Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 52

Bazali—Qeqeshani Izingane Zenu Ukuze Zithande UJehova

Bazali—Qeqeshani Izingane Zenu Ukuze Zithande UJehova

“Abantwana bayifa elivela kuJehova.”—IHU. 127:3.

INGOMA 134 Abantwana Bayifa Elivela KuNkulunkulu

AMAZWIBELA *

1. Yini uJehova ayiphathise abazali?

UJEHOVA wadala abantu bokuqala benesifiso sokuba nezingane. IBhayibheli lisho kufanele: “Abantwana bayifa elivela kuJehova.” (IHu. 127:3) Kusho ukuthini lokho? Ake ucabange umngane wakho omkhulu ekucela ukuthi umgadele isizumbulu sakhe semali. Ubungazizwa kanjani? Cishe ubungakujabulela ukuthi uyakwethemba. Kodwa ungase ukhathazeke ngokuthi uzoyigcina kanjani iphephile. UJehova, uMngane wethu omkhulu, ucela abazali ukuthi bamgadele into ebaluleke ukwedlula imali. Ubanika umthwalo wokunakekela izingane zabo nokuzigcina zijabule.

2. Yimiphi imibuzo esizoxoxa ngayo?

2 Obani okufanele banqume ukuthi abantu abashadile kufanele babe nazo yini izingane nokuthi kufanele bazithole nini? Yini abazali abangayenza ukuze basize izingane zabo zijabule ekuphileni? Cabanga ngezinye izimiso ezitholakala eZwini likaNkulunkulu ezingasiza amaKristu ashadile enze izinqumo ezihlakaniphile.

SIHLONIPHE ISINQUMO SABANTU ABASHADILE

3. (a) Obani okufanele banqume ukuthi abantu abashadile bazoba nazo yini izingane? (b) Yisiphi isimiso okufanele abangane nabomndeni basikhumbule?

3 Kwezinye izindawo, abantu abasanda kushada kulindeleke ukuba bathole abantwana ngokushesha. Umndeni nabanye bangase babacindezele ukuba babe nabantwana. UJethro, umzalwane wase-Asia, uthi, “Ebandleni, labo abanezingane bacindezela labo abangenazo ukuba nabo babe nezingane.” UJeffrey, omunye umzalwane wase-Asia, uthi, “Abanye batshela abantu abashadile abangenabo abantwana ukuthi akekho ozobanakekela lapho sebekhulile.” Nokho, indoda nomkayo kufanele bazinqumele ukuthi bazoba nabo yini abantwana. Yibo abazonquma, kuwumthwalo wabo. (Gal. 6:5) Kuyaqondakala ukuthi abangane nabomndeni bafuna abasanda kushada bajabule. Kodwa bonke kudingeka bakhumbule ukuthi isinqumo sokuba nabantwana noma sokungabi nabo kufanele senziwe indoda nomkayo.—1 Thes. 4:11.

4-5. Yiziphi izinto ezimbili abantu abashadile okudingeka baxoxe ngazo, futhi yisiphi isikhathi esikahle sokuxoxa ngazo? Chaza.

4 Abantu abashadile abanquma ukuba nezingane kufanele baxoxe ngale mibuzo emibili ebalulekile: Okokuqala, bafuna ukuqala nini ukuba nabantwana? Okwesibili, bafuna ukuba nezingane ezingaki? Yisiphi isikhathi esikahle sokuxoxa ngalokhu? Kungani kubalulekile ukuxoxa ngakho?

5 Ezimweni eziningi, labo abafuna ukushada baxoxa ngendaba yezingane ngaphambi kokuba bashade. Kungani bexoxa ngaleso sikhathi? Yingoba kubalulekile ukuthi babe nombono ofanayo ngale ndaba. Kuzodingeka bacabange nokuthi bakulungele yini ukuba abazali. Abanye abantu abashadile baye banquma ukulinda kuphele okungenani unyaka noma emibili beshadile ngaphambi kokuba babe nezingane ngoba uma sebenezingane kuyodingeka bachithe isikhathi sabo esiningi namandla bezinakekela. Banomuzwa wokuthi ukulinda isikhathi esithile kuyobasiza baqale bajwayele ukuphila kwasemshadweni futhi basondelane.—Efe. 5:33.

6. Isikhathi esiphila kuso siye sabathinta kanjani abantu abashadile?

6 Amanye amaKristu aye akhetha ukulingisa isibonelo samadodana kaNowa amathathu nomkawo. Abazange basheshe babe nabantwana. (Gen. 6:18; 9:18, 19; 10:1; 2 Pet. 2:5) UJesu wafanisa isikhathi esiphila kuso ‘nezinsuku zikaNowa’ futhi asingabazi ukuthi siphila ‘ezikhathini ezibucayi okunzima ukubhekana nazo.’ (Math. 24:37; 2 Thim. 3:1) Ngenxa yalokho, abanye baye banquma ukungabi nabo manje abantwana ukuze bakwazi ukwenza okwengeziwe enkonzweni kaJehova.

