Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Phonsa Zonke Izinkathazo Zakho Phezu KukaJehova

Phonsa Zonke Izinkathazo Zakho Phezu KukaJehova

Phonsani zonke izinkathazo zenu phezu [kukaJehova], ngoba uyanikhathalela.1 PET. 5:7.

IZINGOMA: 60, 23

1, 2. (a) Kungani kungafanele simangale lapho sibhekana nokukhathazeka? (Bheka isithombe esisekuqaleni.) (b) Yini esizoxoxa ngayo kulesi sihloko?

SIPHILA ezikhathini ezicindezela kakhulu. USathane uDeveli uthukuthele uyaveva futhi ‘uhambahamba njengengonyama ebhongayo, efuna engamshwabadela.’ (1 Pet. 5:8; IsAm. 12:17) Ngakho, akusimangazi ukuthi ngezinye izikhathi ngisho nathi, njengezinceku zikaNkulunkulu siyakhathazeka. Empeleni, izinceku zikaJehova ezimesabayo zasendulo, njengeNkosi uDavide, ‘zazilwa emphefumulweni yazo’ ngezinye izikhathi. (IHu. 13:2) Khumbula nokuthi umphostoli uPawulu ‘wakhathazeka ngawo wonke amabandla.’ (2 Kor. 11:28) Singenzenjani lapho sicindezelwe izinkathazo?

2 UBaba wethu osezulwini onothando wazisiza izinceku zakhe endulo futhi namuhla wenza sikwazi ukuthola impumuzo ekucindezelekeni noma ekukhathazekeni. IBhayibheli liyasinxusa: ‘Phonsani zonke izinkathazo zenu phezu kwakhe, ngoba uyanikhathalela.’ (1 Pet. 5:7) Kodwa, ungakwenza kanjani lokho? Ake sihlole izindlela ezine ongakwenza ngazo lokho—umthandazo osuka enhliziyweni, ukufunda iZwi likaNkulunkulu futhi uzindle ngalo, ukusebenzisa umoya ongcwele kaJehova nokuthululela imizwa yakho kumuntu omethembayo. Njengoba sihlola lezi zindlela ezine, bona ukuthi ungakwazi yini ukuthola izinyathelo eziwusizo ofuna ukuzithatha.

“PHONSA UMTHWALO WAKHO PHEZU KUKAJEHOVA”

3. ‘Ungawuphonsa kanjani umthwalo wakho phezu kukaJehova’ ngomthandazo?

3 Isinyathelo sokuqala esingasithatha ukusondela kuJehova ngomthandazo oqotho. Lapho ubhekene nezimo ezibangela ukungakhululeki, ukwesaba noma ukukhathazeka, thululela isifuba sakho kuBaba wakho osezulwini onothando. Umhubi uDavide wanxusa uJehova: “O Nkulunkulu, beka indlebe emthandazweni wami.” Wabe esethi ehubeni elifanayo: “Phonsa umthwalo wakho phezu kukaJehova, yena uyokusekela.” (IHu. 55:1, 22) Ngemva kokwenza konke okusemandleni ukuze uxazulule inkinga, umthandazo osuka enhlizweni ngokuqinisekile uyofeza okungaphezu kokukhathazeka. Kodwa umthandazo ungakusiza kanjani ukuba ugweme ukucindezelwa imicabango ekuncisha ukuthula nekuzwisa ubuhlungu?—IHu. 94:18, 19.

