Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 33

Funda Esibonelweni SikaDaniyeli

Funda Esibonelweni SikaDaniyeli

“Ungumuntu oyigugu kakhulu.”​—DAN. 9:23.

INGOMA 73 Sinikeze Isibindi

AMAZWIBELA a

1. Kungani abaseBhabhiloni babemthanda umprofethi uDaniyeli?

 UMPROFETHI uDaniyeli wayeyinsizwa lapho abaseBhabhiloni bemthatha ngempoqo bemenza isiboshwa futhi bemyisa kude nasekhaya. Kodwa kusobala ukuthi izikhulu zaseBhabhiloni zamthanda uDaniyeli. Zabona “okubonakala emehlweni”​—ukuthi uDaniyeli ‘wayengenasici, ebukeka kahle’ nokuthi wayevela emndenini ohlonishwayo. (1 Sam. 16:7) Ngenxa yalokho, abaseBhabhiloni bamqeqesha ukuba abe yilungu elivelele lomphakathi.​—Dan. 1:3, 4, 6.

2. UJehova wayezizwa kanjani ngoDaniyeli? (Hezekeli 14:14)

2 UJehova wayethanda uDaniyeli ngenxa yohlobo lomuntu akhetha ukuba yilo, hhayi ngenxa yokubukeka kwakhe noma ukuthi wayengumuntu ovelele emphakathini. Empeleni, kungenzeka ukuthi uDaniyeli wayesezohlanganisa iminyaka engu-20 noma wayesanda kuyihlanganisa lapho uJehova ekhuluma kahle ngaye nangoNowa noJobe, amadoda ayechithe amashumi eminyaka ezakhela igama elihle noNkulunkulu. (Gen. 5:32; 6:9, 10; Jobe 42:16, 17; funda uHezekeli 14:14.) UJehova waqhubeka emthanda uDaniyeli kukho konke ukuphila kwakhe okumangalisayo.​—Dan. 10:11, 19.

3. Sizoxoxa ngani kulesi sihloko?

3 Kulesi sihloko, sizoxoxa ngezimfanelo ezimbili ezenza uDaniyeli waba igugu kuJehova. Okokuqala, sizochaza imfanelo ngayinye bese sixoxa ngezikhathi ayibonisa ngazo. Ngemva kwalokho, sizobona ukuthi yini eyasiza uDaniyeli wafunda ukubonisa lezo zimfanelo. Sizobe sesixoxa ngokuthi singamlingisa kanjani. Nakuba lesi sihloko sibhalelwe intsha, sonke singafunda esibonelweni sikaDaniyeli.

LINGISA ISIBINDI SIKADANIYELI

4. UDaniyeli wasibonisa kanjani isibindi? Nikeza isibonelo.

4 Abantu abanesibindi bangase besabe, kodwa abakuvumeli ukwesaba kubavimbe ukuba benze okulungile. UDaniyeli wayeyinsizwa enesibindi kakhulu. Cabanga ngezenzakalo ezimbili abonisa kuzo isibindi. Esokuqala cishe senzeka ngemva kweminyaka emibili abaseBhabhiloni bebhubhise iJerusalema. Inkosi yaseBhabhiloni uNebukhadinezari yaphupha iphupho elithusayo lesizemazema sesithombe. Yasongela ngokuthi izowabulala wonke amadoda ahlakaniphile, kuhlanganise noDaniyeli, uma ehluleka ukuyitshela iphupho layo nencazelo yalo. (Dan. 2:3-5) UDaniyeli kwadingeka athathe isinyathelo ngokushesha; ngaphandle kwalokho kwakuzofa abantu. “Wangena enkosini wacela ukuba imnike isikhathi ukuze ayitshele incazelo yephupho.” (Dan. 2:16) Lokho kwakudinga isibindi nokholo. Akukho lapho kushiwo khona ukuthi uDaniyeli wake wachaza amaphupho ngaphambili. Wacela abangani bakhe ababeqanjwe amagama aseBhabhiloni athi uShadiraki, uMeshaki no-Abhedinego, “ukuba bathandaze bacele isihe kuNkulunkulu wezulu ngokuphathelene nale mfihlo.” (Dan. 2:18) UJehova wayiphendula leyo mithandazo. Ngosizo lukaNkulunkulu, uDaniyeli walichaza iphupho likaNebukhadinezari. Yena nabangani bakhe basinda.

