Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Uyasibona Yini Isidingo Sokuthuthuka Ngokomoya?

Uyasibona Yini Isidingo Sokuthuthuka Ngokomoya?

“Qhubeka uzimisela ekufundeleni iningi, ekukhuthazeni, ekufundiseni.”—1 THIM. 4:13.

IZINGOMA: 45, 70

1, 2. (a) U-Isaya 60:22 uye wagcwaliseka kanjani kulesi sikhathi sokuphela? (b) Yiziphi izidingo ezikhona manje engxenyeni esemhlabeni yenhlangano kaJehova?

“OMNCANE uyoba yinkulungwane, umuntukazana abe yisizwe esinamandla.” (Isaya 60:22) Lawo mazwi ayisiprofetho ayagcwaliseka kulezi zinsuku zokugcina. Phakathi nonyaka wenkonzo ka-2015 abamemezeli boMbuso abangu-8 220 105 bebeshumayela emhlabeni wonke! Ingxenye yokugcina yaleso siprofetho kufanele iwathinte wonke amaKristu ngoba uBaba wethu osezulwini uthi: “Mina, Jehova, ngiyokusheshisa ngesikhathi sako.” Njengabagibeli abasemotweni enyusa isivinini, siyakuzwa ukwenyuka kwesivinini emsebenzini wokwenza abafundi. Sisabela kanjani kulokhu kwenyuka kwesivinini? Ingabe senza konke okusemandleni ethu njengabamemezeli boMbuso abashisekayo? Abafowethu nodadewethu abaningi bafaka izicelo zokuba amaphayona avamile noma asizayo. Asijabuli yini uma sibona abaningi besabela esicelweni sokuyokhonza lapho kunendingeko enkulu khona noma benza eminye imisebenzi engokwasezulwini?

2 Ngesikhathi esifanayo, sibona isidingo esandayo sezisebenzi ezengeziwe. Unyaka ngamunye, kumiswa amabandla angaba ngu-2 000. Uma abadala abangu-5 bebengakhonza ebandleni ngalinye elisanda kumiswa, kungaba nesidingo sokuba izinceku ezikhonzayo ezingu-10 000 zifanelekele ukuba ababonisi unyaka ngamunye. Lokhu kusho ukuthi kuyodingeka ukuba izinkulungwane zabazalwane zihlangabezane nezimfuneko ezidingekayo ukuze zikhonze njengezinceku ezikhonzayo. Ukwenezela kulokhu, kungakhathaliseki ukuthi singabazalwane noma singodade, ngokuqinisekile ‘sinokuningi kokukwenza emsebenzini weNkosi.’—1 Kor. 15:58.

LOKHO OKUSHIWO UKUTHUTHUKA NGOKOMOYA

3, 4. Ukuthuthuka ngokomoya kusho ukuthini kuwe?

3 Funda eyoku-1 Thimothewu 3:1. Isenzo sesiGreki esihunyushwe ngokuthi “ukufinyelela” sisho ukulula isandla ukuze ubambe okuthile; mhlawumbe into ngokuvamile ongenakuyifinyelela. Esebenzisa leli gama, uPawulu wagcizelela ukuthi ukuthuthuka ngokomoya kudinga ukuzikhandla. Cabanga ngomzalwane ocabanga ngekusasa lakhe ebandleni. Angase angakhonzi njengenceku ekhonzayo okwamanje, kodwa uyaqaphela ukuthi kudingeka ahlakulele izimfanelo ezingokomoya. Okokuqala, ulwela ukufanelekela ukuba inceku ekhonzayo. Ngokuhamba kwesikhathi, wethemba ukuthi uzobe esefaneleka ukukhonza njengombonisi. Usebenza kanzima ukuze afinyelele izimfuneko ezidingekayo ukunakekela imithwalo eyengeziwe ebandleni.

4 Ngendlela efanayo, abazalwane nodade abanesifiso sokukhonza njengamaphayona, izikhonzi zaseBethel noma izisebenzi zokuzithandela ezakha amaHholo OMbuso benza kahle ngokuzama ukufinyelela imigomo yabo. Ake sihlole indlela iZwi likaNkulunkulu elisikhuthaza ngayo sonke ukuba sithuthuke ekukhulekeleni kweqiniso.

LWELA UKUTHUTHUKA KAKHUDLWANA NGOKOMOYA

5. Intsha ingawasebenzisa kanjani amandla ayo enkonzweni yoMbuso?

5 Intsha inamandla adingekayo ukuze ifeze okuningi enkonzweni kaJehova. (Funda IzAga 20:29.) Abanye abazalwane abasebasha enkonzweni yaseBethel banengxenye ekunyatheliseni nasekuhlanganiseni iBhayibheli nezincwadi ezisekelwe kulo. Abazalwane nodade abaningi abasebasha bahlanganyela emsebenzini wokwakha nowokulungisa amaHholo OMbuso. Lapho kugadla izinhlekelele zemvelo, intsha isebenza noFakazi abanokuhlangenwe nakho ukuze kusizwe abathintekile. Intsha eningi engamaphayona isiza ekushumayeleni izindaba ezinhle kubantu abakhuluma izilimi zomdabu noma zakwamanye amazwe.

