Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Uyasibona Yini Isidingo Sokuqeqesha Abanye?

Uyasibona Yini Isidingo Sokuqeqesha Abanye?

“Ngizoninika isiyalo esihle.”—IZAGA 4:2.

IZINGOMA: 93, 96

1, 2. Kungani kumelwe siqeqeshe abanye ukuba bamukele izabelo ezingokwasezulwini?

UKUSHUMAYELA izindaba ezinhle zoMbuso kwakuyisabelo esiyinhloko sikaJesu. Nokho, wazinika isikhathi sokuqeqesha abanye ukuba babe abelusi nabafundisi. (Math. 10:5-7) Nakuba uFiliphu ayematasa njengomvangeli, akungabazeki ukuthi wasiza amadodakazi akhe amane ukuba aphumelele ekushumayeleni amaqiniso emiBhalo kwabanye. (IzEnzo 21:8, 9) Kubaluleke kangakanani lokho kuqeqeshwa namuhla?

2 Emhlabeni wonke, isibalo sabantu abamukela izindaba ezinhle siyakhula. Abasanda kuhlanganyela abangakabhapathizwa kudingeka bakubone ukubaluleka kokuba nesifundo seBhayibheli somuntu siqu. Kumelwe bafundiswe nokushumayela izindaba ezinhle kwabanye nokubafundisa iqiniso. Emabandleni esikuwo, abazalwane kudingeka bakhuthazwe ukuba basebenze kanzima ukuze bafanelekele ukumiswa njengezinceku ezikhonzayo nabadala. Uma enikeza “isiyalo esihle,” umKristu ovuthiwe angasiza abasanda kuhlanganyela ukuba bathuthuke ngokomoya.—IzAga 4:2.

SIZA ABASANDA KUHLANGANYELA BATHOLE AMANDLA NOKUHLAKANIPHA OKUVELA EZWINI LIKANKULUNKULU

3, 4. (a) UPawulu wakuhlobanisa kanjani ukutadisha imiBhalo nenkonzo ethelayo? (b) Ngaphambi kokukhuthaza esifunda nabo ukuba bazitadishele iBhayibheli, yini okumelwe ngabe siyayenza?

3 Kubaluleke kangakanani ukuzitadishela imiBhalo? Impendulo siyithola emazwini omphostoli uPawulu ayewabhalele amaKristu ayekanye nawo aseKolose. Wabhala: ‘Asiyekanga ukunithandazela nokucela ukuba nigcwale ulwazi olunembile ngentando yakhe [uNkulunkulu] kukho konke ukuhlakanipha nokuqonda okungokomoya, ukuze nihambe ngokufanele uJehova ngenjongo yokumjabulisa ngokugcwele njengoba niqhubeka nithela izithelo kuyo yonke imisebenzi emihle futhi lwanda ulwazi lwenu olunembile ngoNkulunkulu.’ (Kol. 1:9, 10) Ngolwazi olunembe kanjalo, amaKristu aseKolose ayezokwazi ‘ukuhamba ngokufanele uJehova ngenjongo yokumjabulisa ngokugcwele.’ Lokhu kwakuyowasiza aqhubeke ‘ethela izithelo kuyo yonke imisebenzi emihle,’ ikakhulukazi ekushumayeleni izindaba ezinhle. Ukuze akhonze ngempumelelo, umkhulekeli kaJehova kumelwe alandele isimiso sokutadisha iBhayibheli. Senza kahle ngokusiza abafundi beBhayibheli baqonde lelo qiniso.