5. Yisiphi isenzakalo esenza kwadingeka uDaniyeli aphinde abonise isibindi?

5 Ngemva kwesikhathi esithile uDaniyeli echaze iphupho lesizemazema sesithombe, kwadingeka aphinde abonise isibindi. UNebukhadinezari waphupha elinye iphupho elithusayo. Kuleli phupho wabona isihlahla esikhulu. Ngesibindi, uDaniyeli wachazela inkosi iphupho layo, wayitshela nokuthi yayizohlanya ingabi inkosi okwesikhathi esithile. (Dan. 4:25) Kwakungaba lula ngenkosi ukubheka lokho akushoyo njengecebo lokuketula umbuso bese iyala ukuba uDaniyeli abulawe. Noma kunjalo, wabonisa isibindi walichaza iphupho.

6. Yini okungenzeka yasiza uDaniyeli waba nesibindi?

6 Yini okungenzeka yasiza uDaniyeli waba nesibindi ukuphila kwakhe konke? Akungabazeki ukuthi ngesikhathi esemncane uDaniyeli wafunda esibonelweni sabazali bakhe. Ngokuqinisekile bayilalela imiyalo uJehova ayeyinike abazali abangama-Israyeli, bafundisa ingane yabo uMthetho kaNkulunkulu. (Dut. 6:6-9) UDaniyeli akagcinanga ngokwazi imithetho eyisisekelo, njengeMithetho Eyishumi, kodwa wayazi nemininingwane ephathelene nalokho umIsrayeli angakudla nokungafanele akudle. b (Lev. 11:4-8; Dan. 1:8, 11-13) UDaniyeli wayewazi nomlando wabantu bakaNkulunkulu, azi nokuthi kwakwenzekeni kubo lapho behluleka ukuphila ngemithetho kaJehova. (Dan. 9:10, 11) Okwenzeka kukho konke ukuphila kukaDaniyeli kwamenza waqiniseka ukuthi uJehova nezingelosi zakhe ezinamandla bayamsekela.​—Dan. 2:19-24; 10:12, 18, 19.

UDaniyeli waba nesibindi ngokutadisha, ngokuthandaza nangokuthembela kuJehova (Bheka isigaba 7)

7. Yini enye eyasiza uDaniyeli waba nesibindi? (Bheka nesithombe.)

7 UDaniyeli watadisha imibhalo yabaprofethi bakaNkulunkulu, kuhlanganise neziprofetho zikaJeremiya. Ngokutadisha lezo ziprofetho, kamuva uDaniyeli waqonda ukuthi ukuthunjwa kwamaJuda abaseBhabhiloni isikhathi eside kwase kuzophela. (Dan. 9:2) Akungabazeki ukuthi ukubona isiprofetho seBhayibheli sigcwaliseka kwenza uDaniyeli wamethemba nakakhulu uJehova futhi labo abamethemba ngempela uNkulunkulu bangaba nesibindi esimangalisayo. (Qhathanisa neyabaseRoma 8:31, 32, 37-39.) Okubaluleke kunakho konke, uDaniyeli wayethandaza njalo kuYise osezulwini. (Dan. 6:10) Wavuma izono zakhe kuJehova, wamtshela nendlela azizwa ngayo. UDaniyeli walucela nosizo. (Dan. 9:4, 5, 19) Wayengumuntu njengathi, ngakho akazalwanga enesibindi. Leyo mfanelo wayithola ngokutadisha, ukuthandaza nokuthembela kuJehova.

8. Yini okudingeka siyenze ukuze sibe nesibindi?

8 Yini okudingeka siyenze ukuze sibe nesibindi? Abazali bethu bangase basikhuthaze ukuba sibe nesibindi kodwa ngeke bakwazi ukudlulisela kithi leyo mfanelo njengokungathi iyifa lomndeni. Ukufunda ukuba nesibindi kufana nokufunda ikhono elisha. Enye indlela ongafunda ngayo ikhono iwukubhekisisa umuntu okufundisayo bese uyamlingisa. Ngendlela efanayo, sifunda ukuba nesibindi ngokubukisisa indlela abanye abayibonisa ngayo le mfanelo bese siyabalingisa. Yini-ke esiyifundile kuDaniyeli? Njengaye, kudingeka silazi kahle iZwi likaNkulunkulu. Kumele sibe nobuhlobo obuseduze noJehova ngokukhuluma naye njalo simtshele indlela esizizwa ngayo ngempela. Kudingeka sithembele kuJehova, siqiniseke ngokuthi uzosisiza. Kuyothi lapho ukholo lwethu luvivinywa, sibe nesibindi.

