Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 51

Umazi Kahle Kangakanani UJehova?

Umazi Kahle Kangakanani UJehova?

“Labo abalaziyo igama lakho bayothembela kuwe, ngoba ngokuqinisekile ngeke ubashiye labo abakufunayo, Jehova.”—IHU. 9:10.

INGOMA 56 Yenza Iqiniso Libe Ngelakho

AMAZWIBELA *

1-2. Njengoba kuboniswa indaba ka-Angelito, yini ngamunye wethu okufanele ayenze?

INGABE ukhuliswe abazali abangoFakazi BakaJehova? Uma kunjalo, khumbula ukuthi ukuba kwabo abangane bakaJehova akusho ukuthi nawe unguye. Kungakhathaliseki ukuthi abazali bethu bakhonza uJehova noma cha, ngamunye wethu kumelwe azakhele obakhe ubungane noJehova.

2 Cabanga ngalokho okwenzeka kumfoweth’ u-Angelito. Wakhulela emndenini ongoFakazi BakaJehova. Nokho ngesikhathi esemncane, akazange azizwe esondelene noNkulunkulu. Uyavuma, “Ngangikhonza uJehova ngoba ngangifuna ukujabulisa umndeni wakithi.” Nokho, u-Angelito wanquma ukuzipha isikhathi sokufunda iZwi likaNkulunkulu nokuzindla ngalo, waqala nokuthandaza kuJehova kaningana. Waba yini umphumela? Uthi, “Ngafunda ukuthi okuwukuphela kwendlela yokusondelana noBaba wami onothando, uJehova, iwukuba ngizifundele mina ngaye.” Okwenzeka ku-Angelito kuphakamisa imibuzo ebalulekile: Uyini umehluko phakathi kokwazi okuthile ngoJehova nokumazi kahle? Yini esingayenza ukuze simazi kahle uJehova?

3. Uyini umehluko phakathi kokwazi okuthile ngoJehova nokumazi kahle?

3 Singase sithi umuntu uyamazi uJehova uma elazi igama lakhe noma azi izinto ezithile azisho noma azenza. Kodwa ukwazi uJehova kuhilela okungaphezu kwalokho. Kudingeka sifunde ngoJehova nangezimfanelo zakhe ezinhle. Yilapho kuphela lapho siyoqonda khona ukuthi kungani esho futhi enza izinto ezithile. Lokhu kuzosisiza sazi ukuthi uJehova uyazithanda yini izinto esizicabangayo, izinqumo zethu nalokho esikwenzayo. Lapho sesazi ukuthi yini uJehova ayifunayo kithi, kudingeka sikwenze lokho esesikufundile.

4. Ukufunda ngezibonelo eziseBhayibhelini kuzosisiza kanjani?

4 Abanye abantu bangase basicasukele lapho sifuna ukukhonza uJehova futhi bangase basiphikise ngisho nokusiphikisa lapho siqala ukuzihlanganisa nabantu bakhe. Nokho, uma sithembela kuJehova, akasoze asishiya. Siyobe sizakhela ubungane noNkulunkulu obuyohlala phakade. Singamazi ngempela yini uJehova ngaleyo ndlela? Impela! Izibonelo zabantu abanjengoMose neNkosi uDavide ziyabonisa ukuthi kungenzeka. Njengoba sizoxoxa ngalokho abakwenza, sizophendula le mibuzo emibili: Yini abayenza ukuze bamazi uJehova? Yiziphi izifundo esingazifunda ezibonelweni zabo?

UMOSE WAMBONA “LOWO ONGABONAKALI”

5. Yini uMose akhetha ukuyenza?

5 UMose wakhetha ukukhonza uNkulunkulu. Ngesikhathi eneminyaka engu-40, uMose wakhetha ukuzihlanganisa nabantu bakaNkulunkulu, ama-Israyeli, kunokubizwa ngokuthi “indodana yendodakazi kaFaro.” (Heb. 11:24) UMose wadela isikhundla esiphezulu. Ngokukhetha ukuba sohlangothini lwama-Israyeli ayeyizigqila eGibhithe, wazibeka engozini yokubulawa uFaro, umbusi onamandla owayebhekwa njengonkulunkulu. Lokhu kwabonisa ukuthi uMose wayenokholo ngempela! UMose wathembela kuJehova. Ukuthembela kwakhe kuye kwakuyisizathu esibalulekile esamenza waba nobungane obuhlala njalo noJehova.—IzAga 3:5.