4 Ngaphambi kokusiza abanye ukuba bazuze ekutadisheni iBhayibheli, nathi ngokwethu kumelwe siqiniseke ngokubaluleka kwalo. Empeleni, thina ngokwethu kudingeka sibe nemikhuba emihle yokutadisha iBhayibheli. Ungase uzibuze: ‘Uma umninikhaya eveza imibono ephambene nalokho imiBhalo ekufundisayo noma ebuza imibuzo enzima, ngiyakwazi yini ukumnikeza izimpendulo ezisekelwe eBhayibhelini? Lapho ngifunda ngoJesu, uPawulu nabanye abaphikelela enkonzweni, ngiyazindla yini ngendlela ukuphikelela kwabo okumelwe kuyithinte ngayo inkonzo yami kuJehova?’ Sonke siyaludinga ulwazi neseluleko okuseZwini likaNkulunkulu. Uma sitshela abanye indlela esizuze ngayo esifundweni somuntu siqu seBhayibheli, singabakhuthaza ukuba bathole lezo zinzuzo ngokuba babe abafundi abakhuthele bemiBhalo.

5. Nikeza ukusikisela kwendlela okungasizwa ngayo abasanda kuhlanganyela ukuba babe nesimiso sesifundo somuntu siqu seBhayibheli.

5 Ungase uzibuze, ‘Ngingamqeqesha kanjani engimfundelayo ukuba atadishe iBhayibheli njalo?’ Isiqalo esihle siwukumbonisa indlela yokulungiselela isifundo osiqhuba naye. Ungase usikisele ukuthi afunde izingxenye zesithasiselo encwadini ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? bese ebheka imibhalo ecashuniwe. Msize alungiselele imihlangano enomgomo wokuphendula. Mkhuthaze ukuba azifunde zonke izihloko ezikuyi-Nqabayokulinda ne-Phaphama! Uma i-Watchtower Library noma i-ONLINE LIBRARY YeBhayibheli ikhona ngolimi lwakhe, ungambonisa indlela angayisebenzisa ngayo ukuze aphendule imibuzo yeBhayibheli. Cishe ngenxa yosizo lwakho, ngokushesha omfundelayo uyothola injabulo ekutadisheni kwakhe iZwi likaNkulunkulu.

6. (a) Ungamsiza kanjani omfundelayo ukuba ahlakulele uthando ngeBhayibheli enhliziyweni yakhe? (b) Cishe yini umfundi weBhayibheli angayenza uma uthando olusuka enhliziyweni ngemiBhalo lukhula kuye?

6 Yiqiniso, akukho muntu okufanele simcindezele ukuba afunde futhi atadishe iBhayibheli. Kunalokho, masisebenzise amathuluzi esiwanikwa inhlangano kaJehova ukuba sisize esibafundelayo bajulise uthando lwabo ngeBhayibheli. Ngokuhamba kwesikhathi, umfundi oqotho angase azizwe njengomhubi owahlabelela: “Ukusondela kuNkulunkulu kuhle kimi. Isiphephelo sami ngisibeké eNkosini EnguMbusi uJehova.” (IHu. 73:28) Umoya kaJehova uyosebenza kulo mfundi weBhayibheli ophapheme futhi owazisayo.

QEQESHA ABASANDA KUHLANGANYELA UKUBA BASHUMAYELE FUTHI BAFUNDISE

7. UJesu wabaqeqesha kanjani abamemezeli bezindaba ezinhle? (Bheka isithombe esisekuqaleni.)

7 KuMathewu isahluko 10, sithola iziqondiso uJesu azinikeza abaphostoli bakhe abangu-12. Kunokukhuluma ngezinto ezivamile, wathinta amaphuzu akhethekile. [1] Abaphostoli bamlalela uJesu lapho ebafundisa indlela yokushumayela ngokuphumelelayo. Ngemva kwalokho baya koshumayela. Njengoba babekwazi ukubona izindlela zikaJesu zokufundisa, ngokushesha baba abafundisi abanekhono beqiniso eliseBhayibhelini. (Math. 11:1) Singaqeqesha esibafundela iBhayibheli ukuba babe abamemezeli abaphumelelayo bezindaba ezinhle. Manje ake sihlole izindlela ezimbili esingabasiza ngazo.