9. Sizuza kanjani ngokuba nesibindi?

9 Ukuba nesibindi kusizuzisa ngezindlela eziningi. Cabanga ngokwenzeka kuBen. Wayefunda eJalimane futhi wonke umuntu esikoleni wayekholelwa ekuziphendukeleni kwemvelo nokuthi indaba eseBhayibhelini yokuthi izinto zadalwa iyinganekwane. Ngolunye usuku, uBen wanikwa ithuba lokuma phambi kwekilasi achaze ukuthi kungani ekholelwa ukuthi izinto eziphilayo zadalwa. Wazichaza ngesibindi izinkolelo zakhe. Waba yini umphumela? UBen uthi: “Uthisha wami walalelisisa futhi wenza amakhophi ezinto engangizisebenzisa ukuze ngisekele engikushoyo, wayesewanika umfundi ngamunye ekilasini.” Benzenjani abanye abafundi? UBen uthi: “Abaningi kubo bakulalela engangikusho futhi bathi bayangihlonipha.” Njengoba le ndaba ibonisa, ngokuvamile abanye bayabahlonipha abantu abanesibindi. Bangase basize nabantu abanezinhliziyo eziqotho bakhonze uJehova. Ngokuqinisekile, sinezizathu ezinhle zokuba nesibindi.

LINGISA UBUQOTHO BUKADANIYELI

10. Buyini ubuqotho?

10 EBhayibhelini, igama lesiHebheru elisho “ubuqotho” noma “uthando oluqotho,” lidlulisela umqondo wokusondelana okufudumele nokunothando, okuvame ukusetshenziselwa ukuchaza indlela uNkulunkulu athanda ngayo izinceku zakhe. Igama elifanayo libuye lisetshenziselwe ukuchaza indlela izinceku zikaNkulunkulu ezithandana ngayo. (2 Sam. 9:6, 7) Ubuqotho bethu bungakhula njengoba isikhathi sihamba. Cabanga indlela okwenzeka ngayo lokhu kuDaniyeli.

UJehova uvuza ubuqotho bukaDaniyeli ngokuthumela ingelosi nangokuvala imilomo yamabhubesi (Bheka isigaba 11

11. Bavivinywa kanjani ubuqotho bukaDaniyeli lapho esemdala? (Bheka isithombe esisekhasini 1.)

11 Ubuqotho bukaDaniyeli kuJehova bavivinywa ukuphila kwakhe konke. Kodwa uvivinyo olukhulu wabhekana nalo lapho eseneminyaka engaphezu kuka-90. Ngalesi sikhathi, iBhabhiloni lase linqotshwe amaMede namaPheresiya, selibuswa iNkosi uDariyu. Izikhulu ezazikhonza esigodlweni zazingamthandi uDaniyeli, zingamhloniphi noNkulunkulu ayemkhonza. Ngakho, zaqhamuka nesu lokuba uDaniyeli abulawe. Zenza ukuba inkosi ishaye umthetho owawuzovivinya uDaniyeli ukuthi uzoba qotho kuNkulunkulu wakhe noma enkosini. Okwakufanele nje uDaniyeli akwenze ukuze abonise ukuthi uqotho enkosini, ukwenza njengawo wonke omunye umuntu, angathandazi kuJehova izinsuku ezingu-30. UDaniyeli wakhetha ukuba qotho kuJehova. Ngenxa yalokho, waphonswa emgodini wamabhubesi. Kodwa uJehova wavuza ubuqotho bukaDaniyeli ngokumsindisa emabhubesini. (Dan. 6:12-15, 20-22) Yini esingayenza ukuze sihlale siqotho kuJehova njengoDaniyeli?

12. Yini uDaniyeli ayenza ukuze ahlale eqotho kuJehova?

12 Njengoba kuchaziwe ekuqaleni, uthando olujulile lwenza umuntu abe qotho. UDaniyeli wahlala eqotho kuJehova ngoba wayemthanda kakhulu uBaba wakhe osezulwini. Akungabazeki ukuthi waba nalolo thando ngokucabanga ngezimfanelo zikaJehova nangendlela azibonisa ngayo. (Dan. 9:4) Wazindla ngazo zonke izinto ezinhle uJehova ayemenzele zona nayezenzele abantu bakhe.​—Dan. 2:20-23; 9:15, 16.