6. Yini esingayifunda esibonelweni sikaMose?

6 Yini thina esiyifundayo? NjengoMose, sonke kumelwe sikhethe: Ingabe sizokhetha ukukhonza uNkulunkulu nokuzihlanganisa nabantu bakhe? Kungase kudingeke sidele okuthile ukuze sikhonze uNkulunkulu futhi singase siphikiswe yilabo abangamazi. Kodwa uma sithembela kuBaba wethu osezulwini, singaqiniseka ngokuthi uyosisekela!

7-8. Yini uMose ayifunda?

7 UMose wafunda ngezimfanelo zikaJehova, wafunda nokwenza intando yaKhe. Ngokwesibonelo, ngesikhathi uJehova ecela uMose ukuba akhulule ama-Israyeli ebugqilini, uMose wayengazethembi futhi kaningi watshela uJehova ukuthi uzizwa engafaneleki. UNkulunkulu wambonisa ububele wamsiza. (Eks. 4:10-16) Ngenxa yalokho, uMose wakwazi ukutshela uFaro isahlulelo esinamandla sikaNkulunkulu. Wabe esebona uJehova esebenzisa amandla akhe lapho esindisa ama-Israyeli futhi ebhubhisa uFaro nebutho lakhe oLwandle Olubomvu.—Eks. 14:26-31; IHu. 136:15.

8 Ngemva kokuba uMose esewakhiphile ama-Israyeli eGibhithe, ayelokhu ethola izinto ayezobubula ngazo. Noma kunjalo, wabona isineke uJehova ayenaso lapho esebenzelana nabantu bakhe ayebakhulule ebugqilini. (IHu. 78:40-43) Wambona futhi ebonisa ukuthobeka ngendlela ephawulekayo lapho engawabhubhisi ama-Israyeli ngemva kokuba uMose emncengile ukuba angawabhubhisi.—Eks. 32:9-14.

9. NgokweyamaHebheru 11:27, uMose wayesondelene kangakanani noJehova?

9 Ngemva kokuFuduka ezweni laseGibhithe, ubungane bukaMose noJehova babuqine kangangokuba kwaba sengathi uyambona uBaba wakhe osezulwini. (Funda eyamaHebheru 11:27.) Libonisa indlela ababesondelene ngayo, iBhayibheli lithi: “UJehova wakhuluma noMose ubuso nobuso, njengoba nje umuntu ekhuluma nomunye umuntu.”—Eks. 33:11.

10. Ukuze simazi kahle uJehova, yini okufanele siyenze?

10 Yini thina esiyifundayo? Ukuze simazi kahle uJehova, akudingeki sigcine nje ngokufunda ngezimfanelo zakhe kodwa kufanele senze nentando yakhe. Intando kaJehova namuhla iwukuba “zonke izinhlobo zabantu zisindiswe futhi zifinyelele olwazini olunembile lweqiniso.” (1 Thim. 2:3, 4) Enye indlela yokwenza intando kaNkulunkulu iwukufundisa abanye ngaye.

11. Ukufundisa abanye ngoJehova kusisiza kanjani simazi kangcono?

11 Lapho sifundisa abanye ngoJehova, nathi simazi kangcono. Ngokwesibonelo, sibona ubufakazi bokuthi uJehova unobubele lapho esiqondisa kulabo abafuna ukuba abangane bakhe. (Joh. 6:44; IzE. 13:48) Sibona amandla eZwi likaNkulunkulu esebenza lapho labo esitadisha nabo iBhayibheli beshiya imikhuba yabo emibi futhi beqala ukugqoka ubuntu obusha. (Kol. 3:9, 10) Sibona nobufakazi besineke sikaNkulunkulu lapho enika abaningi ensimini yethu amathuba amaningi okufunda ngaye futhi basindiswe.—Roma 10:13-15.

12. Njengoba kuboniswe ku-Eksodusi 33:13, yini uMose ayicela, futhi kungani?

12 UMose wayengabuthathi kalula ubungane bakhe noJehova. Ngisho nangemva kokwenza izimangaliso ngamandla kaNkulunkulu, ngenhlonipho uMose wacela ukumazi kangcono uJehova. (Funda u-Eksodusi 33:13.) Nakuba uMose ayeseneminyaka engaphezu kwengu-80 lapho ecela lokhu, wayazi ukuthi kwakusekuningi okwakusadingeka akwazi ngoBaba wakhe onothando wasezulwini.