8, 9. (a) UJesu wakhuluma kanjani nabantu enkonzweni? (b) Singabasiza kanjani abamemezeli abasanda kuhlanganyela ukuba baxoxe nabantu njengoba kwenza uJesu?

8 Xoxa nabantu. UJesu wayevame ukukhuluma nabantu ngoMbuso. Ngokwesibonelo, waqhubeka nengxoxo emnandi eyaba nemiphumela emihle nowesifazane emthonjeni kaJakobe eduze komuzi waseSikhari. (Joh. 4:5-30) Wakhuluma nanoMathewu Levi, umthelisi. AmaVangeli anokulandisa okuncane kakhulu kwale ngxoxo, kodwa uMathewu wamukela isimemo sikaJesu sokuba umlandeli wakhe. UMathewu nabanye bezwa uJesu ekhuluma ekude edilini elalisendlini kaMathewu.—Math. 9:9; Luka 5:27-39.

9 Kwesinye isenzakalo, uJesu wakhuluma ngendlela enobungane noNathanayeli, owayenombono ongemuhle ngabantu baseNazaretha. Nokho, uNathanayeli washukumiseleka ukuba ashintshe ukucabanga kwakhe. Wanquma ukufunda okwengeziwe ngalokho uJesu, indoda yaseNazaretha, ayekufundisa. (Joh. 1:46-51) Ngakho sinesizathu esihle sokuqeqesha abamemezeli abasanda kuhlanganyela ukuba baxoxe nabantu ngendlela enobungane futhi ekhululekile. [2] Cishe labo esibasiza ngale ndlela bayojabula ukubona ukuthi abantu abanhliziyo ziqotho basabela kahle uma beboniswa isithakazelo futhi sikhuluma nabo ngamazwi anomusa.

10-12. (a) UJesu wasihlakulela kanjani isithakazelo esasiboniswa abanye ezindabeni ezinhle? (b) Singabasiza kanjani abamemezeli abasanda kuhlanganyela ukuba bathuthukise amakhono abo njengabafundisi beqiniso leBhayibheli?

10 Hlakulela isithakazelo. UJesu wayenesikhathi esincane sokwenza inkonzo yakhe. Noma kunjalo, wazinika isikhathi sokuhlakulela isithakazelo kubantu ababesibonisa ezindabeni ezinhle. Ngokwesibonelo, uJesu wafundisa isixuku emi esikebheni. Kuleso senzakalo, ngokuyisimangaliso wenza uPetru wabamba izinhlanzi eziningi wabe esethi kuye: “Kusukela manje kuqhubeke uzobe udoba abantu bephila.” Amazwi nezenzo zikaJesu kwaba namiphi imiphumela? UPetru nayesebenzisana nabo “babuyisela izikebhe ezweni, bashiya konke bamlandela [uJesu].”—Luka 5:1-11.

11 UNikodemu, ilungu leSanhedrini, waba nesithakazelo ezimfundisweni zikaJesu. Wayefuna ukufunda okwengeziwe kodwa wayesaba lokho abanye ababezokusho uma ekhuluma noJesu obala. UJesu wayevumelana nezimo futhi ebanika abantu isikhathi sakhe; wahlangana noNikodemu ebusuku —kude nesixuku. (Joh. 3:1, 2) Yisiphi isifundo esingasifunda kulokhu kulandisa? INdodana kaNkulunkulu yazinika isikhathi sokwakha ukholo lwabanye. Akufanele yini sikukhuthalele ukwenza izimpindelo nokuqhuba izifundo zeBhayibheli nalabo abathakazelayo?

