Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UJehova uyokwenza igama lakhe likhazinyuliswe kuze kube phakade

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Isihloko esithi “Malingcweliswe Igama Lakho” esikuyi-Nqabayokulinda kaJuni 2020 sakucacisa kanjani lokho esikukholelwayo ngokuphathelene negama likaJehova nobukhosi bakhe?

Kuleso sihloko, safunda ukuthi empeleni kunempikiswano eyodwa nje abantu ababhekene nayo: ukungcweliswa kwegama likaJehova elikhulu. Indaba yobukhosi—okungukuthi, indlela kaJehova yokubusa ingcono kunazo zonke—ingesinye sezici zaleyo mpikiswano enkulu. Ngendlela efanayo, ukuthi umuntu uhlala eqotho yini kuNkulunkulu kuhlobene nendaba ebalulekile yokungcweliswa kwegama likaJehova.

Kungani manje sigcizelela ukuthi impikiswano enkulu kunazo zonke ihilela igama likaJehova nokungcweliswa kwalo? Ake sixoxe ngezizathu ezintathu.

USathane uye wanyundela igama likaNkulunkulu kusukela ekungalalelini kwasensimini yase-Edene

Esokuqala, uSathane wahlasela igama likaJehova noma idumela lakhe ensimini yase-Edene. Umbuzo wobuqili uSathane awubuza u-Eva wawusikisela ukuthi uJehova unguNkulunkulu oncishanayo obekela u-Adamu no-Eva imingcele engenangqondo. USathane wabe esephikisa amazwi kaJehova, ngaleyo ndlela ethi uNkulunkulu ungumqambimanga. Ngakho, wanyundela igama likaJehova. Waphenduka “uDeveli,” okusho “umnyundeli.” (Joh. 8:44) Ngenxa yokuthi u-Eva wawakholwa amanga kaSathane, akamlalelanga uNkulunkulu, wavukela ubukhosi bakhe. (Gen. 3:1-6) Kuze kube namuhla, uSathane unyundela igama likaNkulunkulu, usakaza amanga ngohlobo lomuntu uJehova ayilo. Labo abawakholwayo lawo manga maningi amathuba okuba bangamlaleli uJehova. Ngakho, kubantu bakaNkulunkulu, ukunyundela igama likaJehova elingcwele kuwukungabi nabulungisa okukudlula konke. Kuyimbangela yabo bonke ubuhlungu nobubi obusemhlabeni.

Esesibili, ukuze kuzuze yonke indalo, uJehova uzimisele ukulwela igama lakhe, asuse sonke isihlamba kulo. Lokho kubaluleke ukwedlula yonke into kuJehova. Yingakho ethi: “Nakanjani ngizolingcwelisa igama lami elikhulu.” (Hez. 36:23) UJesu wakwenza kwacaca ukuthi yini okufanele ize kuqala emithandazweni yezinceku zikaJehova ezithembekile lapho ethi: “Malingcweliswe igama lakho.” (Math. 6:9) Ngokuphindaphindiwe iBhayibheli ligcizelela ukubaluleka kokukhazimulisa igama likaJehova. Cabanga ngalezi zibonelo ezimbalwa nje: “Nikani uJehova inkazimulo efanele igama lakhe.” (1 IziKr. 16:29; IHu. 96:8) “Lihubeleni izindumiso igama lakhe elikhazimulayo.” (IHu. 66:2) “Ngizolikhazimulisa igama lakho kuze kube phakade.” (IHu. 86:12) Esinye sezikhathi uJehova akhuluma ngazo esezulwini kwakusethempelini eJerusalema, lapho uJesu athi khona: “Baba, khazimulisa igama lakho.” UJehova waphendula wathi: “Ngilikhazimulisile futhi ngizophinde ngilikhazimulise.”—Joh. 12:28. a

