Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Uyakhumbula?

Ingabe Uyakhumbula?

Ingabe ubafunde ngokucophelela omagazini bamuva be-Nqabayokulinda? Bona ukuthi ungakwazi yini ukuphendula imibuzo elandelayo:

Yibuphi ubufakazi obungokomBhalo obubonisa ukuthi uNkulunkulu uyazwelana nathi?

Ngesikhathi ama-Israyeli asendulo eyizigqila eGibhithe, uNkulunkulu wakubona ukucindezeleka kwawo futhi wabuzwa nobuhlungu ayebuzwa. (Eks. 3:7; Isaya 63:9) Sifana noNkulunkulu ngomqondo wokuthi siyakwazi ukuzwelana nabanye. UNkulunkulu uyazwelana nathi ngisho nalapho sizibona singalufanele uthando lwakhe.—wp18.3, kk. 8-9.

Izimfundiso zikaJesu zabasiza kanjani abantu banqoba ubandlululo?

AmaJuda amaningi ngesikhathi sikaJesu ayenobandlululo. UKristu wagcizelela ukubaluleka kokuthobeka futhi wakugxeka ukuziqhenya ngohlanga. Wakhuthaza abalandeli bakhe ukuba baphathane njengabafowabo bomunye nomunye.—w18.06, kk. 9-10.

Yini esiyifunda kulokho okwenza uNkulunkulu wangamvumela uMose ukuba angene eZweni Lesithembiso?

UMose wayengumngane kaJehova oseduze. (Dut. 34:10) Ngasekupheleni kweminyaka engu-40 ehlane, abantu baphinde bakhononda ngokusweleka kwamanzi. UNkulunkulu watshela uMose ukuba akhulume nedwala. Kunalokho, uMose walishaya idwala. Kungenzeka ukuthi uJehova wayethukuthele ngenxa yokuthi uMose wayengalalelanga iziqondiso zaKhe noma ngenxa yokuthi akazange adumise uNkulunkulu ngesimangaliso asenza. (Num. 20:6-12) Lokhu kusifundisa ukubaluleka kokulalela uJehova nokudumisa yena.—w18.07, kk. 13-14.

Singalenza kanjani iphutha kalula lapho sahlulela abanye ngokubukeka kwangaphandle?

Kunezimo ezintathu ezingase zithonye indlela esahlulela ngayo abanye: uhlanga noma ubuzwe, ingcebo nobudala. Kubalulekile ukuba sizame ukungakhethi endleleni esibheka ngayo abanye, silingise uNkulunkulu! (IzE. 10:34, 35)—w18.08, kk. 8-12.

Iziphi ezinye zezindlela abazalwane asebekhulile abangasiza ngazo abanye?

Umzalwane osekhulile oye washintsha isabelo angakwazi ukwenza okusemandleni ukuze asize abanye futhi uJehova uyamthanda. Angase asize abantu abangamkhonzi uJehova abashade namaKristu nabantu abapholile, angaqhuba nezifundo zeBhayibheli futhi andise inkonzo yakhe.—w18.09, kk. 8-11.

Yiziphi izinto eziseBhokisini Lamathuluzi Okufundisa?

Kunamakhadi emininingwane ye-jw.org nezimemo. Kukhona namapheshana akhangayo angu-8 kanye nomagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! Leli bhokisi linanezincwajana ezimbalwa, izincwadi ezimbili zokuqhuba izifundo namavidiyo amane awusizo, kuhlanganise nethi Kungani Kufanele Utadishe IBhayibheli?w18.10, k. 16.

UmKristu ‘angalithenga’ kanjani ‘iqiniso’ njengoba kusho izAga 23:23?

Iqiniso asilithengi ngemali. Nokho, kudingeka sichithe isikhathi futhi sizikhandle ukuze silithole.—w18.11, k. 4.

Yini esingayifunda endleleni uHoseya aphatha ngayo umkakhe, uGomere?

UGomere waphinga ngokuphindaphindiwe, kodwa uHoseya wamthethelela futhi waqhubeka eshade naye. Uma umKristu oshadile ephinga, lowo ongenacala angamthethelela. Lapho ephinda elala nalona owonile, isizathu esingokomBhalo sokudivosa siyaphela.—w18.12, k. 13.