho senza olunye uhlobo lomsebenzi wokwakha. Lowo msebenzi uhilela okuthile okuyigugu kakhulu kunezakhiwo ezingokoqobo. Uhilela ukwakha abantu abeza kulezo zindawo zokukhulekela. Umphostoli uPawulu wayecabanga ngalolu hlobo lokwakha olungokomfanekiso lapho ebhala amazwi atholakala kweyoku-1 Thesalonika 5:11, umBhalo okusekelwe kuwo lesi sihloko.—Yifunde.
2. Sizoxoxa ngani kulesi sihloko?
2 Umphostoli uPawulu uyisibonelo esihle kakhulu somuntu owayekwazi ukukhuthaza ayekholwa nabo. Wayebazwela. Kulesi sihloko, sizoxoxa ngokuthi wabasiza kanjani abafowabo nodadewabo (1) bakhuthazelela uvivinyo, (2) baba nokuthula nabanye futhi (3) baqinisa ukholo lwabo kuJehova. Ake sibone ukuthi singamlingisa kanjani, sakhe abafowethu nodadewethu namuhla.—1 Kor. 11:1.
UPAWULU WASIZA ABAFOWABO NODADEWABO BAKHUTHAZELELA UVIVINYO
3. UPawulu wakubonisa kanjani ukulinganisela?
3 UPawulu wayebathanda kakhulu abafowabo. Wayejwayele ukubhekana nobunzima, ngakho wayekwazi ukubonisa akholwa nabo isihawu nozwela lapho bebhekene novivinyo. Ngesinye isikhathi uPawulu waphelelwa imali, kwadingeka afune umsebenzi ukuze azisekele futhi asekele nabangane bakhe. (IzE. 20:34) Umsebenzi wakhe kwakuwukwenza amatende. Lapho efika eKorinte, waqale wasebenza nabanye ababenza amatende, u-Akhwila noPrisila. Kodwa “masabatha onke” wayeshumayela kumaJuda nakumaGreki. Kwathi lapho sekufike uSila noThimothewu, “uPawulu waba matasa kakhulu ngezwi likaNkulunkulu.” (IzE. 18:2-5) Akazange ayikhohlwe into eyayiza kuqala ekuphileni kwakhe, okuwukukhonza uJehova. Njengoba ayekhuthele, wayesesimweni esingcono sokukhuthaza abafowabo nodadewabo. Wabakhumbuza ukuba bangavumeli izingcindezi zokuphila nesidingo sokondla umndeni kubenze bangazinaki ‘izinto ezibaluleke kakhulu’—zonke izici ezihilelekile ekukhonzeni uJehova.—Fil. 1:10.
4. UPawulu noThimothewu babasiza kanjani abakholwa nabo ukuba babhekane noshushiso?
4 Ngokushesha nje ngemva kokumiswa kwebandla laseThesalonika, amaKristu asemasha abhekana nokuphikiswa okunzima. Lapho iviyo labaphikisi elinodlame lingakwazi ukuthola uPawulu noSila, lahudula ‘abanye abazalwane labayisa kubabusi bedolobha,’ limemeza lithi: “La madoda enza izinto eziphikisana nezinqumo zikaKhesari.” (IzE. 17:6, 7) Ucabanga ukuthi la maKristu amasha ayethuke kangakanani lapho eqaphela ukuthi amadoda edolobha ayesewajikele? Intshiseko yawo enkonzweni kaJehova yayingase yehle kodwa uPawulu wayengafuni kwenzeke lokho. Nakuba yena noSila kwakufanele bahambe, baqikelela ukuthi leli bandla elisha linakekelwa kahle. UPawulu wakhumbuza abaseThesalonika: “Sathumela uThimothewu, umfowethu . . . , ukuze aniqinise futhi aniduduze ngenxa yokholo lwenu, ukuze kungabikho muntu onyakaziswa yilezi zinsizi.” (1 Thes. 3:2, 3) Cishe uThimothewu wayeke wabhekana noshushiso edolobheni lakubo eListra. Wayebonile ukuthi uPawulu wayebaqinise kanjani abazalwane balapho. Njengoba ayezibonele imiphumela emihle yosizo lukaJehova, uThimothewu wayengabaqinisekisa abafowabo nodadewabo abasha ngokuthi konke kwakuzogcina kubahambela kahle nabo.—IzE. 14:8, 19-22; Heb. 12:2.