13. Singabonisa kanjani ukuthi siyabazisa ubungane bethu noNkulunkulu?

13 Yini thina esiyifundayo? Kungakhathaliseki ukuthi sesineminyaka eminingi kangakanani sikhonza uJehova, masingalokothi sibuthathe kalula ubungane esinabo naye. Enye yezindlela esingabonisa ngayo ukuthi siyabazisa ubungane bethu noNkulunkulu iwukukhuluma naye ngomthandazo.

14. Kungani umthandazo ubalulekile ukuze simazi kangcono uNkulunkulu?

14 Uma ufuna ukuhlale unobungane obuqinile nothile, kumelwe ukhulume naye njalo. Ngakho sondela kuNkulunkulu ngokuthandaza njalo, ungesabi ukumtshela lokho okucabangayo nendlela ozizwa ngayo. (Efe. 6:18) UKrista, ohlala eTurkey, uthi: “Uthando lwami ngoJehova luyakhula futhi ngimethemba ngokwengeziwe njalo lapho ngimtshela indlela engizizwa ngayo ngomthandazo nalapho ngibona indlela angisiza ngayo. Ukubona indlela uJehova ayiphendula ngayo imithandazo yami kuye kwangisiza ngabheka uJehova njengoBaba nanjengoMngane.”

UMUNTU OVUMELANA NENHLIZIYO KAJEHOVA

15. UJehova wayichaza kanjani iNkosi uDavide?

15 INkosi uDavide yazalelwa esizweni esasikhonza uJehova uNkulunkulu. Kodwa uDavide wayengakhonzi uJehova ngenxa nje yokuthi umndeni wakubo uyamkhonza. Wazakhela ubungane obuqinile noNkulunkulu futhi uJehova naye wayemthanda. UJehova ngokwakhe wamchaza ngokuthi ‘ungumuntu ovumelana nenhliziyo yakhe.’ (IzE. 13:22) Yini eyasiza uDavide wasondelana noJehova?

16. Yini uDavide ayifunda ngoJehova lapho ebuka indalo?

16 UDavide wafunda ngoJehova endalweni. Lapho esemncane, wayechitha isikhathi esiningi elusa izimvu zikayise. Kungenzeka yilapho lapho aqala khona ukuzindla ngezinto uJehova azenzile. Ngokwesibonelo, lapho uDavide ebuka phezulu ebusuku, wayengagcini nje ngokubona izinkulungwane zezinkanyezi ezisesibhakabhakeni, kodwa wayebona nezimfanelo zaLowo ozidalile. Wabhala: “Amazulu amemezela inkazimulo kaNkulunkulu; umkhathi ulandisa ngomsebenzi wezandla zakhe.” (IHu. 19:1, 2) Lapho uDavide ecabanga ngendlela abantu abadalwe ngayo, wabona indlela uJehova ayehlakaniphe ngayo. (IHu. 139:14) Lapho ezindla ngezinto uNkulunkulu azenzile, wazibona emncane kakhulu uma eqhathaniswa noJehova.—IHu. 139:6.

17. Yini esingayifunda lapho sizindla ngendalo?

17 Yini thina esiyifundayo? Yithande indalo. Zinike isikhathi sokubuka izinto ezinhle uJehova azidalile; ungagcini nje ngokuzibuka kodwa mazikwenze ubone ubukhulu bukaJehova! Ekuphileni kwakho okuvamile, zindla ngalokho indalo eyizitshalo, izilwane nabantu ekufundisa kona ngoJehova. Ngaleyo ndlela usuku ngalunye uyofunda okuningi ngoBaba wakho onothando. (Roma 1:20) Usuku ngalunye uyomthanda nakakhulu.

18. Njengoba kuboniswe kuyiHubo 18, yini uDavide ayiqaphela?

18 UDavide waqaphela ukuthi uJehova wayemsiza. Ngokwesibonelo, ngesikhathi uDavide evikela izimvu zikayise ebhubesini nasebhereni, waqaphela ukuthi nguJehova owayemsizile wabulala lezo zilwane eziyingozi. Ngesikhathi enqoba umdondoshiya uGoliyati, uDavide wabona ngokucacile ukuthi uJehova wayenaye. (1 Sam. 17:37) Lapho futhi ebalekela inkosi enomona uSawule, waqaphela ukuthi nguJehova owayemsindisa. (IHu. 18, umbhalo ongenhla) Umuntu oqhoshayo wayeyozincoma yena ngokwenza konke lokhu. Kodwa uDavide wayethobekile, yingakho akwazi ukuqaphela ukuthi nguJehova owayemsiza ekuphileni kwakhe.—IHu. 138:6.