Lapho benquma ukuthi bazoba nazo yini izingane nokuthi zizoba zingaki, abantu abashadile abahlakaniphile ‘babala izindleko’ (Bheka isigaba 7) *

7. Izimiso ezitholakala kuLuka 14:28, 29 nasencwadini yezAga 21:5 zingabasiza kanjani abantu abashadile?

7 Lapho benquma ukuthi bazoba nazo yini izingane nokuthi zizoba zingaki, abantu abashadile abahlakaniphile ‘babala izindleko.’ (Funda uLuka 14:28, 29.) Abazali asebenezingane bayavuma ukuthi ukukhulisa izingane kuyabiza futhi kudinga isikhathi namandla. Ngakho, kubalulekile ukuba abantu abashadile bacabangele le mibuzo: ‘Ingabe kuzodingeka sisebenze sobabili ukuze sinakekele izidingo zomndeni wethu? Ingabe sinombono ofanayo ngokuthi yiziphi izinto eziyisidingo ngempela? Uma sizosebenza sobabili, ubani ozosigadela izingane zethu? Ubani ozothonya indlela ezicabanga ngayo kanye nezenzo zazo?’ Lapho abantu abashadile bexoxa ngale mibuzo, basuke besebenzisa amazwi atholakala encwadini yezAga 21:5.—Funda.

Umyeni onothando uyokwenza okusemandleni akhe ukuze asize umkakhe (Bheka isigaba 8)

8. Yiziphi izinkinga amaKristu ashadile okudingeka azilindele, futhi yini umyeni onothando azoyenza?

8 Ingane idinga isikhathi namandla futhi bobabili abazali kufanele bayinake ingane yabo. Ngakho uma abazali belamanisa eduze, kungase kube nzima ukuzinaka zonke izingane ngendlela efanayo. Abanye abazali ababenezingane ezincane eziningi bayavuma ukuthi babevele badideke, bangazi ukuthi benzeni. Umama angase akhathale futhi atubeke. Ingabe lokhu kungamphazamisa, angakwazi ukutadisha, ukuthandaza nokuya enkonzweni njalo? Kungase kube nzima nokuba alalele futhi azuze phakathi nemihlangano yobuKristu. Umyeni onothando uyokwenza okusemandleni akhe ukuze asize umkakhe lapho izingane zikhala zifuna ukunakwa, kokubili emihlanganweni nasekhaya. Ngokwesibonelo, angase asize umkakhe ngokwenza imisebenzi yasendlini. Uyoqiniseka nangokuthi bonke bayazuza ekuKhulekeleni Komkhaya okwenziwa njalo. Ubaba ongumKristu uyohamba nomndeni wakhe njalo enkonzweni yasensimini.

FUNDISA IZINGANE UKUTHANDA UJEHOVA

9-10. Yini abazali okumelwe bayenze ukuze basize izingane zabo?

9 Yiziphi ezinye zezinto abazali abangazenza ukuze basize izingane zabo zifunde ukuthanda uJehova? Bangazivikela kanjani izingane zabo ezingozini zaleli zwe elibi? Nakhu abangakwenza.

10 Thandazela usizo lukaJehova. Phawula isibonelo sikaManowa nomkakhe, ababengabazali bakaSamsoni. Ngesikhathi uManowa ethola ukuthi bazoba nendodana, wacela isiqondiso kuJehova sendlela okwakufanele bayikhulise ngayo.

11. Abazali bangasilingisa kanjani isibonelo sikaManowa, njengoba kuboniswe kweyabaHluleli 13:8?

11 UNihad no-Alma baseBosnia and Herzegovina, bafunda esibonelweni sikaManowa. Bayachaza: “NjengoManowa, sacela uJehova asifundise indlela yokuba abazali abahle. UJehova wayiphendula ngezindlela eziningi imithandazo yethu—esebenzisa imiBhalo, izincwadi ezisekelwe eBhayibhelini, imihlangano yebandla nemihlangano yesifunda.”—Funda abaHluleli 13:8.