5. Umzalwane okuthiwa uBryant lwamzuzisa kanjani usizo aluthola kumdala?
5 Iyiphi enye indlela uPawulu aqinisa ngayo ayekholwa nabo? Lapho bebuyela eListra, e-Ikoniyu nase-Antiyokiya, uPawulu noBarnaba “babamisela amadoda amadala ebandleni ngalinye.” (IzE. 14:21-23) Ngokungangabazeki lawo madoda amisiwe aba umthombo wenduduzo emabandleni, njengoba kunjalo ngabadala namuhla. Phawula lokho okwashiwo umzalwane okuthiwa uBryant: “Ngesikhathi ngineminyaka engu-15, ubaba wahamba ekhaya, nomama wasuswa ekuhlanganyeleni. Ngazizwa ngilahliwe futhi ngidangele.” Yini eyasiza uBryant wakwazi ukukhuthazelela lesi sikhathi esinzima? Uthi: “UTony, ongumdala, wayekhuluma nami lapho sisemihlanganweni nangezinye izikhathi. Wangixoxela ngalabo ababhekane novivinyo kodwa ababejabule. Wangifundela iHubo 27:10 futhi wayevame ukungixoxela ngoHezekiya, owakhonza uJehova ngokwethembeka ngisho noma uyise ayengesona isibonelo esihle.” Lolu sizo olungokoqobo lwaba namuphi umthelela kuBryant? Uthi: “Ngenxa yesikhuthazo sikaTony, ngagcina ngenza umsebenzi owanelisa ngempela, inkonzo yesikhathi esigcwele.” Badala, kuphaphameleni ukusiza labo abafana noBryant, abangase badinge ukukhuthazwa ‘ngezwi elihle.’—IzAga 12:25.
6. UPawulu wawusebenzisa kanjani umlando wabanye ukuze akhuthaze abafowabo nodadewabo?
6 UPawulu wakhumbuza ayekholwa nabo ukuthi ngosizo lukaJehova, ‘ifu elikhulu lofakazi’ lalikhuthazelele ubunzima. (Heb. 12:1) UPawulu wayazi ukuthi umlando walabo ababelukhuthazelele ngokuphumelelayo lonke uhlobo lobunzima wawunganikeza abafowabo nodadewabo isibindi, ubasize bahlale begxile “edolobheni likaNkulunkulu ophilayo.” (Heb. 12:22) Kunjalo nanamuhla. Ubani nje ongakaze aqiniswe ukufunda ngendlela uJehova asiza ngayo uGideyoni, uBharaki, uDavide, uSamuweli nabanye abaningi? (Heb. 11:32-35) Kuthiwani ngezibonelo zokholo zangosuku lwethu? Endlunkulu, sivame ukuthola izincwadi ezivela kubafowethu nodadewethu abaqine ukholo ngemva kokufunda indaba yokuphila yenceku kaJehova ethembekile yangosuku lwethu.