6-8. (a) Enye insizwa yawushintsha kanjani umbono wayo ngenkonzo kaNkulunkulu futhi kwaba namuphi umphumela? (b) ‘Singanambitha kanjani sibone ukuthi uJehova muhle’?

6 Cishe uyakuqaphela ukubaluleka kokukhonza uNkulunkulu ngomphefumulo wonke. Kodwa kuthiwani uma uzizwa ngendlela umzalwane ogama lakhe lingu-Aaron ake wazizwa ngayo? Nakuba akhulela emkhayeni ongamaKristu, wavuma, “Yayingeve inesicefe imihlangano yebandla nenkonzo yasensimini.” Wayefuna ukukhonza uNkulunkulu ngenjabulo kodwa wayezibuza ukuthi kungani ayengajabule. Wenzenjani?

7 U-Aaron wenza isimiso esingokomoya esihlanganisa ukufunda iBhayibheli, ukulungiselela imihlangano nokuphendula kuyo. Okukhulu nakakhulu, waqala ukuthandaza njalo. Njengoba uthando lwakhe ngoJehova lwalukhula, waqala ukuthuthuka kahle ngokomoya. Kusukela ngaleso sikhathi, u-Aaron uye wakujabulela ukuphayona, ukusebenza nabanye ekunikezeni usizo lapho kunenhlekelele nokushumayela kwelinye izwe. U-Aaron manje usekhonza eBethel futhi ungumdala. Uyibheka kanjani inkambo ayithathile? “Ngiye ‘nganambitha futhi ngabona ukuthi uJehova muhle.’ Ngenxa yesibusiso sakhe, ngizizwa ngimkweleta futhi ngishukumiseleka ukuba ngenze okwengeziwe enkonzweni yakhe, lokhu kungilethela izibusiso ezengeziwe.”

8 Umhubi wahlabelela: “Labo abafuna uJehova, ngeke bantule lutho oluhle.” (Funda iHubo 34:8-10.) Ngempela, uJehova akalokothi adumaze izinceku zakhe ezimkhonza ngentshiseko. Nathi ‘siyanambitha futhi siyabona ukuthi uJehova muhle’ njengoba senza konke esingakwenza enkonzweni yakhe. Uma sikhulekela uNkulunkulu ngomphefumulo wonke, sithola injabulo esingeke siyiqhathanise nalutho.

PHIKELELA FUTHI UNGAKHATHALI

9, 10. Kungani kubalulekile ngawe ukuba ube ‘nesimo sengqondo sokulinda’?

9 Njengoba usebenzela ukufinyelela imigomo yakho, bonisa ‘isimo sengqondo sokulinda.’ (Mika 7:7) UJehova uhlale ezisekela izinceku zakhe ezithembekile, ngisho noma engase avumele ukuba ziwalinde amalungelo noma ukushintsha kwezimo okuzivunayo. Wathembisa u-Abrahama ukuthi wayezomnika indodana, kodwa le nzalamizi kwakudingeka ibonise ukholo futhi ibe nesineke. (Heb. 6:12-15) Nakuba alinda iminyaka eminingi ngaphambi kokuba kuzalwe u-Isaka, u-Abrahama akazange adikibale futhi uJehova akazange amdumaze.—Gen. 15:3, 4; 21:5.

10 Ukulinda akulula. (IzAga 13:12) Uma sigxila kakhulu ezintweni ezisidumazayo, singadikibala kakhulu. Kunalokho, kuwukuhlakanipha ukusebenzisa isikhathi sethu ukuze sithuthukise izimfuneko zethu ezingokomoya. Phawula izindlela ezintathu ongenza ngazo lokhu.

11. Yiziphi izimfanelo ezingokomoya esingasebenzela ukuzihlakulela futhi kungani zibalulekile?

11 Yakha izimfanelo ezingokomoya. Ngokufunda iZwi likaNkulunkulu nangokuzindla ngalo, singaba nokuhlakanipha, ukuqonda, ukwahlulela okuhle, ulwazi, ikhono lokucabanga nokuhluzeka kwengqondo. Izimfanelo ezinjalo zibalulekile kulabo abaholayo ekukhulekeleni kweqiniso. (IzAga 1:1-4; Thithu 1:7-9) Njengoba sifunda izincwadi zethu ezisekelwe eBhayibhelini, singakwazi ukuqonda ukucabanga kukaNkulunkulu ezindabeni eziningi. Nsuku zonke, sibhekana nezimo ezihilela ezokuzijabulisa, ukugqoka nokuzilungisa, ukusebenzisa imali nokusebenzelana nabanye. Uma sisebenzisa lokho esikufunda eBhayibhelini, singenza izinqumo ezijabulisa uJehova.

