Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Funa Okungcono Kakhulu Kunegolide

Funa Okungcono Kakhulu Kunegolide

Ingabe wake walicosha igolide? Bambalwa kakhulu abake balithola. Nokho, izigidi zabantu ziye zathola okuthile okungcono kakhulu. Zithole ukuhlakanipha kukaNkulunkulu, ‘okungeke kwenanwe ngegolide elimsulwa.’ —Jobe 28:12, 15.

NGANDLELA-THILE, abafundi beBhayibheli bafana nabantu abafuna igolide. Abafundi abanjalo kudingeka bazikhandle futhi baqhubeke behlola imiBhalo ukuze bathole ukuhlakanipha okungenakuqhathaniswa. Njengabafundi beBhayibheli, yini esingayifunda lapho sicabangela izindlela ezintathu zokuthola igolide?

UTHOLA IGOLIDE!

Ake uzibone uhamba osebeni lomfula bese ubona okuthile okubukeka njengetshe elincane elibenyezelayo. Lapho ulicosha uthola ukuthi yigolide futhi ujabula kakhulu. Lincane kunekhanda likamentshisi futhi liyivela kancane uma liqhathaniswa nedayimane lenani eliphezulu. Ube usubheka eceleni kwakho ukuthi awekho yini amanye ongawathola.

Ngokufanayo, kungenzeka ukuthi usalukhumbula ngokucacile usuku enye yezinceku zikaJehova eyangqongqoza ngalo kwakho ukuze ixoxe nawe ngesigijimi esiletha ithemba esitholakala eBhayibhelini. Mhlawumbe usikhumbula kahle isikhathi owathola ngaso igolide elingokomoya lokuqala. Cishe lokho kwenzeka lapho uqala ukubona igama likaNkulunkulu elithi Jehova eBhayibhelini. (IHu. 83:18) Noma mhlawumbe lapho uthola ukuthi ungaba umngane kaJehova. (Jak. 2:23) Ngokushesha kwakukhanyela ukuthi uthole okuthile okungcono kunegolide! Kungenzeka nokuthi wabe usulangazelela ukuthola amagolide angokomoya engeziwe.

UTHOLA OKWENGEZIWE!

Ngezinye izikhathi amatshe amancane egolide ayanqwabelana emihosheni nasemifuleni. Ngezinyanga nje ezimbalwa, abantu abafuna igolide ezindaweni ezinjalo bangase bathole igolide eliningi elibiza izigidigidi zamaRandi.

Ngesikhathi uqala ukufunda iBhayibheli nomunye woFakazi BakaJehova, kungenzeka wazizwa njengomuntu ofuna igolide endaweni enegolide eliningi. Ukuzindla ngamavesi eBhayibheli cishe kwenezela enqolobaneni yakho yolwazi okuyinto eyakwenza waceba ngokomoya. Njengoba wawuzindla ngala maqiniso ayigugu aseBhayibhelini, wafunda ukuthi ungasondelana kanjani noJehova nokuthi ungazigcina kanjani usothandweni lwakhe unombono wokuphila okuphakade.—Jak. 4:8; Jude 20, 21.

Njengomuntu ozikhandlayo ukuze athole igolide, uyazikhandla yini wena ukuze ufunde amaqiniso ayigugu aseBhayibhelini?

Njengomuntu ofuna igolide, kungenzeka ubuzikhandla lapho ufuna ingcebo engokomoya eyigugu. Ngemva kokufunda amaqiniso ayisisekelo cishe washukumiseleka ukuba uthathe izinyathelo ezaholela ekutheni uzinikezele futhi ubhapathizwe.—Math. 28:19, 20.

QHUBEKA UFUNA!

Umuntu ofuna igolide angase athole izingcezwana zegolide phakathi kwamatshe asepholile entaba-mlilo. Lawo matshe angambiwa bese eqheshulwa ukuze kukhishwe igolide elingaphakathi. Uma ulibuka okokuqala, igolide lingase lingabonakali kahle etsheni. Kungani? Ngenxa yokuthi etsheni ngalinye eliyisisindo esingu-1 000 kg kungase kutholakale igolide eliyisisindo esingu-10 gram nje kuphela! Noma kunjalo, abantu abafuna igolide, bakwenza lokhu ngokuzimisela.

Ukuzikhandla kuyadingeka nalapho usuyishiyile “imfundiso yokuqala ephathelene noKristu.” (Heb. 6:1, 2) Kudingeka usebenze kanzima ukuze uthole amaphuzu nezifundo ezisebenzayo esifundweni sakho seBhayibheli. Ngakho yini ongayenza ukuze uqikelele ukuthi isifundo sakho seBhayibheli sihlale sizuzisa, ngisho noma sekuphele iminyaka utadisha imiBhalo?

Hlale ukulangazelela ukufunda. Nakisisa imininingwane. Qhubeka uzikhandla futhi uyothola igolide elisemBhalweni eliyokunikeza ukuhlakanipha kukaNkulunkulu nesiqondiso sakhe. (Roma 11:33) Ukuze ukhulise ulwazi lwakho lwemiBhalo, wasebenzise ngokugcwele amathuluzi okucwaninga akhona ngolimi lwakho. Ngesineke, funa isiqondiso osidingayo kanye nezimpendulo zemibuzo onayo ngeBhayibheli. Buza kwabanye ukuthi yimiphi imiBhalo nezihloko okubasizile nokubakhuthazile. Xoxa nabanye ngamaphuzu owatholile lapho utadisha iZwi likaNkulunkulu.

Lokhu akusho ukuthi ube nje nolwazi oluningi. Umphostoli uPawulu waxwayisa ngokuthi “ulwazi luyakhukhumeza.” (1 Kor. 8:1) Ngakho-ke zikhandle ukuze uhlale uthobekile futhi ube nokholo oluqinile. Ukukhulekela komkhaya nesifundo somuntu siqu sizokusiza uphile ngokuvumelana nezindinganiso zikaJehova futhi kuzoshukumisela ukuba ukhuthaze abanye. Ngaphezu kwakho konke, uyojabula ngoba uyobe uthole okuthile okungcono kunegolide.—IzAga 3:13, 14.