NjengoDaniyeli, ungahlale uqotho kuJehova ngokumthanda ngokujulile (Bheka isigaba 13)

13. (a) Yiluphi uvivinyo lobuqotho intsha yethu ebhekana nalo? Nikeza isibonelo. (Bheka nesithombe.) (b) Njengoba kuboniswe kuyividiyo, ungaphendula kanjani lapho abanye bebuza ukuthi oFakazi BakaJehova bayazisekela yini izitabane?

13 NjengoDaniyeli, intsha yethu izungezwe abantu abangamhloniphi uJehova nemithetho yakhe. Abantu abanjalo bangase bangamthandi umuntu othi uthanda uNkulunkulu. Abanye baze bazame ngisho nokwenza intsha yethu yephule ubuqotho bayo kuJehova. Ngokwesibonelo, cabanga ngokwenzeka ensizweni okuthiwa uGraeme ehlala e-Australia. Wabhekana nesimo esinzima ngesikhathi esesikoleni samabanga aphakeme. Uthisha wabuza ikilasi ukuthi lalingenzenjani uma linomngani olitshela ukuthi uyisitabane. Uthisha wathi labo abangamsekela umngani ophila ngaleyo ndlela abame ngapha kwekilasi, abangeke bamsekele bame ngapha kwekilasi. UGraeme uthi, “Lonke ikilasi lama ngasohlangothini lwabasekela leyo ndlela yokuphila, kwasala mina nomunye uFakazi.” Okwabe sekwenzeka kwabuvivinya ngempela ubuqotho bukaGraeme kuJehova. Uthi: “Kwaphela ihora lonke abanye abafundi ngisho nothisha besigcona besho nezinto ezibuhlungu. Ngenza okusemandleni ukuze ngivikele ukholo lwami ngendlela ezolile nebonisa ukucabangela, kodwa akukho nokukodwa abakulalela.” Lokhu kuvivinywa kobuqotho kwamthinta kanjani uGraeme? Uthi, “Angikuthandanga ukugconwa nezinto ezibuhlungu ababezisho, kodwa ngajabula kakhulu ngokuthi ngangikwazile ukulwela izinkolelo zami ngahlala ngiqotho kuJehova.” c

14. Iyiphi enye yezindlela engasisiza sihlale siqotho kuJehova?

14 NjengoDaniyeli, singahlala siqotho kuJehova uma siba nothando olujulile ngaYe. Lolo thando siba nalo ngokufunda ngezimfanelo zakhe. Ngokwesibonelo, singafunda ngezinto azenzile. (Roma 1:20) Uma ufuna ukumthanda nokumhlonipha ngokujulile uJehova, ungafunda izihloko ezimfushane ezisochungechungeni oluthi “Ingabe Kwadalwa” noma ubukele amavidiyo. Ungafunda nencwajana ethi Ingabe Izinto Eziphilayo Zadalwa? nethi The Origin of Life​—Five Questions Worth Asking. Phawula lokho udade osemusha waseDenmark okuthiwa u-Esther akushoyo ngalezi zincwajana: “Zibhalwe ngendlela enhle kakhulu. Lezi zincwajana azikutsheli ukuthi yini okufanele uyikholelwe; zimane zikutshele amaqiniso bese kuba nguwe ozenzela isinqumo.” UBen, ocashunwe ekuqaleni, uthi: “Lezi zincwajana zaluqinisa ngempela ukholo lwami. Zangibonisa ukuthi nguNkulunkulu owadala izinto eziphilayo.” Ngemva kokufunda lezi zincwajana, cishe uyovumelana neBhayibheli lapho lithi: “Kukufanele Jehova Nkulunkulu wethu, ukwamukela inkazimulo nodumo namandla, ngoba wadala zonke izinto.”​—IsAm. 4:11. d