12. Amalungu ebandla angazibonisa kanjani ukuthi athembekile?

12 Zibonise uthembekile. Kungakhathaliseki ukuthi singabazalwane noma odade, sidinga ukuzifeza ngokugcwele noma yiziphi izabelo ezingokwasezulwini esizitholayo. Njengomholi, uNehemiya kwadingeka akhethe abantu ayezobaphathisa imithwalo yemfanelo phakathi kwabantu bakaNkulunkulu. Obani abakhetha? Wasebenzisa labo ababesaba uNkulunkulu, bethembekile futhi benokwethenjelwa. (Neh. 7:2; 13:12, 13) Nanamuhla, “okufunekayo kubaphathi ukuba umuntu atholakale ethembekile.” (1 Kor. 4:2) Akwenzeki ingaqashelwa imisebenzi emihle.—Funda eyoku-1 Thimothewu 5:25.

13. Ungasilandela kanjani isibonelo sikaJosefa uma abanye bekuphatha ngendlela engenabulungisa?

13 Vumela uJehova akulolonge. Yini ongayenza uma abanye bekuphatha ngendlela engenabulungisa? Mhlawumbe ungasheshe uyilungise indaba. Nokho, ngezinye izikhathi, ukuzithethelela kungenza inkinga ibe yimbi nakakhulu. Abafowabo bakaJosefa bamphatha kabi kodwa akazange abambe amagqubu. Kamuva, uJosefa waqanjelwa amanga futhi waboshwa ngokungafanele. Nokho, wavumela uJehova ukuba amqondise ezikhathini ezinzima. Umphumela? “Izwi likaJehova lamlolonga.” (IHu. 105:19) Lapho lolu vivinyo luphela, uJosefa wayesekufanelekela ukuthola isabelo esikhethekile. (Gen. 41:37-44; 45:4-8) Njengoba ubhekene nezinkinga ezinjengameva, thandazela ukuhlakanipha, yenza futhi ukhulume ngobumnene bese ucela amandla kuNkulunkulu. UJehova uzokusiza.—Funda eyoku-1 Petru 5:10.

THUTHUKA ENKONZWENI YASENSIMINI

14, 15. (a) Kungani kufanele ‘siyiqaphele njalo’ indlela esishumayela ngayo? (b) Ungavumelana kanjani nezimo ezishintshayo? (Bheka isithombe esisekuqaleni nebhokisi elithi “ Uzimisele Yini Ukuzama Enye Indlela?”)

14 UPawulu wanxusa uThimothewu: “Qhubeka uzimisela ekufundeleni iningi, ekukhuthazeni, ekufundiseni. Ziqaphele njalo wena nokufundisa kwakho.” (1 Thim. 4:13, 16) UThimothewu wayengummemezeli woMbuso onokuhlangenwe nakho. Nokho, inkonzo yakhe yayiyophumelela kuphela uma ‘ayezoziqaphela njalo’ ekufundiseni kwakhe. Wayengenakuphetha ngokuthi bonke abantu babeyosabela ngendlela efanayo endleleni yakhe yokufundisa. Ukuze aqhubeke efinyelela izinhliziyo zabo, kwakudingeka avumelanise izindlela zakhe zokufundisa nezidingo zabo. Njengabamemezeli boMbuso, nathi kudingeka senze okufanayo.

15 Sivame ukungabatholi abantu emakhaya lapho sishumayela endlini ngendlu. Kwezinye izindawo, asikwazi ukungena ezakhiweni ezithile nasezindaweni ezibiyelwe. Uma kunjalo ngensimu yenu, kungani ungazami ezinye izindlela zokushumayela izindaba ezinhle?

16. Ukufakaza obala kungaphumelela kanjani?

16 Ukufakaza obala kungenye yezindlela ezinhle kakhulu zokushumayela izindaba ezinhle. OFakazi abaningi bayaphumelela kakhulu futhi bathola imivuzo kulo msebenzi. Babeka isikhathi eceleni sokushumayeza abantu eziteshini zezitimela nasezitobhini zamabhasi, ezimakethe nasemapaki nakwezinye izindawo zasobala. Esebenzisa ukwahlulela okuhle, uFakazi angaqala ingxoxo nomuntu ngokukhuluma ngezindaba, ngokuncoma izingane zomuntu akhuluma naye noma ngokubuza umbuzo ngomsebenzi wakhe. Njengoba ingxoxo iqhubeka, ummemezeli ukhulumela iphuzu elingokomBhalo futhi abuze umbuzo. Impendulo ayitholayo ngokuvamile iholela ekutheni nixoxe kakhudlwana ngeBhayibheli.

