Imibuzo Evela Kubafundi
Ingabe ukuphawula umuntu okukhulunywa ngakho kweyesi-2 Thesalonika 3:14 kuyisinyathelo esithathwa yibandla noma umKristu ngamunye?
Umphostoli uPawulu wabhalela amaKristu aseThesalonika wathi: “Uma noma ubani engalilaleli izwi lethu eliza ngale ncwadi, mgcineni ephawuliwe lowo.” (2 Thes. 3:14) Esikhathini esidlule, sathi lesi kwakuyisiqondiso esiya kubadala. Uma othile ayeqhubeka nokuzishaya indiva izimiso zeBhayibheli naphezu kokwelulekwa ngokuphindaphindiwe, abadala babenganikeza inkulumo eyisixwayiso ebandleni. Ngemva kwalokho, ummemezeli ngamunye wayengayeka ukuchitha isikhathi nomuntu ophawuliwe.
Nokho, kunesidingo sokwenza ushintsho kule ndaba. Kusobala ukuthi iseluleko sikaPawulu sasimayelana nesinyathelo okufanele sithathwe umKristu ngamunye ngaphansi kwezimo ezithile. Ngakho asikho isidingo sokuba abadala banikeze inkulumo eyisixwayiso. Kungani sesiyishintshile indlela esiqonda ngayo lo mbhalo? Cabanga ngalokho uPawulu ayekhuluma ngapho lapho enikeza lesi seluleko.
UPawulu waveza ukuthi abanye kulelo bandla ‘babehamba ngokungahlelekile.’ Babesishaya indiva iseluleko esisekelwe eZwini likaNkulunkulu. Ngesikhathi egcina ukubavakashela, wayebanikeze lo myalo: “Uma umuntu engafuni ukusebenza, makangadli futhi.” Noma kunjalo, abanye babelokhu bengafuni ukusebenza ukuze banakekele izidingo zabo, nakuba babenawo amandla okwenza kanjalo. Kanti futhi babezigaxa ezindabeni zabanye abantu. AmaKristu kwakufanele abaphathe kanjani labo bantu abangahlelekile?—2 Thes. 3:6, 10-12.
UPawulu wathi, “Mgcineni ephawuliwe lowo.” Igama lesiGreki lidlulisela umqondo wokumbona umuntu onaleyo nkinga bese uyaqikelela ukuthi uyagwema ukuthonywa nguye. UPawulu wayekhuluma nalo lonke ibandla lapho enikeza lesi siqondiso, hhayi nje abadala kuphela. (2 Thes. 1:1; 3:6) Ngakho umKristu ngamunye owayeqaphelile ukuthi umKristu akholwa naye akasilaleli iseluleko esivela eZwini likaNkulunkulu wayengakhetha ‘ukuyeka ukuzihlanganisa’ nalowo muntu ongahlelekile.
Ingabe lokhu kusho ukuthi lowo muntu wayephathwa njengomuntu osusiwe ebandleni? Cha, ngoba uPawulu wanezela: “Niqhubeke nimyala njengomfowenu.” Ngakho amaKristu ayezoqhubeka ezihlanganisa nomuntu ophawuliwe emihlanganweni yebandla nasenkonzweni yasensimini, kodwa umKristu ngamunye wayengase akhethe ukungazihlanganisi naye emibuthanweni yokuzijabulisa. Kungani? UPawulu wathi, “Ukuze abe namahloni.” Ngenxa yokuphawulwa, umKristu ongahlelekile angase abe namahloni ngokuziphatha kwakhe bese eshintsha izindlela zakhe.—2 Thes. 3:14, 15.
AmaKristu namuhla, angasisebenzisa kanjani lesi seluleko? Okokuqala, sizofuna ukuqiniseka ukuthi ngempela ukuziphatha kwalowo muntu ‘akuhlelekile,’ njengoba kwasho uPawulu. Wayengakhulumi ngabantu abenza izinto ezingahambisani nonembeza wethu, kodwa ezingangqubuzani nezimiso zeBhayibheli noma imithetho yakhe; futhi wayengakhulumi ngabantu abakhetha izinto ezihlukile kwesizikhethayo. Kanti futhi wayengakhulumi ngalabo abasizwise ubuhlungu. Kunalokho, uPawulu wayekhuluma ngabantu abakhetha ngamabomu ukungasilaleli iseluleko esicacile esisekelwe eZwini likaNkulunkulu.
Namuhla, uma siqaphela ukuthi umKristu esikholwa naye akasilaleli iseluleko esivela eZwini likaNkulunkulu, a ngamunye wethu uyozinqumela ukungazihlanganisi naye lapho kunemibuthano yokuzijabulisa. Ngenxa yokuthi lesi yisinqumo somuntu ngamunye, ngeke sixoxe ngaso nabantu abangewona amalungu omndeni wethu. Kanti futhi sizoqhubeka sizihlanganisa nalowo muntu emihlanganweni yebandla nasenkonzweni yasensimini. Uma eshintsha indlela aziphatha ngayo, sizophinde sizihlanganise naye nakwezokuzijabulisa.
a Ngokwesibonelo, umKristu esikholwa naye angase angafuni ukusebenza ukuze anakekele izidingo zakhe nakuba enawo amandla okwenza kanjalo, noma angase aphikelele nokuthandana nomuntu ongakholwa, noma angase asakaze inkulumo edala uqhekeko noma inhlebo elimazayo. (1 Kor. 7:39; 2 Kor. 6:14; 2 Thes. 3:11, 12; 1 Thim. 5:13) Abantu abaqhubeka benza izinto ezinjalo ‘abahlelekile.’