Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 31

INGOMA 12 Nkulunkulu Omkhulu, Jehova

Lokho UJehova Akwenzile Ukuze Asindise Abantu Abanesono

Lokho UJehova Akwenzile Ukuze Asindise Abantu Abanesono

“UNkulunkulu walithanda izwe kangangokuba waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa.”JOH. 3:16.

AMAPHUZU ABALULEKILE

Sizoxoxa ngalokho uJehova abelokhu ekwenza ukuze asisize silwisane nesono. Sizobona nokuthi usivulele kanjani ithuba lokuthola ukuphila okuphakade singasenaso isono.

1-2. (a) Siyini isono, futhi singasinqoba kanjani? (Bheka “Incazelo Yegama.”) (b) Yini esizoxoxa ngayo kulesi sihloko nakwezinye izihloko ezikule Nqabayokulinda? (Bheka nesithi “Umyalezo Oya Kubafundi” kulo magazini.)

 UNGATHANDA yini ukwazi ukuthi uJehova uNkulunkulu ukuthanda kangakanani? Nayi indlela enhle yokuthola impendulo: Funda ngalokho akwenzile ukuze akukhulule esonweni nasekufeni. Isono a isitha esibi kakhulu ongeke ukwazi ukusinqoba ngamandla akho. Sonke siyona nsuku zonke futhi siyafa ngenxa yesono. (Roma 5:12) Kodwa kunezindaba ezimnandi. Ngosizo lukaJehova, singasinqoba isono. Empeleni, uJehova ukuqinisekisile lokho!

2 Sekuphele iminyaka engaphezu kuka-6 000 uJehova elokhu esiza abantu ukuba balwe nesono. Kungani? Kungenxa yokuthi uyasithanda. Ubelokhu ebathanda abantu kusukela ekuqaleni, ngakho ziningi izinto azenzile ukuze abasize balwe nesono. UNkulunkulu uyazi ukuthi isono siholela ekufeni futhi akafuni sife. Ufuna siphile phakade. (Roma 6:23) Yilokho akufunela kona nawe. Kulesi sihloko, sizoxoxa ngemibuzo emithathu: (1) Yini uJehova ayenza ukuze abantu abanesono babe nethemba? (2) Ezikhathini zeBhayibheli yini abantu abanesono abayenza ukuze bamukelwe uJehova? (3) Yini uJesu ayenza ukuze asindise abantu abanesono?

YINI UJEHOVA AYENZA UKUZE ABANTU ABANESONO BABE NETHEMBA?

3. Abazali bethu bokuqala baba kanjani izoni?

3 Ngesikhathi uJehova edala indoda yokuqala nowesifazane wokuqala, wayefuna bajabule. Wabapha ikhaya elihle, umshado nomsebenzi ojabulisayo. Kwakumele bagcwalise umhlaba ngenzalo yabo, benze wonke umhlaba ube yiPharadesi njengengadi yase-Edene. Wabanika umyalo owodwa nje kuphela olula. Wabaxwayisa ngokuthi uma bewuphula lowo myalo ngokukhetha ukungamlaleli ngamabomu, isono sabo sasiyoholela ekufeni. Siyakwazi okwenzeka. Ingelosi embi eyayingamthandi uNkulunkulu futhi ingabathandi nabo, yabayenga ukuba benze leso sono. U-Adamu no-Eva bakwenza okwakufunwa yileyo ngelosi embi. Ngenxa yokuthi bahluleka ukuthemba ubaba wabo onothando, bona. Njengoba sazi, lokho uJehova akusho kwakuyiqiniso. Kusukela ngalolo suku kwadingeka babhekane nemiphumela yalokho: baguga, ekugcineni bafa. Ekugcineni, babuyela emhlabathini.—Gen. 1:​28, 29; 2:​8, 9, 16-18; 3:​1-6, 17-19, 24; 5:5.

