Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

‘Bonga Ngakho Konke’

‘Bonga Ngakho Konke’

INGABE uzibheka njengomuntu onokwazisa, obongayo? Lowo umbuzo sonke okufanele sizibuze wona. IBhayibheli labikezela ukuthi esikhathini sethu, abantu abaningi bayoba “abangabongiyo.” (2 Thim. 3:2) Kungenzeka uke wahlangana nabantu abanomuzwa wokuthi kufanele bathole noma yini abayifunayo. Abantu abanjalo abasiboni isidingo sokubonga ngezinto abenzelwa zona. Kumelwe ukuba nawe awukujabuleli ukuba nabantu abanjalo.

Ngokuphambene nalokho, izinceku zikaJehova ziyatshelwa: “Ziboniseni ningababongayo.” ‘Sibonga konke’ esenzelwa kona. (Kol. 3:15; 1 Thes. 5:18) Empeleni, kuhle ukuba nomoya wokwazisa. Kunezizathu eziningana ezenza kube njalo.

UKUBONGA NOKUBA NOMBONO OFANELE NGATHI NGOKWETHU

Isizathu esibalulekile sokuba sibe nokwazisa siwukuthi kungasisiza sibe nombono ofanele ngathi ngokwethu. Umuntu obongayo uba nokwaneliseka, nalowo obongwayo uyajabula. Kungani kunjalo? Cabanga ngalesi sibonelo: Lapho umuntu ekwenzela okuthile, lokho kusho ukuthi ubalulekile kangangokuba angazipha isikhathi sokukwenzela leyo nto. Uyakuthanda. Lapho uluzwa lolo thando, kufanele ujabule. Kungenzeka kwaba njalo nakuRuthe. UBhowazi wambonisa umusa uRuthe. Akungabazeki ukuthi lokho kwenza uRuthe wajabula kakhulu futhi wabona ukuthi uyathandwa.—Ruthe 2:10-13.

Kubaluleke nakakhulu ukuba sibonge uNkulunkulu. Kumelwe ukuba ngezinye izikhathi uke ucabange ngezipho eziningi akunika zona. (Dut. 8:17, 18; IzE. 14:17) Kunokuba umane nje ucabange ngezinto ezinhle uNkulunkulu akwenzela zona, kunganjani uziphe isikhathi sokuzindla ngezibusiso eziningi akunike zona wena nomndeni wakho. Ukuzindla ngezinto uMdali wethu asenzela zona kuzojulisa ukwazisa kwethu ngaye futhi kusibonise ngokucacile indlela asithanda ngayo.—1 Joh. 4:9.

Kodwa ungagcini ngokucabanga ngezinto akwenzela zona nangokuzindla ngezibusiso akunika zona; mbonge uJehova ngobuhle bakhe. (IHu. 100:4, 5) Kuye kuthiwe “ukubonga kwenza abantu bajabule.”

UKUBONGA KWENZA ABANTU BASONDELANE

Esinye isizathu esenza kube kuhle ukuba ubonge siwukuthi kuqinisa ubungane. Sonke siyakudinga ukuzizwa sithandwa. Lapho ubonga othile ngobuqotho ngento akwenzele kona, nobabili niyasondelana. (Roma 16:3, 4) Ngaphezu kwalokho, abantu ababongayo baba usizo kwabanye. Babona izenzo zomusa abenzelwa zona bese nabo befuna ukwenza okufanayo. Ngempela, ukusiza abanye kusilethela injabulo. Kunjengoba nje kwasho uJesu: “Kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunasekwamukeleni.”—IzE. 20:35.

