Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

IBhayibheli lithi kufanele kube nofakazi okungenani ababili ukuze indaba iqine. (Num. 35:30; Dut. 17:6; 19:15; Math. 18:16; 1 Thim. 5:19) Kodwa ngokoMthetho, uma indoda idlwengule intombazane eyingoduso “endle” futhi intombazane imemezile, yayingenacala kodwa leyo ndoda yayinecala. Nakuba bengekho ofakazi abayibone idlwengulwa, kungani intombazane yayingenacala kodwa indoda inecala?

Indaba okukhulunywa ngayo kuDuteronomi 22:25-27 ayivezi ubumsulwa bendoda ngoba kulokhu indoda yayivele ibhekwa njengenecala. Lo mthetho wawugxile ekuboniseni ukuthi owesifazane wayemsulwa. Cabanga ngomongo wale ndaba.

Amavesi angaphambi kwalawa akhuluma ngendoda elale nowesifazane oyingoduso edolobheni noma “emzini.” Ngokwenza lokho, le ndoda yayinecala njengoba lo wesifazane wayebhekwa njengoshadile. Kuthiwani ngowesifazane? ‘Akazange amemeze emzini.’ Ukube wayememezile, abanye babeyomuzwa nakanjani futhi bafike bezomsiza. Kodwa akazange amemeze. Ngaleyo ndlela, bobabili baphingile futhi banecala.—Dut. 22:23, 24.

UMthetho ube usukhuluma ngesimo esihlukile: “Nokho, uma kuwukuthi le ndoda iyitholé endle le ntombazane eyingoduso, futhi le ndoda yayibamba yalala nayo, indoda elale nayo kumelwe ife yodwa, ungenzi lutho entombazaneni. Intombazane ayinaso isono esiyenza ifanelwe ngukufa, ngoba njengalapho nje umuntu evukela umuntu wakubo ambulale, yebo evukela umphefumulo othile, kunjalo nakule ndaba. Ngoba iyitholé endle. Intombazane eyingoduso imemezile, kodwa bekungekho muntu wokuyophula.”—Dut. 22:25-27.

Kuleso simo, abahluleli babethatha ngokuthi owesifazane ‘umemezile, kodwa bekungekho muntu [ozomsiza].’ Ngakho wayengaphingi. Nokho, indoda yona yayinecala lokudlwengula nelokuphinga ngenxa yokuthi ‘yambamba yalala naye’ lona wesifazane.

Yingakho nakuba lo mthetho ugxile ekubeni msulwa kowesifazane, indoda ichazwa njengefanelwe ukuba necala lokudlwengula nelokuphinga. Singaqiniseka ngokuthi abahluleli ‘babeyofuna, baphenye futhi babuzisise’ bese benza isinqumo esihambisana nomthetho kaNkulunkulu ocacile awusho izikhathi eziningi.—Dut. 13:14; 17:4; Eks. 20:14.