12. Yisiphi isibonelo uJosefa noMariya abasibekela izingane zabo?

12 Fundisa ngesibonelo. Okushoyo kubalulekile, kodwa okwenzayo cishe kuyoba nethonya elikhulu ezinganeni zakho. Singaqiniseka ngokuthi uJosefa noMariya bazibekela isibonelo esihle ngempela izingane zabo, kuhlanganise noJesu. UJosefa wayesebenza kanzima ukuze anakekele umndeni wakhe. Ngaphezu kwalokho, wayewukhuthaza ukuba ukujabulele ukukhonza uJehova. (Dut. 4:9, 10) Nakuba uMthetho wawungasho ukuthi uJosefa kwakudingeka ahambe nomndeni wakhe lapho eya eJerusalema “unyaka nonyaka” ukuze bayogubha iPhasika, kodwa uJosefa wayekwenza. (Luka 2:41, 42) Abanye obaba bangosuku lwakhe kungenzeka babebheka lolu hambo njengolunzima, oludla isikhathi nemali eningi. Nokho kuyabonakala ukuthi uJosefa wayekwazisa ukukhonza uNkulunkulu futhi wafundisa izingane zakhe ukuba nazo zenze okufanayo. UMariya wayeyazi kahle imiBhalo. Akungabazeki ukuthi ngamazwi nangezenzo wazifundisa izingane zakhe ukuba zithande uJehova.

13. Yini abanye abazali abayenza ukuze balingise isibonelo sikaJosefa noMariya?

13 UNihad no-Alma, okukhulunywe ngabo ekuqaleni, babefuna ukulingisa isibonelo sikaJosefa noMariya. Lokho kwabasiza kanjani bakwazi ukusiza indodana yabo ukuba ithande uJehova futhi imkhonze? Bathi, “Ngendlela esiphila ngayo, sazama ukubonisa indodana yethu ukuthi kumnandi kanjani ukuphila ngezimiso zikaJehova.” UNihad uyanezela, “Yiba uhlobo lomuntu ofuna ingane yakho ibe yilo.”

14. Kungani abazali kudingeka babazi abangane bezingane zabo?

14 Siza izingane zakho zikhethe abangane abakahle. Bobabili abazali kudingeka bazi ukuthi obani abangane bezingane zabo, bakwazi nalokho ezikwenzayo lapho zinalabo bangane. Lokhu kusho ukuthi abazali kufanele bazi nokuthi izingane zabo zikhuluma nobani ezinkundleni zokuxhumana nakomakhalekhukhwini bazo. Labo bangane bangathonya izenzo zezingane nendlela ezicabanga ngayo.—1 Kor. 15:33.

15. Yini abazali abangayifunda esibonelweni sikaJessie?

15 Yini abazali abangayenza uma bengakwazi kahle ukusebenzisa amakhompyutha noma omakhalekhukhwini? UJessie, ubaba wasePhilippines, uthi: “Sasingakwazi kahle ukusebenzisa ezobuchwepheshe. Kodwa lokho akusivimbanga ukuba sisize izingane zethu ziqaphe izingozi zokusebenzisa ezobuchwepheshe.” UJessie akazange azenqabele izingane zakhe ukuba zisebenzise ezobuchwepheshe ngoba nje yena engakwazi ukuzisebenzisa. Uyachaza: “Ngazikhuthaza izingane zami ukuba zisebenzise ezobuchwepheshe ukuze zifunde olunye ulimi, zilungiselele imihlangano futhi zifunde iBhayibheli nsuku zonke.” Uma ningabazali, senizifundile yini futhi naxoxa nezingane zenu ngezihloko ezinhle ezitholakala ku-jw.org® engxenyeni ethi “Intsha,” ezikhuluma ngokuthumelelana imilayezo nokuphosta izithombe? Senike naxoxa yini ngevidiyo ethi Ingabe Imishini Yakho Yezobuchwepheshe Iyakubusa? nethi Zisebenzise Ngokuhlakanipha Izingosi Zokuxhumana? * Lezi zihloko zingaba usizo kakhulu lapho ufundisa izingane zakho indlela yokusebenzisa ezobuchwepheshe ngokuhlakanipha.—IzAga 13:20.

16. Yini eye yenziwa abazali abaningi, futhi kube namuphi umphumela?

16 Abazali abaningi bayazikhandla ukuze bahlele amathuba okuba izingane zabo zithole abangane abayisibonelo esihle ekukhonzeni uJehova. Ngokwesibonelo, uN’Déni noBomine, abazali baseCôte d’Ivoire, bavame ukucela umbonisi wesigodi ukuba ahlale emzini wabo. UN’Déni uthi: “Lokhu kube nomphumela omuhle endodaneni yethu. Yaqala ukuphayona futhi manje ingumbambeli wombonisi wesigodi.” Ingabe nawe ungazisiza izingane zakho zithole abangane abakahle?

17-18. Abazali kufanele baqale nini ukuqeqesha izingane zabo?

17 Qala ukuqeqesha izingane zakho zisencane. Kuyobasiza abazali ukuqeqesha izingane zabo zisencane. (IzAga 22:6) Cabanga ngoThimothewu, owathi lapho esekhulile wahamba nomphostoli uPawulu esabelweni sakhe. Umama kaThimothewu, u-Evnike, nogogo wakhe uLowisi, bamqeqesha ‘kusukela esewusana.’—2 Thim. 1:5; 3:15.