4. Kungani uJehova esizonda isono futhi esisiza ukuba silwe naso? (Roma 8:​20, 21)

4 UJehova wenza ukuba leyo ndaba ibhalwe eBhayibhelini ukuze sizuze. Isisiza siqonde ukuthi kungani esizonda kangaka isono. Isono sisihlukanisa noBaba wethu futhi siholela ekufeni. (Isaya 59:2) Yingakho uSathane, isidalwa somoya esiyisihlubuki esasungula yonke le nkinga, esithanda isono futhi ethanda nokwenza abanye abantu bone. Kungenzeka wayecabanga ukuthi unqobile e-Edene. Kodwa wayengaqondi ukuthi unothando kangakanani uJehova. UNkulunkulu akazange ayishintshe injongo yakhe ngenzalo ka-Adamu no-Eva. Uyabathanda abantu, ngakho ngokushesha wabanika bonke ithemba. (Funda eyabaseRoma 8:​20, 21.) UJehova wayazi ukuthi enye yaleyo nzalo yayiyokhetha ukumthanda futhi yayiyofuna usizo lwakhe ukuze ilwe nesono. NjengoBaba wayo noMdali wayo, wayeyokwenza indlela yokuba ikhululwe esonweni futhi isondelane naye. Yini uJehova ayeyoyenza ukuze konke lokhu kwenzeke?

5. UJehova wabanika nini abantu abanesono inhlansi yethemba yokuqala? Chaza. (Genesise 3:15)

5 Funda uGenesise 3:15. Inhlansi yethemba yokuqala yavela lapho uJehova ekhipha isigwebo sikaSathane. UNkulunkulu wabikezela ukuthi ‘inzalo’ yiyo eyayiyokwenza isintu sibe nethemba. Ekugcineni le nzalo yayiyochoboza uSathane, ilungise zonke izinkinga azibangela e-Edene. (1 Joh. 3:8) Noma kunjalo, leyo nzalo yayiyohlupheka ngesikhathi kusenzeka lokho. USathane wayeyoyilimaza ayibangele ukuba ife. Lokho kwakuyomzwisa ubuhlungu obukhulu uJehova. Kodwa lobo buhlungu babungeke bube yize ngoba ekugcineni abantu abaningi babeyokhululwa esonweni nasekufeni.

UJEHOVA WABAMUKELA KANJANI ABANTU ABANESONO NGEZIKHATHI ZEBHAYIBHELI?

6. Yini eyenziwa amadoda anokholo, anjengo-Abela noNowa, ukuze asondelane noJehova?

6 Emakhulwini eminyaka alandela, kancane kancane uJehova ubelokhu ekwenza kucace ukuthi abantu abanesono bangasondelana kanjani naye. U-Abela, indodana yokuqala ka-Adamu no-Eva, waba umuntu wokuqala owabonisa ukholo kuJehova ngemva kwenhlekelele yase-Edene. Ngenxa yokuthi u-Abela wayemthanda uJehova futhi efuna ukumjabulisa nokusondelana naye, wamenzela umhlatshelo. U-Abela wayengumalusi, ngakho wathatha amanye amazinyane akhe wawahlaba, wawanikela kuJehova. Wenzenjani uJehova? ‘Wamamukela u-Abela nomnikelo wakhe.’ (Gen. 4:4) UJehova wayamukela neminye imihlatshelo eyayenziwa abantu ababemthanda futhi bemethemba—njengoNowa. (Gen. 8:​20, 21) Ngokwamukela imihlatshelo enjalo, uJehova wabonisa ukuthi abantu abanesono bangamjabulisa futhi basondelane naye. b

7. Sifundani endleleni u-Abrahama ayezimisele ngayo ukunikela ngendodana yakhe ukuze ibe umhlatshelo?

7 UJehova wacela u-Abrahama indoda eyayinokholo olumangalisayo, ukuba enze into enzima kakhulu, anikele ngendodana yakhe u-Isaka ukuze ibe umhlatshelo. Ngokuqinisekile kwakubuhlungu kakhulu lokho u-Abrahama ayecelwe ukuba akwenze. Noma kunjalo, u-Abrahama wayezimisele ukulalela uJehova. Kodwa uNkulunkulu wamnqanda ngomzuzu wokugcina. Noma kunjalo, leso sibonelo sifundisa bonke abantu abanokholo iqiniso elibalulekile—uJehova wayeyokulangazelela ukunikela ngeNdodana yakhe ethandekayo ukuze ibe umhlatshelo. UJehova ubathanda kakhulu abantu.—Gen. 22:​1-18.