URobert Emmons, omunye wabaphathi bocwaningo lwase-University of California oluqondene nokwazisa, wathi: “Ukuze sibe ababongayo, kudingeka siqonde indlela esikudinga ngayo ukwenzela abanye izinto nokuba nabo basenzele izinto.” Iqiniso liwukuthi ukuphila kwethu kusekelwa abanye ngezindlela eziningi. Ngokwesibonelo, kungenzeka bayasondla noma basisize lapho sigula. (1 Kor. 12:21) Umuntu obongayo uyakwazisa lokho abanye abamenzela kona. Ingabe ukwenza umkhuba ukubonga ngalokho abanye abakwenzela kona?

UKUBONGA NENDLELA OBHEKA NGAYO UKUPHILA

Esinye isizathu esenza kudingeke ubonge siwukuthi kukusiza ugxile ezintweni ezinhle, hhayi ezimbi. Ngomqondo othile, ingqondo yakho isebenza njengesisefo. Ikuvumela ukuba ugxile ezintweni ezithile ezikuzungezile, ungazinaki ezinye. Ikusiza uzame ukugxila ezintweni ezinhle futhi ungazinaki kangako izinkinga zakho. Uma ungumuntu onokwazisa, kuningi okuhle okubonayo futhi lokho kukwenza ube nokwazisa nakakhulu. Uma unokwazisa ekuphileni, uzokwazi ukwenza lokho umphostoli uPawulu athi sikwenze lapho ethi: “Jabulani eNkosini ngaso sonke isikhathi.”—Fil. 4:4.

Ukuba nokwazisa kukusiza ungabi nombono ongemuhle ngezinto. Kunzima kakhulu ukuba nokwazisa ube unomona, udangele noma uthukuthele. Abantu abanokwazisa abanayo inkinga yokuthanda izinto. Bayakwazisa lokho abanakho futhi abagijimeli ekufuneni okwengeziwe.—Fil. 4:12.

CABANGA NGEZIBUSISO OZITHOLAYO!

NjengomKristu, uyaqaphela ukuthi uSathane uyajabula lapho udangele futhi udikibele ngenxa yobunzima obhekana nabo kulezi zinsuku zokugcina. Angathanda ube nomoya ongemuhle wokukhononda. Lowo moya ungakwenza ungaphumeleli lapho ushumayela izindaba ezinhle. Empeleni, ukubonga kuyahambisana nezithelo zomoya kaNkulunkulu, ezihlanganisa ukujabula ngezinto ezinhle uNkulunkulu akunikeze zona nokuba nokholo kuzo zonke izithembiso zakhe.—Gal. 5:22, 23.

Njengomunye wabantu bakaJehova, kumelwe ukuba uyavumelana nalokho okushiwo kulesi sihloko ngokubonga. Noma kunjalo, uyaqaphela ukuthi ukuba nomoya wokwazisa akuzenzakaleli. Nokho, ungakuvumeli lokho kukudikibalise. Ungakwazi ukuba nokwazisa. Kanjani? Ziphe isikhathi nsuku zonke ucabange ngezinto onokwazisa ngazo ekuphileni kwakho. Uma wenza kanjalo, kuyoba lula ukuba nomoya wokwazisa. Lokho kuzokwenza ujabule kakhudlwana kunabantu abagxila ezinkingeni zokuphila. Cabanga ngezinto ezinhle ezikujabulisayo uNkulunkulu nabanye abakwenzela zona. Ungaze ngisho uzibhale phansi. Ungabhala izinto ezimbili noma ezintathu onokwazisa ngazo usuku ngalunye.

Abacwaningi baye bathola ukuthi “ukuba umuntu obongayo kungashintsha indlela izingqondo zethu ezisebenza ngayo ukuze kube lula ukujabulela ukuphila.” Umuntu obongayo uthola injabulo. Ngakho cabanga ngezibusiso ozitholayo, zijabulele izikhathi ezimnandi ekuphileni kwakho, kwenze umkhuba ukubonga! Kunokuba ungazinaki izinto ezinhle, ‘mbonge uJehova, ngoba muhle.’ ‘Bonga ngakho konke.’—1 IziKr. 16:34; 1 Thes. 5:18.