Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

“Olungile Uyojabula NgoJehova”

“Olungile Uyojabula NgoJehova”

UDIANA uneminyaka engaphezu kwengu-80 ubudala. Umyeni wakhe wayenesifo se-Alzheimer futhi wahlala iminyaka ethile ekhaya lasebekhulile ngaphambi kokuba ashone. Amadodana akhe amabili nawo ashona futhi ulwa nomdlavuza webele. Kodwa lapho abazalwane nodade bebona uDiana eHholo LoMbuso noma enkonzweni, uhlale ejabule.

UJohn kwaphela iminyaka engaphezu kwengu-43 engumbonisi ojikelezayo. Wayeyithanda leyo nkonzo—yayiwukuphila kwakhe! Kodwa kwadingeka ayiyeke le nkonzo ukuze anakekele isihlobo sakhe esigulayo futhi manje ukhonza ebandleni lasendaweni. Lapho labo abamazi esajikeleza behlangana naye emhlanganweni wesifunda noma owesigodi, ababoni lutho olushintshile kuye. Usajabula namanje.

Yini ebangela ukuba uDiana noJohn bajabule? Angajabula kanjani umuntu ohlukumezeke ngokomzwelo nogulayo? Yini engenza umuntu ajabule ngisho noma engasawenzi umsebenzi ayewenza ngaphambilini enhlanganweni? IBhayibheli lisinika impendulo, lithi: “Olungile uyojabula ngoJehova.” (IHu. 64:10) Singaliqonda kangcono leli qiniso elibalulekile uma sazi ukuthi yini eletha injabulo ehlala njalo nengayilethi.

INJABULO YESIKHASHANA

Uyazi ukuthi ezinye izinto zikwenza ujabule cishe ngaso sonke isikhathi. Cabanga ngendoda nowesifazane abathandanayo abazoshada. Cabanga ngokuthola umntwana noma ukuthola isabelo esisha enhlanganweni kaJehova. Izinto ezinjalo zisenza sijabule futhi kube kufanele ngoba zivela kuJehova. Nguye owasungula umshado, wenza ukuba sikwazi ukuzala futhi wasinika umsebenzi enhlanganweni yakhe.—Gen. 2:18, 22; IHu. 127:3; 1 Thim. 3:1.

Nokho, ezinye izinto ezisenza sijabule, azihlali isikhathi eside. Ngokudabukisayo, umuntu oshade naye angase angathembeki noma angase afe. (Hez. 24:18; Hos. 3:1) Ezinye izingane azibalaleli abazali bazo noNkulunkulu, mhlawumbe zize zisuswe ekuhlanganyeleni. Amadodana kaSamuweli awazange akhonze uJehova ngendlela efanele, futhi uDavide waba nezinkinga eziningi emndenini wakhe ngenxa yesono asenza. (1 Sam. 8:1-3; 2 Sam. 12:11) Izenzakalo ezinjalo zibangela usizi nokucindezeleka. Azisiletheli injabulo.

Ngendlela efanayo, singayeka ukwenza izabelo ezithile enhlanganweni kaNkulunkulu, ngenxa yempilo engeyinhle, umndeni noma ushintsho enhlanganweni. Abaningi okuye kwadingeka benze ushintsho olunjalo bayavuma ukuthi bayayikhumbula indlela izabelo zabo ezazibenza bajabule ngayo.

Siyabona ukuthi ngenxa yezizathu ezithile izinto ezisinika injabulo zingase zingahlali isikhathi eside. Lukhona yini olunye uhlobo lwenjabulo oluhlala njalo ngisho nalapho izimo zishintsha ziba nzima? Kumelwe ukuba lukhona ngoba uSamuweli, uDavide nabanye bahlala bejabule yize babebhekene nobunzima.

INJABULO EHLALA NJALO

UJesu wayazi ukuthi iyini ngempela injabulo. Ngaphambi kokuba eze emhlabeni, engakabhekani nobunzima, ‘wayethokoza phambi [kukaJehova] ngaso sonke isikhathi.’ (IzAga 8:30) Ngesikhathi esemhlabeni, ngezinye izikhathi wayebhekana nobunzima obukhulu. Noma kunjalo, uJesu wathola injabulo ngokwenza intando kaYise. (Joh. 4:34) Kuthiwani ngamahora akhe okugcina abuhlungu? Siyafunda: “Ngenxa yenjabulo eyayibekwe phambi kwakhe wakhuthazelela isigxobo sokuhlushwa.” (Heb. 12:2) Ngakho sinesizathu esihle sokuhlola lokho uJesu akusho ngenjabulo yangempela.

Ngesinye isikhathi, abafundi abangu-70 babuyela kuJesu ngemva kokushumayela. Babejabule ngoba babenze imisebenzi yamandla, baze baxosha namademoni. UJesu wabe esethi kubo: “Ningajabuli ngalokhu, ukuthi imimoya iyanithobela, kodwa jabulani ngenxa yokuthi amagama enu alotshiwe ezulwini.” (Luka 10:1-9, 17, 20) Yebo, ukuthandwa uJehova kubaluleke ngaphezu kwamalungelo esingase sibe nawo enhlanganweni. UNkulunkulu uyobakhumbula abafundi abathembekile—okuyisizathu senjabulo enkulu.