12 Cishe abamemezeli abasanda kuhlanganyela bayothuthukisa amakhono abo njengabafundisi beqiniso leBhayibheli uma sisebenza nabo ensimini. Singabasiza ukuba bakhumbule labo ababonisa isithakazelo, ngisho nesincane nje. Singacela abamemezeli abasanda kuhlanganyela basiphelezele lapho siyokwenza izimpindelo nalapho siyoqhuba izifundo zeBhayibheli zasekhaya. Uma beqeqeshwa kanjalo futhi bethola leso sikhuthazo, ngokuqinisekile abamemezeli abangenakho okuhlangenwe nakho bayofuna ukuhlakulela isithakazelo ngabanye futhi baziqhubele izifundo zeBhayibheli. Bayofunda nokuthi bangasheshi badikibale kodwa babe nesineke futhi baphikelele enkonzweni.—Gal. 5:22; bheka ibhokisi elithi “ Ukuphikelela Kubalulekile.”

QEQESHA ABASANDA KUHLANGANYELA UKUBA BAKHONZE NJENGAMAKHOLWA ESIKANYE NAWO

13, 14. (a) Ucabangani ngezibonelo eziseBhayibhelini zalabo abaye bazidela ukuze kuzuze abanye? (b) Yiziphi izindlela ezingokoqobo ongazisebenzisa ukuze uqeqeshe abamemezeli abasanda kuhlanganyela nabasebasha ukuba babonise abafowabo nodadewabo uthando?

13 Ukulandisa kweBhayibheli kuqokomisa ilungelo esinalo lokubonisa “uthando lobuzalwane” nelokukhonza abanye. (Funda eyoku-1 Petru 1:22; Luka 22:24-27.) INdodana kaNkulunkulu yanikela ngakho konke eyayinakho, kuhlanganise nokuphila kwayo ukuze ikhonze abanye. (Math. 20:28) UDorka “wayenezenzo eziningi ezinhle nezipho eziningi zesihe.” (IzE. 9:36, 39) UMariya, owayehlala eRoma, “wenza imisebenzi eminingi” ngenxa yebandla. (Roma 16:6) Singabasiza kanjani abasanda kuhlanganyela babone ukubaluleka kokusiza abafowabo nodadewabo?

Qeqesha abasanda kuhlanganyela ukuba bathande amanye amaKristu (Bheka izigaba 13, 14)

14 OFakazi abavuthiwe bangacela abasanda kuhlanganyela, bahambe nabo lapho bevakashela abagulayo noma asebekhulile. Uma kufaneleka, abazali bangahamba nezingane zabo. Abadala bangasebenza nabanye ukuze baqikelele ukuthi asebekhulile esibathandayo bathola ukudla okunempilo futhi izindlu zabo ziyanakekelwa. Ngaleyo ndlela izingane nalabo abasanda kuhlanganyela bayofunda ukubonisa izenzo zomusa kwabanye. Omunye umdala lapho eshumayela, wayevakashela oFakazi abahlala kuleyo nsimu esemaphandleni ukuze ahlole ukuthi baqhuba kanjani. Umzalwane osemusha owayejwayele ukuhamba naye wafunda ukuthi bonke ebandleni kufanele bazizwe bethandwa.—Roma 12:10.

15. Kungani kubalulekile ngabadala ukuba babe nesithakazelo entuthukweni yabesilisa ebandleni?

15 Njengoba uJehova esebenzisa abesilisa ukuba bafundise ebandleni, kubalulekile ngabazalwane ukuba bathuthukise ikhono labo lokufundisa. Njengomdala, ungakwazi yini ukulalela inkulumo ezobekwa inceku ekhonzayo lapho iyiprakthiza? Ngosizo lwakho, angase akwazi ukuthuthukisa ikhono lakhe njengomfundisi weZwi likaNkulunkulu.—Neh. 8:8. [3]

16, 17. (a)UPawulu wasibonisa kanjani isithakazelo entuthukweni kaThimothewu? (b) Abadala bangabaqeqesha kanjani ngokuphumelelayo abelusi bakusasa bebandla?

