Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Kungani ukugeza izandla kwakuyindaba enkulu ezitheni zikaJesu?

Lena kwakungenye yezinto ezazisetshenziswa izitha ukuze zigxeke uJesu nabafundi bakhe. UMthetho kaMose wawuhlanganisa imiyalo eminingana emayelana nokuhlanzeka okungokwesiko ezintweni ezinjengocucuza, uchoko nendlela yokuthinta izidumbu zezilwane nezabantu. Unikeza neziqondiso zendlela okungahlanzwa ngayo ukungcola. Lokhu kwakungenziwa ngokunikela, ukugeza noma ukufafaza.—Lev., izahl. 11-15; Num., isahl. 19.

Orabi bamaJuda babechaza yonke imininingwane yale mithetho. Omunye umthombo uthi imbangela ngayinye yokungahlanzeki “yayiyocwaningwa ukuze kuhlolwe ukuthi kunini lapho kungathiwa umuntu ungcolile, izinga nendlela ukungcola okudluliselwa ngayo kwabanye, izitsha nezinto ezingabhekwa njengezingcolile, okokugcina, izindlela nemicikilisho eyayidingeka ukuze umuntu ahlanzwe.”

Abaphikisi baJesu bambuza: “Kungani abafundi bakho bengaziphathi ngokwesiko lamadoda ezikhathi zangaphambili, kodwa bedla ngezandla ezingcolile?” (Marku 7:5) Lezo zitha zazingasho ukuthi kungabagulisa ukudla ngezandla ezingcolile. Njengesiko, orabi babefuna ukuba bageze izandla ngaphambi kokuba badle. Umthombo ocashunwe ngenhla uyanezela: “Kusaphikiswana ngokuthi hlobo luni lwezitsha okumelwe zisetshenziswe lapho kuthelwa amanzi, amanzi anjani afanelekayo, ubani okufanele awathele nokuthi ingxenye engakanani yezandla okumelwe igezwe.”

Indlela uJesu ayesabela ngayo kule mithetho eyayibekwe abantu yayilula. Watshela abaholi benkolo abangamaJuda bangekhulu lokuqala: “U-Isaya waprofetha ngokufanele ngani bazenzisi, njengoba kulotshiwe ukuthi, ‘Lesi sizwe singidumisa ngezindebe, kodwa izinhliziyo zaso zikude nami [uJehova]. Siqhubeka singikhulekela ngeze, ngoba sifundisa imiyalo yabantu njengezimfundiso.’ Nibambelela ngokuqinile esikweni labantu, nibe niyeka umyalo kaNkulunkulu.”—Marku 7:6-8.