UPAWULU WABONISA ABAFOWABO NODADEWABO INDLELA YOKULONDOLOZA UKUTHULA PHAKATHI KWABO
7. Ufundani eselulekweni somphostoli uPawulu esisencwadini yabaseRoma 14:19-21?
7 Siyabakha abafowethu nodadewethu lapho sisho futhi senza izinto ezikhuthaza ukuthula ebandleni. Asivumeli ukungafani kwemibono kusihlukanise. Kanti asiyiphoqeleli imibono yethu lapho singekho isimiso esingokomBhalo esephulwayo. Cabanga ngalesi sibonelo. Ibandla laseRoma lalakhiwe amaKristu angamaJuda naweZizwe. Lapho uMthetho KaMose ungasasebenzi, imithetho emayelana nokungakudli ukudla okuthile yayingasasebenzi. (Marku 7:19) Kusukela ngaleso sikhathi, amanye amaKristu angamaJuda azizwa ekhululekile ukudla lonke uhlobo lokudla. Nokho, kwamanye amaKristu angamaJuda kwakungavumi ukuba enze kanjalo. Le ndaba yenza ibandla lahlukana phakathi. UPawulu wagcizelela ukubaluleka kokugcina ukuthula futhi wathi: “Kuhle ukungayidli inyama noma ukungaliphuzi iwayini noma ukungenzi noma yini umfowenu akhubeka ngayo.” (Funda eyabaseRoma 14:19-21.) Ngokusho kanjalo, uPawulu wasiza ayekholwa nabo ukuba babone ukuthi ukuxatshaniswa imibono enjalo kungamlimaza kangakanani umuntu ngamunye nebandla lilonke. Wayezimisele nokushintsha indlela enza ngayo izinto ukuze agweme ukukhuba abanye. (1 Kor. 9:19-22) Nathi singabakha abanye futhi silondoloze ukuthula uma sigwema ukubangela izingxabano ngenxa yezindaba ezithinta ukuzikhethela komuntu ngamunye.
8. Wenzenjani uPawulu lapho indaba ebalulekile iphazamisa ukuthula kwebandla?
8 UPawulu wabeka isibonelo esihle sokulondoloza ukuthula nalabo abangavumelani ngezindaba ezibalulekile. Ngokwesibonelo, abanye ebandleni langekhulu lokuqala babecindezela amaKristu abeZizwe ukuba asokwe, mhlawumbe ukuze bagweme ukugxekwa amaJuda. (Gal. 6:12) UPawulu wayengavumelani nhlobo nalowo mbono kodwa kunokuba aphoqelele ukuba izinto zenziwe ngendlela yakhe, ngokuthobeka wadlulisela udaba kubaphostoli nasemadodeni amadala eJerusalema. (IzE. 15:1, 2) Ngenxa yendlela enza ngayo, wasiza lawo maKristu alondoloza injabulo nokuthula ebandleni.—IzE. 15:30, 31.
9. Singasilingisa kanjani isibonelo sikaPawulu?
9 Uma kuphakama izingxabano ezishubile, sikhuthaza ukuthula ngokufuna iziqondiso kulabo uJehova abamisile ukuba banakekele ibandla. Ngokuvamile, izeluleko ezisekelwe eBhayibhelini ziyatholakala ezincwadini zethu noma eziqondisweni ezivela enhlanganweni. Uma sigxila ekulandeleni lezo ziqondiso kunokuba sifune ukwenza ngendlela yethu, sizoba nesandla ekwenzeni ibandla libe nokuthula.
10. Yini enye uPawulu ayenza ukuze akhuthaze ukuthula ebandleni?
10 UPawulu wakhuthaza ukuthula ngokugxila ezimfanelweni ezinhle zabafowabo nodadewabo, hhayi ebuntwini babo obubi. Ngokwesibonelo, lapho ephetha incwadi yakhe eya kwabaseRoma, uPawulu wagagula abaningi ngamagama futhi ezimweni eziningi washo okuthile okuhle ngabo. Singamlingisa uPawulu ngokukhuluma ngokukhululekile ngezimfanelo ezinhle zabafowethu nodadewethu. Uma senza kanjalo, sinika abafowethu nodadewethu izizathu ezengeziwe zokuba basondelane, okwenza ibandla libe nothando.
11. Singakulungisa kanjani ukungaboni ngaso linye ukuze senze ukuthula?
11 Ngezinye izikhathi ngisho namaKristu avuthiwe angase angaboni ngaso linye noma axabane. Lokho kwenzeka kuPawulu nomngane wakhe oseduze uBarnaba. Babengavumelani ngokuthi bahambe naye yini uMarku ohambweni lwabo olulandelayo lwezithunywa zevangeli. “Kwaqhuma intukuthelo enkulu” phakathi kwabo futhi bahlukana. (IzE. 15:37-39) Kodwa uPawulu, uBarnaba noMarku babuvuselela ubungane babo, okwabonisa ukuthi babekwazisa kakhulu ukuthula nobunye bebandla. Kamuva uPawulu wakhuluma izinto ezinhle ngoBarnaba noMarku. (1 Kor. 9:6; Kol. 4:10) Nathi kudingeka sikulungise ukungaboni ngaso linye esingase sibe nakho nabanye ebandleni, siqhubeke nokugxila ezimfanelweni zabo ezinhle. Ngaleyo ndlela, siyokhuthaza ukuthula nobunye.—Efe. 4:3.