19. Yini esingayifunda esibonelweni sikaDavide?

19 Yini thina esiyifundayo? Kudingeka senze okungaphezu kokucela usizo lukaJehova. Kumelwe sizame nokubona lapho uJehova esisiza nokuthi usisiza kanjani. Uma sithobekile, sizoqonda ukuthi asikwazi ukwenza yonke into ngamandla ethu nokuthi uJehova uyasisiza lapho sihluleka khona. Isikhathi ngasinye lapho uJehova esisiza, ubungane bethu naye buyoqina nakakhulu. U-Isaac, umzalwane waseFiji osekhonze uJehova iminyaka eminingi, wakubona lokhu. Uthi: “Uma ngibheka emuva ekuphileni kwami, ngiyayibona indlela uJehova angisize ngayo kusukela ngiqala ukufundelwa iBhayibheli kuze kube yimanje. Ngenxa yalokho, ngizizwa ngisondelene ngempela noJehova.”

20. Yini esingayifunda ebunganini bukaDavide noNkulunkulu?

20 UDavide wayelingisa izimfanelo zikaJehova. UJehova wasidala sakwazi ukulingisa izimfanelo zakhe. (Gen. 1:26) Lapho sifunda okwengeziwe ngezimfanelo zobuntu bukaJehova, siyokwazi kangcono ukumlingisa. UDavide wayemazi kahle uBaba wakhe wasezulwini, ngakho wakwazi ukumlingisa lapho esebenzelana nabanye. Cabanga ngalesi sibonelo. UDavide wona kuJehova lapho ephinga noBhati-sheba futhi wenza ukuba umyeni wakhe abulawe. (2 Sam. 11:1-4, 15) Kodwa uJehova wakhetha ukumbonisa umusa uDavide ngoba naye wayebabonisa umusa abanye. Ngenxa yokuthi uDavide wayesondelene kakhulu noJehova, waba enye yamakhosi athandwa kakhulu kwa-Israyeli futhi uJehova wamsebenzisa njengesibonelo amanye amakhosi okwakufanele asilingise.—1 AmaKh. 15:11; 2 AmaKh. 14:1-3.

21. Ngokweyabase-Efesu 4:24 nesahluko 5:1, iyini imiphumela yokuba “abalingisi bakaNkulunkulu”?

21 Yini thina esiyifundayo? Kudingeka sibe “abalingisi bakaNkulunkulu.” Ukwenza kanjalo akugcini nje ngokusizuzisa kodwa kuyasisiza simazi. Lapho silingisa ubuntu bukaNkulunkulu, sibonisa ukuthi siyizingane zakhe.—Funda eyabase-Efesu 4:24; 5:1.

FUNDA NGOJEHOVA

22-23. Yini ezokwenzeka lapho sikusebenzisa lokho esikufunda ngoJehova?

22 Njengoba sesibonile, singamazi uJehova ngokubuka indalo nangokufunda iZwi lakhe iBhayibheli. IBhayibheli linezibonelo eziningi zezinceku zikaNkulunkulu ezithembekile esingazilingisa, njengoMose noDavide. UJehova useyifezile ingxenye yakhe. Kudingeka nathi senze eyethu ngokwenza konke esingakwenza ukuze sifunde ngaye.

23 Asisoze saqeda ukufunda ngoJehova. (UmSh. 3:11) Okubalulekile akukona ukuthi sazi okuningi kangakanani ngaye, kodwa ukuthi yini esiyenzayo ngalokho esesikwazi. Uma sikusebenzisa lokho esikufundayo futhi sizama ukumlingisa uBaba wethu onothando, uyoqhubeka esondela kithi. (Jak. 4:8) EZwini lakhe, uyasiqinisekisa ukuthi akasoze abalahle labo abafuna ukumazi ngempela.

INGOMA 80 “Nambithani Nibone Ukuthi UJehova Muhle”

^ par. 5 Abantu abaningi bayakholelwa ukuthi uNkulunkulu ukhona, kodwa abamazi. Kusho ukuthini ukwazi uJehova futhi yini esingayifunda kuMose naseNkosini uDavide ngendlela yokwakha ubungane obuqinile naYe? Lesi sihloko sizoyiphendula le mibuzo.