Ingabe Ukulungele ‘Ukudla Ifa Lomhlaba’?
SONKE sibheke phambili ekugcwalisekeni kwesithembiso sikaJesu esithi: “Bayajabula abamnene ngoba bayodla ifa lomhlaba.” (Math. 5:5) Abagcotshiwe bayodla ifa lomhlaba ngokubusa njengamakhosi ezulwini kanye noJesu. (IsAm. 5:10; 20:6) AmaKristu eqiniso amaningi namuhla abheke phambili ekudleni ifa lomhlaba aphile kuwo phakade engenaso isono, enokuthula futhi ejabule. Ukuze kwenzeke lokho, kunemisebenzi eminingi okuyodingeka ayenze. Cabanga ngemithathu: ukunqoba umhlaba, ukunakekela abavusiwe nokubafundisa. Cabanga nangokuthi ungabonisa kanjani ngisho kwamanje ukuthi uyafisa ukwenza leyo misebenzi.
KULUNGELE UKUNQOBA UMHLABA
Lapho uJehova eyala abantu ukuba ‘bagcwalise umhlaba bawunqobe,’ wabonisa ukuthi umhlaba wonke wawuyogcina uyipharadesi. (Gen. 1:28) Lowo myalo wokuqala usayosebenza nakulabo abayodla ifa lomhlaba. Nokho, bona bayobe bengenalo ipharadesi abazokwakhela kulo ngoba insimu yase-Edene ayisekho. Zisuka nje kuyoba nomsebenzi omningi wokuhlanza izindawo ezonakalisiwe manje. Kuyoba umsebenzi onzima ngempela lowo!
Lokhu kusikhumbuza umsebenzi ama-Israyeli okwadingeka awenze lapho ebuya eBhabhiloni. Kwase kuphele iminyaka engu-70 kungahlali muntu ezweni lawo. Kodwa u-Isaya wabikezela ukuthi ngosizo lukaJehova, ayeyokwazi ukulivuselela izwe lawo. Isiprofetho sathi: “Uyokwenza ihlane lalo libe njenge-Edene nethafa lalo eliwugwadule libe njengengadi kaJehova.” (Isaya 51:3) Ama-Israyeli aphumelela ekwenzeni izwe lawo libe lihle. Ngendlela efanayo, ngosizo lukaJehova labo abayodla ifa lomhlaba bayophumelela ukuwunqoba bawenze ube muhle. Ungabonisa ngisho kwamanje ukuthi uyafisa ukuhlanganyela kulowo msebenzi.
Enye indlela ongakwenza ngayo lokho iwukwenza okusemandleni ukuze ugcine indawo ohlala kuyo negceke kuhlanzekile futhi kusesimweni esihle. Ungakwenza lokho kungakhathaliseki ukuthi omakhelwane bakho bona benzani. Ungasiza nasekuhlanzeni iHholo LoMbuso neloMhlangano nasekuwagcineni esesimweni esihle. Uma izimo zakho zikuvumela, ungafaka isicelo sokuvolontiya lapho kube nenhlekelele. Ngokwenza kanjalo ubonisa ukuthi ukulungele ukusiza lapho kunesidingo. Zibuze, ‘Ngingakwazi yini ukufunda amakhono athile engingawasebenzisa uma uJehova engibusisa ngikwazi ukudla ifa lomhlaba?’
KULUNGELE UKUNAKEKELA ABAVUSIWE
Ngokushesha ngemva kokuvusa indodakazi kaJayiru, uJesu wathi abayinike okuthile ezokudla. (Marku 5:42, 43) Cishe kwakungewona umsebenzi onzima ukunakekela leyo ntombazane eneminyaka engu-12. Kodwa awucabange ukuthi uyoba ngakanani umsebenzi lapho uJesu efeza isithembiso sakhe esithi ‘bonke abasemathuneni bayolizwa izwi layo baphume.’ (Joh. 5:28, 29) Nakuba iBhayibheli lingayinikezi imininingwane eminingi, kusobala ukuthi abavusiwe kuyodingeka basizwe ukuze bathole ukudla, indawo yokuhlala nezingubo. Ungakwazi yini ukubonisa ngisho kwamanje ukuthi ukulungele ukusiza? Nansi eminye imibuzo ongacabanga ngayo.
