Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Ingabe amaKristu ashadile angayisebenzisa i-IUD (intrauterine device) njengendlela yokuhlela umndeni evumelana nemiBhalo?

Kule ndaba, amaKristu ashadile angazihlolela wona amaqiniso ahilelekile nezimiso zeBhayibheli. Ngemva kwalokho kufanele azenzele isinqumo esizowagcina enonembeza omsulwa phambi kukaNkulunkulu.

Ekuqaleni ngesikhathi kunabantu ababili emhlabeni, nangemva kukaZamcolo ngesikhathi kunabantu abangu-8 emhlabeni, uJehova wabayala wathi: “Zalani nande nigcwalise umhlaba.” (Gen. 1:28; 9:1) IBhayibheli alisho ukuthi lo mthetho uyasebenza kumaKristu. Ngakho kuyisinqumo sabantu abashadile ukuthi bazosebenzisa yiphi indlela yokuhlela umndeni noma ukuthi bayazifuna yini izingane. Yiziphi izinto okumelwe bazicabangele lapho benza isinqumo?

AmaKristu kumelwe ahlolisise izimiso zeBhayibheli lapho ekhetha indlela yokuhlela umndeni azoyisebenzisa. Ngakho, amaKristu ayakugwema ukukhipha isisu njengendlela yokuhlela umndeni. Ukukhipha isisu kungqubuzana nalokho okushiwo yiBhayibheli ngokuhlonipha ukuphila. AmaKristu ngeke akhethe ukubulala ukuphila okugcina kuholele ekuzalweni komuntu. (Eks. 20:13; 21:22, 23; IHu. 139:16; Jer. 1:5) Kuthiwani ngokusebenzisa i-IUD?

Le ndaba kwaxoxwa ngayo kuyi-Nqabayokulinda yesiNgisi kaMeyi 15, 1979, amakhasi 30-31. Ama-IUD ayesetshenziswa ngaleso sikhathi ayenziwe ngoplastiki oqinile; ayefakwa esibelethweni ukuze kuvinjelwe ukukhulelwa. INqabayokulinda yaveza ukuthi akwaziwa ngokuphelele ukuthi ama-IUD asebenza kanjani. Odokotela abaningi babethi ama-IUD ayephazamisa isidoda ukuba singafiki eqandeni lowesifazane. Uma isidoda singafikanga eqandeni, lokho kwakusho ukuthi akukho ukuphila okwakhekile.

Nokho, ubufakazi obatholakala babonisa ukuthi ngesinye isikhathi isidoda singafika eqandeni. Iqanda elivundiswe yisidoda lingase likhule emashubhini esibeletho sowesifazane noma lingase liye esibelethweni. I-IUD ingaphazamisa iqanda elivundisiwe lapho lizama ukuya esibelethweni. Bese lokho kubangela ukuchitheka kwesisu. INqabayokulinda yaphetha ngokuthi: “UmKristu oqotho okhathazeka ngokufaneleka kokusebenzisa i-IUD, kufanele acabangisise ngalolu lwazi njengoba efuna ukuhlonipha ubungcwele bokuphila ngokuvumelana neBhayibheli.”​—IHu. 36:9.

Ingabe iye yaba khona intuthuko kulo mkhakha engokwesayensi noma kwezokwelapha kusukela kwanyatheliswa leyo Nqabayokulinda ngo-1979?

Manje sekukhona izinhlobo ezimbili zama-IUD. Olunye uhlobo olwaqala ukutholakala ngobuningi e-United States ngo-1988 lunethusi. Ngo-2001 kwase kuba khona ama-IUD akhipha ama-hormone. La ma-IUD asebenza kanjani?

Ithusi: Njengoba kubonisiwe, ama-IUD kubonakala sengathi aphazamisa isidoda ukuba singafiki eqandeni. Ukwenezela kulokho, ama-IUD anethusi kubonakala sengathi enza isidoda singabi namandla noma asibulale. * Ngaphezu kwalokho, kuthiwa ama-IUD anethusi enza ukuba isidoda sibambeke.

I-Hormone: Kunezinhlobo ezihlukahlukene zama-IUD ezinama-hormone afana nalawo atholakala emaphilisini okuhlela umndeni. La ma-IUD afaka ama-hormone esibelethweni. Kubonakala sengathi ama-IUD anjalo avimba ukwakheka kwamaqada kwabanye abesifazane. Uma iqanda lingakheki, ngeke akhulelwe. Ngaphezu kwalokho, kuthiwa ama-hormone akhishwa ama-IUD anciphisa amashubhu esibeletho. * Ashubisa noketshezi olusemlonyeni wesibeletho, okwenza ukuba isidoda singakwazi ukunyuka sisuka esithweni sobulili siye esibelethweni.

Njengoba sekubonisiwe, zombili lezi zinhlobo zama-IUD kubonakala sengathi zinciphisa amashubu esibeletho. Kodwa kuthiwani uma iqanda lakheka bese isidoda silivundisa? Iqanda lingase lingene esibelethweni kodwa ingabi khona indawo efanele yokuhlala. Lokhu kungasichitha isisu. Nokho, izimo ezinjalo akuvamile ukuba zenzeke, njengoba kunjalo nangalabo abasebenzisa amaphilisi okuhlela.

Ngakho akekho ongaqiniseka ukuthi ama-IUD anethusi noma lawo akhipha ama-hormone akuvimbela ngokuphelele ukuvunda kweqanda. Nokho, ubufakazi obungokwesayensi bubonisa ukuthi ngenxa yalokhu osekuvezwe ngenhla, mancane kakhulu amathuba okukhulelwa uma usebenzisa ama-IUD.

AmaKristu ashadile acabangela ukusebenzisa i-IUD angase axoxe nodokotela ngama-IUD atholakala ezweni lawo kanye nangezinzuzo nezingozi zokuwasebenzisa. AmaKristu akufanele alindele noma avumele omunye umuntu, ngisho nodokotela, ukuba abathathele isinqumo. (Roma 14:12; Gal. 6:4, 5) Yisinqumo okufanele bazenzele sona. Kumelwe benze isinqumo esibonisa ukuthi bangabantu abafuna ukujabulisa uNkulunkulu nokulondoloza unembeza ohlanzekile kuye.​—Qhathanisa neyoku-1 Thimothewu 1:18, 19; 2 Thimothewu 1:3.

^ isig. 4 Incwadi ebhalwe yi-England’s National Health Service ithi: Ama-IUD anethusi eliningi anamathuba okuphumelela angamaphesenti angaphezu kwangu-99. Lokho kusho ukuthi kubesifazane abayikhulu abasebenzisa i-IUD, uyedwa ongakhulelwa ngonyaka. Ama-IUD anethusi elincane anamathuba amancane okuphumelela.”

^ isig. 5 Ngenxa yokuthi anciphisa amashubhu esibeletho, ama-IUD anama-hormones ngezinye izikhathi anikwa abesifazane abashadile noma abangashadile ukuze bangophi kakhulu lapho besesikhathini.