Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 50

UJehova Ukunikeza Inkululeko

UJehova Ukunikeza Inkululeko

“Kumelwe . . . nimemezele inkululeko ezweni kubo bonke abakhileyo kulo.”—LEV. 25:10.

INGOMA 22 UMbuso Umisiwe —Mawuze!

AMAZWIBELA *

1-2. (a) Liyini ijubili? (Bheka ibhokisi elithi “ Laliyini IJubili?”) (b) NgokukaLuka 4:16-18, uJesu wakhuluma ngani?

EMAZWENI athile, kugujwa imikhosi ekhethekile ngemva kweminyaka engu-50 yokubusa kwenkosi noma indlovukazi. Lowo nyaka uvame ukubizwa ngokuthi unyaka wejubili lenkosi. Imikhosi ehambisana nejubili ingathatha usuku lonke, isonto lonke noma ngaphezulu, kodwa igcina iphelile futhi abantu bagcina beyikhohliwe.

2 Kulesi sihloko sizohlola ijubili elingcono, elingcono ngisho kunomkhosi owawuthatha unyaka wonke owawugujwa njalo ngemva kweminyaka engu-50 kwa-Israyeli. Lelo Jubili lalinikeza ama-Israyeli inkululeko. Kungani kubalulekile ukuba thina sifunde ngalo? Kubalulekile ngoba unyaka weJubili lakwa-Israyeli usikhumbuza ngelungiselelo elihle lenkululeko engapheli uJehova asinika yona manje, inkululeko uJesu akhuluma ngayo.—Funda uLuka 4:16-18.

IJubili lakwa-Israyeli lalinika abantu injabulo, ababeyizigqila baphindele emindenini yabo bathole namafa abo (Bheka isigaba 3) *

3. Njengoba kuboniswe kuLevitikusi 25:8-12, iJubili laliwazuzisa kanjani ama-Israyeli?

3 Singakuqonda kangcono lokho uJesu ayeqonde ukukusho ngesikhathi ekhuluma ngenkululeko ngokuqale sixoxe ngeJubili uNkulunkulu alilungiselela abantu bakhe basendulo. UJehova watshela ama-Israyeli: “Kumelwe ningcwelise unyaka wamashumi amahlanu futhi nimemezele inkululeko ezweni kubo bonke abakhileyo kulo. Uyoba yiJubili kini, futhi yilowo nalowo kumelwe abuyele efeni lakhe, yilowo nalowo kufanele abuyele emndenini wakubo.” (Funda uLevitikusi 25:8-12.) Esihlokweni esidlule, sixoxe ngendlela iSabatha lamasonto onke elaliwazuzisa ngayo ama-Israyeli. Nokho, laliwazuzisa kanjani iJubili? Ake sithi umIsrayeli wayenesikweletu futhi ngenxa yalokho waphoqeleka ukuba adayise umhlaba wakhe ukuze asikhokhele. Ngonyaka weJubili, kwakufanele abuyiselwe lowo mhlaba. Ngakho ‘wayengabuyela efeni lakhe’ futhi izingane zakhe zaziyolithola ifa lazo esikhathini esizayo. Ngezinye izikhathi, umuntu owayengena ezikweletini kwakungase kudingeke athengise enye yezingane zakhe ibe isigqila, noma azithengise yena ngokwakhe ukuze akhokhe isikweletu sakhe. Phakathi nonyaka weJubili, isigqila kwakufanele ‘sibuyele emndenini wakubo.’ Ngakho akekho umuntu owayengaba isigqila unomphela! Leli lungiselelo lalibonisa ukucabangela kukaJehova.

4-5. Kungani kudingeka sifunde ngeJubili namuhla?

4 IJubili lalizuzisa nangayiphi enye indlela? UJehova wachaza: “Akekho okufanele abe mpofu phakathi kwenu, ngoba uJehova uyokubusisa nokukubusisa ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona njengefa ukuba ulithathe.” (Dut. 15:4) Lokhu kuhluke kakhulu kulokho okwenzeka kuleli zwe namuhla, lapho abacebile beceba nakakhulu futhi abampofu beba mpofu nakakhulu!

