Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Basha​—⁠“Qhubekani Nisebenzela Ukusindiswa Kwenu”

Basha​—⁠“Qhubekani Nisebenzela Ukusindiswa Kwenu”

“Ngendlela ebenilalela ngayo ngaso sonke isikhathi, . . . qhubekani nisebenzela ukusindiswa kwenu siqu ngokwesaba nangokuthuthumela.”​—FIL. 2:12.

IZINGOMA: 41, 89

1. Kungani ukubhapathizwa kuyisinyathelo esibalulekile? (Bheka isithombe esisekuqaleni.)

NJALO ngonyaka izinkulungwane zabantu abafundelwa iBhayibheli ziyabhapathizwa. Abaningi kuzo yintsha​—eyevile eminyakeni engu-12 nangaphansi. Kungenzeka yintsha ekhulele enhlanganweni. Ingabe nawe ungomusha osanda kubhapathizwa? Uma kunjalo, kuyancomeka lokho okwenzile. Ukuze sibe amaKristu kumelwe sibhapathizwe futhi kuyisinyathelo esidingekayo ukuze sisindiswe.​—Math. 28:19, 20; 1 Pet. 3:21.

2. Kungani kungamelwe sikwesabe noma sikugweme ukuzinikezela?

2 Nakuba ukubhapathizwa kuholela ezibusisweni eziningi, kuhambisana nemithwalo. Kanjani? Ngosuku owabhapathizwa ngalo waphendula lo mbuzo ngoyebo, “Ngesisekelo somhlatshelo kaJesu Kristu, ingabe usuphendukile ezonweni zakho futhi wazinikezela kuJehova ukuba wenze intando yakhe?” Ukubhapathizwa kwakho kubonisa ukuzinikezela kwakho. Kuyisifungo osenza kuJehova sokumthanda nesokubeka ukwenza intando yakhe kuqala ekuphileni kwakho. Lesi yisifungo esibaluleke ngempela, kusuke kungadlalwa. Ingabe kumelwe uzisole ngokusenza? Cha, akumelwe. Ukuzibeka esandleni sikaJehova ngeke nanini kube yinto embi. Ake ucabange ngokuhlukile obungakwenza. Umuntu ongamkhonzi uJehova ubuswa uSathane. USathane akanandaba nokusinda kwakho. Empeleni, angajabula uma ulahlekelwa ukuthola ukuphila okuphakade ngenxa yokusekela yena, wenqabe ubukhosi bukaJehova.

3. Yiziphi izibusiso ozithola ngenxa yokuzinikezela kuJehova?

3 Ngokungafani nokusekela uSathane, cabanga ngezibusiso ozitholayo ngokuba umKristu ozinikezele nobhapathiziwe. Manje, njengoba unikezele ukuphila kwakho kuJehova, ungasho ngelikhulu iqholo kunanini ngaphambili, uthi: “UJehova ungakimi; ngeke ngesabe. Umuntu wasemhlabeni angangenzani?” (IHu. 118:6) Asikho isibusiso esikhulu ekuphileni esidlula ukuba sohlangothini lukaJehova nokwamukelwa nguye.

UMTHWALO WOMUNTU NGAMUNYE

4, 5. (a) Ukuzinikezela kuwumthwalo womuntu ngamunye ngayiphi indlela? (b) Yiziphi izinselele sonke esibhekana nazo?

4 NjengomKristu ozinikezele, ubuhlobo bakho noJehova abuxhomekile komunye umuntu. Ukuthola insindiso kuwumthwalo wakho, ngisho noma usahlala nabazali bakho. Kungani kubalulekile ukukukhumbula lokho? Kungenxa yokuthi ngeke wazi ukuthi yiziphi izinselele ozobhekana nazo kusasa. Ngokwesibonelo, uma ubhapathizwe ungakevi eminyakeni engu-12, cishe uzoba nemizwa emisha nezingcindezi ezintsha njengoba ukhula uze uyokweva eminyakeni engu-18. Enye intombazane eneminyaka engu-18 ikubeka ngale ndlela: “Ngeke kuyicasule ingane ukuba uFakazi KaJehova ngoba nje ingakwazi ukudla ikhekhe losuku lokuzalwa esikoleni. Kodwa ngemva kweminyaka ethile lapho isifiso sokuya ocansini siba namandla, kudingeka iqiniseke ngempela ngokuthi ukulalela imithetho kaJehova kuhlale kuyisinqumo esingcono kakhulu.”

