Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Uyakhumbula?

Ingabe Uyakhumbula?

Ungakwazi ukuphendula le mibuzo ngokuvumelana nezihloko ze-Nqabayokulinda ka-2019?

Sisho ukuthini isithembiso sikaNkulunkulu esithi: “Noma isiphi isikhali esiyokwakhiwa ngokumelene nawe ngeke siphumelele”? (Isaya 54:17)

Singaqiniseka ngokuthi uNkulunkulu uyosivikela ezikhalini ezibulalayo ‘ezinjengokufutha kwabangomashiqela.’ (Isaya 25:4, 5) Izitha zethu ngeke zikwazi ukusilimaza unomphela.—w19.01, kk. 6-7.

Indlela uNkulunkulu ayesebenzelana ngayo namaKhanani nama-Israyeli angalaleli ibubonisa kanjani ubulungisa?

UNkulunkulu wayebajezisa labo ababenza izenzo zocansi ezingcolile noma ababehlukumeza abesifazane nezingane. Wayebabusisa abantu ababemlalela futhi bebaphatha kahle abanye.—w19.02, kk. 22-23.

Yini okufanele siyenze uma sisendaweni lapho umuntu ongeyena umKristu ethandaza?

Singathula singasho lutho futhi singaphazamisi kodwa ngeke sisho ukuthi “amen” noma sibambane ngezandla nabanye abakhona. Singazithandazela buthule.—w19.03, k. 31.

Ukunukubezwa kwengane kuyisenzo esibi kangakanani?

Ukunukubezwa kwengane kuyisono kulowo oyisisulu, ebandleni, eziphathimandleni nakuNkulunkulu. Lapho umthetho wendawo ufuna ukuba izenzo zokunukubeza zibikwe, abadala bayazibika.—w19.05, kk. 9-10.

Ungashintsha kanjani noma uthuthukise indlela yakho yokucabanga?

Nazi izinyathelo ezibalulekile: Khuluma noJehova ngomthandazo. Zindla unomgomo wokuhlola. Khetha kahle abangane.—w19.06, k. 11.

Yini esingayenza manje ukuze silungele ushushiso?

Kudingeka siqinise ubuhlobo bethu noJehova. Kufanele siqiniseke ngokuthi uyasithanda futhi ngeke asishiye. Kumelwe sifunde iBhayibheli nsuku zonke, sithandaze njalo. Masiqiniseke ngokuthi sizozithola izibusiso zoMbuso. Kumelwe sibambe ngekhanda imiBhalo esiyithandayo nezingoma zokudumisa uJehova.—w19.07, kk. 2-4.

Yini esingayenza ukuze sisize izihlobo zethu zisindiswe?

Kubalulekile ukuba sibonise uzwela, sivumele izenzo zethu zinikeze ubufakazi futhi sibe nesineke nomusa.—w19.08, kk. 15-17.

Yini esenza siqabuleke, njengoba uJesu athembisa kuMathewu 11:28?

Sinabadala abangamaKristu, abangane abahle nomsebenzi ongcono kunayo yonke.—w19.09, k. 23.

UNkulunkulu angasenza kanjani ukuba sithande futhi senze? (Fil. 2:13)

Lapho sifunda iZwi likaNkulunkulu futhi sizindla ngalo, uNkulunkulu angasenza sithande ukwenza intando yakhe asinike namandla okuyenza. Umoya wakhe ungasisiza sithuthukise amakhono ethu.—w19.10, k. 21.

Yiziphi izinyathelo okungakuhle sizithathe ngaphambi kokwenza isinqumo esikhulu?

Nazi izinyathelo ezinhlanu: Cwaninga ngokucophelela. Thandazela ukuhlakanipha. Hlola izisusa zakho. Zibekele imigomo. Bheka izinto njengoba zinjalo.—w19.11, kk. 27-29.

Ingabe imfundiso yokungafi komphefumulo isuselwa kulokho uSathane ayekutshele u-Eva?

Cishe akunjalo. USathane watshela u-Eva ukuthi wayengeke afe, hhayi ukuthi kwakuyoba sengathi ufile. Noma iziphi izimfundiso ezingamanga zaziyoshabalala lapho kufika uZamcolo. Inkolelo yokuthi umphefumulo awufi cishe yaba khona ngaphambi kokuba uNkulunkulu ahlakaze abantu ababakha umbhoshongo waseBhabhele.—w19.12, k. 15.