ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 35
INGOMA 123 Ukuzithoba Ngobuqotho
Ukusiza Labo Abasusiwe Ebandleni
“Kuyoba nenjabulo eyengeziwe ezulwini ngesoni esisodwa esiphendukayo kunabangu-99 abalungile abangenasidingo sokuphenduka.”—LUKA 15:7.
AMAPHUZU ABALULEKILE
Kuzoxoxwa ngokuthi kungani abanye kudingeka basuswe ebandleni nokuthi abadala bangabasiza kanjani ukuba baphenduke baphinde bamukelwe uJehova.
1-2. (a) UJehova uzizwa kanjani ngabantu abenza isono esikhulu kodwa bangaphenduki? (b) Yini uJehova afisa ukuba abantu abenze isono bayenze?
UJEHOVA uNkulunkulu akamukeli lonke uhlobo lokuziphatha; uyasizonda isono. (IHu. 5:4-6) Ulindele ukuba silalele imiyalo yakhe asibekele yona eZwini lakhe iBhayibheli. Yiqiniso ukuthi uJehova akalindele ukuba abantu abanesono bangawenzi amaphutha. (IHu. 130:3, 4) Ngesikhathi esifanayo, akababekezeleli ‘abantu abangamhloniphi uNkulunkulu, abaphendula umusa wakhe omkhulu bawenze izaba zokuziphatha kabi okuhambisana nendelelo.’ (Jude 4) Empeleni, iBhayibheli likhuluma ‘ngokubhujiswa kwabantu abangamhloniphi uNkulunkulu’ empini yaKhe i-Armagedoni.—2 Pet. 3:7; IsAm. 16:16.
2 Nokho, uJehova akafisi ukuba kubhubhe ngisho noyedwa. Njengoba sixoxile ezihlokweni ezidlule zalolu chungechunge, iBhayibheli lisho ngokucacile ukuthi “ufisa ukuba bonke baphenduke.” (2 Pet. 3:9) Abadala abangamaKristu balingisa uJehova njengoba bezama ngesineke ukusiza umuntu owonile ukuba ashintshe izindlela zakhe ukuze uJehova amamukele. Nokho, ngezinye izikhathi umuntu owonile akaphenduki. (Isaya 6:9) Abanye bayaqhubeka nokwenza okubi naphezu kwemizamo yabadala ephindaphindiwe yokubasiza ukuba baphenduke. Yini okufanele yenziwe esimweni esinjalo?
“SUSANI UMUNTU OMUBI”
3. (a) IBhayibheli lithi yini okufanele yenziwe ngabantu abenza isono kodwa bangaphenduki? (b) Kungani singase sithi umuntu owenze isono uzikhethele yena ukususwa ebandleni?
3 Lapho umuntu owonile engaphenduki, ayikho into abadala abangayenza ngaphandle kokulandela isiqondiso esitholakala kweyoku-1 Korinte 5:13 esithi: “Susani umuntu omubi phakathi kwenu.” Singasho sithi umuntu owonile uzikhethele yena ukususwa ebandleni, uvuna lokho akuhlwanyelile. (Gal. 6:7) Kungani sisho kanjalo? Kungenxa yokuthi uyenqabile imizamo yabadala ephindaphindiwe yokumsiza ukuba aphenduke. (2 AmaKh. 17:12-15) Izenzo zakhe zibonisa ukuthi akafuni ukuphila ngokuvumelana nemiyalo kaJehova.—Dut. 30:19, 20.
4. Kungani kwenziwa isaziso lapho umuntu owonile ongaphenduki esuswa ebandleni?
4 Lapho umuntu owonile ongaphenduki esuswa ebandleni, kwenziwa isaziso sokuthi akaseyena omunye woFakazi BakaJehova. Injongo yaleso saziso akukhona ukuhlazisa umuntu owenze isono. Kunalokho, senziwa ukuze ibandla likwazi ukulandela iseluleko esingokomBhalo esithi “niyeke ukuzihlanganisa” nalowo muntu, “ningadli ngisho nokudla” naye. (1 Kor. 5:9-11) UJehova unesizathu esihle sokusinika lowo myalo. Umphostoli uPawulu wabhala: “Imvubelo encane iyibilisa yonke inhlama.” (1 Kor. 5:6) Izoni ezingaphenduki zingabathena amandla abantu abazama ukuphila ngemiyalo kaJehova.—IzAga 13:20; 1 Kor. 15:33.