5 Ukubhekana nezinselele ezintsha akuyona into entsha kubantu abasebasha. Ngisho nalabo ababhapathizwa sebebadala babhekana novivinyo lokholo abangalulindele. Uvivinyo olunjalo lungase luvele emshadweni, kube yinkinga yempilo noma umsebenzi wokuziphilisa. Ngempela, noma ubani kungakhathaliseki ukuthi mdala noma mncane, uzobhekana nezimo ezidinga ukuba athembele kuJehova.—Jak. 1:12-14.

6. (a) Ukuzinikezela kwakho kuJehova kusebenza ngaso sonke isikhathi ngayiphi indlela? (b) Yini ongayifunda kweyabaseFilipi 4:11-13?

6 Ukuze uhlale uthembekile ngaphansi kwanoma yisiphi isimo, kumelwe ungakhohlwa ukuthi isithembiso owasenza kuJehova sisebenza ngaso sonke isikhathi. Lokho kusho ukuthi utshele uMbusi wendawo yonke ukuthi uzoqhubeka umkhonza ngisho nalapho abangane noma abazali bakho beyeka ukumkhonza. (IHu. 27:10) Ngaphansi kwazo zonke izimo, ungathola amandla, ngosizo lukaJehova, lokuphila ngokuvumelana nokuzinikezela kwakho.​—Funda eyabaseFilipi 4:11-13.

7. Kusho ukuthini ukusebenzela ukusindiswa kwakho “ngokwesaba nangokuthuthumela”?

7 UJehova ufuna ube umngane wakhe. Kodwa ukulondoloza lobo bungane nokusebenzela ukusindiswa kwakho kudinga ukuzikhandla. Empeleni eyabaseFilipi 2:12 ithi: “Qhubekani nisebenzela ukusindiswa kwenu siqu ngokwesaba nangokuthuthumela.” La mazwi abonisa ukuthi kudingeka ucabange ngendlela ozolondoloza ngayo ubuhlobo bakho noJehova futhi uhlale uthembekile kuye kungakhathaliseki ukuthi ubhekana naziphi izinselele. Akumelwe uzethembe ngokweqile. Ngisho nabantu asebekhonze uJehova isikhathi eside kuyenzeka bamlahle. Ngakho, yiziphi izinto ongazenza ukuze usebenzele ukusindiswa kwakho?

UKUTADISHA IBHAYIBHELI KUBALULEKILE

8. Kuhlanganisani ukutadisha iBhayibheli futhi kungani kubalulekile?

8 Ukuba umngane noJehova kuhilela ukukhuluma naye nokumlalela. Ukutadisha iBhayibheli kuyindlela eyinhloko esilalela ngayo uJehova. Lokho kuhlanganisa ukuthola ulwazi ngokufunda nokuzindla ngeZwi likaNkulunkulu nezincwadi ezisekelwe eBhayibhelini. Njengoba wenza lokho, khumbula ukuthi ukutadisha iBhayibheli akufani nokufunda izincwadi zesikole. Akumelwe sizame ukubamba izinto ngekhanda ngendlela esenza ngayo lapho sizohlolwa esikoleni. Ukutadisha okuzuzisayo kufana nohambo lokuhlola izwe okwazi ukubona kulo izinto ezintsha ngobuntu bukaJehova. Lokhu kuzokusiza usondele kuNkulunkulu, naye asondele kuwe.​—Jak. 4:8.

Uyakhuluma yini noJehova? (Bheka izigaba 8-11)

9. Yimaphi amathuluzi akusizile lapho utadisha iBhayibheli?

9 Inhlangano kaJehova isinike amathuluzi amaningi angakusiza ube nesimiso esiphumelelayo sokutadisha. Ngokwesibonelo “Ukufunda Izindaba ZeBhayibheli” okutholakala ngaphansi kwengxenye ethi “Intsha” ku-jw.org/zu kungakusiza ufunde izifundo eziwusizo ezintweni ezenzeka eBhayibhelini. Kuyo i-jw.org/zu incwadi ethi, “Lifundisani Ngempela IBhayibheli?” ingakusiza uqiniseke ngalokho okukholelwayo. Le ncwadi ingakusiza ukwazi ukuchaza izinkolelo zakho kwabanye. Okunye ongakusebenzisela ukutadisha, yisihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Ngingakwenza Kanjani Ukufunda IBhayibheli Kujabulise?” kuyi-Phaphama! ka-Ephreli 2009. Ukutadisha nokucabangisisa ngesikufundayo kudlala indima ebalulekile ekusebenzeleni ukusindiswa kwakho.​—Funda iHubo 119:105.