8. Yayibonisani imihlatshelo eminingi uMthetho owawuyale ukuba yenziwe? (Levitikusi 4:​27-29; 17:11)

8 Emakhulwini eminyaka kamuva, uMthetho owawunikwe isizwe sakwa-Israyeli wawusiyala ukuba senze imihlatshelo eminingi yokuhlawulela izono zabantu bakaNkulunkulu. (Funda uLevitikusi 4:​27-29; 17:11.) Leyo minikelo, yayibonisa ukuthi uJehova wayeyokwenza umnikelo ongcono kakhulu owawuyobakhulula ngokuphelele abantu esonweni. Abaprofethi bakaNkulunkulu baphefumulelwa ukuba bachaze ukuthi inzalo ethenjisiwe eyayiyiNdodana kaNkulunkulu ekhethekile kwakuyodingeka ihlupheke futhi ibulawe. Yayiyohlatshwa njengemvu yomhlatshelo. (Isaya 53:​1-12) Cabanga nje, uJehova wayeyokwenza ilungiselelo lokuba iNdodana yakhe ethandekayo ibe umhlatshelo ukuze kusindiswe abantu esonweni nasekufeni—kuhlanganise nawe!

UJESU WABAKHULULA KANJANI ABANTU?

9. Yini uJohane uMbhapathizi ayisho ngoJesu? (Hebheru 9:22; 10:​1-4, 12)

9 Ngekhulu lokuqala C.E., inceku kaNkulunkulu uJohane uMbhapathizi, yabona uJesu waseNazaretha yabe isithi: “Bhekani, iWundlu likaNkulunkulu elisusa isono sezwe!” (Joh. 1:29) La mazwi aphefumulelwe abonisa ukuthi uJesu wayeyinzalo eyayibikezelwe kudala. Wayeyonikela ngokuphila kwakhe. Ekugcineni abantu abanesono base benethemba eliqinisekisiwe—isono sase sizonqotshwa ngokuphelele.—Funda eyamaHebheru 9:22; 10:​1-4, 12.

10. UJesu wabonisa kanjani ukuthi wayezele “ukuzobiza” izoni?

10 UJesu wagxila ngokukhethekile kubantu ababezizwa kabi ngokuthi babeyizoni, wabamema ukuba babe abalandeli bakhe. Wayazi ukuthi isono sasiyimbangela yokuhlupheka kwabantu. Ngakho, wasiza amadoda nabesifazane ababaziwa ngokuthi bayizoni. Esebenzisa umfanekiso, wachaza: “Abantu abayimiqemane abamdingi udokotela, kodwa ngabagulayo abamdingayo.” Wenezela: “Ngizele ukuzobiza izoni, hhayi abantu abalungile.” (Math. 9:​12, 13) Yilokho kanye uJesu akwenza. Ngomusa wathethelela izono zowesifazane owageza izinyawo zakhe ngezinyembezi zakhe. (Luka 7:​37-50) Wafundisa owesifazane waseSamariya owayesemthonjeni amaqiniso abalulekile, ngisho noma ayazi ukuthi wayengaziphethe kahle. (Joh. 4:​7, 17-19, 25, 26) UNkulunkulu wanika uJesu ngisho namandla okuqeda umphumela omubi kunayo yonke wesono—ukufa. Kanjani? UJesu wavusa abantu—abesilisa, abesifazane, izingane nabantu abadala.—Math. 11:5.

11. Kungani abantu abanesono babezizwa bekhululekile ukuya kuJesu?

11 Akumangazi ukuthi ngisho nabantu ababenza izinto ezimbi kakhulu bazizwa bekhululekile ukuya kuJesu. Wababonisa umusa nozwela. Babengakusabi ukukhuluma naye. (Luka 15:​1, 2) UJesu wabancoma futhi wabavuza abantu abanjalo ngenxa yokubonisa ukholo kuye. (Luka 19:​1-10) Wakubonisa ngokuphelele ukuthi unjani uBaba wakhe onesihe. (Joh. 14:9) Ngamazwi nangezenzo wabonisa ukuthi uBaba wakhe unozwela nesihe, uyabathanda abantu futhi ufuna ukusiza umuntu ngamunye anqobe isono. UJesu wasiza abantu abanesono ukuba babe nesifiso sokushiya izindlela zabo bamlandele.—Luka 5:​27, 28.