4. Lapho sikhathazekile, kungani umthandazo ubalulekile?

4 Funda eyabaseFilipi 4:6, 7UJehova angakuphendula ukunxusa kwethu okuqotho, okusuka enhliziyweni futhi esikwenza njalo. Kanjani? Ngokusinikeza ukuthula kwangaphakathi okungakhulula izingqondo nezinhliziyo zethu emizwelweni esikhathazayo. Baningi abangakufakazela lokhu ngokuhlangenwe nakho kwabo. Lapho bekhathazekile, becindezelekile, uNkulunkulu wabasiza ukuba bathole ukuthula kwangempela, empeleni okudlula ukuqonda kwabantu. Nawe ungakuthola lokhu. Ngakho, “ukuthula kukaNkulunkulu” kunganqoba noma iziphi izinselele ongase ubhekane nazo. Ungasethemba ngokugcwele isithembiso sikaJehova esinozwela: “Ungaqalazi ngapha nangapha, ngoba nginguNkulunkulu wakho. Ngizokuqinisa. Impela ngizokusiza.”—Isaya 41:10.

UKUTHULA KWANGAPHAKATHI OKUVELA EZWINI LIKANKULUNKULU

5. IZwi likaNkulunkulu lingasinika kanjani ukuthula kwangaphakathi?

5 Indlela yesibili yokuba nokuthula kwangaphakathi ukufunda iBhayibheli nokuzindla ngalo. Kungani kubalulekile lokhu? IBhayibheli linesiqondiso esisebenzayo esingokomoya esingakusiza ukuba ugweme, unciphise noma ubhekane nezinkathazo. Ungalikhohlwa iqiniso lokuthi iZwi likaNkulunkulu liwusizo futhi liyaqabula ngoba linamazwi okuhlakanipha koMdali. Njengoba uzindla ngemicabango kaNkulunkulu—emini noma ebusuku—futhi ucabanga ngendlela okungakuzuzisa ngayo ukusebenzisa isiqondiso seBhayibheli esisebenzayo, uyoqiniswa kakhulu. UJehova wahlobanisa ngokuqondile ukufunda iZwi lakhe nokuba ‘nesibindi nokuqina’ hhayi ‘nokwethuka noma ukwesaba.’—Josh. 1:7-9.

6. Amazwi kaJesu angaba namuphi umthelela omuhle kuwe?

6 EZwini likaNkulunkulu, sithola amazwi kaJesu aduduzayo. Amazwi nezimfundiso zakhe kwakuwumthombo wokuqabuleka ezilalelini zakhe. Izinkulungwane zaziza kuye ngenxa yokuthi wayeduduza abantu abanezinkinga, eqinisa ababuthaka futhi eduduza abacindezelekile. (Funda uMathewu 11:28-30.) Wabonisa ukucabangela ngothando izidingo zabanye ezingokomoya, ngokomzwelo nezingokwenyama. (Marku 6:30-32) Isithembiso sikaJesu sokusisekela sisasebenza nanamuhla. Singaba yiqiniso nakuwe njengoba sasinjalo kubaphostoli ababehamba noJesu. Akudingeki ukuba ube noJesu ngokoqobo ukuze uzuze. NjengeNkosi yasezulwini, uJesu uyaqhubeka nokuba nozwela futhi uyalubonisa. Ngakho, lapho ukhathazekile, ‘angakusiza’ ngomusa futhi ‘angakusiza ngesikhathi esifanele.’ Yebo, uJesu angakusiza ubhekane nokucindezeleka futhi angagcwalisa inhliziyo yakho ngethemba nesibindi.—Heb. 2:17, 18; 4:16.

IZIMFANELO ZOKWESABA UNKULUNKULU ZIBANGELWA UMOYA KANKULUNKULU

7. Uyozuza kanjani lapho uNkulunkulu ephendula isicelo sakho somoya ongcwele?

7 UJesu wathembisa ukuthi uBaba wethu osezulwini ngeke ahluleke ukubanika umoya ongcwele labo abawucelayo kuYe. (Luka 11:10-13) Lokhu kukunika indlela yesithathu enamandla yokunciphisa ukukhathazeka—izithelo zomoya. Lezi zimfanelo ezinhle ezibangelwa amandla kaNkulunkulu asebenzayo zibonisa ubuntu bukaNkulunkulu, uMninimandla onke. (Funda eyabaseGalathiya 5:22, 23; Kol. 3:10) Njengoba uhlakulela izithelo zalowo moya, ubudlelwane bakho nabanye buzothuthuka. Uyothola ukuthi izimo eziningi ezingabangela ukukhathazeka azibi khona. Kafushane nje cabanga ngendlela izithelo zomoya ezingakusiza ngayo.