5 NjengamaKristu, asikho ngaphansi koMthetho kaMose. Lokhu kusho ukuthi asikho ngaphansi kwelungiselelo leJubili lokukhulula izigqila, ukusulwa kwezikweletu nokubuyiselwa amafa ethu. (Roma 7:4; 10:4; Efe. 2:15) Noma kunjalo, kusadingeka sifunde ngeJubili. Kungani? Yingoba singathola inkululeko esikhumbuza ilungiselelo uJehova ayelenzele ama-Israyeli.

UJESU WAMEMEZELA INKULULEKO

6. Yini abantu abadinga ukukhululwa kuyo?

6 Sonke sidinga ukukhululwa ngoba siyizigqila zesono. Ngenxa yokuba nesono, siyaguga, sigule futhi sife. Abaningi bayakubona ukuba yiqiniso kwalokho lapho bezibuka esibukweni nalapho beya kwadokotela. Ukwenza isono nakho kuyasidumaza. Umphostoli uPawulu wathi ‘uthunjelwa emthethweni wesono owawusemalungwini akhe.’ Wabe esethi: “Yeka mina muntu wosizi! Ubani oyongophula kulo mzimba othola lokhu kufa?”—Roma 7:23, 24.

7. Yini u-Isaya ayibikezela ngenkululeko?

7 UNkulunkulu wasilungiselela indlela yokuba sikhululwe esonweni. Leyo nkululeko siyithola ngoJesu. Eminyakeni engaphezu kuka-700 ngaphambi kokuba uJesu eze emhlabeni, umprofethi u-Isaya wabikezela ngenkululeko yesikhathi esizayo. Leyo nkululeko yayizofeza okukhulu kakhulu kunalokho okwakufezwa inkululeko eyayitholwa ama-Israyeli ngonyaka weJubili. Wabhala: “Umoya weNkosi EnguMbusi uJehova uphezu kwami, ngenxa yokuthi uJehova ungigcobile ukuba ngitshele abamnene izindaba ezinhle. Ungithumé ukuba ngibophe abanhliziyo zaphukileyo, ukuba ngimemezele inkululeko kulabo abathunjiwe.” (Isaya 61:1) Sagcwaliseka kubani leso siprofetho?

8. Sagcwaliseka kubani isiprofetho sika-Isaya esikhuluma ngenkululeko?

8 Leso siprofetho esibalulekile senkululeko saqala ukugcwaliseka ngemva kokuba uJesu eqale inkonzo yakhe. Lapho eya esinagogeni edolobheni lakubo eNazaretha, wafundela amaJuda ayelapho wona kanye la mazwi ka-Isaya. UJesu wawasho la mazwi ebhekisela kuye: “Umoya kaJehova uphezu kwami, ngoba ungigcobile ukuba ngimemezele izindaba ezinhle kwabampofu, ungithumé ukuba ngishumayele ukukhululwa ezithunjweni nokuvulwa kwamehlo ezimpumputhe, ukuba ngimukise abachotshoziweyo bekhululiwe, ukuba ngishumayele unyaka owamukelekayo kaJehova.” (Luka 4:16-19) UJesu wasigcwalisa kanjani leso siprofetho?

ABOKUQALA ABATHOLA INKULULEKO

UJesu wamemezela inkululeko esinagogeni laseNazaretha (Bheka izigaba 8-9)

9. Abaningi ngesikhathi sikaJesu babenethemba lokuthola yiphi inkululeko?

9 Inkululeko eyabikezelwa u-Isaya naleyo uJesu ayefunda ngayo yaqala ukuba khona ngekhulu lokuqala. UJesu wakuqinisekisa lokhu lapho ethi: “Namuhla lo mbhalo enisanda kuwuzwa ugcwalisekile.” (Luka 4:21) Abaningi ababelalele uJesu efunda cishe babelindele ushintsho kwezombusazwe, befuna ukukhululwa embusweni wamaRoma. Kungenzeka babezizwa njengamadoda amabili athi: “Besinethemba lokuthi nguye owayemiselwe ukukhulula u-Israyeli.” (Luka 24:13, 21) Kodwa siyazi ukuthi uJesu akazange akhuthaze abalandeli bakhe ukuba bavukele umbuso wamaRoma. Kunalokho, wabatshela ukuba ‘babuyisele kuKhesari izinto zikaKhesari.’ (Math. 22:21) Pho uJesu wabakhulula kanjani abantu ngaleso sikhathi?