5. Kufanele simbheke kanjani umuntu osusiwe ebandleni futhi kungani?
5 Uma umuntu esikholwa naye esusiwe ebandleni kufanele simbheke kanjani? Nakuba singazihlanganisi naye, kufanele simbheke njengemvu elahlekile, hhayi njengomuntu ongeke esaphenduka. Imvu elahlekelene nomhlambi ingabuyela kuwo. Khumbula ukuthi leyo mvu elahlekile yazinikezela kuJehova. Ngokudabukisayo, okwamanje ayiphili ngokuvumelana nokuzinikezela kwayo, futhi lokho kuyibeka engozini. (Hez. 18:31) Noma kunjalo, uma nje uJehova engakawuvali umnyango wesihe, likhona ithemba lokuthi lowo muntu uzobuya. Abadala babonisa kanjani ukuthi banalo lelo themba ngomuntu owonile wabe esesuswa ebandleni?
INDLELA ABADALA ABABASIZA NGAYO LABO ABASUSIWE
6. Abadala bayothatha ziphi izinyathelo ukuze basize umuntu osusiwe ebandleni?
6 Ingabe umuntu osusiwe ebandleni usuke elahliwe, eshiywe dengwane ukuze azitholele yena indlela yokubuyela kuJehova? Akunjalo neze! Lapho ikomiti yabadala itshela umuntu owonile ongaphenduki ukuthi uzosuswa ebandleni, kufanele imchazele ukuthi yiziphi izinyathelo angazithatha ukuze aphinde abuyele ebandleni. Kodwa abadala bayokwenza okungaphezu kwalokho. Ezimweni eziningi, abadala bayomazisa umuntu owonile ukuthi bangathanda ukuphinde bahlangane naye emva kwezinyanga ezimbalwa ukuze babone ukuthi useshintshile yini. Uma umuntu owonile evuma ukuphinde ahlangane nabadala, kulowo mhlangano oyolandela bayomncenga ukuba aphenduke futhi abuye. Ngisho noma engaphendukile ngaleso sikhathi, abadala bayozama ukuthintana naye njalo ngemva kwesikhathi esithile ukuze bamkhuthaze ukuba aphenduke.
7. Abadala babonisa kanjani ukuthi balingisa uJehova ngokuba nozwela lapho besiza umuntu osusiwe ebandleni? (Jeremiya 3:12)
7 Abadala bazama ukulingisa uJehova ngokuba nozwela lapho besiza umuntu osusiswe ebandleni. Ngokwesibonelo, uJehova akazange alinde abantu bakhe abanenkani bakwa-Israyeli wasendulo ukuba baphenduke kuqala ngaphambi kokuba azame ukubasiza. Kunalokho, wathatha isinyathelo sokubasiza ngisho nangaphambi kokuba babonise izimpawu zokuphenduka. Njengoba sixoxile esihlokweni sesibili salolu chungechunge, uJehova wasebenzisa indaba kaHoseya njengesibonelo ukuze abonise ukuthi unozwela. Watshela umprofethi uHoseya ukuba abuyelane nomkakhe owayesaqhubeka nokwenza isono esikhulu. (Hos. 3:1; Mal. 3:7) Belingisa uJehova, abadala abangamaKristu bafuna ngempela ukuba umuntu owonile abuyele ebandleni, futhi abakwenzi kube umqansa ukuba enze kanjalo.—Funda uJeremiya 3:12.
8. Umfanekiso kaJesu wendodana yolahleko usisiza kanjani siluqonde kangcono uzwela lukaJehova nesihe sakhe? (Luka 15:7)
8 Khumbula umfanekiso kaJesu wendodana yolahleko okwaxoxwa ngawo esihlokweni sesibili salolu chungechunge. Lapho ubaba ebona indodana yakhe ibuya iza ekhaya, “wagijima wayanga ngothando wayiqabula.” (Luka 15:20) Phawula ukuthi ubaba akazange alinde indodana ukuba icele ayithethelele. Kunalokho, ubaba wathatha isinyathelo njengoba kungenza noma yimuphi ubaba onothando. Abadala nabo bazama ukwenza okufanayo lapho besiza izimvu ezilahlekile. Bafuna ukuba izimvu ezilahlekile “zibuyele ekhaya.” (Luka 15:22-24, 32) Kuyajatshulwa ezulwini lapho isoni sibuya, nasemhlabeni kuyajatshulwa!—Funda uLuka 15:7.