8-12. Izithelo zomoya kaNkulunkulu zingakusiza kanjani ukuba ubhekane nezimo ezibangela ukucindezeleka noma uzigweme?

8 “Uthando, injabulo, ukuthula.” Uma uphishekela ukusebenzelana nabantu ngenhlonipho, cishe uyothola ukuthi ukwazi kangcono ukubhekana neyakho imizwelo engemihle. Kanjani? Njengoba ubonisa uthando lobuzalwane, isisa nodumo, uyogwema izimo ezingakwenza ukhathazeke.—Roma 12:10.

9 “Ukubekezela, umusa, ubuhle.” Usuke uthuthukisa ubudlelwane obunokuthula ngokulalela umyalo othi: “Yibani nomusa komunye nomunye, ninobubele besisa, nithethelelane ngokukhululekile.” (Efe. 4:32) Ngokwenza kanjalo, ugwema izimo ezingabangela ukukhathazeka. Ungakwazi nokusingatha ngokuphumelelayo izimo eziba khona ngenxa yokungapheleli.

10 “Ukholo.” Namuhla, izinkathazo zethu zivame ukuhlobana nezimali nezinto ezibonakalayo. (IzAga 18:11) Ngakho, ukholo oluqinile ekunakekeleni kukaJehova kothando lungakusiza ukuba ubhekane nokukhathazeka noma ukugweme. Kanjani? Ungagwema ukukhathazeka ngokulalela iseluleko somphostoli uPawulu esiphefumulelwe ‘sokwaneliswa izinto ezikhona.’ UPawulu uyanezela: “Ngoba [uNkulunkulu] uthé: ‘Angisoze ngakushiya noma ngikulahle nganoma iyiphi indlela.’ Ukuze sibe nesibindi futhi sithi: ‘UJehova ungumsizi wami; ngeke ngesabe. Umuntu angangenzani?’”—Heb. 13:5, 6.

11 “Ubumnene, ukuzithiba.” Cabanga ngendlela ukubonisa lezi zimfanelo okungokoqobo nokuphumelela ngayo kuwe. Ngokwenza kanjalo, cishe uyogwema izenzo ezingabangela ukukhathazeka kuwena futhi uyozuza ngokugwema “ukufutheka okubi nentukuthelo nolaka nokuklabalasa nokuhlambalaza”—Efe. 4:31.

12 Kuyavunywa, uyodinga ukuthobeka ukuze uvume ukulawulwa ‘isandla sikaNkulunkulu esinamandla’ futhi ‘uphonse zonke izinkathazo zakho phezu kwakhe.’ (1 Pet. 5:6, 7) Njengoba uhlakulela ukuthobeka uyozibeka ethubeni lokuthola umusa kaNkulunkulu nokusekelwa nguye. (Mika 6:8) Ngokulondoloza umbono olinganiselayo walokho okungasingathwa umzimba, ingqondo nemizwelo yakho, uyogwema ukukhungathwa ukukhathazeka, ngoba uyobe uncike kuNkulunkulu.

“NINGALOKOTHI NIKHATHAZEKE”

13. Wayesho ukuthini uJesu lapho ethi: “Ningalokothi nikhathazeke”?

13 KuMathewu 6:34 (funda), sithola iseluleko sikaJesu esibalulekile: “Ningalokothi nikhathazeke.” Nokho, kungase kubonakale kunzima ukusisebenzisa leso seluleko. Wayesho ukuthini uJesu lapho ethi: “Ningalokothi nikhathazeke”? Ngokusobala, wayengasho ukuthi inceku kaNkulunkulu yayingeke ikhathazeke ekuphileni; sesiwaphawulile amazwi kaDavide noPawulu ngale ndaba. Kodwa uJesu wayesiza abafundi bakhe babone ukuthi ukukhathazeka ngokweqile noma ngezinto ezingenasidingo ngeke kuzixazulule izinkinga. Usuku ngalunye lunezinkinga zalo, ngakho amaKristu akudingeki ukuba anezele izinkathazo zesikhathi esidlule noma zekusasa kulezi anazo njengamanje. Ungasisebenzisa kanjani iseluleko sikaJesu futhi ukhululeke ekucindezelweni ukukhathazeka?