15. Yikuphi okunye esingakwenza ukuze sisondelane nakakhulu noJehova?

15 Okunye esingakwenza ukuze simthande nakakhulu uJehova ukuhlolisisa ukuphila kweNdodana yakhe, uJesu. Udade osemusha okuthiwa uSamira ohlala eJalimane, wakwenza lokho. Uthi: “Ngamazi kangcono uJehova ngokufunda ngoJesu.” Ngesikhathi esemncane, uSamira wayehluleka ukuqonda ukuthi kwenzeka kanjani ukuba uJehova abe nemizwa. Kodwa wayeyiqonda imizwa kaJesu. Uyenezela: “Ngangimthanda uJesu ngoba wayenobungani futhi ezithanda izingane.” Njengoba eqhubeka efunda ngoJesu, wamazi kangcono futhi wamthanda nakakhulu uJehova. Kungani? Uthi: “Kancane kancane ngaqonda ukuthi uJesu umlingisa ngokuphelele uYise. Bayafana kakhulu. Ngaqonda ukuthi lesi esinye sezizathu esenza uJehova wathumela uJesu emhlabeni, ukuze abantu bamazi kangcono uJehova.” (Joh. 14:9) Uma ufuna ukusondelana nakakhulu noJehova, kungani ungaziphi isikhathi sokufunda konke ongakufunda ngoJesu? Uma wenza kanjalo, uthando lwakho ngoJehova nobuqotho bakho kuye kuyokhula.

16. Yiziphi izinzuzo esizitholayo ngokuba qotho? (IHubo 18:25; Mika 6:8)

16 Abantu abaqotho bavame ukuba nabangani abasondelene nabo futhi lobo bungani buhlala isikhathi eside. (Ruthe 1:14-17) Ngaphezu kwalokho, abantu abaqotho kuJehova banesizathu esihle sokuba nokuthula kwangaphakathi. Kungani? Kungenxa yokuthi uJehova uthembisa ukuba qotho kulabo abaqotho kuye. (Funda iHubo 18:25; Mika 6:8.) Cabanga nje​—uMdali onawo wonke amandla uyathanda ukusondelana nathi! Uma esesondelene nathi, akukho vivinyo, akukho mphikisi, ngisho nokufa imbala, okungasihlukanisa naye. (Dan. 12:13; Luka 20:37, 38; Roma 8:38, 39) Kubaluleke ngempela ukulingisa uDaniyeli sihlale siqotho kuJehova!

QHUBEKA UFUNDA KUDANIYELI

17-18. Yini enye esingayifunda kuDaniyeli?

17 Kulesi sihloko, sixoxe ngezimfanelo ezimbili kuphela ezaboniswa uDaniyeli. Kodwa kuningi kakhulu esingakufunda kuye. Ngokwesibonelo, uJehova wanikeza uDaniyeli uchungechunge lwemibono namaphupho, wamenza wakwazi nokuchaza iziprofetho. Eziningi zalezo ziprofetho sezigcwalisekile kakade. Ezinye zinikeza imininingwane yesikhathi esizayo eyothinta wonke umuntu osemhlabeni.

18 Esihlokweni esilandelayo, sizohlola iziprofetho ezimbili ezabhalwa uDaniyeli. Ukuziqonda kuzosisiza sonke, abancane nabadala, ukuba senze izinqumo ezihlakaniphile manje. Lezo ziprofetho zizosisiza nokuba sibe nesibindi kakhudlwana futhi sibe qotho nakakhulu ukuze silungele uvivinyo oluseza.

INGOMA 119 Kumelwe Sibe Nokholo

a Intsha ekhonza uJehova namuhla ibhekana nezinselele ezidinga ibonise isibindi nobuqotho bayo kuJehova. Ezinye izingane ezifunda nayo zingase ziyigcone ngenxa yokuthi ikholelwa ukuthi izinto zadalwa. Ontanga bayo bangase bazame ukuyenza izizwe iyizilima ngenxa yokuthi ikhonza uNkulunkulu futhi iphila ngemithetho yakhe. Kodwa njengoba lesi sihloko sizobonisa, labo abalingisa umprofethi uDaniyeli bakhonze uJehova ngesibindi nangobuqotho bahlakaniphe ngempela.

b Kungenzeka zintathu izizathu ezenza uDaniyeli wabheka ukudla kwaseBhabhiloni njengokungcolile: (1) Kungenzeka ukuthi inyama kwakungeyezilwane uMthetho owawungavumeli ukuba zidliwe. (Dut. 14:7, 8) (2) Kungenzeka ukuthi inyama yayingophiswanga kahle. (Lev. 17:10-12) (3) Ukudla lokho kudla kwakungase kubhekwe njengokukhonza unkulunkulu wamanga.​—Qhathanisa noLevitikusi 7:15 neyoku-1 Korinte 10:18, 21, 22.

d Ukuze umthande nakakhulu uJehova, ungatadisha nencwadi ethi Sondela KuJehova, echaza kabanzi ngezimfanelo nobuntu bukaJehova.