9. UJehova ukhuthaza izoni ukuba zenzeni?
9 Ngokwalokhu esesixoxe ngakho kuze kube manje, kusobala ukuthi uJehova akazivuni izoni ezingaphenduki. Noma kunjalo, uyaqhubeka ezama ukuzisiza. Ufuna zibuyele ebandleni. Indlela uJehova azizwa ngayo ngabantu abonile abaphendukile ivezwe kuHoseya 14:4, othi: “Ngizokuphulukisa ukungathembeki kwabo. Ngizobathanda ngokuzithandela, ngoba intukuthelo yami isukile kubo.” Lesi yisikhuthazo esinamandla kubadala sokuba babheke noma yiziphi izimpawu zokuphenduka. La mazwi ayisikhuthazo esinamandla nakulabo abamshiyile uJehova sokuba babuyele kuye ngokushesha.
10-11. Abadala bangazama kanjani ukusiza labo abasuswa ebandleni esikhathini esidlule?
10 Kuthiwani ngabantu abasuswa ebandleni esikhathini esidlule, mhlawumbe eminyakeni eminingi edlule? Kungenzeka ukuthi labo bantu abasasenzi nesono ababesuselwe sona. Ngezinye izikhathi, kungenzeka ukuthi abasakhumbuli ngisho nokuthi babesuselweni. Kunoma yikuphi, abadala bayozama ukubafuna nokubavakashela labo bantu. Lapho bebavakashele, abadala bayocela ukuthandaza nabo futhi babancenge ukuba babuyele ebandleni. Uma sekuphele iminyaka eminingi umuntu engekho ebandleni, akungabazeki ukuthi uyobe ebuthaka kakhulu ngokomoya. Ngakho-ke, uma lowo muntu ethanda ukubuyela ebandleni, abadala bangahlela ukuba othile amqhubele isifundo seBhayibheli ngisho noma engakabuyiselwa. Kuzo zonke izimo, abadala kuyohlale kuyibona abahlela isifundo seBhayibheli.
11 Belingisa uJehova ngokuba nozwela, abadala bafuna ukuzama ukusiza abaningi ngangokunokwenzeka ukuba bazi ukuthi umnyango usabavulekele ukuba babuye. Uma umuntu owonile ebonisa izimpawu zokuthi usephendukile futhi esezishiyile izindlela zakhe ezingalungile, angabuyiselwa ngokushesha.—2 Kor. 2:6-8.
12. (a) Yiziphi izimo okudingeka abadala bacophelele kuzo? (b) Kungani kungafanele sicabange ukuthi kunabantu uJehova angasoze abathethelela? (Bheka nombhalo waphansi.)
12 Ezimweni ezithile, abadala kuyodingeka bacophelele ngaphambi kokuba babuyisele umuntu ebandleni. Ngokwesibonelo, uma umuntu ayenze isono esifana nokunukubeza ingane noma ukuhlubuka noma ukukhohlisa ukuze kuqedwe umshado, abadala kuyodingeka baqiniseke ngokuthi uphenduke ngempela. (Mal. 2:14; 2 Thim. 3:6) Abadala kumele bavikele umhlambi. Ngesikhathi esifanayo, kudingeka siqonde ukuthi uJehova uyokwamukela noma yimuphi umuntu owonile ophenduka ngeqiniso futhi oyekayo ukwenza okungalungile. Ngakho, nakuba abadala becophelela lapho besiza abantu abakhohlise abanye, akufanele bacabange ukuthi uJehova akasoze ababonisa isihe abantu abanjalo. a—1 Pet. 2:10.
LOKHO OKUNGENZIWA YIBANDLA
13. Yimuphi umehluko okhona endleleni esiphatha ngayo umuntu osoliwe nomuntu osusiwe ebandleni?
13 Njengoba kushiwo esihlokweni esidlule, ngezinye izikhathi kwenziwa isaziso sokuthi umuntu usoliwe. Esimweni esinjalo, singaqhubeka sizihlanganisa naye, sazi ukuthi uphendukile nokuthi uyekile ukwenza okungalungile. (1 Thim. 5:20) Useyilungu lebandla, futhi uyasidinga isikhuthazo esitholakala ngokuzihlanganisa nakholwa nabo. (Heb. 10:24, 25) Nokho, kwehluke kakhulu ngomuntu osusiwe ebandleni. Siyayeka “ukuzihlanganisa” nalowo muntu, ‘asidli ngisho nokudla nomuntu onjalo.’—1 Kor. 5:11.