UPAWULU WAQINISA UKHOLO LWABAFOWABO NODADEWABO
12. Yiziphi ezinye izinselele abafowethu nodadewethu ababhekana nazo?
12 Siyabakha abafowethu nodadewethu lapho sibasiza babe nokholo oluqinile kuJehova. Abanye bagconwa amalungu omndeni angakholwa, abantu abasebenza nabo noma abafunda nabo. Abanye banezinkinga zempilo ezinzima noma balwa kanzima ukuze banqobe imizwa ebuhlungu. Abanye sekuyiminyaka bengamaKristu abhapathiziwe futhi sekuyisikhathi eside belinde ukuba lesi simiso siphele. Lezi zimo zingaluvivinya ukholo lwamaKristu namuhla. Amalungu ebandla langekhulu lokuqala abhekana nezinselele ezifanayo. Yini uPawulu ayenza ukuze aqinise abafowabo nodadewabo?
13. UPawulu wabasiza kanjani labo ababenziwa inhlekisa ngenxa yezinkolelo zabo?
13 UPawulu wasebenzisa imiBhalo ukuze aqinise ukholo lwabafowabo nodadewabo. Ngokwesibonelo, kungenzeka amaKristu angamaJuda ayengazi ukuthi awaphendule athini amalungu omndeni ayewagxeka ethi ubuJuda bungcono kunobuKristu. Ngokungangabazeki, incwadi kaPawulu eya kumaHebheru yawaqinisa kakhulu lawo maKristu. (Heb. 1:5, 6; 2:2, 3; 9:24, 25) Ayengasebenzisa amaphuzu akhe anamandla ukuze aphendule labo ababewagxeka. Namuhla singasiza esikholwa nabo abenziwa inhlekisa basebenzise izincwadi zethu ezisekelwe eBhayibhelini ukuze bakwazi ukuchaza izinkolelo zabo. Uma abasha bethu begconwa ngenxa yokukholelwa endalweni, singabasiza bathole ulwazi encwajaneni ethi Ingabe Izinto Eziphilayo Zadalwa? nakwethi The Origin of Life—Five Questions Worth Asking ukuze babonise ukuthi kungani bekholelwa endalweni.
14. Nakuba uPawulu ayematasa eshumayela futhi efundisa, yini ayenza?
14 UPawulu wakhuthaza abafowabo nodadewabo ukuba babonise uthando ‘ngemisebenzi emihle.’ (Heb. 10:24) Akagcinanga nje ngokusiza abafowabo ngalokho ayekusho kodwa wabasiza nangezenzo. Ngokwesibonelo, ngesikhathi labo ayekholwa nabo eJudiya bebhekene nendlala, uPawulu wabasiza bathola izinto ababezidinga. (IzE. 11:27-30) Empeleni, nakuba uPawulu ayematasa ngokushumayela nokufundisa, wayehlale efuna izindlela zokusiza labo ababedinga izinto ezingokwenyama. (Gal. 2:10) Ngokwenza kanjalo, wenza labo ayekholwa nabo baqiniseka nakakhulu ukuthi uJehova uzobanakekela. Namuhla, lapho sinikela ngesikhathi, amandla namakhono ethu ekusizeni lapho kugadla inhlekelele, nathi sisuke siqinisa ukholo lwabafowethu nodadewethu. Singakwenza nalokhu ngokunikela njalo emsebenzini womhlaba wonke. Ngokusebenzisa lezi zindlela nezinye, sisiza abafowethu nodadewethu bathembele ekutheni uJehova akasoze abalahla.
15-16. Kufanele sibaphathe kanjani labo asebenokholo olubuthaka?