UMTHANDAZO USEMQOKA

10. Kungani umthandazo usemqoka kumKristu obhapathiziwe?

10 Njengoba ukutadisha kuyindlela esilalela ngayo uJehova, umthandazo uyindlela esikhuluma ngayo naye. UmKristu akufanele abheke umthandazo njengesiko elithile noma njengendlela yokuthola inhlanhla ukuze lokho akwenzayo kuphumelele. Kunalokho, umthandazo uyindlela yangempela yokuxhumana noMdali wethu. UJehova ufuna ukhulume naye. (Funda eyabaseFilipi 4:6.) Lapho ukhathazwa okuthile, iseluleko esihlakaniphile seBhayibheli sithi, “Phonsa umthwalo wakho phezu kukaJehova.” (IHu. 55:22) Ingabe uyakukholelwa ngempela lokho? Kunezigidi zabazalwane nodade ezingakuqinisekisa ngokuthi umthandazo wazisiza. Nawe ungakusiza!

11. Kungani kufanele uhlale ubonga uJehova?

11 Umthandazo ukunika ithuba lokwenza okungaphezu nje kokucela usizo kuJehova. IBhayibheli lithi: “Ziboniseni ningababongayo.” (Kol. 3:15) Ngezinye izikhathi singagxila kakhulu ezinkingeni zethu bese sikhohlwa yizibusiso esinazo. Kungani ungazami ukucabanga nsuku zonke ngezinto ezintathu eziyisibusiso? Ngemva kwalokho, bonga uJehova ngomthandazo ngenxa yalezo zibusiso. U-Abigail owabhapathizwa eneminyaka engu-12 uthi: “Nginomuzwa wokuthi kudingeka simbonge uJehova kunanoma ubani omunye. Kufanele simbonge ngaso sonke isikhathi ngenxa yesipho asinike sona. Ngake ngezwa lesi sikhumbuzo esihle kakhulu: Uma besingavuka kusasa sinezinto kuphela esibonge ngazo uJehova namuhla, besiyosala nani?”

UKUBALULEKA KOKUZIBONELA MATHUPHA

12, 13. Kungani kubalulekile ukucabanga ngendlela wena oye wabubona ngayo ubuhle bukaJehova?

12 Ngemva kokukhululwa ebunzimeni obuningi, inkosi yasendulo uDavide, yahlabelela yathi: “Nambithani nibone ukuthi uJehova muhle, iyajabula indoda enamandla ephephela kuye.” (IHu. 34:8) Leli vesi liqokomisa ukubaluleka kokuzibonela mathupha. Lapho ufunda iBhayibheli nezincwadi zethu nalapho uya emihlanganweni yebandla, uzwa indlela uJehova asize ngayo abanye bahlala bethembekile. Kodwa njengoba ukhula ngokomoya, kudingeka usibone ngokoqobo isandla sikaJehova ekuphileni kwakho. Wena ububone kanjani ubuhle bukaJehova ekuphileni kwakho?

13 Kunendlela eyodwa wonke amaKristu abubone ngayo ubuhle bukaJehova ekuphileni kwawo. Lokho kwenzeka lapho emenywa ukuba asondele kuNkulunkulu naseNdodaneni yakhe. UJesu wathi: “Akekho umuntu ongeza kimi ngaphandle kokuba uBaba ongithumileyo emdonsa.” (Joh. 6:44) Ingabe la mazwi ayasebenza kuwe? Osemusha angase athi, ‘UJehova wadonsa abazali bami, mina bengimane nje ngilandela bona.’ Ngesikhathi uzinikezela kuJehova futhi ubhapathizwa, wabonisa ukuthi uqala ubuhlobo obukhethekile naye. Manje ukwazi ngempela. IBhayibheli liyasiqinisekisa: Uma umuntu emthanda uNkulunkulu, lowo uyaziwa nguye.” (1 Kor. 8:3) Zama ukwazisa indawo yakho enhlanganweni kaJehova.

14, 15. Inkonzo ingakusiza kanjani uqinise ukholo lwakho?

14 Enye indlela onganambitha ngayo ubuhle bukaJehova ukubona indlela akusekela ngayo njengoba uxoxela abanye ngokholo lwakho. Lokho ungakwenza ensimini noma esikoleni. Kunzima kwabanye ukushumayeza ontanga yabo esikoleni. Cishe uyaqonda ukuthi kungani. Ngeke wazi ukuthi bazosabela kanjani. Kungaba nzima nakakhulu uma ukhuluma neqembu elikhulu kunalapho ukhuluma nomfundi oyedwa. Yini engakusiza?

15 Okokuqala, zibuze ukuthi kungani uqiniseka ngokuthi lokho okukholelwayo kuyiqiniso. Ingabe uyazifunda izihloko eziku-jw.org ezitholakala ngolimi lwakho? Uma ungaqiniseki, zinike isikhathi sokuzihlola. Ziklanyelwe ukukusiza ucabange ngalokho okukholelwayo, ukuthi kungani ukukholelwa nokuthi ungazichaza kanjani izinkolelo zakho kwabanye. Uma ukholo lwakho luqinile futhi ulungiselele kahle, uyozizwa uphoqelekile ukuba unikeze ubufakazi ngenxa yegama likaJehova.​—Jer. 20:8, 9.

