Imibuzo Evela Kubafundi
Njengoba kubhalwe kumaHubo 61:8, ingabe umhubi uDavide wayenza ihaba noma wayesho into engenakwenzeka lapho ebhala ukuthi wayeyodumisa igama likaNkulunkulu “kuze kube phakade”?
Cha. Lokho uDavide akubhala lapho kwakunembile futhi kuyiqiniso.
Cabanga ngalokho akubhala kulelo vesi nakwamanye afana nalo: “Ngiyolihubela izindumiso igama lakho kuze kube phakade njengoba ngigcwalisa izifungo zami usuku nosuku.” “O Jehova Nkulunkulu wami, ngikudumisa ngayo yonke inhliziyo yami, ngizolikhazimulisa igama lakho kuze kube phakade.” “Ngizolidumisa igama lakho kuze kube phakade naphakade.”—IHu. 61:8; 86:12; 145:1, 2.
UDavide wayengenzi ihaba, wayengacabangi ukuthi akasoze afa. Wayazi ukuthi uJehova wayethe isono sabantu sasiyoholela ekufeni futhi uDavide wavuma ukuthi unesono. (Gen. 3:3, 17-19; IHu. 51:4, 5) Wayazi ukuthi ngisho namadoda uNkulunkulu ayewamukele anjengo-Abrahama, u-Isaka noJakobe, nawo ayefile. Wayazi ukuthi naye wayezogcina efile. (IHu. 37:25; 39:4) Kodwa amazwi akhe asencwadini yeHubo 61:8 ayebonisa isifiso nokuzimisela kwakhe ukudumisa uNkulunkulu kuze kube phakade, okungukuthi, uma nje esaphila.—2 Sam. 7:12.
Ezinye izinto uDavide azibhala zazikhuluma ngokuphila kwakhe, njengoba sibona emibhalweni engenhla yeHubo 18, 51 no-52. Encwadini yeHubo 23, uDavide uchaza uJehova ngokuthi umalusi onikeza isiqondiso, amandla nesivikelo. UDavide wayengumalusi onjalo. Wayefuna ukukhonza uNkulunkulu ‘zonke izinsuku zokuphila kwakhe.’—IHu. 23:6.
Khumbula nokuthi nguJehova owaphefumulela uDavide ukuba abhale konke akubhala. Akubhala kwakuhlanganisa neziprofetho ezaziyogcwaliseka esikhathini esizayo. Ngokwesibonelo, encwadini yeHubo 110, uDavide wabhala ngesikhathi lapho iNkosi yakhe ‘iyohlala ngakwesokudla [sikaNkulunkulu]’ ezulwini yamukele amandla amakhulu. Ukuze yenzeni? Ukuze inqobe izitha zikaNkulunkulu futhi ‘ikhiphe isahlulelo ngokumelene nezizwe’ emhlabeni. UDavide wayengukhokho kaMesiya, owayeyobusa esezulwini futhi abe “umpristi kuze kube phakade.” (IHu. 110:1-6) UJesu waqinisekisa ukuthi isiprofetho esisencwadini yeHubo 110 sasikhuluma ngaye futhi sasiyogcwaliseka esikhathini esizayo.—Math. 22:41-45.
Yebo, uDavide waphefumulelwa ukuba abhale ngezinto ezimayelana nesikhathi sakhe nangezinto zesikhathi esizayo lapho eyovuswa khona futhi ajabulele ukudumisa uJehova kuze kube phakade. Lokhu kusisiza sibone ukuthi iHubo 37:10, 11, 29 lingaqondwa njengelichaza izimo zakwa-Israyeli wasendulo nelichaza lokho okuyokwenzeka esikhathini esizayo emhlabeni wonke, lapho uNkulunkulu egcwalisa izithembiso zakhe.—Bheka isigaba 8 esihlokweni esikulo magazini esithi “Uyokuba Nami EPharadesi.”
Ngakho, iHubo 61:8 namanye amavesi afana nalo libonisa ukuthi uDavide wayefuna ukukhazimulisa uJehova kwa-Israyeli wasendulo aze afe. Libonisa nalokho uDavide ayokwenza esikhathini esizayo lapho uJehova esemvusile.