Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Usakhumbula?

Usakhumbula?

Ingabe uzifunde ngokucophelela izihloko zakamuva ze-Nqabayokulinda? Ake uzihlole, ubone ukuthi ungayiphendula yini le mibuzo:

Ukuze basize izingane zabo ngokomoya, kungani abazali abathuthele kwelinye izwe kufanele bacabangele ulimi oluzosetshenziswa yizingane?

Cishe izingane ziyofunda ulimi lwendawo esikoleni nasemphakathini. Kungayisiza ingane ukwazi izilimi eziningi. Abazali kufanele bahlole ukuthi izingane zabo zithuthuka ngokomoya uma zisebandleni elisebenzisa ulimi lwendawo noma ulimi lwabazali. Abazali abangamaKristu babeka kuqala ingokomoya lezingane zabo kunalokho abakuthandayo.​—w17.05, kk. 9-11.

Lapho uJesu ebuza uPetru ukuthi: “Uyangithanda na ngaphezu kwalezi?” yini ayebhekisele kuyo lapho ethi “kwalezi”? (Joh. 21:15)

Kubonakala sengathi uJesu wayebhekisela enhlanzini noma emsebenzini wokudoba. Ngemva kokufa kukaJesu, uPetru waphindela emsebenzini wokudoba ayewenza ngaphambili. AmaKristu kufanele ahlole ukuthi umsebenzi wokuziphilisa usendaweni efanele yini.​—w17.05, kk. 22-23.

Kungani U-Abrahama acela umkakhe ukuba athi ungudadewabo? (Gen. 12:10-13)

Empeleni, uSara wayengudadewabo ka-Abrahama. Ukube uSara wathi ungumkakhe, u-Abrahama wayengase abulawe futhi lokho kwakuyokwenza ukuba inzalo ethenjiswe uNkulunkulu ingaveli.—wp17.3, kk. 14-15.

Iyiphi indlela u-Elias Hutter eza nayo ukuze asize abantu abafuna ukufunda isiHebheru?

Wayefuna ukusiza abafundi bakwazi ukuhlukanisa phakathi kwemagama esiHebheru eBhayibhelini neziqalo nezijobelelo zalawo magama. Ngakho, ibizo wayelibhala ngamagama amakhulu beze kuthi isiqalo noma isijobelelo akubhale ngamagama amancane. Kuyi-New World Translation of the Holy Scriptures—With References kusetshenziswe indlela efanayo emibhalweni yaphansi.wp17.4, pp. 11-12.

Yini umKristu okufanele ayicabangele mayelana nokuba nesibhamu sokuzivikela ezigebengwini?

Nakhu okufanele akucabangele: Ukuphila kungcwele kuNkulunkulu. UJesu akazange akhuthaze abalandeli bakhe ukuba babe nezinkemba ukuze bazivikele. (Luka 22:36, 38) Kumelwe sikhande izinkemba zethu zibe amageja. Ukuphila kubalulekile kunempahla yethu. Sifuna ukuba yisibonelo sihloniphe onembeza babanye. (2 Kor. 4:2)—w17.07, kk. 31-32.

Kungani ukulandisa kukaMathewu nokukaLuka mayelana nokuphila kukaJesu kungafani?

UMathewu ugxila kuJosefa; ngokwesibonelo indlela asabela ngayo lapho ethola ukuthi uMariya ukhulelwe nalapho ingelosi imtshela ukuba abalekele eGibhithe nokuthi abuye. ULuka ugxila kuMariya; ngokwesibonelo lapho evakashela u-Elizabethe, nendlela asabela ngayo lapho ethola uJesu owayesengumfana ethempelini.—w17.08, k. 32.

Yiziphi izinto iBhayibheli eladlula kuzo?

Izincazelo zamagama nezinkulumo ezisetshenziswe eBhayibhelini ziye zashintsha ngokuhamba kwesikhathi. Ukushintsha kwezombusazwe kuye kwathinta ulimi olukhulunywayo. Ukuhunyushelwa kweBhayibheli ezilimini ezivamile kuye kwaphikiswa.—w17.09, kk. 19-21

Ingabe unengelosi ehlale ikugadile?

Cha. UJesu wakhuluma ngezingelosi zabafundi bakhe ezibona ubuso bukaNkulunkulu. (Math. 18:10) Wayesho ukuthi izingelosi ziyathanda ukwazi ngabafundi bakhe, hhayi ukuthi izingelosi zivikela ngamunye wabo ngokuyisimangaliso.—wp17.5, k. 5.

Yiluphi uhlobo lothando oluphakeme?

Lapho isekelwe ezimisweni ezifanele, i-a·gaʹpe iwuhlobo oluphakeme lothando. Ingahlanganisa ukusondelana nemfudumalo. Ibonisa izimiso eziphakeme, njengezenzo ezingenabugovu ukuze usize abanye.—w17.10, k. 7