10. Yini uJesu akhulula abantu kuyo?

10 INdodana kaNkulunkulu yanika abantu inkululeko ngezindlela ezimbili. Okokuqala, yakhulula abantu ezimfundisweni ezicindezelayo ezazifundiswa abaholi benkolo. AmaJuda amaningi ngaleso sikhathi ayeyizigqila zamasiko nezinkolelo ezingamanga. (Math. 5:31-37; 15:1-11) Abantu ababethi bangabaholi benkolo babeyizimpumputhe. Ngokwenqaba uMesiya namaqiniso ayewafundisa, bahlala besebumnyameni nasesonweni. (Joh. 9:1, 14-16, 35-41) Ngezimfundiso zakhe eziyiqiniso nangesibonelo sakhe esihle, uJesu wanika abamnene inkululeko engokomoya.—Marku 1:22; 2:23–3:5.

11. Iyiphi indlela yesibili uJesu anikeza ngayo abantu inkululeko?

11 Indlela yesibili uJesu anikeza ngayo abantu inkululeko yayiwukubakhulula ebugqilini besono. Ngomhlatshelo kaJesu, uNkulunkulu wayengathethelela izono zalabo ababebonisa ukholo futhi bamukele isihlengo. (Heb. 10:12-18) UJesu wathi: “Uma iNdodana inikhulula, niyokhululeka ngempela.” (Joh. 8:36) Ngokuqinisekile leyo nkululeko yayinkulu kunaleyo eyayitholwa ama-Israyeli ngonyaka weJubili! Phela, umuntu owayekhululwa ngeJubili wayengase aphinde abe isigqila bese eyafa ekugcineni.

12. Obani abokuqala abazuza enkululekweni eyamenyezelwa uJesu?

12 Ngosuku lwePhentekoste lika-33 C.E., uJehova wagcoba abaphostoli namanye amadoda nabesifazane abathembekile ngomoya ongcwele. Wabamukela njengamadodana akhe ukuze esikhathini esizayo bavuselwe ezulwini futhi babuse noJesu. (Roma 8:2, 15-17) Laba babengabokuqala abazuza enkululekweni uJesu ayimemezela esinagogeni laseNazaretha. Lawo madoda nabesifazane babengasezona izigqila zezimfundiso zamanga nemikhuba engqubuzana nemiBhalo yabaholi benkolo abangamaJuda. UNkulunkulu wayebabheka njengasebekhululiwe nasesonweni. IJubili elingokomfanekiso elaqala lapho kugcotshwa abalandeli bakaKristu ngo-33 C.E. lizophela ekupheleni kweMinyaka Eyinkulungwane Yokubusa KukaJesu. Yini eyobe isifeziwe ngaleso sikhathi?

INKULULEKO ETHOLWA IZIGIDI ZABANTU

13-14. Ngaphandle kwamaKristu agcotshiwe, obani abanye abangathola inkululeko eyamenyezelwa uJesu?

13 Namuhla, izigidi zabantu abaqotho ezivela kuzo zonke izizwe ‘zingabezinye izimvu.’ (Joh. 10:16) UNkulunkulu akazikhethanga ukuba zibuse noJesu ezulwini. Kunalokho zinethemba okukhulunywa ngalo eBhayibhelini lokuphila phakade emhlabeni. Ingabe nawe unalelo themba?