17, 18. (a) Ungazethemba kanjani lapho ufakaza obala? (b) Kungani indlela uDavide adumisa ngayo uJehova uyithola iwusizo kakhulu njengoba uhlanganyela enkonzweni?

17 Uma ukuthola kuyinselele ukufakaza obala, ungaphelelwa amandla. U-Eddie, iphayona eNew York City, wayemathintanyawo ngokuxoxa nabantu obala. Nokho, ngokuhamba kwesikhathi, waqala ukuzethemba. Wasizwa yini? Uthi: “Ekukhulekeleni kwethu komkhaya, mina nomkami senza ucwaningo ukuze sithole izindlela zokuphendula abavimba ingxoxo nalabo abaveza imibono yabo. Sicela nokusikisela kwabanye oFakazi.” Manje u-Eddie uyakulangazelela ukufakaza obala.

18 Njengoba uthola ikhono nokuzethemba ekushumayeleni izindaba ezinhle, intuthuko yakho engokomoya iyobonakala. (Funda eyoku-1 Thimothewu 4:15.) Ngaphezu kwalokho, ngokungangabazeki uyodumisa uBaba wethu wasezulwini njengoba kwenza uDavide, owahuba wathi: “Ngizomtusa uJehova ngazo zonke izikhathi; ukudunyiswa kwakhe kuzoba semlonyeni wami njalo. Umphefumulo wami uzoziqhayisa ngoJehova; abamnene bayozwa bajabule.” (IHu. 34:1, 2) Ngenxa yenkonzo yakho, abamnene bangase bahlanganyele nawe ngenjabulo ekukhulekeleni kweqiniso.

DUMISA UNKULUNKULU NGOKUTHUTHUKA NGOKOMOYA

19. Kungani inceku ethembekile kaJehova kufanele ijabule, ngisho noma iphila ngaphansi kwezimo ezinzima?

19 UDavide naye wahlabelela: “Yonke imisebenzi yakho iyokudumisa, Jehova, abaqotho bakho bayokutusa. Bayokhuluma ngenkazimulo yobukhosi bakho, bakhulume nangamandla akho, ukuze benze izenzo zakhe zamandla zaziwe amadodana abantu nenkazimulo yobukhazikhazi bobukhosi bakhe.” (IHu. 145:10-12) Ngokuqinisekile, lawo mazwi abonisa indlela bonke oFakazi bakaJehova abazizwa ngayo. Kodwa kuthiwani uma ukugula noma izinkinga zokuguga kukwenza ufeze okuncane enkonzweni? Hlale ukhumbula ukuthi lapho ushumayeza labo abakunakekelayo nabanye, inkonzo yakho engcwele ikhazimulisa uNkulunkulu wethu omuhle. Uma uboshelwe ukholo lwakho, cishe uyakhuluma ngeqiniso uma izimo zikuvumela futhi lokho kwenza inhliziyo kaJehova ijabule. (IzAga 27:11) Kunjalo nangawe uma unomndeni ohlukene ngokwenkolo; kodwa namathela esimisweni sakho esingokomoya. (1 Pet. 3:1-4) Ngisho nangaphansi kwezimo ezinzima, ungadumisa uJehova futhi uthuthuke ngokomoya.

20, 21. Uma uphathiswe imisebenzi eminingi enhlanganweni kaJehova, ungaba kanjani isibusiso kwabanye?

20 Ngokuqinisekile uJehova uyokubusisa uma uqhubeka uthuthuka ngokomoya. Mhlawumbe uma ungenza izinguquko ezimbalwa esimisweni sakho noma endleleni yakho yokuphila ungadlala indima enkudlwana ekushumayeleni iqiniso likaNkulunkulu eliyigugu kulabo abadinga ithemba. Ngaphezu kwalokho, intuthuko yakho engokomoya nenkambo yokuzidela kuzuzisa okholwa nabo. Ngenxa yemizamo yakho yokuzithoba ebandleni, uyovuzwa ngokuthola uthando, ukwaziswa nokusekelwa abantu abathanda uJehova.

21 Kungakhathaliseki ukuthi sesineminyaka eminingi sisenkonzweni kaJehova noma sinezinyanga ezimbalwa, sonke singathuthuka ekumkhulekeleni. AmaKristu avuthiwe angawasiza kanjani asanda kuhlanganyela ukuba athuthuke ngokomoya? Sizoxoxa ngale ndaba esihlokweni esilandelayo.