14. Ungabhekana kanjani nokukhathazwa yizinto owazenza kudala?

14 Okunye ukukhathazeka kungase kubangelwe izenzo zomuntu ezedlule noma amaphutha akhe. Angase ahlushwe umuzwa wecala ngokuthile akwenza esikhathni esedlule, ngisho naseminyakeni eminingi edlule. Ngezinye izikhathi, iNkosi uDavide yazizwa sengathi ‘iziphambeko zayo zeqé ikhanda layo.’ Yavuma: “Ngibhongile ngenxa yokububula kwenhliziyo yami.” (IHu. 38:3, 4, 8, 18) Kuleso simo, yisiphi isenzo sokuhlakanipha okwakumelwe senziwe uDavide? Wenzenjani? Wathembela emseni kaJehova nasekuthetheleleni kwakhe. Ngokuqiniseka wathi: “Uyajabula umuntu okuvukela kwakhe kuxolelwe.”—Funda iHubo 32:1-3, 5.

15. (a) Kungani kungafanele ukhathazeke ngokuphila kwamanje? (b) Iziphi izinyathelo ezisebenzayo ongazithatha ukuze unciphise ukukhathazeka? (Bheka ibhokisi elithi “ Ezinye Izindlela Ezisebenzayo Zokunciphisa Ukukhathazeka.”)

15 Ngezinye izikhathi, ungakhathazeka ngokuphila kwamanje. Ngokwesibonelo, ngesikhathi uDavide ebhala iHubo 55, wayesaba ukuthi uzofa. (IHu. 55:2-5) Noma kunjalo, akazange avumele ukukhathazeka kuqede ukuthembela kwakhe kuJehova. UDavide wayekhuluma ngezinkinga zakhe ngomthandazo oqotho kodwa wakubona nokubaluleka kokuthatha izinyathelo ezisebenzayo ukuze abhekane nembangela yokukhathazeka. (2 Sam. 15:30-34) Funda isifundo kuDavide. Kunokuba uvumele ukukhathazeka kukucindezele, thatha izinyathelo ukuze ubhekane nesimo futhi ngokuqiniseka ushiyele indaba ezandleni zikaJehova.

16. Incazelo yegama likaNkulunkulu ingaluqinisa kanjani ukholo lwakho?

16 Ukukhathazeka okungenasidingo ngokuvamile kuvela lapho umKristu ecabanga kakhulu ngezinkinga ezingase zivele esikhathini esizayo. Nokho, akudingeki ukhungathwe ukukhathazeka ngezenzakalo ongazi lutho ngazo. Kungani? Kungenxa yokuthi ngokuvamile izinto azibi zimbi njengoba sisuke sicabanga. Ngaphezu kwalokho, asikho isimo esingaphezu kwamandla kaNkulunkulu ongakwazi ukuphonsa kuye zonke izinkathazo zakho. Igama lakhe lisho ukuthi, “Ubangela Ukuba Kube Khona.” (Eks. 3:14) Le ncazelo ebalulekile yegama laphezulu isiqinisekisa ngokuthi uNkulunkulu ukwazi ngokuphelele ukuqikelela ukuthi izinjongo zakhe ngezinceku zakhe ziyafezeka. Nawe ungaqiniseka ngokuthi uNkulunkulu angabavuza abaqotho bakhe futhi abasize babhekane nokukhathazeka ngezinto zakudala, ezamanje nezesikhathi esizayo.