18 UJean-Claude noPeace baseCôte d’Ivoire baye bakwazi ukuqeqesha zonke izingane zabo eziyisithupha ukuba zithande uJehova futhi zimkhonze. Yini eyabasiza? Balingisa isibonelo sika-Evnike noLowisi. Bathi, “Sagxilisa iZwi likaNkulunkulu ezinganeni zethu kusukela ziseyizinsana, siqala ngokushesha nje lapho zizalwa.”—Dut. 6:6, 7.

19. Kusho ukuthini ukugxilisa iZwi likaNkulunkulu ezinganeni zakho?

19 Kusho ukuthini ukugxilisa iZwi likaNkulunkulu ezinganeni zakho? “Ukugxilisa” kusho “ukufundisa nokugcizelela ngokuphindaphinda.” Ukuze abazali bakwenze lokhu, kudingeka bachithe isikhathi esiningi nezingane zabo. Ngezinye izikhathi abazali bangase bakhathale ukuphindaphinda imithetho eyodwa ezinganeni. Nokho, abazali bangazama ukubheka lokhu njengendlela yokusiza izingane zabo ziqonde iZwi likaNkulunkulu bese zikusebenzisa ekuphileni kwazo lokho ezikufundayo.

Abazali kudingeka bazi ukuthi ingane ngayinye bazoyiqeqesha kanjani (Bheka isigaba 20) *

20. Chaza indlela iHubo 127:4 elingasebenza ngayo ekukhuliseni izingane.

20 Zazi kahle izingane zakho. IHubo 127 lithi izingane zinjengemicibisholo. (Funda iHubo 127:4.) Njengoba nje imicibisholo yenziwe ngezinto ezingefani futhi ingalingani ngobude nangobukhulu, nezingane azifani. Ngakho abazali kudingeka bazi ukuthi ingane ngayinye bazoyiqeqesha kanjani. Enye indoda nomkayo abahlala e-Israel, abaye baphumelela ekukhuliseni izingane ezimbili ukuba zikhonze uJehova, bayasitshela ukuthi yini ebasizile, “Sasiqhubela ingane ngayinye isifundo seBhayibheli.” Inhloko yomndeni iyonquma ukuthi ukutadisha ngale ndlela kuyadingeka yini.

UJEHOVA UZOKUSIZA

21. Yiluphi usizo abazali abangalulindela kuJehova?

21 Ngezinye izikhathi, abazali bangase bakuthole kunzima ukufundisa izingane zabo, kodwa abantwana bayisipho esivela kuJehova. Uhlale ekulungele ukusiza abazali. Uyathanda ukulalela imithandazo yabo futhi uyayiphendula esebenzisa iBhayibheli, izincwadi zethu, amavidiyo, isibonelo neseluleko sabanye abazali ebandleni.

22. Yiziphi ezinye zezinto ezingcono kakhulu abazali abangazinika izingane zabo?

22 Kuthiwa ukukhulisa ingane kuwumsebenzi othatha iminyaka engu-20, kodwa abazali bayohlale bengabazali. Ezinye zezinto ezingcono kakhulu abangazinika izingane zabo uthando, isikhathi nokuqeqesha okusekelwe eBhayibhelini. Izingane ziyosabela ngezindlela ezingefani. Nokho, izingane eziningi eziye zakhuliswa abazali abathanda uJehova zizizwa njengoJoanna Mae, udade wase-Asia, othi: “Uma ngicabanga ngokuqeqeshwa engakuthola kubazali bami, ngiyajabula ngokuthi bangiyala futhi bangifundisa ukuthanda uJehova. Abagcinanga nje ngokungizala kodwa bangisiza ngaphila ukuphila okunenjongo.” (IzAga 23:24, 25) Izigidi zamaKristu nazo zizizwa ngendlela efanayo.

INGOMA 59 Dumisani UJah Kanye Nami

^ par. 5 Ingabe abantu abashadile kufanele babe nezingane? Uma benquma ukuba nazo, kufanele babe nezingane ezingaki? Bangaziqeqesha kanjani izingane zabo ukuze zithande uJehova futhi zimkhonze? Lesi sihloko sikhuluma ngezibonelo zangosuku lwethu nangezimiso zeBhayibheli ezingasisiza siphendule le mibuzo.

^ par. 15 Bheka nencwadi ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, uMqulu 1, isahl. 36 noMqulu 2, isahl. 11.

^ par. 60 INCAZELO YEZITHOMBE: AmaKristu ashadile axoxa ngokuthi azoba nazo yini izingane, acabanga ngezikhathi ezimnandi nalokho okuzofanele akudele lapho ingane isikhona.

^ par. 64 INCAZELO YEZITHOMBE: Abazali bafundisa izingane zabo ngokwahlukana ngenxa yokungalingani ngeminyaka nokungafani kwamakhono azo.