Ngesinye isikhathi, uJesu wayexoxa nesixuku. Owesifazane ongumJuda wachaza indlela ayezizwa ngayo, wathi kumelwe ukuba umama walo mfundisi obabazekayo, uJesu, wayejabula kakhulu. Kodwa uJesu wamlungisa wathi, “Cha, kunalokho, Bayajabula abezwa izwi likaNkulunkulu baligcine!” (Luka 11:27, 28) Ukuba umzali oziqhenyayo ngengane kujabulisa ngempela; nokho, ukuba umngane kaJehova ngenxa yokumlalela kujabulisa nakakhulu.

Ngempela, ukufuna ukuthandwa uJehova kusilethela injabulo yangempela. Nakuba kungemnandi ukubhekana nobunzima, akuyiqedi injabulo yethu. Kunalokho, ukukhuthazela ngobuqotho kusenza sijabule nakakhulu. (Roma 5:3-5) Ngaphezu kwalokho, uJehova unika labo abathembela kuye umoya wakhe ongcwele futhi injabulo iyisithelo sawo. (Gal. 5:22) Lokho kusisiza siqonde ukuthi kungani iHubo 64:10 lithi: “Olungile uyojabula ngoJehova futhi impela uyophephela kuye.”

Yini eye yasiza uJohn ukuba aqhubeke ejabula?

Lokhu kusenza siqonde ukuthi kungani uDiana noJohn, okukhulunywe ngabo ekuqaleni, bakwazi ukuhlala bejabula ngesikhathi bebhekene nezimo ezinzima. UDiana uthi: “Ngiye ngaphephela kuJehova, ngendlela ingane ephephela ngayo kumzali wayo.” Uye wabona kanjani ukuthi uNkulunkulu uyamthanda? Uthi: “Nginomuzwa wokuthi uye wangisiza ngakwazi ukuqhubeka ngishumayela ngenjabulo.” UJohn, oye waqhubeka ematasa enkonzweni ngemva kokuyeka ukujikeleza ayekuthanda uyachaza ukuthi yini eyamsiza: “Kusukela ngo-1998 lapho ngabelwa ukuba ngiyofundisa eSikoleni Sokuqeqeshela Inkonzo, ngiye ngatadisha kakhulu kunanini ngaphambili.” Ekhulumela yena nomkakhe, uyenezela: “Umbono wethu ngokukhonza uJehova kule minyaka edlule uwukuthi sizokhonza noma kuphi futhi lokho kuye kwenza ukushintsha kwaba lula. Asizisoli ngalutho.”

Baningi abaye bakubona ukuba yiqiniso kweHubo 64:10. Ngokwesibonelo, cabanga ngendoda nomkayo abakhonza iminyaka engu-30 eBethel e-United States. Babelwa ukuba bayoba amaphayona akhethekile. Bathi: “Ukuzwa ubuhlungu kuvamile lapho ulahlekelwa yinto oyithandayo, kodwa awukwazi ukuzwa ubuhlungu phakade.” Ngokushesha baba matasa ensimini nebandla. Nakhu abakushoyo: “Sathandazela izinto ezithile ngokuqondile. Ukubona imithandazo yethu iphendulwa kwasiqinisa futhi kwasenza sajabula. Ngokushesha ngemva kokufika esabelweni esisha, abanye ebandleni baqala ukuphayona futhi sabusiswa ngezifundo zeBhayibheli ezithuthukayo.”

“NIJABULE KUZE KUBE PHAKADE”

Kuyavunywa ukuthi akulula ukuhlala ujabule futhi izimo ziyolokhu zishintsha. Noma kunjalo, uJehova waphefumulela ukubhalwa kwamazwi asiqinisekisayo esiwathola encwadini yeHubo 64:10. Ngisho nalapho sidikibele, singaqiniseka ngokuthi ababonisa ukuthi balungile ngokuhlala bethembekile yize izimo zishintsha ‘bayojabula ngoJehova.’ Ngaphezu kwalokho, singabheka phambili ekugcwalisekeni kwesithembiso sikaJehova ‘samazulu amasha nomhlaba omusha.’ Imiphumela yesono iyosuswa ngokuphelele. Bonke abantu bakaNkulunkulu ‘bayojabula kuze kube phakade’ ngenxa yalokho ayobe ekudala nayobe ebanikeza khona.—Isaya 65:17, 18.

Cabanga nje ukuthi lokhu kusho ukuthini: ukuphila ungaguli nokuvuka njalo ungumqemane. Kungakhathaliseki ukuthi yini eye yasihlukumeza ngokomzwelo, ngeke sisazikhumbula lezo zinto ezibuhlungu. Siqinisekiswa ngokuthi “izinto zangaphambili ngeke zikhunjulwe, futhi ngeke zifike enhliziyweni.” Isimangaliso sovuko siyokwenza abantu esibathandayo baphinde baphile. Izigidi ezingenakubalwa ziyozizwa njengabazali bentombazane eneminyaka engu-12 eyavuswa uJesu: “Bagajwa yinjabulo enkulu.” (Marku 5:42) Ekugcineni bonke abantu emhlabeni bayoba abalungile futhi ‘bayojabula ngoJehova’ kuze kube phakade.