16 Sikhulu isidingo sabelusi ebandleni lobuKristu futhi labo abazokwenza lowo msebenzi esikhathini esizayo badinga ukuqeqeshwa okuqhubekayo. UPawulu wanikeza indlela yokuqeqesha lapho ekhuluma noThimothewu: “Wena mntanami, qhubeka uzuza amandla emseni ongafanelwe mayelana noKristu Jesu, nezinto owazizwa ngami ngokusekela kofakazi abaningi, lezi zinto ziphathise amadoda athembekile, ayokufanelekela ngokwanele ukuba nawo afundise abanye.” (2 Thim. 2:1, 2) UThimothewu wafunda ngokusebenza nomphostoli uPawulu, umdala. UThimothewu wabe eselingisa uPawulu enkonzweni yakhe nakwezinye izici zenkonzo engcwele.—2 Thim. 3:10-12.

17 UPawulu akazange amshiye kanjalo uThimothewu ngemva kokumqeqesha. Waphinde wahamba naye. (IzE. 16:1-5) Abadala bangalingisa isibonelo sikaPawulu ngokuhamba nenceku ekhonzayo efanelekayo lapho benza ukuhambela kokwalusa uma kufaneleka. Ngokwenza kanjalo abadala banika laba bazalwane ithuba lokuzibonela bona mathupha ukufundisa, ukholo, ukubekezela nothando okudingekayo ukuze babe ababonisi abangamaKristu. Le ndlela isiza ekuqeqesheni abelusi bakusasa ‘bomhlambi kaNkulunkulu.’—1 Pet. 5:2.

OKWENZA UKUQEQESHA ABANYE KUBALULEKE

18. Kungani kufanele kubaluleke kithi ukuqeqesha abanye enkonzweni kaJehova?

18 Ukuqeqesha abanye kubaluleke kakhulu ngenxa yokwanda kwezidingo namathuba okukhonza uJehova. Izibonelo zokuqeqesha ezaboniswa uJesu noPawulu zisasebenza namanje. UJehova ufuna izinceku zakhe zanamuhla ziqeqeshwe kahle ezabelweni zazo zoMbuso. UNkulunkulu usinika ilungelo lokusiza labo abangenakho okuhlangenwe nakho ukuba bahlakulele amakhono okwenza umsebenzi odingekayo ebandleni. Njengoba leli zwe liwohloka namathuba amasha okushumayela eqhubeka anda, ukuqeqesha okunjalo kubalulekile futhi kuyaphuthuma.

19. Kungani kufanele uqiniseke ngokuthi ukuzikhandla kwakho ekuqeqesheni abanye enkonzweni kaJehova kuzoba nemiphumela emihle?

19 Yiqiniso, ukuqeqesha abantu kuthatha isikhathi futhi kudinga ukuzikhandla. Kodwa uJehova neNdodana yakhe ethandekayo bazosisekela futhi basinike ukuhlakanipha ukuze sikwazi ukuqeqesha abanye. Siyojabula lapho sibona labo esibasizayo beqhubeka ‘nokusebenza kanzima futhi bezikhandla.’ (1 Thim. 4:10) Kwangathi nathi singaqhubeka sithuthuka ngokomoya lapho sinikela inkonzo engcwele kuJehova.

^ [1] (isigaba 7) Phakathi kwamaphuzu uJesu akhuluma ngawo kwakunalawa: (1) Shumayela umyalezo ofanele. (2) Yaneliseka ngamalungiselelo kaNkulunkulu. (3) Gwema ukuphikisana nabaninikhaya. (4) Thembela kuNkulunkulu lapho ubhekene nabaphikisi. (5) Unganqotshwa ukwesaba.

^ [2] (isigaba 9) Incwadi ethi Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini, kk. 62-64, inamacebiso amahle kakhulu endlela esingaxoxa ngayo nabantu enkonzweni yasensimini.

^ [3] (isigaba 15) Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini, kk. 52-61, le ncwadi ichaza izimfanelo ezidingekayo ukuze ube yisikhulumi esiphumelelayo.