14. AmaKristu angawusebenzisa kanjani unembeza wawo oqeqeshwe ngeBhayibheli endleleni aphatha ngayo abantu abasusiwe ebandleni? (Bheka nesithombe.)
14 Ingabe lokhu esisanda kuxoxa ngakho kusho ukuthi simziba ngokuphelele umuntu osusiwe ebandleni? Cha. Yiqiniso ukuthi ngeke sibe nobudlelwane naye. Kodwa amaKristu angasebenzisa unembeza wawo oqeqeshwe ngeBhayibheli ukuze anqume ukuthi angammemela yini emhlanganweni webandla umuntu owasuswa ebandleni, mhlawumbe umuntu oyisihlobo noma owayengumngani wawo. Uma lowo muntu eba khona emhlanganweni, kufanele simphathe kanjani? Esikhathini esidlule, sasingambingeleli umuntu onjalo. Nalapha futhi, umKristu ngamunye kudingeka asebenzise unembeza wakhe oqeqeshwe ngeBhayibheli kule ndaba. Abanye bangazizwa bekhululekile ukumbingelela lowo muntu noma ukumamukela emhlanganweni. Nokho, ngeke sibe nezingxoxo ezinde naye noma sichithe isikhathi senza ezinye izinto naye.
15. Yiziphi izoni okukhulunywa ngazo kweyesi-2 Johane 9-11? (Bheka nebhokisi elithi “ Ingabe UJohane NoPawulu Babekhuluma Ngohlobo Olufanayo Lwesono?”)
15 Abanye bangase bazibuze, ‘IBhayibheli alisho yini ukuthi umKristu obingelela umuntu onjalo uhlanganyela naye emisebenzini yakhe emibi?’ (Funda eyesi-2 Johane 9-11.) Umongo walo mBhalo ubonisa ukuthi lesi siqondiso sikhuluma ngezihlubuki kanye nabanye abantu abagqugquzela ukuziphatha okungalungile. (IsAm. 2:20) Ngakho-ke, uma umuntu esakaza izimfundiso zezihlubuki noma egqugquzela abanye ukuba benze isono, abadala ngeke bamvakashele. Noma kunjalo, likhona ithemba lokuthi lowo muntu usengaphenduka. Nokho, kuze kube yilapho lokho kwenzeka, ngeke simbingelele lowo muntu noma simmemele emhlanganweni webandla.
UKULINGISA UJEHOVA NGOKUBA NESIHE NOZWELA
16-17. (a) UJehova ufuna benzeni abantu abenze izono ezinkulu? (Hezekeli 18:32) (b) Abadala bangabonisa kanjani ukuthi bayizisebenzi ezikanye noJehova lapho bezama ukusiza abantu abenze isono?
16 Sifundeni kulolu chungechunge olunezihloko ezinhlanu? UJehova akafisi ukuba kubhubhe ngisho noyedwa! (Funda uHezekeli 18:32.) Ufuna ukuba izoni zibuyisane naye. (2 Kor. 5:20) Yingakho kuwo wonke umlando uJehova asincenga ngokuphindaphindiwe isizwe sakhe esinenkani kanye nabantu ngabanye ukuba baphenduke futhi babuyele kuye. Abadala bebandla banelungelo lokuba yizisebenzi ezikanye noJehova njengoba bezama ukusiza labo abenze izono ezinkulu ukuba baphenduke.—Roma 2:4; 1 Kor. 3:9.
17 Cabanga nje ukuthi kuba nenjabulo enkulu kangakanani ezulwini lapho izoni ziphenduka! UBaba wethu uJehova ujabula kakhulu isikhathi ngasinye lapho imvu yakhe elahlekile ibuyela ebandleni. Siya simthanda nakakhulu uJehova njengoba sizindla ngesihe sakhe, uzwela lwakhe nomusa wakhe omkhulu.—Luka 1:78.
INGOMA 111 Sinezizathu Zokujabula
a IBhayibheli lithi abanye abantu abanakuthethelelwa, labo bantu banqume ukuhlale bephikisana noNkulunkulu. UJehova noJesu kuphela abanganquma ukuthi umuntu akanakuthethelelwa.—Marku 3:29; Heb. 10:26, 27.