UKUKHULUMISANA OKUSUKA ENHLIZIYWENI

17, 18. Ukukhulumisana okuhle kungakusiza kanjani ukuba ubhekane nokukhathazeka?

17 Indlela yesine engakusiza ukuze ubhekane nokukhathazeka ukukhulumisana okuhle, ukuxoxa ngemizwa yakho nomuntu omethembayo. Oshade naye, umngane osondelene naye noma umdala webandla, bangase bakusize ube nombono ofanele ngezinkathazo zakho. “Ngukukhathazeka enhliziyweni yomuntu okuyoyibangela ukuba ibhocobale, kodwa yizwi elihle eliyenza ijabule.” (IzAga 12:25) Ukukhuluma iqiniso nokungagunci kungakusiza kakhulu ukuba uqonde futhi usingathe izinkathazo zakho. IBhayibheli liyasitshela: “Amacebo ayashafa lapho kungekho khona inkulumo eyisifuba, kodwa ngobuningi babeluleki kuba khona okufezwayo.”—IzAga 15:22.

18 UJehova uphinde asize amaKristu ukuba abhekane nokukhathazeka ngemihlangano yebandla yamasonto onke. Kuyo, ungahlanganyela nokholwa nabo abakukhathalelayo futhi abafuna ukukhuthazana. (Heb. 10:24, 25) “Ukukhuthazana” okunjalo kuyokusiza uthuthukise ingokomoya lakho futhi kwenze kube lula ngawe ukubhekana nanoma yikuphi ukukhathazeka.—Roma 1:12.

UBUHLOBO BAKHO NONKULUNKULU—AMANDLA AKHO AMAKHULU

19. Kungani ungaqiniseka ngokuthi ubuhlobo bakho noNkulunkulu buzokuqinisa?

19 Cabanga ngendlela umdala webandla waseCanada afunda ngayo ukubaluleka kokuphonsa izinkathazo zakhe kuJehova. Umsebenzi wakhe njengothisha nomeluleki, ucindezela kakhulu futhi uhlushwa isifo sokukhathazeka ngokweqile. Lo mzalwane uye wabhekana kanjani nalesi simo? Uyachaza: “Ngaphezu kwakho konke, ngithola ukuthi ukusebenza kanzima ukuze ngiqinise ubuhlobo bami noJehova yikona okunginika amandla okubhekana nokucindezeleka okungokomzwelo. Ukusekelwa abangane beqiniso kanye nabafowethu abangokomoya kubalulekile ezikhathini ezicindezelayo. Imizwa yami ngiyiveza ngokukhululekile nangeqiniso kumkami. Abadala engikanye nabo nombonisi wesigodi baba nomthelela omkhulu ekungisizeni ngikwazi ukuba nombono ofanele ngezinto. Ngafuna usizo kwabezempilo, ngenza izinguquko endleleni engisebenzisa ngayo isikhathi ngabe sengibekela isikhathi eceleni sokuphumula nokuzivocavoca. Kancane kancane, ngaqala ukuba nekhono lokusingatha isimo sami. Lapho kunezinto engingakwazi ukuzilawula ngishiyela konke ezandleni zikaJehova.”

20. (a) Singakuphonsa kanjani ukukhathazeka kwethu kuNkulunkulu? (b) Sizoxoxa ngani esihlokweni esilandelayo?

20 Kafushane, siphawule ukubaluleka ngokuphonsa izinkathazo zethu kuNkulunkulu ngomthandazo osuka enhliziyweni, ngokufunda iZwi lakhe nangokuzindla ngalo. Siphinde saxoxa ngokubaluleka ngokuhlakulela izithelo zomoya kaNkulunkulu, ukuthululela imizwa yethu kumuntu esimethembayo nokuthola amandla ebudlelwaneni obakhayo bobuKristu. Isihloko esilandelayo sizokhuluma ngendlela uJehova asinakekela ngayo kakhudlwana ngokusinikeza ithemba lomvuzo.—Heb. 11:6.