16. Yini engase ikusize unqobe ukunqikaza ukutshela abanye ngezinkolelo zakho?

16 Nokho, ngisho noma ulungiselele ungase unqikaze ukukhuluma ngezinkolelo zakho. Udade oneminyaka engu-18, owabhapathizwa eneminyaka engu-13, uyavuma, “Ngiyazazi izinto engizikholelwayo, kodwa ngezinye izikhathi kuba nzima ukuzichazela omunye umuntu.” Ubhekana kanjani nale nselele? Uthi, “Ngiye ngizame ukuxoxa ngendlela ekhululekile. Engifunda nabo bakhuluma ngokukhululekile ngezinto abazenzayo. Nami kufanele ngizizwe ngikhululekile ukwenza okufanayo. Ngakho nami ngivele nje ngizikhulumele ngithi, ‘Uyazi izolo bengifundisa abantu iBhayibheli. . . ’ Bese ngiqhubeka nendaba yami. Nakuba ngisuke ngingakhulumi ngeBhayibheli ngokuqondile, ngokuvamile abanye baye bafise ukwazi ukuthi ngiye ngithini lapho ngifundisa iBhayibheli. Ngezinye izikhathi bangibuza imibuzo ngalo. Njengoba ngisebenzisa le ndlela, kuya kuba lula ukushumayela. Ekupheleni kosuku ngihlale ngizizwa ngijabule!”

17. Indlela obheka ngayo ukholo lwakho ingakusiza kanjani ukhulume nabanye?

17 Njengoba uhlonipha abanye futhi uzisondeza kubo, cishe nabo bayokwamukela ngendlela enomusa. U-Olivia oneminyaka engu-17, owabhapathizwa engakevi eminyakeni engu-12 uthi, “Bengilokhu nginovalo lokuthi uma ngifaka iBhayibheli engxoxweni, abantu bazongibheka njengomuntu okholwe kakhulu.” Wabe eseqala ukucabanga ngendlela ehlukile. Kunokuba acabange kakhulu ngezinto azesabayo, u-Olivia wakhetha ukucabanga ngendlela ehlukile, uthi: “Abantu abaningi abasebasha abazi lutho ngoFakazi BakaJehova. Ukuphela koFakazi ababaziyo yithi. Ngakho indlela esiziphatha ngayo ingaba nomthelela endleleni abasabela ngayo. Kuthiwani uma sinamahloni noma sikuthola kunzima ukukhuluma ngokholo lwethu noma uma sikhathazeka lapho sishumayela? Lokho kungenza abanye bacabange ukuthi sinamahloni ngokuba oFakazi. Bangase bangafuni nokusilalela ngoba bebona ukuthi asiziqhenyi ngalokho esiyikho. Nokho, uma sikhuluma ngokukhululekile nangokuqiniseka ngalokho esikukholelwayo, sikwenze kube yingxoxo nje evamile, abantu bayosihlonipha.”

QHUBEKA USEBENZELA UKUSINDISWA KWAKHO

18. Yini ehilelekile ekusebenzeleni ukusindiswa kwakho?

18 Njengoba sibonile, ukusebenzela ukusindiswa kwakho kuwumsebenzi obaluleke kakhulu. Kuhlanganisa ukufunda iZwi likaNkulunkulu nokucabangisisa ngalo, ukuthandaza kuJehova nokucabanga ngezindlela uJehova akubusise ngazo. Ukwenza lezi zinto kuzokwenza ubazise nakakhulu ubungane onabo noJehova. Lokho kuyokushukumisela ukuba uxoxe nabanye ngezinkolelo zakho.​—Funda iHubo 73:28.

19. Kungani ungeke uzisole ngozikhandla kwakho usebenzela ukusindiswa kwakho?

19 UJesu wathi: “Uma umuntu efuna ukungilandela, makazidele athathe isigxobo sakhe sokuhlushwa angilandele njalo.” (Math. 16:24) Kuyacaca ukuthi ukuba umlandeli kaJesu—kuhlanganise ukuzinikezela nokubhapathizwa—kuyimfuneko kuwe njengomKristu. Kukuvulela amathuba amaningi okuthola izibusiso manje nokuthola ukuphila okuphakade ezweni likaNkulunkulu elisha. Ngakho unesizathu esizwakalayo sokuqhubeka usebenzela ukusindiswa kwakho!