14 Ngisho kwamanje uyazithola izinzuzo ezithile ezitholwa yilabo abayoba ingxenye yoMbuso kaNkulunkulu ezulwini. Ngenxa yokholo lwakho egazini likaJesu elachitheka, ungacela ukuthethelelwa izono zakho. Lokho kukwenza ube nobuhlobo obuhle noNkulunkulu nonembeza omuhle. (Efe. 1:7; IsAm. 7:14, 15) Cabanga nangezibusiso ozijabulelayo ngenxa yokukhululwa ezimfundisweni ezingekho eBhayibhelini owawusunesikhathi eside uzikholelwa. UJesu wathi: “Niyolazi iqiniso, futhi iqiniso liyonikhulula.” (Joh. 8:32) Sijabula kakhulu ngokuthola le nkululeko!

15. Iyiphi inkululeko nezibusiso esingazilindela esikhathini esizayo?

15 Kunenkululeko enkulu nakakhulu esiyilindele. Esikhathini esizayo, uJesu uzoyiqeda ngokuphelele inkolo yamanga nohulumeni abakhohlakele. UNkulunkulu uzovikela “isixuku esikhulu” esimkhonzayo bese esinika izibusiso emhlabeni oyipharadesi. (IsAm. 7:9, 14) Abaningi bayovuselwa ekuphileni futhi bakhululwe kuyo yonke imiphumela yesono sika-Adamu.—IzE. 24:15.

16. Iyiphi inkululeko emangalisayo ezotholwa abantu?

16 Phakathi neMinyaka Eyinkulungwane, uJesu nalabo abayobe bebusa kanye naye bazokwenza abantu babe imiqemane futhi babe nobungane obuhle noNkulunkulu. Lesi sikhathi senkululeko sizofana neJubili lakwa-Israyeli. Isono siyokhishwa kubo bonke abasemhlabeni abayobe bekhonza uJehova ngobuqotho.

Ezweni elisha, siyojabulela ukwenza umsebenzi ozuzisayo nowanelisayo (Bheka isigaba 17)

17. U-Isaya 65:21-23 ubikezelani ngabantu bakaNkulunkulu? (Bheka isithombe esisesembozweni.)

17 Indlela ukuphila emhlabeni okuyoba ngayo ichazwe ku-Isaya 65:21-23. (Funda.) Abantu ngeke bakwenqene ukusebenza. Kunalokho, iBhayibheli libonisa ukuthi abantu bakaNkulunkulu ngaleso sikhathi bayobe benza umsebenzi ozuzisayo nowanelisayo. Ekupheleni kwaleyo nkathi, singaqiniseka ngokuthi “indalo ngokwayo nayo iyokhululwa ekugqilazweni ukonakala ibe nenkululeko ekhazimulayo yabantwana bakaNkulunkulu.”—Roma 8:21.

18. Kungani singaba nethemba lokuthi silindelwe ikusasa elihle?

18 Njengoba nje uJehova alungiselela ukuba ama-Israyeli akwazi ukusebenza futhi aphumule, kuyoba njalo nangabantu bakhe phakathi neMinyaka Eyinkulungwane Yokubusa KukaKristu. Ngokuqinisekile siyoba khona isikhathi sokukhonza uNkulunkulu. Ukukhonza uNkulunkulu kusinika injabulo namuhla futhi kuyoba njalo nasezweni elisha. Bonke abantu abathembekile bayojabula phakathi nokuBusa KukaKristu Kweminyaka Eyinkulungwane ngenxa yokuthi sonke sizobe senza umsebenzi owanelisayo futhi sikhonza uNkulunkulu.

INGOMA 142 Ukubambelela Ngokuqinile Ethembeni Lethu

^ par. 5 UJehova wenza ilungiselelo elikhethekile lokuba ama-Israyeli athole inkululeko. Lelo lungiselelo kwakuyiJubili. AmaKristu awekho ngaphansi koMthetho kaMose; kodwa kuyadingeka afunde ngeJubili. Kulesi sihloko, sizobona indlela iJubili lakwa-Israyeli elisikhumbuza ngayo ngelungiselelo uJehova asenzele lona nendlela esingazuza ngayo kulo.

^ par. 61 INCAZELO YESITHOMBE: NgeJubili, abantu ababeyizigqila babekhululwa baphindele emindenini yabo bathole namafa abo.