15 UPawulu akazange ayeke ukubasiza labo abasebenokholo olubuthaka. Wababonisa uzwela, wakhuluma nabo ngendlela enomusa neyakhayo. (Heb. 6:9; 10:39) Ngokwesibonelo, encwadini yakhe eya kumaHebheru, ngokuvamile wayesebenzisa igama elithi “si-” nelithi “thina,” ebonisa ukuthi naye kwakudingeka asisebenzise iseluleko ayesinikeza. (Heb. 2:1, 3) NjengoPawulu, asiyeki ukubasiza labo asebenokholo olubuthaka. Kunalokho, siyabakhuthaza ngokubabonisa ukuthi sibakhathalela ngempela. Ngale ndlela, sibaqinisekisa ngokuthi siyabathanda. Ukukhuluma nabo ngendlela enomusa kungabakhuthaza kakhulu.
16 UPawulu waqinisekisa abafowabo nodadewabo ngokuthi uJehova uyazi kahle imisebenzi yabo emihle. (Heb. 10:32-34) Singenza into efanayo nathi lapho sisiza esikholwa naye osenokholo olubuthaka. Singase simcele asixoxele ukuthi walithola kanjani iqiniso noma simkhuthaze ukuba akhumbule izikhathi uJehova amsekela ngazo. Singasebenzisa lelo thuba ukuze simqinisekise ngokuthi uJehova akayikhohliwe imisebenzi yakhe yothando futhi ngeke amlahle esikhathini esizayo. (Heb. 6:10; 13:5, 6) Izingxoxo ezinjengalezi zingabakhuthaza ukuba baqhubeke nenkonzo yabo laba bafowethu nodadewethu esibathandayo.
“QHUBEKANI NIKHUTHAZANA”
17. Yimaphi amakhono esingaqhubeka siwathuthukisa?
17 Njengoba nje amakhono omuntu osemkhakheni wezokwakha ethuthuka ngokuhamba kwesikhathi, nathi singathuthuka endleleni esikhuthazana ngayo. Singabasiza abanye bathole amandla okukhuthazelela uvivinyo ngokubaxoxela ngezibonelo zalabo abakhuthazela esikhathini esedlule. Singakhuthaza ukuthula ngokukhuluma ngezimfanelo ezinhle zabanye, ngokulondoloza ukuthula lapho kuphakama izimo ezingaqeda ukuthula nangokwenza ukuthula lapho kuba khona ukungaboni ngaso linye. Kanti singaqhubeka siqinisa ukholo lwabafowethu nodadewethu ngokuxoxa nabo ngamaqiniso eBhayibheli abalulekile, ngokubanikeza usizo olungokoqobo nangokusekela noma yibaphi asebenokholo olubuthaka.
18. Yini ozimisele ukuyenza?
18 Labo abenza imisebenzi yokwakha izakhiwo zenhlangano bayajabula futhi banelisekile. Singathola injabulo nokwaneliseka lapho sisiza emsebenzini wokwakha ukholo lwabanye ebandleni. Ngokungefani nezakhiwo ezingokoqobo ezizoguga ngokuhamba kwesikhathi, imiphumela yomsebenzi wethu ingahlala phakade! Kwangathi singazimisela ‘ukuqhubeka sikhuthazana futhi sakhana.’—1 Thes. 5:11.
INGOMA 100 Bamukeleni Ngemfudumalo
^ Kunzima ukuphila kuleli zwe. Abafowethu nodadewethu bacindezeleke kakhulu. Singaba isibusiso ngempela kubo uma sifuna izindlela esingabakhuthaza ngazo. Ukuze sikwazi ukwenza kanjalo, kuzosisiza ukucabanga ngesibonelo somphostoli uPawulu.
^ INCAZELO YESITHOMBE: Ubaba ubonisa indodakazi yakhe ukuthi ingakusebenzisa kanjani ukusikisela okusezincwadini zethu ukuze imelane nengcindezi yokugubha uKhisimusi.
^ INCAZELO YESITHOMBE: Indoda nomkayo baye kwenye ingxenye yezwe ukuze basize lapho kugadle khona inhlekelele.
^ INCAZELO YESITHOMBE: Umdala uvakashela umzalwane osenokholo olubuthaka. Umbonisa izithombe zabo beseSikoleni Senkonzo Samaphayona eminyakeni eminingi edlule. Izithombe zibakhumbuza izikhathi ezimnandi abazijabulela. Umzalwane uqala ukulangazelela ukuba nenjabulo ayenayo ngesikhathi esakhonza uJehova. Ngokuhamba kwesikhathi, wabuyela ebandleni.