Yini ongayenza namuhla ukuze ubonise ukuthi ukulungele ukudla ifa lomhlaba?
Lapho kwenziwa isaziso sokuza kombonisi wesigodi ezovakashela ibandla lenu, ingabe uyammema azodla nawe? Lapho izikhonzi zesikhathi esigcwele zinikwa isabelo esisha zisuka eBethel ziya ensimini noma lapho umbonisi wesigodi eyeka ukujikeleza, ungakwazi yini ukubasiza bathole indawo yokuhlala? Uma kuzoba nomhlangano wesifunda noma okhethekile lapho uhlala ngakhona, ungakwazi yini ukuvolontiyela ukusebenza ngaphambi noma ngemva komhlangano noma ube khona uzokwamukela izihambeli zomhlangano?
KULUNGELE UKUFUNDISA ABAVUSIWE
Ngokuvumelana nezEnzo 24:15, silindele ukuba kuvuswe izigidigidi zabantu. Abaningi kubo kuyobe kungabantu abangazange balithole ithuba lokwazi uJehova. Bayothola lelo thuba ngemva kokuvuswa. a Izikhonzi zikaNkulunkulu ezithembekile nezingomakad’ ebona ziyohlanganyela kulowo msebenzi wokufundisa. (Isaya 11:9) UCharlotte, oseshumayele eYurophu, eNingizimu Melika nase-Afrika uyawulangazelela lo msebenzi. Ngenjabulo uthi: “Ngibheke phambili ekufundiseni abantu abavusiwe. Lapho ngifunda ngomuntu owayephila kudala, ngiye ngicabange: ‘Ukube nje lo muntu ubemazi uJehova, ngabe ukuphila kwakhe akubanga nje.’ Sengijahe ukuxoxela abantu abavusiwe ukuthi yiziphi izinto ezabaphuthela.”
Ngisho nezinceku zikaJehova ezithembekile ezaphila ngaphambi kokuza kukaJesu emhlabeni, ziyofunda okuningi. Cabanga ngokuthi kuyojabulisa futhi kube yilungelo kangakanani ukuchazela uDaniyeli ngokugcwaliseka kweziprofetho azibhala kodwa engaziqondi. (Dan. 12:8) Noma, uthini ngokusiza uRuthe noNawomi bafunde ukuthi umndeni wabo waba nayiphi indima ohlwini lukaMesiya? Kuyojabulisa ngempela ukuhlanganyela kulowo msebenzi wokufundisa emhlabeni wonke, zingasekho izingcindezi neziphazamiso zaleli zwe elonakele!
Ungabonisa kanjani kwamanje ukuthi ukulungele ukuhlanganyela kulowo msebenzi? Enye indlela esobala iwukuthuthukisa amakhono akho okufundisa nokuhlanganyela njalo emsebenzini wokushumayela owenziwa emhlabeni wonke namuhla. (Math. 24:14) Ngisho noma iminyaka noma izimo zikwenza ungakwazi ukwenza okwengeziwe, imizamo oyenzayo ingabonisa ukuthi ukulungele ukufundisa abavusiwe.
Yebo, nansi imibuzo eyinhloko, Ubheke phambili ngempela yini ekudleni ifa lomhlaba? Ingabe uyakulangazelela ukunqoba umhlaba, ukunakekela nokufundisa abavusiwe? Ungabonisa ukuthi ukulungele ngokusebenzisa amathuba owatholayo namuhla ukuze wenze imisebenzi efana naleyo oyoyenza lapho usudla ifa lomhlaba!
a Bheka isihloko esithi “Ukuletha Abaningi Ekulungeni” kuyi-Nqabayokulinda kaSepthemba 2022.