Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Usakhumbula?

Usakhumbula?

Ingabe uzifunde ngokucophelela izihloko zakamuva ze-Nqabayokulinda? Ake uzihlole, ubone ukuthi ungayiphendula yini le mibuzo:

Yisono esinjani uJesu ayekhuluma ngaso eselulekweni esikuMathewu 18:15-17?

Wayekhuluma ngendaba engalungiswa yilabo abonene. Kodwa leso sono singabangela ukuba umuntu asuswe uma singalungiswa. Ngokwesibonelo, isono kungaba ukunyundela noma ukuphamba.—w16.05, k. 7.

Yini ongayenza ukuze ukufunda iBhayibheli kuzuzise nakakhulu?

Ungenza lokhu: Funda ngomqondo ovulekile, funa izifundo ongazisebenzisa; zibuze imibuzo enjengokuthi ‘Ngingakusebenzisa kanjani ukuze ngisize abanye?’; usebenzisa namathuluzi esinawo ukuze ucwaninge ngalokho osanda kukufunda.—w16.05, kk. 28-31.

Ingabe akulungile ngomKristu ukulila ngisho noma ekholelwa ovukweni?

Ukholo ovukweni alibuqedi ubuhlungu obujulile umKristu angase abuzwe lapho elahlekelwe. U-Abrahama walila lapho kushona uSara. (Gen. 23:2) Ngokuhamba kwesikhathi, ubuhlungu badamba.—wp16.3, k. 4.

Embonweni kaHezekeli, imelela bani indoda enophondo lukayinki lukanobhala namadoda ayisithupha aphethe izikhali zokuphihliza?

La madoda amelela amabutho asezulwini ayebambe iqhaza ekubhujisweni kweJerusalema nazophinde ahileleke ekubhujisweni kwezwe elibi likaSathane e-Armagedoni. Indoda enophondo lukayinki imelela uJesu. Phakathi nosizi olukhulu, uJesu uyobeka uphawu esixukwini esikhulu lapho esahlulela njengezimvu.—w16.06, kk. 31-32.

IBhayibheli lasinda kuziphi izingozi?

Lasinda (1) ekudabukeni kwezinto elalibhalwa kuzo, njenge-papyrus noma isikhumba; (2) ekuphikisweni abaholi bezombusazwe nabezenkolo ababezama ukulishabalalisa; (3) nasemizamweni yabanye yokushintsha umyalezo walo.—wp16.4, kk. 4-7.

Yiziphi izindlela umKristu angenza ngazo ukuphila kwakhe kube lula?

Zazi izidingo zakho zangempela, ukhiphe izindleko ezingadingekile. Hlela kahle indlela ozosebenzisa ngayo imali yakho. Lahla izinto ongazisebenzisi, futhi ukhokhe zonke izikweletu. Nciphisa amahora owachitha emsebenzini wokuziphilisa futhi uhlele indlela ozoyandisa ngayo inkonzo yakho.—w16.07, k. 10.

IBhayibheli lithi yini engcono kunegolide noma isiliva?

UJobe 28:12, 15 ubonisa ukuthi ukuhlakanipha kukaNkulunkulu kungcono kunegolide noma isiliva. Njengoba ukufuna, lwela ukuhlala uthobekile futhi unokholo oluqinile.—w16.08, kk. 18-19.

Kuyafaneleka yini ukuba umzalwane abe nentshebe namuhla?

Kwamanye amasiko, intshebe encwelwe kahle ingase yamukeleke, ihlonipheke futhi ingase ingasilulazi isigijimi soMbuso. Noma kunjalo, abanye abazalwane bangase banqume ukungabi nayo. (1 Kor. 8:9) Kwamanye amasiko noma kwezinye izindawo, akulona isiko ukubeka intshebe futhi akwamukeleki ukuba izikhonzi ezingamaKristu zibe nayo.—w16.09, k. 21.

Kungani singakwethemba ukulandisa kweBhayibheli kukaDavide noGoliyathi?

UGoliyathi wayemude ngamacentimitha angu-15 nje kuphela kunomuntu omude kunabo bonke esikhathini sethu. UDavide wayengumuntu ongokoqobo njengoba lokho kufakazelwa umbhalo oqoshiwe wasendulo futhi kufakazelwa nayilokho okwashiwo uJesu. Imininingwane enembile yezindawo ivumelana namaqiniso aziwayo.—wp16.5, k. 13.

Ulwazi, ukuqonda nokuhlakanipha kuhluke kanjani?

Umuntu onolwazi uqongelela ukwaziswa noma amaqiniso. Umuntu onokuqonda ukwazi ukubona ukuthi iqiniso elithile lihlobana kanjani nelinye. Umuntu onokuhlakanipha ukwazi ukuhlanganisa ulwazi nokuqonda futhi akwenze kusebenze ngokoqobo.—w16.10, k. 18.