12. Yini uJesu ayifundisa ngokufa kwakhe?

12 UJesu wayazi ukuthi yini ayesazobhekana nayo. Izikhathi ezingaphezu kwesisodwa, watshela abalandeli bakhe ukuthi wayeyonikelwa futhi abulawe esigxotsheni. (Math. 17:22; 20:​18, 19) Wayazi ukuthi umhlatshelo wakhe wawuyosusa isono sezwe njengoba uJohane amemezela, nanjengoba abaprofethi babikezela. UJesu wafundisa nokuthi ngemva kokunikela ngokuphila kwakhe ‘wayeyodonsela’ kuye “abantu bazo zonke izinhlobo.” (Joh. 12:32) Abantu abanesono babengajabulisa uJehova ngokwamukela uJesu njengeNkosi yabo nangokulandela izinyathelo zakhe. Uma benza kanjalo, ekugcineni ‘babeyokhululwa esonweni.’ (Roma 6:​14, 18, 22; Joh. 8:32) UJesu wabonisa isibindi, akazange akubalekele ukufa kabuhlungu ukuze sisindiswe.—Joh. 10:​17, 18.

13. Kungani uJesu afa, futhi ukufa kwakhe kwasifundisani ngoJehova uNkulunkulu? (Bheka nesithombe.)

13 UJesu wakhashelwa, waboshwa, wathukwa, wanyundelwa, wagwetshwa futhi wahlukunyezwa. Amasosha amyisa la ayezobulawelwa khona, ambethela esigxotsheni. UJesu wathembeka, wakhuthazelela lobo buhlungu obukhulu. Kodwa, uJehova wayezwa ubuhlungu obukhulu ngisho nakakhulu njengoba ayebuka iNdodana yakhe izwa ubuhlungu. Akawasebenzisanga amandla akhe angenamkhawulo, wazibamba wangangenelela. Kungani? Yini eyayingenza uBaba onothando enze ngaleyo ndlela? Kungenxa yokuthi uJehova uyasithanda. UJesu wathi: “UNkulunkulu walithanda izwe kangangokuba waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuze wonke umuntu obonisa ukholo kuyo angabhubhi kodwa athole ukuphila okuphakade.”—Joh. 3:16.

Ngokuvumela iNdodana yakhe ukuba ibulawe, uJehova wezwa ubuhlungu obungachazeki ukuze akwazi ukusikhulula esonweni nasekufeni (Bheka isigaba 13)


14. Yini oyifundayo emhlatshelweni kaJesu?

14 Umhlatshelo kaJesu uwubufakazi obunamandla bokuthi uJehova uyithanda kangakanani inzalo ka-Adamu no-Eva. Ufakazela ukuthi uJehova ukuthanda kangakanani. Wanikela ngendodana yakhe ayithandayo wakhuthazelela ubuhlungu obungachazeki ukuze akukhulule esonweni nasekufeni. (1 Joh. 4:​9, 10) Ngempela, ufuna ukusiza ngamunye wethu ukuba alwe nesono—futhi anqobe!

15. Yini okumele siyenze ukuze sizuze esiphweni sikaNkulunkulu somhlatshelo wesihlengo kaJesu?

15 Isipho sikaNkulunkulu, umhlatshelo wesihlengo weNdodana yakhe okuwukuphela kwayo, usenza sikwazi ukuthethelelwa izono zethu. Kodwa ukuze uNkulunkulu asithethelele kumele senze okuthile. Okuyini? UJohane uMbhapathizi noJesu ngokwakhe basinikeza impendulo: “Phendukani, ngoba uMbuso wamazulu ususondele.” (Math. 3:​1, 2; 4:17) Ngakho, kumele siphenduke uma kuwukuthi sifuna ngempela ukulwa nesono nokusondelana noBaba wethu onothando. Kodwa kuhlanganisani ukuphenduka futhi kusisiza kanjani ukuba sijabulise uJehova ngisho noma siyizoni? Isihloko esilandelayo sizowuphendula lowo mbuzo.

INGOMA 18 Siyabonga Ngesihlengo

a INCAZELO YEGAMA: EBhayibhelini, igama elithi “isono” lingabhekisela ekwenzeni into engalungile, ukuhluleka ukuphila noma ukwenza ngokuvumelana nemithetho kaJehova yokuziphatha. Kodwa igama elithi “isono” lingabhekisela nasesonweni bonke abantu abasizuze njengefa ku-Adamu. Ngenxa yesono esisizuze njengefa, sonke siyafa.

b Ezikhathini zangaphambi kobuKristu, uJehova wamukela imihlatshelo yabantu abathembekile ngoba wayazi ukuthi esikhathini esizayo uJesu Kristu wayeyonikela ngokuphila kwakhe futhi abakhulule ngokuphelele abantu esonweni nasekufeni.—Roma 3:25.