Esesithathu, injongo kaJehova iyohlale ihlobene negama lakhe, noma idumela lakhe. Cabanga ngalokhu: Ngemva kovivinyo lokugcina oluzolandela ukuBusa KukaKristu Kweminyaka Eyinkulungwane, yini eyolandela? Ingabe indalo kaNkulunkulu ehlakaniphile iyoqhubeka ihlukene phakathi ngenxa yale mpikiswano enkulu, ukungcweliswa kwegama likaJehova? Ukuze siphendule lowo mbuzo, masikhumbule izici ezimbili ezihlobene nale mpikiswano—ubuqotho babantu nobukhosi bukaJehova bendawo yonke. Abantu abazibonisile ukuthi baqotho bazoqhubeka yini bebhekene nenselele yokuzibonisa beqotho? Cha. Bayobe bengasenaso isono futhi sebevivinywe ngokugcwele. Bayobe sebethole ukuphila okuphakade. Ubukhosi bendawo yonke buyoqhubeka yini buyindaba esematheni, noma indaba ebangela ukwahlukana phakathi kwezidalwa ezihlakaniphile? Cha. Kuyobe sekwaziwa ukuthi indlela kaJehova yokubusa yiyo efanele nengcono kunazo zonke. Nokho, kuthiwani ngegama likaJehova?

Ngaleso sikhathi igama likaJehova liyobe selingcweliswe ngokuphelele, liyobe lingasanyundelwa nhlobo. Nokho, liyoqhubeka libaluleke kakhulu kuzo zonke izinceku ezithembekile kuJehova ezulwini nasemhlabeni. Kungani? Kungoba ziyobona uJehova eqhubeka enza izinto ezimangalisayo. Cabanga ngalokhu: Ngenxa yokuthi uJesu ngokuthobeka uyobuyisela wonke amandla okubusa kuJehova, uNkulunkulu uyoba “yikho konke kuwo wonke umuntu.” (1 Kor. 15:28) Ngemva kwalokho, bonke abantu emhlabeni bayojabulela ‘inkululeko ekhazimulayo yabantwana bakaNkulunkulu.’ (Roma 8:21) UJehova uyoyigcwalisa ngokuphelele injongo yakhe yasekuqaleni yokuhlanganisa ndawonye zonke izidalwa ezihlakaniphile ezulwini nasemhlabeni zibe umndeni owodwa omkhulu nonobunye.—Efe. 1:10.

Lokho okuyokwenzeka kuyowuthinta kanjani umndeni kaJehova ezulwini nasemhlabeni? Ngokuqinisekile siyozizwa sinesidingo—isifiso esinamandla—sokuqhubeka sidumisa igama likaJehova elihle. Umhubi uDavide waphefumulelwa ukuba abhale: “Makadunyiswe uJehova uNkulunkulu. . . . Malidunyiswe kuze kube phakade igama lakhe elikhazimulayo.” (IHu. 72:18, 19) Siyoqhubeka sithola izizathu ezintsha nezijabulisayo zokwenza kanjalo kuze kube phakade.

Igama likaJehova limelela konke ayikho. Ngokuyinhloko, lapho sicabanga ngegama likaJehova, sicabanga ngothando lwakhe. (1 Joh. 4:8) Siyohlale sikhumbula ukuthi uJehova wasidala ngoba esithanda, wasilungiselela umhlatshelo wesihlengo ngoba esithanda, wasibonisa nendlela yakhe elungile yokubusa ngoba esithanda. Kodwa siyoqhubeka silubona uthando olumangalisayo uJehova alubonisa izidalwa zakhe. Siyosondela nakakhulu kuye njengoBaba wethu, sidumise negama lakhe elikhazimulayo kuze kube phakade.—IHu. 73:28.

a IBhayibheli libonisa nokuthi uJehova uthatha isinyathelo “ngenxa yegama lakhe.” Ngokwesibonelo, uhola abantu bakhe, uyabasiza, uyabakhulula, uyabathethelela, uyabalonda—konke lokhu ukwenza ngenxa yegama lakhe elikhulu elithi Jehova.—IHu. 23:3; 31:3; 79:9; 106:8; 143:11.